Isihlengo SikaKristu—Indlela KaNkulunkulu Yokusindisa
“UNkulunkulu walithanda izwe kakhulu kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhujiswa kodwa abe nokuphila okumi phakade.”—JOHANE 3:16.
1, 2. Chaza isimo esibucayi esiye savelela uhlanga lwesintu.
AKE uzicabange uphethwe yisifo esizokubulala nakanjani uma ungayi ukuyohlinzwa. Ubungazizwa kanjani uma imali yalokho kuhlinzwa ingaphezulu kakhulu kwamandla akho? Ubungathini uma ngisho nezimali zomndeni nabangane zizonke zingeke zanele? Ukuba sesimweni esinjalo esisongela ukuphila bekungakukhungathekisa!
2 Lokhu kufanekisela isimo esavela ohlangeni lwesintu. Abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, badalwa bephelele. (Duteronomi 32:4) Babenethemba lokuphila phakade nelokufeza injongo kaNkulunkulu ewukuthi: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe.” (Genesise 1:28) Nokho, u-Adamu no-Eva bavukela uMdali wabo. (Genesise 3:1-6) Ukungalaleli kwabo akulethanga isono ku-Adamu no-Eva kuphela kodwa nakubantwana babo ababengakazalwa. Kamuva indoda ethembekile uJobe yathi: “Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.”—Jobe 14:4.
3. Ukufa kwasakazekela kanjani kubo bonke abantu?
3 Ngakho isono sinjengesifo esiye sangena kithi sonke, ngoba iBhayibheli lithi “bonke bonile.” Lesi simo sisongela ukuphila. Yebo, “inkokhelo isono esiyikhokhayo iwukufa.” (Roma 3:23; 6:23) Akekho kithi ongakubalekela. Bonke abantu bayona, ngakho bonke bayafa. Njengenzalo ka-Adamu, sazalelwa kulesi simo esibucayi. (IHubo 51:5) UPawulu wabhala: “Ngomuntu oyedwa isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Kodwa lokhu akusho ukuthi asinathemba lensindiso.
Ukususa Isono Nokufa
4. Kungani abantu bengenakukususa ukugula nokufa ngokwabo?
4 Kwakuyodingekani ukuze kususwe isono nomphumela waso, ukufa? Ngokusobala, kwakuyodingeka okuthile okungaphezu kwalokho okungalethwa umuntu. Umhubi wabalisa: “Inkokhelo yokuphila komuntu inkulu kakhulu. Lokho angakukhokha akusoze kwanela ukumenza angayi ethuneni, ukumenza aphile phakade.” (IHubo 49:8, 9, Today’s English Version) Kuyavunywa, singase sikwazi ukunweba ukuphila kwethu ngeminyaka embalwa ngokudla ukudla okunempilo nokuthola ukwelashwa, kodwa akekho kithi ongelapha isimo sethu sokuba nesono esiwufuzo. Akekho kithi ongahlehlisa imiphumela elimazayo yokuguga futhi abuyisele imizimba yethu ekupheleleni uNkulunkulu ayekuhlosele yona ekuqaleni. Ngokuqinisekile uPawulu wayengenalo ihaba lapho ebhala ukuthi ngenxa yesono sika-Adamu, indalo engabantu “yabekwa ngaphansi kobuze”—noma njengoba i-Jerusalem Bible ikubeka, “yenziwa yangakwazi ukufinyelela injongo yayo.” (Roma 8:20) Nokho, kuyajabulisa ukuthi uMdali akasilahlile. Uye wenza ilungiselelo lokususa isono nokufa phakade. Kanjani?
5. UMthetho owanikwa u-Israyeli wakubonisa kanjani ukwazisa okukhulu ngobulungisa?
5 UJehova “uthanda ukulunga [nobulungisa, NW].” (IHubo 33:5) Isimiso soMthetho asinika u-Israyeli sibonisa ukwazisa okukhulu ngokulinganisela nobulungisa obungakhethi. Ngokwesibonelo, phakathi kwemithetho yawo, sifunda ukuthi ‘ukuphila kwakufanele kukhokhwe ngokuphila.’ Ngamanye amazwi, uma umIsrayeli ayebulala umuntu, kwakudingeka ukuphila kwakhe kuhlawulele okwalowo ayembulele. (Eksodusi 21:23; Numeri 35:21) Kanjalo ubulungisa baphezulu babuyofezwa.—Qhathanisa no-Eksodusi 21:30.
6. (a) U-Adamu angabizwa ngamuphi umqondo ngokuthi ungumbulali? (b) Luhlobo luni lokuphila u-Adamu alulahla, futhi luhlobo luni lomhlatshelo olwaluyodingeka ukuze kufezwe ubulungisa?
6 Lapho u-Adamu ona, waba umbulali. Ngamuphi umqondo? Ngokuthi wayeyodlulisela isimo sakhe sokuba nesono—kanye nokufa—kuyo yonke inzalo yakhe. Ngenxa yokungalaleli kuka-Adamu manje imizimba yethu iya iwohloka, isondela ethuneni kancane kancane. (IHubo 90:10) Isono sika-Adamu sihilela okuthile okubi nakakhulu. Khumbula, lokho u-Adamu azilahlekisela kona yena nabantwana bakhe kwakungekona ukuphila okuvamile kweminyaka engaba ngu-70 noma engu-80. Walahla ukuphila okuphelele—empeleni, ukuphila okuphakade. Ngakho uma ‘ukuphila kufanele kukhokhelwe ngokuphila,’ luhlobo luni lokuphila okuyodingeka lukhokhwe kulesi simo ukuze kufezwe ubulungisa? Ngokunengqondo, kuyodingeka kube ukuphila komuntu okuphelele—ukuphila okwakungaveza inzalo engabantu abaphelele, njengokuka-Adamu. Uma kwakwenziwa umhlatshelo, ukuphila komuntu ophelele kwakungeke kugcine ngokufeza ubulungisa kodwa kwakuyokwenza kube nokwenzeka nokusisusa ngokuphelele isono nomphumela waso, ukufa.
Ukukhokhela Izindleko Zesono
7. Chaza incazelo yegama elithi “isihlengo.”
7 Inani elalidingeka ukuze sihlengwe esonweni libizwa ngokuthi “isihlengo” eBhayibhelini. (IHubo 49:7, NW) NgesiNgisi lelo gama lingabhekisela enkokhelweni efunwa umthumbi ukuze adedele umuntu amthumbile. Yiqiniso, isihlengo uJehova asinikezile asihileli kuthumba. Kodwa umqondo wokukhokha inani elithile awushintshi. Eqinisweni, isenzo sesiHeberu esihunyushwe ngokuthi “isihlengo” ngokwezwi ngezwi sisho “ukusibekela.” Ukuze sihlawulele isono, isihlengo kumelwe silingane ncamashi nalokho esikusibekelayo—ukuphila komuntu ophelele u-Adamu.
8. (a) Chaza isimiso sokuthenga kabusha. (b) Isimiso sokuthenga kabusha sihlobana kanjani nathi njengezoni?
8 Lokhu kuyavumelana nesimiso esitholakala eMthethweni KaMose—isimiso sokuthenga kabusha. Uma umIsrayeli ayeba mpofu futhi azidayise ukuba abe yisigqila kumuntu ongeyena umIsrayeli, isihlobo sasingamthenga kabusha (noma, simhlenge) ngokukhokha inani elalibhekwa njengelilingana nelaleso sigqila. (Levitikusi 25:47-49) IBhayibheli lithi njengabantu abangaphelele “siyizigqila zesono.” (Roma 6:6; 7:14, 25) Kwakuyodingekani ukuze sithengwe kabusha? Njengoba sibonile, ukulahleka kokuphila komuntu ophelele kwakuyodinga ukuba kukhokhwe ukuphila komuntu ophelele—hhayi okungaphezulu noma okungaphansi kwalokho.
9. UJehova uye walenza kanjani ilungiselelo lokusibekela isono?
9 Yiqiniso, thina bantu sizalwa singaphelele. Akekho noyedwa kithi olingana no-Adamu; akekho noyedwa kithi ongakhokha inani lesihlengo elifunwa ubulungisa. Njengoba kushiwo ekuqaleni, kunjengokungathi sinesifo esisongela ukuphila futhi asinamandla okukhokhela ukuhlinzwa okungaselapha. Lapho sisesimweni esinjalo, besingeke yini sibe nomuzwa wokubonga uma othile engenela futhi esikhokhela izindleko? Yilokho kanye uJehova aye wakwenza! Uye wenza ilungiselelo lokusihlenga esonweni phakade. Yebo, uzimisele ukusinika lokho esingasoze saba namandla okukuthola ngokwethu. Kanjani? UPawulu wabhala: “Isipho uNkulunkulu asinikezayo siwukuphila okumi phakade ngoKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 6:23) UJohane wachaza uJesu ngokuthi “iWundlu likaNkulunkulu elisusa isono sezwe.” (Johane 1:29) Ake sibone indlela uJehova asebenzisa ngayo iNdodana yakhe ethandekayo ukuze akhokhe inani lesihlengo.
“Isihlengo Esihambelanayo”
10. Kwenzeka kanjani ukuba iziprofetho eziphathelene ‘nenzalo’ zigxile kuJosefa noMariya?
10 Ngemva nje kokuhlubuka kwase-Edene, uJehova wamemezela injongo yakhe yokuveza ‘inzalo,’ noma imbewu, eyayiyohlenga isintu esonweni. (Genesise 3:15) Ngezambulo eziningana zaphezulu, uJehova waveza uhlu lomndeni okwakuyovela kulo le mbewu. Ngemva kwesikhathi, lezi zambulo zagxila kuJosefa noMariya, umbhangqwana owawuthembisene umshado owawuhlala ePalestina. Ephusheni, uJosefa watshelwa ukuthi uMariya wayekhulelwe ngomoya ongcwele. Ingelosi yathi: “Uzobeletha indodana, futhi kumelwe uyiqambe igama lokuthi uJesu, ngoba izosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.”—Mathewu 1:20, 21.
11. (a) UJehova wahlela kanjani ukuba iNdodana yakhe izalwe ingumuntu ophelele? (b) Kungani uJesu akwazi ukulungiselela “isihlengo esihambelanayo”?
11 Lokhu kwakungekhona neze ukukhulelwa okuvamile, ngoba uJesu wayeke waphila ezulwini ngaphambi kokuba umuntu. (IzAga 8:22-31; Kolose 1:15) Ukuphila kwakhe kwakudluliselwe esibelethweni sikaMariya ngamandla kaJehova ayisimangaliso, enza kwenzeka ukuba le Ndodana kaNkulunkulu ethandekayo izalwe ingumuntu. (Johane 1:1-3, 14; Filipi 2:6, 7) UJehova waqondisa izindaba ngendlela yokuba uJesu angangcoliswa yisono sika-Adamu. Ngokuphambene, uJesu wazalwa ephelele. Ngakho, wayenalokho u-Adamu ayekulahlile—ukuphila komuntu ophelele. Ekugcineni, waba umuntu owayengakhokhela izindleko zesono! Futhi yilokho kanye uJesu akwenza ngobusuku bango-Nisan 14, 33 C.E. Ngalolo suku oluyingqophamlando, uJesu wazivumela ukuba abulawe abaphikisi bakhe, kanjalo waba “isihlengo esihambelanayo.”—1 Thimothewu 2:6.
Inani Lokuphila Komuntu Ophelele
12. (a) Chaza umehluko obalulekile phakathi kokufa kukaJesu nokuka-Adamu. (b) Kuye kwenzeka kanjani ukuba uJesu abe “uYise ongunaphakade” kubantu abalalelayo?
12 Kunomehluko phakathi kokufa kukaJesu nokuka-Adamu—umehluko ogqamisa ukubaluleka kwesihlengo. Ukufa kuka-Adamu kwakumfanele, ngoba akamlalelanga ngamabomu uMdali wakhe. (Genesise 2:16, 17) Ngokuphambene, ukufa kukaJesu kwakungamfanele nakancane, ngoba “akenzanga sono.” (1 Petru 2:22) Ngakho lapho uJesu efa wayenokuthile kwenani elikhulu, isoni esingu-Adamu esasingenakho lapho sifa—ilungelo lokuphila komuntu ophelele. Ngakho, ukufa kukaJesu kwakunenani elihlengayo. Lapho ekhuphukela ezulwini njengomuntu womoya, wayisa inani lesihlengo sakhe kuJehova. (Heberu 9:24) Ngokwenza kanjalo, uJesu wathenga isintu esinesono futhi waba uBaba waso omusha, esikhundleni sika-Adamu. (1 Korinte 15:45) Ngesizathu esihle, uJesu ubizwa ngokuthi “uYise ongunaphakade.” (Isaya 9:6) Cabanga ngalokho okushiwo yilokhu! U-Adamu, ubaba owayenesono, wasakaza ukufa kuyo yonke inzalo yakhe. UJesu, uBaba ophelele, usebenzisa inani lesihlengo sakhe ukuze anikeze abantu abalalelayo ukuphila okungunaphakade.
13. (a) Chaza ngomfanekiso indlela uJesu asula ngayo isikweletu esadalwa u-Adamu. (b) Kungani umhlatshelo kaJesu ungasisibekeli isono sabazali bethu bokuqala?
13 Nokho, ukufa komuntu oyedwa vó kwakungazisibekela kanjani izono zabaningi? (Mathewu 20:28) Kwesinye isihloko eminyakeni ethile edlule, safanekisa isihlengo kanje: “Cabanga ngefektri enkulu enamakhulu ezisebenzi. Imenenja engathembekile yale fektri iwisa ibhizinisi; ifektri iyavalwa. Manje amakhulu abantu asephelelwe umsebenzi futhi awasakwazi ukukhokhela izikweletu zawo. Abangane babo bomshado, izingane, yebo nabakweletwayo bonke baba senkingeni ngenxa yokukhohlakala kwalowo muntu oyedwa! Kube sekufika umuntu ocebile akhokhe isikweletu senkampani avule nefektri kabusha. Ukusulwa kwaleso sikweletu esisodwa kuletha impumuzo enkulu ezisebenzini eziningi, imikhaya yazo nabakweletwayo. Kodwa ingabe imenenja yokuqala kukhona ekutholayo kulokhu kuchuma okusha? Cha, isejele futhi kanjalo ilahlekelwe umsebenzi unomphela! Ngokufanayo, ukusulwa kwesikweletu esisodwa sika-Adamu kuletha izinzuzo ezigidini zenzalo yakhe—kodwa hhayi ku-Adamu ngokwakhe.”
14, 15. Kungani u-Adamu no-Eva bengabizwa ngokuthi izoni zangamabomu, futhi isimo sethu sihluke kanjani kwesabo?
14 Lokhu kufanelekile. Khumbula, u-Adamu no-Eva bona ngamabomu. Bakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu. Ngokuphambene, thina sizalelwa esonweni. Asikwazi ukuzikhethela. Kungakhathaliseki ukuthi sizama kakhulu kangakanani, asinakukugwema ngokuphelele ukona. (1 Johane 1:8) Ngezinye izikhathi singase sizizwe njengoPawulu, owabhala: “Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami. Yeka mina muntu wosizi!”—Roma 7:21-24.
15 Nokho, ngenxa yesihlengo, sinethemba! UJesu uyimbewu ‘eziyozibusisa ngayo zonke izizwe zomhlaba,’ njengoba uNkulunkulu ethembisile. (Genesise 22:18; Roma 8:20) Umhlatshelo kaJesu ubavulela amathuba amangalisayo labo ababonisa ukholo kuye. Ake sicabangele amanye awo.
Ukuzuza Emhlatshelweni KaKristu
16. Naphezu kwesimo sethu sokuba nesono, yiziphi izinzuzo esingazijabulela manje ngenxa yesihlengo sikaJesu?
16 Umlobi weBhayibheli uJakobe uyavuma ukuthi “sonke siyakhubeka izikhathi eziningi.” (Jakobe 3:2) Nokho, ngenxa yesihlengo sikaKristu, amaphutha ethu angathethelelwa. UJohane uyabhala: “[Uma] noma ubani esenza isono, sinomsizi kuBaba, uJesu Kristu, olungileyo. Futhi ungumhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 2:1, 2) Yiqiniso, akufanele sisithathe kalula isono. (Jude 4; qhathanisa neyoku-1 Korinte 9:27.) Nokho, uma sona, singathululela uJehova isifuba sethu, siqiniseka ukuthi “ukulungele ukuthethelela.” (IHubo 86:5, NW; 130:3, 4; Isaya 1:18; 55:7; IzEnzo 3:19) Ngakho isihlengo senza sikwazi ukukhonza uNkulunkulu ngonembeza ohlanzekile futhi senza sikwazi ukusondela kuye ngomthandazo owenziwa ngegama likaJesu Kristu.—Johane 14:13, 14; Heberu 9:14.
17. Ngenxa yesihlengo, yiziphi izibusiso okungenzeka ukuzithola esikhathini esizayo?
17 Isihlengo sikaKristu sivula indlela yokuba injongo kaNkulunkulu igcwaliseke—ukuba abantu abalalelayo baphile phakade ePharadesi emhlabeni. (IHubo 37:29) UPawulu wabhala: “Kungakhathaliseki ukuthi ziningi kangakanani izithembiso zikaNkulunkulu, ziye zaba nguYebo [ngoJesu].” (2 Korinte 1:20) Yiqiniso, ukufa kuye “kwabusa njengenkosi.” (Roma 5:17) Isihlengo sinikeza isisekelo sokuba uNkulunkulu esule lesi “sitha sokugcina.” (1 Korinte 15:26; IsAmbulo 21:4) Isihlengo sikaJesu singazuzisa ngisho nalabo abaye bafa. UJesu wathi: “Ihora liyeza lapho bonke abasemathuneni ayisikhumbuzo beyozwa khona izwi [likaJesu] futhi baphume.”—Johane 5:28, 29; 1 Korinte 15:20-22.
18. Isono siye saba namuphi umphumela odabukisayo kubantu, futhi lokhu kuyohlehliswa kanjani ezweni elisha likaNkulunkulu?
18 Cabanga indlela okuyojabulisa ngayo ukuzwa ukuphila kunjengoba kwakuhloswe ukuba kube njalo—kungenazinkathazo ezisisindayo namuhla! Isono asigcinanga ngokusenza singqubuzane noNkulunkulu kuphela kodwa ngisho nanezingqondo, nezinhliziyo nemizimba yethu. Nokho, iBhayibheli lithembisa ukuthi ezweni elisha likaNkulunkulu, ‘owakhé khona akayikusho ukuthi: “Ngiyagula.”’ Yebo, ukugula komzimba nokwengqondo ngeke kusasihlupha isintu. Ngani? U-Isaya uyaphendula: “Abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.”—Isaya 33:24.
Isihlengo—Ukubonakaliswa Kothando
19. Kufanele sisabele kanjani esihlengweni sikaKristu ngabanye?
19 Uthando lwashukumisela uJehova ukuba athumele iNdodana yakhe ethandekayo. (Roma 5:8; 1 Johane 4:9)Uthando lwabe selushukumisela uJesu ukuba “anambithe ukufa ngenxa yawo wonke umuntu.” (Heberu 2:9; Johane 15:13) Ngesizathu esihle, uPawulu wabhala: “Uthando uKristu analo luyasiphoqelela . . . Wafela bonke ukuze labo abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela futhi wavuswa.” (2 Korinte 5:14, 15) Uma sikwazisa lokho uJesu asenzela kona, siyosabela. Kakade, isihlengo senza sikwazi ukuhlengwa ekufeni! Ngokuqinisekile ngeke sifune ukusikisela ngezenzo zethu ukuthi umhlatshelo kaJesu siwubheka njengento evamile.—Heberu 10:29.
20. Yiziphi ezinye zezindlela esigcina ngazo “izwi” likaJesu?
20 Singakubonisa kanjani ukwazisa okusuka enhliziyweni ngesihlengo? Ngaphambi kokuboshwa kwakhe, uJesu wathi: “Uma noma ubani engithanda, uyogcina izwi lami.” (Johane 14:23) “Izwi” likaJesu lihlanganisa umyalo wakhe wokuba sihlanganyele ngentshiseko ekufezeni lokhu kuthunywa: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize.” (Mathewu 28:19) Ukulalela uJesu kufuna futhi sibonise uthando ngabafowethu abangokomoya.—Johane 13:34, 35.
21. Kungani kufanele sibe khona emkhosini weSikhumbuzo ngo-April 1?
21 Enye yezindlela ezinhle kakhulu esingabonisa ngayo ukwazisa isihlengo iwukuba khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu, esizokuba ngo-April 1 kulo nyaka.a Nalokhu kuyingxenye ‘yezwi’ likaJesu, ngoba lapho emisa lo mkhosi, uJesu wayala abalandeli bakhe: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Ngokuba khona kulesi senzakalo esibaluleke kakhulu nokunakisisa konke uKristu akuyala, siyobonisa ukuthi siqiniseka ngokugcwele ukuthi isihlengo sikaJesu siyindlela kaNkulunkulu yokusindisa. Ngempela, “ayikho insindiso kunoma ubani omunye.”—IzEnzo 4:12.
[Umbhalo waphansi]
a Kulo nyaka, u-April 1 uqondana no-Nisan 14, 33 C.E., usuku uJesu afa ngalo. Thola isikhathi nendawo esizogujelwa kuyo iSikhumbuzo koFakazi BakaJehova bendawo.
Ungakhumbula?
◻ Kungani abantu bengenakusihlawulela isimo sabo esinesono?
◻ Kungayiphi indlela uJesu ‘eyisihlengo esihambelanayo’?
◻ UJesu walisebenzisa kanjani ilungelo lakhe lokuphila komuntu ophelele ngendlela ezuzisa thina?
◻ Yiziphi izibusiso ezitholwa yisintu ngenxa yesihlengo sikaKristu?
[Izithombe ekhasini 15]
Ngumuntu ophelele kuphela—olingana no-Adamu—owayengafeza ubulungisa
[Isithombe ekhasini 16]
Njengoba uJesu ayenelungelo lokuphila komuntu ophelele, ukufa kwakhe kwakunenani eliwumhlatshelo