Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 11/1 kk. 30-31
  • UJesu Waba Kanye Nezingane Isikhathi Esithile

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Waba Kanye Nezingane Isikhathi Esithile
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Wamukela Izingane
  • Isifundo Esisitholayo
  • Ingabe ‘Unomqondo KaKristu’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Abantwana Bethu—Bayifa Eliyigugu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2005
  • Ingabe Unawo Umqondo KaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Qeqesha Umntwana Wakho Ukuba Akhonze UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 11/1 kk. 30-31

Benza Intando KaJehova

UJesu Waba Kanye Nezingane Isikhathi Esithile

INKONZO kaJesu yeminyaka emithathu nengxenye yayisisondela ekupheleni. Ngokushesha wayezongena eJerusalema futhi afe kabuhlungu. Wayekwazi kahle okwakuzokwenzeka, ngoba wayetshele abafundi bakhe: “INdodana yomuntu izonikelwa ezandleni zabantu, futhi bazoyibulala.”—Marku 9:31.

Ngokuqinisekile, uJesu wayeyofuna ukusebenzisa usuku ngalunye, ihora ngalinye nomzuzu ngamunye owawusele ngendlela engcono kakhulu. Abafundi bakhe babesadinga ukusizwa. UJesu wabona ukuthi babesadinga iseluleko esinamandla ngokuphathelene nesidingo sokuthobeka nengozi yokukhubeka ehlale ikhona. (Marku 9:35-37, 42-48) Babesadinga nesiyalo esiphathelene nomshado, isehlukaniso nokungashadi. (Mathewu 19:3-12) Azi ukuthi wayesezokufa, ngokungangabazeki uJesu wayekhuluma nabafundi bakhe ngamafuphi futhi enomuzwa wokuphuthuma. Isikhathi sasisemqoka—okuyinto eyenza lokho uJesu akwenza ngokulandelayo kwaba yisimanga nakakhulu.

UJesu Wamukela Izingane

Ukulandisa kweBhayibheli kuthi: “Abantu baqala ukumlethela abantwana abancane ukuze abathinte.” Lapho abafundi bebona lokhu, ngokushesha baveza ukungahambisani kwabo nakho. Mhlawumbe babecabanga ukuthi uJesu wayebaluleke kakhulu noma wayematasa kakhulu ukuba abe nendaba nezingane. Khona-ke, cabanga ngokumangala kwabafundi lapho uJesu ethukuthelela bona! Wathi kubo: “Bayekeni abantwana abancane beze kimi; ningazami ukubavimba, ngoba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.” UJesu wabe esenezela: “Ngiqinisile ngithi kini, Noma ubani ongamukeli umbuso kaNkulunkulu njengomntwana omncane akasoze angena kuwo.”—Marku 10:13-15.

UJesu wayebona izimfanelo ezitusekayo ezinganeni. Ngokuvamile zifuna ukwazi futhi ziyabethemba abantu. Ziyakwamukela okushiwo abazali bazo zize zikuvikele phambi kwezinye izingane. Isimo sazo sokulalela nokufundiseka siyakufanelekela ukulingiswa yilabo abafisa ukungena eMbusweni kaNkulunkulu. Njengoba uJesu asho, “umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.”—Qhathanisa noMathewu 18:1-5.

Kodwa uJesu wayengazisebenziseli nje umfanekiso lezi zingane. Ukulandisa kukwenza kucace ukuthi uJesu wayekuthanda ngobuqotho ukuba kanye nazo. UMarku ubika ukuthi uJesu “wabasingatha abantwana waqala ukubabusisa, ebeka izandla phezu kwabo.” (Marku 10:16) Ukulandisa kukaMarku yikhona kuphela okuhlanganisa nalo mniningwane wemfudumalo wokuthi uJesu “wabasingatha abantwana.”a Ngakho uJesu wenza okungaphezu kwalokho abantu abadala ababekulindele, ababelethe lezi zingane ukuze nje uJesu ‘azithinte.’

Kwakusho ukuthini ‘ukubeka [kukaJesu] izandla’ phezu kwezingane? Akukho lapha okusikisela umkhosi ongokwenkolo, njengobhapathizo. Nakuba ngezikhathi ezithile, ukubeka izandla kwakusho ukunika isikhundla esithile, kwezinye kwakumane kusho ukubusisa. (Genesise 48:14; IzEnzo 6:6) Ngakho kungenzeka uJesu wayemane ezibusisa izingane.

Kunoma yikuphi, uMarku usebenzisa igama elinamandla kakhudlwana kwelithi “isibusiso” (ka·teu·lo·geʹo), elisho amandla aqinisayo. Lokhu kusikisela ukuthi uJesu wazibusisa ngentshiseko, ngesisa nangemfudumalo izingane. Ngokusobala, wayengazibheki izingane njengomthwalo odla isikhathi.

Isifundo Esisitholayo

Indlela uJesu ayesebenzelana ngayo nakho kokubili izingane nabantu abadala yayingesabisi futhi ingalulazi. “Kumelwe ukuba wayemamatheka kalula futhi ahleke ngenjabulo,” kusho enye incwadi. Akumangalisi ukuthi abantu babo bonke ubudala babezizwa bekhululekile lapho benaye. Lapho sicabanga ngesibonelo sikaJesu, singazibuza, ‘Ingabe abanye bangibona ngingongenekayo?’ ‘Ingabe ngibonakala ngimatasa kakhulu ukuba ngingakhathalela izinto ezenziwa abanye nezinto ezibakhathazayo?’ Ukuhlakulela isithakazelo esiqotho kubantu kuyosishukumisela ukuba sizinikele, njengoba kwenza uJesu. Abanye bayoba nomuzwa wokuthi sinesithakazelo esiqotho futhi badonsekele kithi.—IzAga 11:25.

Njengoba ukulandisa kukaMarku kubonisa, uJesu wayekujabulela ukuba kanye nezingane. Ngokusobala, wayezinika isikhathi sokuzibukela zidlala, ngoba komunye wemifanekiso yakhe wabhekisela emidlalweni yazo. (Mathewu 11:16-19) Mhlawumbe ezinye zezingane uJesu azibusisa zazincane kakhulu ukuba ziqonde ukuthi wayengubani futhi efundisani. Kodwa lokhu akumenzanga abe nomuzwa wokuthi wayechitha isikhathi sakhe. Waba kanye nezingane ngoba ezithanda. Kungenzeka ukuthi eziningi zezingane uJesu ahlangana nazo enkonzweni yakhe, kamuva zashukunyiselwa ukuba zisabele othandweni lwakhe ngokuba abafundi bakhe.

Uma uJesu aba kanye nezingane isikhathi esithile phakathi namasonto okugcina abucayi okuphila kwakhe, ngokuqinisekile singasenza isikhathi sokuba nazo esimisweni sethu esimatasa. Kufanele sikhumbule ngokukhethekile lezo ezinezidingo ezikhethekile, njengezintandane. Ngempela, zonke izingane ziyachuma lapho zinakwa, futhi kuyisifiso sikaJehova ukuba sizinike lonke uthando nosizo esingazinika lona.—IHubo 10:14.

[Umbhalo waphansi]

a Enye inguqulo ithi uJesu ‘wazigona.’ Enye ithi “wazigaxa ngengalo.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela