Ingabe Umsebenzi Wakho Uyomelana Nomlilo?
“Yilowo nalowo makaqhubeke eqaphela indlela akhela ngayo phezu [kwesisekelo].”—1 KORINTE 3:10.
1. AmaKristu athembekile analiphi ithemba ngokuphathelene nabangase babe abafundi?
UMBHANGQWANA oshadile ongamaKristu ugqolozela ingane yawo esanda kuzalwa. Ummemezeli woMbuso ubona ukuzimisela nesithakazelo ebusweni bomuntu afunda naye iBhayibheli. Umdala ongumKristu ofundisa esendaweni yesikhulumi uphawula umuntu othakazelayo ezilalelini ebheka imibhalo ngokulangazela eBhayibhelini lakhe. Lezi zinceku zikaJehova ezithembekile zinezinhliziyo ezigcwele ithemba. Kuyazenzekela ukuba zizibuze, ‘Kazi lo muntu uzomthanda yini uJehova futhi amkhonze—futhi ahlale ethembekile?’ Yebo, umphumela onjalo awuzenzakaleli. Udinga umsebenzi.
2. Umphostoli uPawulu wawakhumbuza kanjani amaKristu angamaHeberu ngokubaluleka komsebenzi wokufundisa, futhi yikuphi ukuzihlola lokhu okungase kusishukumisele ukuba sikwenze?
2 Njengoba ayengumfundisi onekhono ngokwakhe, umphostoli uPawulu waqokomisa ukubaluleka komsebenzi wokufundisa nokwenza abafundi lapho ebhala: “Bekufanele ngabe ningabafundisi ngenxa yesikhathi.” (Heberu 5:12) AmaKristu ayekhuluma nawo ayengathuthukanga ukuyaphi, uma kucatshangelwa isikhathi ayesenaso engamakholwa. Kunokuba abe alungele ukufundisa abanye, ayedinga ukukhunjuzwa izici eziyisisekelo zeqiniso. Namuhla, sonke senza kahle ukuba ngezikhathi ezithile sihlole amakhono ethu njengabafundisi, sibone ukuthi singathuthukisa kanjani. Ukuphila kusengozini. Yini esingayenza?
3. (a) Umphostoli uPawulu wayifanisa nani inqubo yokwakha umfundi ongumKristu? (b) Njengabakhi abangamaKristu, yiliphi ilungelo elikhulu esinalo?
3 Emfanekisweni owandisiwe, uPawulu wafanisa ukwenziwa kwabafundi nenqubo yokwakha isakhiwo. Waqala ngokuthi: “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Nina niyinsimu kaNkulunkulu elinywayo, isakhiwo sikaNkulunkulu.” (1 Korinte 3:9) Ngakho sihlanganyela emsebenzini wokwakha ohilela abantu; sisiza ekubakheni babe abafundi bakaKristu. Senza kanjalo njengezisebenzi ezikanye naLowo “owakha izinto zonke.” (Heberu 3:4) Yeka ilungelo! Ake sibone indlela iseluleko esiphefumulelwe sikaPawulu kwabaseKorinte esingasisiza ngayo ukuba sibe nekhono kakhudlwana emsebenzini wethu. Sizogxila ngokukhethekile ‘ebucikweni [bethu] bokufundisa.’—2 Thimothewu 4:2.
Ukubeka Isisekelo Esifanele
4. (a) Yayiyini indima kaPawulu emsebenzini wokwakha wamaKristu? (b) Kungani kungase kuthiwe uJesu nalabo ababemlalele babekwazi ukubaluleka kwezisekelo ezinhle?
4 Ukuze isakhiwo sigxile futhi sime isikhathi eside, sidinga isisekelo esihle. Ngakho, uPawulu wabhala: “Ngokomusa ongafanelwe kaNkulunkulu engaphiwa wona, njengomqondisi ohlakaniphile wemisebenzi ngabeka isisekelo.” (1 Korinte 3:10) Esebenzisa umfanekiso ofanayo, uJesu Kristu wakhuluma ngendlu eyamelana nesivunguvungu ngenxa yokuthi umakhi wayo wayekhethe isisekelo esiqinile. (Luka 6:47-49) UJesu wayazi yonke into ngokubaluleka kwezisekelo. Wayekhona lapho uJehova emisa umhlaba uqobo.a (IzAga 8:29-31) Izilaleli zikaJesu nazo zazizazisa izisekelo ezinhle. Yizindlu ezinezisekelo eziqinile kuphela ezazingamelana nezikhukhula zemvula nokuzamazama komhlaba okwakwenzeka ePalestina ngezinye izikhathi. Nokho, siyini isisekelo uPawulu ayecabanga ngaso?
5. Ubani oyisisekelo sebandla lobuKristu, futhi lokhu kwabikezelwa kanjani?
5 UPawulu wabhala: “Akukho muntu ongabeka noma isiphi esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekiwe, esinguJesu Kristu.” (1 Korinte 3:11) Kwakungaqali lapha ukuba uJesu afaniswe nesisekelo. Eqinisweni, u-Isaya 28:16 wabikezela: “Ithi iNkosi uJehova: Bheka, ngibeka eSiyoni itshe lesisekelo, itshe elivivinyekileyo, itshe legumbi elinqabileyo lesisekelo esiyiso.” Kudala uJehova anquma ukuba iNdodana yakhe ibe yisisekelo sebandla lobuKristu.—IHubo 118:22; Efesu 2:19-22; 1 Petru 2:4-6.
6. UPawulu wasibeka kanjani isisekelo esifanele emaKristwini aseKorinte?
6 Siyini isisekelo samaKristu ngamanye? Njengoba uPawulu asho, umKristu weqiniso akanaso esinye isisekelo ngaphandle kwaleso esibekwe eZwini likaNkulunkulu—uJesu Kristu. Ngokuqinisekile uPawulu wabeka isisekelo esinjalo. EKorinte, lapho ifilosofi yayihlonishwa khona kakhulu, akazange afune ukuhlaba abantu umxhwele ngokuhlakanipha kwezwe. Kunalokho, uPawulu washumayela “ngoKristu owabethelwa,” okuyinto izizwe ezaziyenqaba zithi ‘iwubuwula’ obukhulu. (1 Korinte 1:23) UPawulu wafundisa ukuthi uJesu ungumuntu oyinhloko ezinjongweni zikaJehova.—2 Korinte 1:20; Kolose 2:2, 3.
7. Yini esingayifunda ekuzibizeni kukaPawulu ngokuthi ‘umqondisi ohlakaniphile wemisebenzi’?
7 UPawulu wathi wayefundisa kanjalo “njengomqondisi ohlakaniphile wemisebenzi.” Le nkulumo yayingekhona ukuzazisa. Yayimane iwukuvuma isipho esihle ngokumangalisayo uJehova ayemnike sona—sokuhlela noma ukuqondisa umsebenzi. (1 Korinte 12:28) Kuyavunywa, namuhla asinazo izipho eziyisimangaliso ezanikwa amaKristu ekhulu lokuqala. Futhi singase singazibheki njengabafundisi abanesiphiwo. Kodwa siyibo ngomqondo obalulekile. Cabanga: UJehova usinika umoya wakhe ongcwele ukuze asisize. (Qhathanisa noLuka 12:11, 12.) Siyamthanda uJehova futhi sinolwazi lwezimfundiso eziyisisekelo zeZwi lakhe. Lezi yizipho ezinhle ngokumangalisayo ngempela esingazisebenzisa ekufundiseni abanye. Masizimisele ukuzisebenzisela ukubeka isisekelo esifanele.
8. Simbeka kanjani uKristu njengesisekelo kulabo abangase babe abafundi?
8 Lapho sibeka uKristu njengesisekelo, asimvezi njengengane engenakwenza lutho esemkhombeni, noma njengolingana noJehova kuZiqu-zintathu. Cha, imibono enjalo engeyona engokomBhalo yakha isisekelo samaKristu-mbumbulu. Kunalokho, sifundisa ukuthi wayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, ukuthi wanikela ngokuphila kwakhe okuphelele ngenxa yethu nokuthi namuhla uyiNkosi kaJehova emisiwe ebusa ezulwini. (Roma 5:8; IsAmbulo 11:15) Futhi sizama ukushukumisela esifunda nabo ukuba bahambe ezinyathelweni zikaJesu futhi balingise izimfanelo zakhe. (1 Petru 2:21) Sifuna ukuba bashukunyiswe ngokujulile yintshiseko kaJesu ngenkonzo, ububele bakhe kwabahluphekayo nabacindezelwe, isihe sakhe ezonini ezichotshozwe umuzwa wecala, isibindi sakhe esingaguquki lapho ebhekene nokulingwa. Ngempela, uJesu uyisisekelo esihle ngokumangalisayo. Kodwa yini elandelayo?
Ukwakha Ngezinto Ezifanele
9. Nakuba uPawulu ayengumbeki wesisekelo ngokuyinhloko, yikuphi ukukhathalela ayenakho ngalabo ababamukele iqiniso lalokho ayekufundisa?
9 UPawulu wabhala: “Manje uma noma ubani akhela phezu kwalesisisekelo igolide, isiliva, amatshe ayigugu, izinto zokhuni, utshani obomisiwe, izinhlanga, umsebenzi walowo nalowo uyobonakala, ngoba usuku luyowuveza, ngoba uyokwambulwa ngomlilo; futhi umlilo ngokwawo uyobonisa ukuthi umsebenzi walowo nalowo uluhlobo luni.” (1 Korinte 3:12, 13) Wayesho ukuthini uPawulu? Cabanga ngesizinda. UPawulu ngokuyinhloko wayengumbeki wesisekelo. Ohambweni lwakhe njengesithunywa sevangeli, wayehamba imizi ngemizi, eshumayeza abaningi ababengakaze bezwe ngoKristu. (Roma 15:20) Njengoba abantu babamukela iqiniso ayelifundisa, kwakwakheka amabandla. UPawulu wayebakhathalela ngokujulile laba abathembekile. (2 Korinte 11:28, 29) Nokho, umsebenzi wakhe wawudinga ukuba aqhubekele phambili. Ngakho ngemva kokuba echithe izinyanga ezingu-18 ebeka isisekelo eKorinte, wahamba wayoshumayela kweminye imizi. Noma kunjalo, wayenesithakazelo kakhulu endleleni abanye ababewulandelela ngayo umsebenzi ayewenze lapho.—IzEnzo 18:8-11; 1 Korinte 3:6.
10, 11. (a) UPawulu waziqhathanisa kanjani izinhlobo ezihlukene zezinto zokwakha? (b) Yiziphi izinhlobo zezakhiwo ezingokoqobo cishe ezazikhona eKorinte lasendulo? (c) Yiziphi izinhlobo zezakhiwo ezinamathuba engeziwe okusinda emlilweni, futhi lokho kubafundisa siphi isifundo abenzi babafundi abangamaKristu?
10 Kubonakala sengathi abanye ababakha esisekelweni uPawulu ayesibeke eKorinte babengawenzi kahle lo msebenzi. Ukuze ayidalule le nkinga, uPawulu uqhathanisa izinhlobo ezimbili zezinto zokwakha: igolide, isiliva namatshe ayigugu ngakolunye uhlangothi; ngakolunye kube ukhuni, utshani obomisiwe nezinhlanga. Isakhiwo singakhiwa ngezinto ezinhle ezihlala isikhathi eside nezingashi; noma singakhiwa ngokuxhamazela ngokusebenzisa izinto ezonakalayo, zesikhashana nezishayo. Umuzi omkhulu njengeKorinte ngokungangabazeki wawunenqwaba yezakhiwo zazo zombili lezi zinhlobo. Kwakunamathempeli amakhulu akhiwe ngamatshe amakhulu abizayo, mhlawumbe ahuqwe ngegolide nesiliva noma ahlotshiswe ngalo ezingxenyeni ezithile.b Lezi zakhiwo eziqinile cishe zaziphakeme ngendlela ebabazekayo ngaphezu kwamadokodo aseduze, izindlwana nemipheme yokudayisela eyakhiwe ngezinsika zokhuni ezimaholo yafulelwa ngotshani.
11 Kwakuyokwenzekani kulezi zakhiwo uma kuba nomlilo? Impendulo yayisobala osukwini lukaPawulu njengoba injalo nakolwethu. Eqinisweni, umuzi waseKorinte wawuke wanqotshwa futhi washiswa nguJenene Mummius waseRoma emuva ngo-146 B.C.E. Ngokuqinisekile izakhiwo eziningi zokhuni, zotshani obomisiwe noma zezinhlanga zazishe zangqongqa. Kuthiwani ngezakhiwo eziqinile zetshe, ezihlotshiswe ngesiliva negolide? Ngokungangabazeki, lezi zasinda. Abafundi bakaPawulu eKorinte kungenzeka babedlula eduze kwezakhiwo ezinjalo nsuku zonke—izakhiwo zetshe ezibabazekayo ezazisinde ezinhlekeleleni ezazishabalalisa kudala lezo ezazakhelene nazo ezazingaqinile. Khona-ke yeka indlela uPawulu aliveza ngokucace ngayo iphuzu lakhe! Lapho sifundisa, kudingeka sizibheke njengabakhi. Sifuna ukusebenza ngezinto ezingcono neziqine kakhulu ngangokunokwenzeka. Ngaleyo ndlela umsebenzi wethu cishe uyohlala njalo. Ziyini lezo zinto ezihlala njalo, futhi kungani kubalulekile ukuzisebenzisa?
Ingabe Umsebenzi Wakho Uyomelana Nomlilo?
12. Kungaziphi izindlela amanye amaKristu aseKorinte ayenza umsebenzi wokwakha ngokunganaki?
12 Ngokusobala, uPawulu wayenomuzwa wokuthi amanye amaKristu eKorinte ayengakhi kahle. Kwakonakelephi? Njengoba umongo ubonisa, ibandla laligcwele ukwahlukana, ukwazisa abantu abathile yize kwakuyingozi ebunyeni bebandla. Abathile babethi, “Mina ngingokaPawulu,” kuyilapho abanye bephikelela ngokuthi, “Mina ngingoka-Apholo.” Kubonakala sengathi abanye babezibona behlakaniphe ngokweqile. Akumangalisi ukuthi kwaphumela ekucabangeni okungokwenyama, ukungavuthwa okungokomoya, ‘nomhawu nengxabano’ okudlangile. (1 Korinte 1:12; 3:1-4, 18) Lezi zimo zengqondo ngokuqinisekile zazibonakala ekufundiseni okwakwenziwa ebandleni nasenkonzweni. Umphumela waba ukuthi umsebenzi wabo wokwenza abafundi wawenziwa ngokunganaki, njengomsebenzi wokwakha owenziwe ngezinto zezinga eliphansi. Wawungeke umelane ‘nomlilo.’ Yimuphi umlilo uPawulu ayekhuluma ngawo?
13. Umlilo emfanekisweni kaPawulu umelelani, futhi yini okufanele wonke amaKristu ayiqaphele?
13 Kunomlilo sonke esibhekana nawo ekuphileni—ukuvivinywa kokholo lwethu. (Johane 15:20; Jakobe 1:2, 3) AmaKristu aseKorinte kwakudingeka azi, njengoba nje nathi namuhla kudingeka sazi, ukuthi wonke umuntu esimfundisa iqiniso uyovivinywa. Uma singafundisi kahle, kungase kube nemiphumela edabukisayo. UPawulu waxwayisa: “Uma umsebenzi womuntu awakhele kuso usala, uyothola umvuzo; uma umsebenzi womuntu usha, uyolahlekelwa, kodwa yena ngokwakhe uyosindiswa; nokho, uma kunjalo, kuyoba njengokungathi udabulé emlilweni.”c—1 Korinte 3:14, 15.
14. (a) Abenzi babafundi abangamaKristu bangase ‘balahlekelwe’ kanjani, kodwa bangasindiswa kanjani njengokungathi badabulé emlilweni? (b) Singawanciphisa kanjani amathuba okulahlekelwa?
14 Amazwi asangulukisayo ngempela! Kungaba buhlungu kakhulu ukusebenza kanzima ukuze usize othile ukuba abe umfundi, bese umbona evumela ukunqotshwa yisilingo noma ushushiso futhi ekugcineni ayishiye indlela yeqiniso. UPawulu uvuma lokho lapho ethi sibhekana nokulahlekelwa ezimweni ezinjalo. Lesi senzakalo singase sibe buhlungu kangangokuba ukusinda kwethu kuchazwe ngokuthi ‘kunjengokungathi sidabulé emlilweni’—njengomuntu oshelwe yikho konke abenakho, yena wasinda ngokulambisa. Thina-ke, singawanciphisa kanjani amathuba okulahlekelwa? Ngokwakha ngezinto ezihlala njalo! Uma sifundisa esifunda nabo ngendlela yokufinyelela izinhliziyo zabo, sibashukumisele ukuba bazise izimfanelo zobuKristu ezinjengokuhlakanipha, ukuqonda, ukwesaba uJehova nokholo lwangempela, khona-ke sakha ngezinto ezihlala njalo nezingashi. (IHubo 19:9, 10; IzAga 3:13-15; 1 Petru 1:6, 7) Labo abazuza lezi zimfanelo bayoqhubeka benza intando kaNkulunkulu; banethemba eliqinisekile lokuqhubeka bephila phakade. (1 Johane 2:17) Nokho, singawusebenzisa kanjani ngokoqobo umfanekiso kaPawulu? Cabanga ngezinye zezibonelo.
15. Yiziphi izindlela esingaqiniseka ngazo ukuthi siyakugwema ukwenza umsebenzi wokwakha ngokunganaki ngokuphathelene nabantu esifunda nabo iBhayibheli?
15 Lapho sifundisa esifunda nabo iBhayibheli, akufanele nanini siphakamise abantu ngaphezu kukaJehova uNkulunkulu. Umgomo wethu awukhona ukubafundisa ukuba basibheke njengomthombo oyinhloko wokuhlakanipha. Sifuna babheke kuJehova, eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe ukuze bathole isiqondiso. Ukuze senze kanjalo, asimane sibanike eyethu imibono lapho siphendula imibuzo yabo. Kunalokho, sibafundisa ukuthola izimpendulo, sisebenzisa iBhayibheli nezincwadi ezilungiselelwe “yisigqila esikholekile nesiqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Ngenxa yezizathu ezifanayo, siyaqaphela ukuba singabagodli esifunda nabo iBhayibheli. Kunokuba sicasuke lapho abanye bebonisa isithakazelo kubo, kufanele sikhuthaze esifunda nabo ukuba ‘banuleke’ othandweni lwabo, bazi futhi babonise ukwazisa ngabaningi ngangokunokwenzeka ebandleni.—2 Korinte 6:12, 13.
16. Abadala bangakha kanjani ngezinto ezingashi?
16 Abadala abangamaKristu nabo bafeza indima ebalulekile ekwakheni abafundi. Lapho befundisa phambi kwebandla, bazama ukwakha ngezinto ezingashi. Ikhono lokufundisa, okuhlangenwe nakho nobuntu babo kungase kuhluke kakhulu, kodwa abasizakali ngalokhu kungafani ukuze bazidonsele abalandeli. (Qhathanisa nezEnzo 20:29, 30.) Asazi ngokuqondile ukuthi kungani abathile eKorinte babethi, “Mina ngingokaPawulu” noma, “Mina ngingoka-Apholo.” Kodwa singaqiniseka ukuthi akekho kulaba badala abathembekile owayethuthukisa ukucabanga okunjalo okuhlukanisayo. UPawulu akakhohliswanga imibono yokuthopha enjalo; wayiphikisa ngokunamandla. (1 Korinte 3:5-7) Ngokufanayo namuhla, abadala bayakhumbula ukuthi balusa “umhlambi kaNkulunkulu.” (1 Petru 5:2) Akuwona owomuntu. Ngakho abadala bamelana ngokuqinile nanoma yikuphi ukuthambekela komuntu othile ekulawuleni umhlambi noma indikimba yabadala. Uma nje abadala beshukunyiswa yisifiso sokuthobeka sokukhonza ibandla, bafinyelele izinhliziyo, futhi basize izimvu ukuba zikhonze uJehova ngomphefumulo wonke, bakha ngezinto ezingashi.
17. Abazali abangamaKristu bazama kanjani ukwakha ngezinto ezingashi?
17 Abazali abangamaKristu nabo bayikhathalela ngokujulile le ndaba. Yeka indlela abakulangazelela ngayo ukubona izingane zabo ziphila phakade! Yingakho bezikhandla kangaka ukuba ‘bagxilise’ izimiso zeZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zezingane zabo. (Duteronomi 6:6, 7, NW) Bafuna ukuba izingane zabo zazi ukuthi iqiniso liyindlela yokuphila eyanelisayo, evuzayo nejabulisayo, hhayi nje uhlu lwemithetho noma njengamaqiniso aphindaphindwayo. (1 Thimothewu 1:11) Ukuze bakhe izingane zabo zibe abafundi bakaKristu abathembekile, abazali abanothando bazama ukusebenzisa izinto ezingashi. Basebenza nezingane zabo ngesineke, bezisiza ukuba zisiphule izimfanelo uJehova azizondayo futhi zihlakulele izimfanelo azithandayo.—Galathiya 5:22, 23.
Yicala Likabani?
18. Lapho umfundi elahla ukufundiswa okuhle, kungani kungase kungabi yiphutha lalabo abazama ukumfundisa nokumqeqesha?
18 Le ngxoxo iphakamisa umbuzo obalulekile. Uma othile esizama ukumsiza ephuma eqinisweni, ingabe lokho kusho ukuthi sihlulekile njengabafundisi—ukuthi besakhe ngezinto zezinga eliphansi? Akunjalo ngaso sonke isikhathi. Ngokuqinisekile amazwi kaPawulu asikhumbuza ukuthi kuwumthwalo wemfanelo omkhulu ukuhlanganyela ekwakheni abafundi. Sifuna ukwenza konke okusemandleni ethu ukuze sakhe kahle. Kodwa iZwi likaNkulunkulu alisho ukuthi masamukele lonke icala futhi sisindwe umuzwa wecala lapho labo esifuna ukubasiza beshiya iqiniso. Kunezinye izici ezihilelekile ngaphandle kwendima yethu njengabakhi. Ngokwesibonelo, qaphela lokho uPawulu akushoyo ngokuphathelene ngisho nanomfundisi ongakhanga kahle: “Uyolahlekelwa, kodwa yena ngokwakhe uyosindiswa.” (1 Korinte 3:15) Uma lo muntu esethubeni lokuzuza insindiso ekugcineni—kuyilapho ubuntu bobuKristu aye wazama ukubakha kumuntu afunda naye buye “basha” ngokomfanekiso ovivinyweni olunjengomlilo—yini okumelwe siphethe ngayo? Ngokuqinisekile, kumelwe siphethe ngokuthi uJehova ubheka umfundi njengoyolandisa ngokuyinhloko ngezinqumo zakhe ngokuphathelene nokuthi uyoyilandela yini inkambo yokwethembeka noma cha.
19. Yini esizoyihlola esihlokweni esilandelayo?
19 Ukuthi umuntu ngamunye uyozilandisela kuyindaba ebaluleke kakhulu. Kuthinta ngamunye wethu. Yini iBhayibheli eliyifundisayo ngale ndaba ngokuqondile? Isihloko sethu esilandelayo sizohlola lokhu.
[Imibhalo yaphansi]
a ‘Isisekelo somhlaba’ singase sibhekisele emandleni awubambile—nazo zonke izindikimba zasemkhathini—ukuze ume uqine endaweni yawo. Ngaphezu kwalokho, umhlaba ngokwawo wakhiwe ngendlela yokuba ungalokothi ‘uzanyazanyiswe,’ noma ubhujiswe.—IHubo 104:5.
b “Amatshe ayigugu” uPawulu ayekhuluma ngawo kwakungewona amagugu anjengamadayimane namarubi. Kwakungase kube amatshe okwakha abizayo anjengemabula, i-alabhaste noma igwadle (granite).
c UPawulu wayengabaza ukusinda ‘komsebenzi’ womakhi, hhayi komakhi. I-New English Bible ihumusha leli vesi ngokuthi: “Uma isakhiwo somuntu sima, uyovuzwa; uma sisha, kuyodingeka abhekane nokulahlekelwa; nokho yena uyosinda, ngendlela umuntu angase asinde ngayo emlilweni.”
Ungaphendula Kanjani?
◻ Siyini “isisekelo” kumKristu weqiniso, futhi sibekwa kanjani?
◻ Yini esingase siyifunde ezinhlotsheni ezihlukahlukene zezinto zokwakha?
◻ Umelelani “umlilo,” futhi ungabangela kanjani ukuba abanye ‘balahlekelwe’?
◻ Abafundisi beBhayibheli, abadala nabazali bangase bakhe kanjani ngezinto ezingashi?
[Isithombe ekhasini 9]
Emizini eminingi yasendulo, kwakukhona izakhiwo zetshe ezingashi endaweni eyodwa nezakhiwo ezingaqinile njengazo