Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w97 9/15 kk. 8-9
  • Ingabe Imikhosi Yokuvuna Iyamjabulisa UNkulunkulu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Imikhosi Yokuvuna Iyamjabulisa UNkulunkulu?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuhlobana Nobuqaba
  • Uyini Umbono KaNkulunkulu?
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
  • Imikhosi Eyingqopha-mlando Yakwa-Israyeli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Phokophela Phambili Emsebenzini Wokuvuna!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Kudingeka Ngokuphuthumayo—Izisebenzi Zokuvuna Ezengeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
w97 9/15 kk. 8-9

Ingabe Imikhosi Yokuvuna Iyamjabulisa UNkulunkulu?

IZITHELO eziconsisa amathe, imifino ejabulisayo, nezithungu zokusanhlamvu okunempilo okwenziwe inqwaba ephakeme kuba umfanekiso okhangayo. Ngesikhathi sokuvuna imibukiso enjalo ihlobisa ama-altare namapulpiti amasonto kulo lonke elaseNgilandi. EYurophu, njengakwezinye izindawo, kunemikhosi eminingi ephawula kokubili ukuqala nokuphela kwenkathi yokuvuna.

Labo abaphila ngokulima bawubonga ngokukhethekile umkhiqizo ovela enhlabathini. Yiqiniso, uNkulunkulu wayala isizwe sakwa-Israyeli sasendulo ukuba sigubhe imikhosi emithathu yaminyaka yonke eyayihlobene kakhulu nokuvuna. Ekuqaleni kwentwasahlobo, ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ama-Israyeli ayeletha kuNkulunkulu isithungu solibo lwesivuno sebhali. NgoMkhosi Wamasonto (noma, iPhentekoste) ngasekupheleni kwentwasahlobo, babenikela ngezinkwa ezenziwe ngolibo lwesivuno sikakolweni. Ekwindla kwakuba noMkhosi Wokubutha, owawuphawula ukuphela konyaka wezolimo kwa-Israyeli. (Eksodusi 23:14-17) Lemikhosi ‘yayiyimihlangano engcwele’ nezikhathi zokujabula.—Levitikusi 23:2; Duteronomi 16:16.

Khona-ke, kuthiwani ngemikhosi yokuvuna yosuku lwanamuhla? Ingabe iyamjabulisa uNkulunkulu?

Ukuhlobana Nobuqaba

Ephazanyiswe isimo esivamile sedili elingokwesiko langesikhathi sokuvuna nokudakwa okuhlobene nalomkhosi, ngo-1843 umfundisi waseSheshi eCornwall, eNgilandi, wanquma ukuvuselela umkhuba wokuvuna wangeNkathi Ephakathi. Wathatha okunye kokusanhlamvu okuvunwe kuqala wenza ngako isinkwa somkhosi wesidlo seNkosi esontweni lakhe. Ngokwenza kanjalo, waqhubekisela phambili umkhosi we-Lammas—umkhosi “wobuKristu” abanye abathi wasuselwa ekukhulekelweni kwasendulo kukankulunkulu wamaCelt uLugh.a Ngakho, umkhosi wokuvuna waseSheshi wanamuhla unomsuka wobuqaba.

Kuthiwani ngeminye imikhosi egujwa ekupheleni kwenkathi yokuvuna? Ngokwe-Encyclopædia Britannica, eminingi yemikhuba yalemikhosi isuselwa “enkolelweni yemimoya [yokukholelwa] emoyeni noma kunina wokusanhlamvu.” Kwezinye izifunda abalimi babekholelwa ukuthi umoya uhlala esithungwini sokusanhlamvu esivunwe ekugcineni. Ukuze baxoshe lowo moya, bayakubhula okusanhlamvu. Kwezinye izindawo babeluka amanye amakhasi okusanhlamvu benze “udoli wokusanhlamvu” abawugcinela “inhlanhla” kuze kube isikhathi sokutshala imbewu ngonyaka olandelayo. Khona-ke babetshala lowo nodoli wokusanhlamvu benethemba lokuthi uzobabusisa ngesivuno esisha.

Ezinye izinganekwane zihlobanisa isikhathi sokuvuna nokukhulekelwa kukankulunkulu waseBabiloni uTamuzi, umyeni kankulunkulukazi wenzalo u-Ishtar. Ukukha isivuno esesivuthiwe sokusanhlamvu kwakufanekisela ukufa ngaphambi kwesikhathi kukaTamuzi. Ezinye izinganekwane zize zihlobanise isikhathi sokuvuna nokwenza umnikelo ngomuntu—umkhuba uJehova uNkulunkulu awenyanyayo.—Levitikusi 20:2; Jeremiya 7:30, 31.

Uyini Umbono KaNkulunkulu?

Ukusebenzelana kukaNkulunkulu no-Israyeli wasendulo kukwembula ngokucacile ukuthi uJehova, uMdali noMthombo wokuphila, wayefuna ukuzinikela okukhethekile kwezikhonzi zakhe. (IHubo 36:9; Nahume 1:2) Osukwini lomprofethi uHezekeli, umkhuba wokulilela unkulunkulu uTamuzi ‘wawuyisinengiso esikhulu’ emehlweni kaJehova. Lokhu, neminye imikhuba yenkolo yamanga, kwabangela ukuba uNkulunkulu angayilaleli imithandazo yalabo bakhulekeli bamanga.—Hezekeli 8:6, 13, 14, 18.

Qhathanisa lokhu nalokho uJehova uNkulunkulu ayala u-Israyeli ukuba akugcine ngokuphathelene nokuvuna. NgoMkhosi Wokubutha, ama-Israyeli ayeba nomhlangano ongcwele lapho abasha nabadala, abacebile nabampofu, babehlala ezakhiweni zesikhashana ezihlotshiswe ngamahlamvu emithi emihle. Lesi kwakuyisikhathi sokujabula okukhulu kuwo, kodwa kwakuyisikhathi sokucabanga nangokukhululwa kokhokho bawo nguNkulunkulu ngesikhathi sokuFuduka eGibithe.—Levitikusi 23:40-43.

Emikhosini yama-Israyeli, iminikelo yayenzelwa uJehova, ukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. (Duteronomi 8:10-20) Ngokuphathelene nezinkolelo zemimoya eziphawulwe ngenhla, akukho lapho iBhayibheli likhuluma khona ngomkhiqizo, njengezithungu zikakolweni, njengonomphefumulo.b Futhi imiBhalo ibonisa ngokucacile ukuthi izithombe aziphili, azikwazi ukukhuluma, ukubona, ukuzwa, ukuhogela, ukuthinta, noma ukusiza abakhulekeli bazo nganoma yini.—IHubo 115:5-8; Roma 1:23-25.

AmaKristu namuhla awekho ngaphansi kwesivumelwano soMthetho uNkulunkulu asenza nesizwe sakwa-Israyeli sasendulo. Yebo, uNkulunkulu ‘wasisusa endleleni ngokusibethela esigxotsheni sokuhlushwa sikaJesu.’ (Kolose 2:13, 14) Izinceku zikaJehova zosuku lwanamuhla ziphila ‘ngomthetho kaKristu’ futhi zisabela ngokwazisa kukho konke uNkulunkulu akulungiselelayo.—Galathiya 6:2.

Umphostoli uPawulu washo ngokuqondile ukuthi imikhosi yamaJuda ‘yayiyisithunzi sezinto ezizayo,’ wanezela ngokuthi, “kodwa okungokoqobo kungokukaKristu.” (Kolose 2:16, 17) Ngenxa yalokho, amaKristu eqiniso amukela umbono ongokomBhalo: “Izinto izizwe ezizenza umhlatshelo zizenza umhlatshelo emademonini, hhayi kuNkulunkulu . . . Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova nibe niphuza indebe yamademoni.” (1 Korinte 10:20, 21) Ngaphezu kwalokho, amaKristu alalela isiqondiso ‘sokuyeka ukuthinta into engahlanzekile.’ Ingabe imikhosi yokuvuna yangakini inomsuka wobuqaba noma wenkolo yamanga? Uma kunjalo, amaKristu eqiniso angakugwema ukungamjabulisi uJehova ngokungahileleki ekukhulekeleni okunjalo okungcolile.—2 Korinte 6:17.

Lapho ingane enokwazisa ithola isipho esivela kuyise, ibonga bani? Isihambi engasazi noma umzali wayo? Ngomthandazo oqotho, abakhulekeli bakaNkulunkulu bambonga nsuku zonke uJehova, uYise osezulwini, ngokuphana kwakhe ngokukhululekile.—2 Korinte 6:18; 1 Thesalonika 5:17, 18.

[Imibhalo yaphansi]

a Igama elithi “Lammas” lithathelwe egameni lesiNgisi Esidala elisho “isinkwa semisa.”

b I-Insight on the Scriptures ithi: “Elithi neʹphesh (umphefumulo) alisetshenziswa lapho kubhekiselwa ekudalweni kohlaza ‘ngosuku’ lwesithathu lokudala (Gen 1:11-13) noma ngemva kwalokho, njengoba uhlaza lungenalo igazi.”—Enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela