Benza Intando KaJehova
UJesu Uthuma Abafundi Abangu-70
KWAKUSEKWINDLA ka-32 C.E. Kwakusele izinyanga eziyisithupha kuphela ngaphambi kokufa kukaJesu. Ngakho-ke, ukuze asheshise umsebenzi wokushumayela futhi aqhubeke eqeqesha abanye babalandeli bakhe, wakhetha abafundi abangu-70 ‘wabathuma ngababili ngaphambi kwakhe kuyo yonke imizi nezindawo yena ngokwakhe ayezofika kuzo.’—Luka 10:1.a
UJesu wathuma abafundi bakhe ‘ngaphambi kwakhe’ ukuze lapho kamuva uJesu efika mathupha, abantu banqume ngokushesha ukuthi bayamamukela yini uMesiya noma cha. Kodwa kungani abathuma “ngababili”? Ngokusobala, ukuze bakhuthazane lapho bephikiswa.
Egcizelela ukuphuthuma komsebenzi wabo wokushumayela, uJesu watshela abalandeli bakhe: “Ngempela, ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi zimbalwa. Ngakho-ke, ncengani iNkosi yokuvuna ukuba ithumele izisebenzi ekuvuneni kwayo.” (Luka 10:2) Ukufanekisa ngokuvuna kwakufaneleka, ngoba ukulibala ngesikhathi sokuvuna kwakungaphumela ekulahlekelweni izilimo eziyigugu. Ngokufanayo, abantu babengase balahlekelwe ukuphila okuyigugu uma abafundi babengadebeselela isabelo sabo sokushumayela!—Hezekeli 33:6.
Izikhonzi Ezingenasiphazamiso
UJesu waqhubeka eyala abafundi bakhe: “Ningaphathi mxhaka, nasikhwama sokudla, nazimbadada, futhi ekubingeleleni emgwaqweni ningagoni muntu.” (Luka 10:4) Ngokuvamile isihambi sasiphatha ezinye izimbadada ngaphandle kwesikhwama nokudla nje kuphela, ngoba izimbadada zazingase ziguge namafosi azo agqashuke. Kodwa abafundi bakaJesu kwakungamelwe bakhathazeke ngalezi zinto. Kunalokho, kwakumelwe babe nethemba lokuthi uJehova wayezobanakekela esebenzisa ama-Israyeli akubo, ayenesiko lokungenisa izihambi.
Kodwa kungani uJesu atshela abafundi bakhe ukuthi ekubingeleleni bangagoni muntu? Ingabe kwakumelwe bangabonisi ubungane baze beyise ngisho nokweyisa? Phinde! Igama lesiGreki elithi a·spaʹzo·mai, elisho ukugona lapho ubingelela, lingase lisho okungaphezu nje kokuthi “sawubona” ngesizotha. Lingase lihlanganise ukwanga okungokwesiko, ukugona, nezingxoxo ezinde ezingalandela lapho abahlobo ababili behlangana. Omunye umhlaziyi uyaphawula: “KwabaseMpumalanga ukubingelelana kwakungahlanganisi ukukhothama kancane, noma ukuxhawula, njengoba kunjalo kithina, kodwa kwakwenziwa ngokugonana kaningi, ukugoba, ngisho nokukhothama. Konke lokhu kwakudinga isikhathi esiningi.” (Qhathanisa neyesi-2 AmaKhosi 4:29.) Ngakho-ke uJesu wasiza abalandeli bakhe ukuba bagweme iziphazamiso ezingadingekile, nakuba zaziyisiko.
Ekugcineni, uJesu watshela abafundi bakhe ukuthi lapho sebengenile endlini futhi bamukelwa, kwakumelwe ‘bahlale kuleyondlu, badle baphuze izinto abazilungiselelwayo.’ Kodwa uma bengena emzini futhi bangemukelwa kahle, kwakumelwe ‘baphumele ezindleleni zawo ezibanzi futhi bathi, “Ngisho nothuli olunamathele ezinyaweni zethu luvela emzini wenu siyalusula ngokumelene nani.”’ (Luka 10:7, 10, 11) Ukusula noma ukuthintitha uthuli ezinyaweni kwakuzobonisa ukuthi abafundi babeyishiya ngokuthula indlu noma umuzi ongalaleli ukuze ubhekane nemiphumela eyayizolethwa uNkulunkulu ekugcineni. Kodwa labo abamukela abafundi bakaJesu ngomusa babengalindela izibusiso. Ngesinye isikhathi uJesu watshela abaphostoli bakhe: “Lowo onamukelayo uyangamukela nami futhi, nalowo ongamukelayo wamukela nalowo owangithuma futhi. Futhi noma ubani ophuzisa oyedwa walaba abancane indebe nje yamanzi abandayo ngoba engumfundi, ngiqinisile ngiyanitshela, akasoze alahlekelwa umvuzo wakhe.”—Mathewu 10:40, 42.
Lokho Thina Esikufundayo
Ukuthunywa kokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu nokwenza abafundi kufezwa oFakazi BakaJehova abangaphezu kuka-5 000 000 emhlabeni wonke. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Bayaqaphela ukuthi umlayezo wabo uyaphuthuma. Ngakho-ke, isikhathi sabo basisebenzisa ngokunenzuzo, begwema iziphazamiso ebezingabavimbela ukuba basinakekele ngokugcwele isabelo sabo esibalulekile.
OFakazi BakaJehova benza umzamo okhethekile ukuze babonise ubungane kubo bonke abahlangana nabo. Noma kunjalo, abahlanganyeli ezingxoxweni eziyize, futhi abahileleki ezimpikiswaneni zomphakathi noma zemizamo ebhuntshayo yaleli lizwe yokuqeda ukungabi nabulungisa. (Johane 17:16) Kunalokho, bagxilisa ingxoxo yabo ekhambini elihlala njalo okuwukuphela kwalo elizoxazulula izinkinga zesintu—uMbuso kaNkulunkulu.
Ngokuvamile, oFakazi BakaJehova babonwa besebenza ngababili. Bekungeke yini kufezwe okwengeziwe uma ngamunye wabo ubesebenza yedwa? Mhlawumbe. Nokho, amaKristu namuhla ayayiqaphela inzuzo yokusebenza ndawonye namakholwa akanye nawo. Ayavikeleka ngandlela-thile lapho efakaza ezindaweni eziyingozi. Ukusebenza nomunye umuntu kusiza abasanda kuhlanganyela ukuba bazuze ekhonweni labamemezeli bezindaba ezinhle abanokuhlangenwe nakho. Ngokuqinisekile bobabili bangaba nengxenye ekukhuthazaneni.—IzAga 27:17.
Ngokungangabazeki, umsebenzi wokushumayela umsebenzi ophuthuma kunayo yonke owenziwayo kulezi ‘zinsuku zokugcina.’ (2 Thimothewu 3:1) OFakazi BakaJehova bayajabula ngokusekelwa ubuzalwane bomhlaba wonke obenza ukuba balusebenzele “ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle.”—Filipi 1:27.
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amaBhayibheli nemibhalo elotshwe ngesandla yamaGreki yasendulo ithi uJesu wathuma abafundi “abangamashumi ayisikhombisa nambili.” Nokho, kunemibhalo eminingi elotshwe ngesandla esekela ukuthi “babengamashumi ayisikhombisa.” Lo mehluko ongabalulekile akufanele ugubuzele iphuzu eliyinhloko, lokuthi uJesu wathuma iqembu elikhulu labafundi bakhe ukuba liyoshumayela.