Bazali—Vikelani Izingane Zenu!
ESIKOLENI esiyisekhondari saseNigeria, intombazane eyayidume ngokuziphatha okubi ngokobulili yayithanda ukweluleka amantombazane efunda nawo ngezindaba zobulili. Enye yezinto eyayiwatshela zona ukuthi umuthi wokukhipha isisu isitawoti esixutshwe nogwayi. Izindaba zayo, eyayizikhetha encwadini enezithombe zobulili ezingcolile, zazizikhungathekisa izingane eziningi eyayifunda nazo. Ezinye zaqala ukuba nobuhlobo bobulili, futhi enye yazo yakhulelwa. Ukuze ikhiphe isisu yaphuza le ngxube yesitawoti nogwayi. Ngemva kwamahora ambalwa, yaqala ukuphalaza igazi. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, yafela esibhedlela.
Ezweni lanamuhla, intsha eningi ihlale ikhuluma ngobulili, ilimaza izilaleli ezikhohliseka kalula. Intsha kufanele iluthole kubani ulwazi olunembile oluzoyivikela? Yeka ukuthi kuhle kangakanani uma ithembela kubazali bayo abahlonipha uNkulunkulu, abanomthwalo wemfanelo wokuyikhulisa “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efesu 6:4.
Isimo Sengqondo SabaNsundu Ngemfundo Yobulili
Ezweni lonke, abazali abaningi bakuthola kunzima ukuxoxa nezingane zabo ngezindaba zobulili. Ikakhulukazi abaNsundu. UDonald, ubaba othile waseSierra Leone waphawula: “Cishe abuphathwa nakuphathwa. Akulona isiko labaNsundu ukwenza kanjalo.” Owesifazane othile waseNigeria ogama lakhe linguConfident uyavuma: “Abazali bami babheka ubulili njengento okungamelwe kukhulunywe ngayo; akuvumelekile ngokwesiko.”
Kwamanye amasiko abaNsundu, kubhekwa njengehlazo ukusho amagama aphathelene nobulili njengepipi, isidoda, noma ukuya esikhathini. Omunye umama ongumKristu wanqabela indodakazi yakhe ukuba isebenzise ngisho negama elithi “ubulili,” nakuba athi ingalisebenzisa elithi “ubufebe.” Ngokuphambene, iZwi likaNkulunkulu iBhayibheli likhuluma ngokungagwegwesi ngobulili nangezitho zobulili. (Genesise 17:11; 18:11; 30:16, 17; Levitikusi 15:2) Injongo yalokhu akukhona ukuhlambalaza noma ukuvusa inkanuko kodwa ukuvikela nokufundisa abantu bakaNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:16.
Ngaphandle kokuthi akuvumelekile ngokwesiko, esinye isizathu esenza abazali bakugweme sachazwa ubaba othile waseNigeria: “Uma ngixoxa ngobulili nezingane zami, zingase zishukumiseleke ukuba ziziphathe kabi ngokobulili.” Kodwa ingabe ukwaziswa okunenhlonipho, okusekelwe eBhayibhelini okumayelana nobulili kukhuthaza izingane ukuba zijahe ukuhileleka ebulilini? Cha, akunjalo. Eqinisweni, kungenzeka ukuthi uma intsha inolwazi oluncane, yilapho ingase ingene khona enkingeni. “Ukuhlakanipha [okusekelwe olwazini olunembile] kuyisivikelo,” kusho iBhayibheli.—UmShumayeli 7:12, NW.
Emfanekisweni kaJesu, indoda enokuqonda, ibona kusengaphambili ukuthi kungenzeka kube nezivunguvungu, yakha indlu yayo phezu kwedwala kuyilapho indoda eyisiwula yakha phezu kwesihlabathi yayisibhekana nenhlekelele. (Mathewu 7:24-27) Ngokufanayo, abazali abangamaKristu abanokuqonda, njengoba bazi ukuthi izingane zabo zizobhekana nokucindezela okunjengesivunguvungu kokuba zivumelane nezindinganiso zokuziphatha okuxekethile kobulili, baqinisa izingane zabo ngolwazi olunembile nokuqonda okuyozisiza ukuba zihlale ziqinile.
Esinye isizathu esenza ukuba abazali abaningi bangaxoxi ngobulili nezingane zabo sashiwo owesifazane othile oNsundu: “Lapho ngisemncane, abazali bami abangoFakazi babengaxoxi nami ngezindaba zobulili, ngakho nami angizange ngicabange ukuxoxa ngakho nezingane zami.” Nokho, ukucindezela kukhulu kakhulu entsheni yanamuhla kunasentsheni yangeminyaka eyishumi noma engamashumi amabili edlule. Lokhu akumangalisi. IZwi likaNkulunkulu labikezela ukuthi “ezinsukwini zokugcina . . . , abantu ababi nabakhohlisi bayoqhubeka besuka kokubi baye kokubi kakhulu, bedukisa futhi bedukiswa.”—2 Thimothewu 3:1, 13.
Okunezela kule nkinga ukuthi izingane eziningi zimadolonzima noma azikwazi ukuthulula izifuba kubazali bazo. Azixoxisani nabo ngisho nangezinto ezingelutho. Omusha oneminyaka engu-19 ubudala wabubula: “Angixoxi lutho nabazali bami. Asixoxi kahle nobaba. Akanginaki.”
Intsha ingase yesabe ukuthi ukubuza ngezindaba zobulili kungase kulethe imiphumela emibi. Intombazane eneminyaka engu-16 ubudala yathi: “Angixoxi ngezinkinga zobulili nabazali bami ngenxa yendlela abasabela ngayo ezintweni ezinjalo. Udadewethu omdala wake wabuza umama imibuzo ethile mayelana nobulili. Esikhundleni sokuba umama amsize ngenkinga yakhe, waqala ukusola izinhloso zakhe. Umama wayengibiza njalo angibuze ngodadewethu, ngezinye izikhathi ebonisa ukuthi uyasingabaza isimilo sakhe. Angifuni ukuzifaka engozini yokulahlekelwa uthando lukamama, ngakho-ke angimtsheli izinkinga zami.”
Kungani Kufanele Ubafundise?
Ukufundisa izingane zethu ngezinga elifanele ngezindaba zobulili akuyona nje kuphela into okufanele yenziwe kodwa into okuwukubonisa umusa ukuyenza. Uma abazali bengazifundisi izingane zabo ngobulili, abanye bazozifundisa—ngokuvamile bengakacabangi nakucabanga abazali futhi cishe bazifundise ngokuphambene nezimiso zeBhayibheli. Intombazane eneminyaka engu-13 ubudala yahlobonga ngoba yayitshelwé ingane efunda nayo ukuthi uma ingabulahli ubuntombi bayo, izobhekana nobuhlungu obesabekayo esikhathini esizayo. Yatshelwa: “Bazosika ulwelwesi lobuntombi bakho ngesikele.” Lapho ibuzwa kamuva ukuthi kungani ingamtshelanga unina ongumKristu lokho eyayikuzwile, yaphendula ngokuthi izindaba ezinjalo akulokothwa kuxoxwe ngazo nabantu abadala.
Intombazane yaseNigeria yathi: “Abangane bami basesikoleni bazama ukungenza ngikholwe ukuthi ubulili buyinto okufanele yenziwe yibo bonke abantu abavamile. Bangitshela ukuthi uma ngingahlanganyeli ebulilini manje, lapho ngiba neminyaka engu-21 ubudala, ngiyoqala ukungenwa isifo esiyongihlupha lapho sengiyinkosikazi. Ngakho-ke, ukuze ngigweme leyo ngozi eyesabekayo, bathi, kwakungakuhle ukuba ngibe nobuhlobo bobulili ngaphambi komshado.”
Njengoba yayixoxa kahle nabazali bayo, ngokushesha yaqaphela ukuthi kwakuphikisana nalokho eyayikufundiswe ekhaya. “Njengenhlalayenza, ngabuyela ekhaya ngatshela umama lokho ababengitshele kona esikoleni.” Unina wakwazi ukuphikisa lokho kwaziswa okungamanga.—Qhathanisa nezAga 14:15.
Ngokunikeza izingane ulwazi oludingekile ukuze zisizwe zizuze ukuhlakanipha kokuhlonipha uNkulunkulu ezindabeni zobulili, abazali bazihlomisela ukuba zikwazi ukubona izimo eziyingozi futhi ziqaphele abantu abafuna ukuzixhaphaza. Luyasiza ekuzivikeleni ebuhlungwini benhliziyo obubangelwa yizifo ezidluliselwa ngobulili nokukhulelwa okungafunwa. Lwenezela ekuzihlonipheni kwazo nokuhlonishwa abanye. Luyazikhulula ekudukisweni nasekukhathazekeni. Luzenza zibe nesimo sengqondo esihle nesiqondile ngobulili obufanele, kwenezele enjabulweni uma zishada kamuva. Lungazisiza ukuba zilondoloze ukuma okuvunyelwa uNkulunkulu. Futhi njengoba izingane zibona ukukhathalela kothando eziboniswa kona, zingashukumiseleka ukuba zihlale zibahlonipha futhi zibathanda abazali bazo.
Ukuxoxa Okuhle
Ukuze abazali bavumelanise iseluleko nezidingo zezingane zabo, kufanele baxoxisane nazo. Uma abazali bengazi ukuthi izingane zicabangani nokuthi yini esezinhliziyweni zazo, ngisho neseluleko esinengqondo singase singasizi, njengoba kungaba njalo uma udokotela enika isiguli umuthi engazi ukuthi siphethwe yini. Ukuze babe abeluleki abaphumelelayo, abazali kufanele bakwazi lokho okucatshangwa izingane zabo nendlela ezizizwa ngayo. Kudingeka baqonde ukucindezela nezinkinga izingane ezibhekana nazo nemibuzo ezikhathazayo. Kubalulekile ukuzilalelisisa kahle izingane, ‘usheshe ngokuphathelene nokuzwa, wephuze ngokuphathelene nokukhuluma.’—Jakobe 1:19; IzAga 12:18; UmShumayeli 7:8.
Kudinga isikhathi, ukubekezela, nomzamo ngabazali ukuhlakulela nokulondoloza ubuhlobo obuseduze nezingane zabo, ubuhlobo obenza izingane zabo zizizwe zikhululekile ukuthulula izifuba zazo. Kodwa yeka ukuthi kumnandi kangakanani uma sebukhona! Ubaba wezingane ezinhlanu eNtshonalanga Afrika uthi: “Ngiyikho kokubili ubaba nomuntu abangathululela kuye izifuba. Izingane zixoxa ngokukhululekile nami ngazo zonke izinto, kuhlanganise nobulili. Ngisho namantombazane angithululela izifuba zawo. Sizinika isikhathi sokuxoxa ngezinkinga zazo. Futhi zingixoxela nangokuzijabulisayo.”
UBola, omunye wamadodakazi akhe, uthi: “Angimfihleli lutho ubaba. Ubaba uyacabangela futhi unobubele. Akasikhakhabuzi noma asiphathe ngokhahlo, ngisho noma sonile. Esikhundleni sokuthukuthela, uhlaziya indaba futhi asibonise okufanele sikwenze nobekungafanele. Uvame ukubhekisela encwadini ethi Intsha kanye nethi Injabulo Yomkhaya.”a
Uma kungenzeka, kungcono ngabazali ukuba baqale ukuxoxa nezingane zabo ngobulili lapho zisencane. Lokhu kubeka isisekelo sengxoxo eqhubekayo phakathi neminyaka yokweva eshumini nambili evame ukuba nzima. Uma kungasheshwa ukuqala ukuxoxa nezingane, ngezinye izikhathi kulukhuni ukuqala lapho sezikhulakhulile, kodwa kungenziwa. Omunye umama wezingane ezinhlanu wathi: “Ngaziphoqelela ukuba ngikhulume ngakho kwaze kwaba yilapho ngingasenawo amahloni, nengane ingasenawo.” Njengoba inhlalakahle yayo isengozini, imizamo enjalo iyafaneleka.
Ezivikelekile Nezijabulayo
Izingane ziyabazisa abazali ngothando abazihlomisa ngolwazi oluzozivikela. Cabangela okwaphawulwa abanye oFakazi BakaJehova abaNsundu:
UMojisola oneminyaka engu-24 wathi: “Ngiyohlala ngimbonga njalo umama. Wanginikeza imfundo yobulili edingekayo ngesikhathi esifanele. Nakuba ngangiba namahloni lapho engixoxela lezo zindaba kudala, manje ngiyazibona izinto ezinenzuzo umama ayengenzela zona.”
U-Iniobong wanezela: “Njalo ngiyajabula uma ngibheka emuva ngicabanga ngalokho umama aye wangenzela khona ngokungifundisa ngobulili. Kuye kwangisiza kakhulu ekungiholeleni ebufazini. Ngithembisa ukwenza okufanayo ezinganeni engiyoba nazo.”
UKunle oneminyaka engu-19 wathi: “Abazali bami bangisiza ukuba ngimelane nokucindezela okuvela emantombazaneni ezwe ayengishelela ukulala nawo. Ukuba babengazange bangiqeqeshe, ngangiyoziphatha kabi. Ngiyohlala ngikwazisa abangenzela kona.”
UChristiana wathi: “Ngizuza kakhulu ngokuxoxa ngezindaba zobulili nomama. Ngiye ngavikeleka ezifweni ezibulalayo nasekukhulelweni okungafunwa, futhi ngiye ngakwazi ukubekela abafowethu nodadewethu abancane isibonelo esihle abangasilandela. Ngiye ngazuza ukuhlonishwa abantu, futhi umyeni wami wesikhathi esizayo uyongihlonipha. Okubaluleke nakakhulu, nginobuhlobo obuhle noJehova uNkulunkulu ngokugcina imiyalo yakhe.”
UBola, okukhulunywe ngaye ngaphambili, wathi: “Kwakunengane esasifunda nayo eyathi ubulili kumelwe bujatshulelwe ngaphandle kokuzibopha ngomshado. Kuyona, kwakungukuzilibazisa. Nokho, yathola ukuthi akukona lapho ikhulelwa futhi ingasakwazi ukubhala kanye nathi ukuhlolwa kwebanga leshumi. Ukuba ngangingenaye ubaba oqotho owayengiqondisa, mhlawumbe ngabe ngafana nayo, ngafunda kanzima.”
Yeka isibusiso okuba yiso uma abazali abangamaKristu besiza izingane zabo ukuba ‘zihlakaniphele insindiso’ kuleli lizwe elihlanyiswa ubulili! (2 Thimothewu 3:15) Ukufundisa kwabo okusekelwe eBhayibhelini kunjengomgexo oyigugu ohlobisa futhi wenze izingane zibukeke kahle emehlweni kaNkulunkulu. (IzAga 1:8, 9) Izingane zizizwa zilondekile, futhi abazali bajabulela ukwaneliseka okujulile. Ubaba othile oNsundu olwela ukugcina imizila yokuxoxa nentsha yakhe ivuleke njalo wathi: “Sinokuthula kwengqondo. Siyaqiniseka ukuthi izingane zethu ziyazi ukuthi yini ejabulisa uJehova; ngeke zidukiswe abantu bezwe. Siyaqiniseka ukuthi ngeke zenze izinto eziyozwisa umkhaya ubuhlungu. Ngiyambonga uJehova ngokuthi ziye zenza ukuba sizethembe.”
[Umbhalo waphansi]
a Zinyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
[Isithombe ekhasini 10]
Intsha engamaKristu ethola ukwaziswa okusekelwe eBhayibhelini kubazali ingakwazi ukwenqaba inkulumo ehlanekezelwe eshiwo enye intsha