Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 3/15 kk. 15-20
  • Fundisa Ngokuqonda Nangokuthonya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Fundisa Ngokuqonda Nangokuthonya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Yiba Yisilaleli Esihle
  • Ukubaluleka Kokwenza Izinto Zibe Lula
  • Ukusebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo
  • Imifanekiso Efinyelela Inhliziyo
  • Ukufunda ImiBhalo Ngobuciko
  • Lingisa UMfundisi Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • “Wayengakhulumi Nazo Ngaphandle Komfanekiso”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • “Benifanele Ukuba Nibe-Ngabafundisi”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Imifanekiso Efundisayo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 3/15 kk. 15-20

Fundisa Ngokuqonda Nangokuthonya

“Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ibangela ukuba umlomo wakhe ubonise ukuqonda, futhi yenezela ukuthonya ezindebeni zakhe.”—IZAGA 16:23, NW.

1. Kungani ukufundisa iZwi likaNkulunkulu kuhilela okungaphezu kokumane udlulisele ukwaziswa?

UMGOMO wethu njengabafundisi beZwi likaNkulunkulu awukona ukukhanyisa izingqondo zalabo esibafundisayo kuphela kodwa uwukukhanyisa nezinhliziyo zabo. (Efesu 1:18) Ngakho-ke, ukufundisa kuhilela okungaphezu kokumane udlulisele ukwaziswa. IzAga 16:23 (NW) zithi: “Inhliziyo yomuntu ohlakaniphile ibangela ukuba umlomo wakhe ubonise ukuqonda futhi yenezela ukuthonya ezindebeni zakhe.”

2. (a) Kusho ukuthini ukuthonya? (b) Kungenzeka kanjani ukuba wonke amaKristu abe abafundisi abathonyayo?

2 Umphostoli uPawulu ngokuqinisekile wayesisebenzisa lesi simiso emsebenzini wakhe wokufundisa. Lapho eseKorinte, “wayenikeza inkulumo esinagogeni masabatha onke futhi ethonya amaJuda namaGreki.” (IzEnzo 18:4) Ngokomunye umthombo, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “thonya” lapha lisho “ukuguqula ingqondo ngokusebenzisa indlela yokubonisana noma ukucabangela imithetho yokuziphatha.” Ngokusebenzisa amaphuzu akholisayo, uPawulu wayekwazi ukushukumisela abantu ukuba bashintshe ngisho nendlela yabo yokucabanga. Ikhono lakhe lokuthonya lalibukhali kangangokuthi izitha zakhe zazimesaba. (IzEnzo 19:24-27) Noma kunjalo, ukufundisa kukaPawulu kwakungekhona ukubukisa ngekhono lakhe njengomuntu. Watshela abaseKorinte: “[Inkulumo] yami nalokho engakushumayela kwakungengamazwi okuhlakanipha athonyayo kodwa kwakungokuboniswa komoya namandla, ukuze ukholo lwenu lungabi sekuhlakanipheni kwabantu, kodwa lube semandleni kaNkulunkulu.” (1 Korinte 2:4, 5) Njengoba wonke amaKristu esizwa umoya kaJehova uNkulunkulu, wonke angaba abafundisi abathonyayo. Kanjani? Ake sibheke ezinye zezindlela zokufundisa eziphumelelayo.

Yiba Yisilaleli Esihle

3. Kungani kudingeka ukuqonda lapho sifundisa abanye, futhi singayifinyelela kanjani inhliziyo yomfundi weBhayibheli?

3 Indlela yokufundisa yokuqala ayihileli ukukhuluma, kodwa ihilela ukulalela. Njengoba kuphawulwe kuzAga 16:23, ukuze sibe abathonyayo kumelwe sibe nokuqonda. Ngokuqinisekile uJesu wayebaqonda abantu ayebafundisa. UJohane 2:25 uthi: “Yena ngokwakhe wayekwazi okungaphakathi kumuntu.” Kodwa thina singakwazi kanjani okusezinhliziyweni zalabo esibafundisayo? Enye yezindlela iwukuba yisilaleli esihle. UJakobe 1:19 uthi: “Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma.” Yiqiniso, akubona bonke abantu abakusho kalula abakucabangayo. Njengoba esibafundisa iBhayibheli beya beqiniseka ukuthi sinesithakazelo esiqotho kubo, bangase bathambekele kakhudlwana ekuvezeni imizwa yabo yangempela. Imibuzo enomusa kodwa enokuqonda ngokuvamile ingasisiza ukuba sifinyelele inhliziyo futhi ‘siwakhiphe’ lawo mazwi.—IzAga 20:5.

4. Kungani abadala abangamaKristu kumelwe babe yizilaleli ezinhle?

4 Kubaluleke ngokukhethekile ukuba abadala abangamaKristu babe yizilaleli ezinhle. Yingaleyo ndlela kuphela ‘abayokwazi ngayo ukuthi kufanele bamphendule kanjani umuntu ngamunye.’ (Kolose 4:6) IzAga 18:13 ziyaxwayisa: “Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.” Abazalwane ababili ababenezinhloso ezinhle bake banika udade iseluleko esiphathelene nomoya wezwe ngoba ayephuthile emihlanganweni ethile yebandla. Lo dade waphatheka kabi kakhulu ngokuthi abazange bambuze ukuthi kungani ayekade engekho. Wayekade esalulama ngemva kokuhlinzwa. Khona-ke, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba silalele ngaphambi kokunikeza iseluleko!

5. Abadala bangazisingatha kanjani izimpikiswano eziba phakathi kwabazalwane?

5 Kubadala, ukufundisa ngokuvamile kuhilela ukunika abanye iseluleko. Nalapha, kubalulekile ukuba yisilaleli esihle. Ukulalela kudingeka ngokukhethekile lapho kuba nezimpikiswano phakathi kwamaKristu. Kungemva kokulalela kuphela lapho abadala bengamlingisa khona “uBaba owahlulela ngokungakhethi.” (1 Petru 1:17) Ngokuvamile imizwelo iba namandla ezimweni ezinjalo, futhi umdala wenza kahle ngokukhumbula iseluleko sezAga 18:17: “Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile, kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.” Umfundisi ophumelelayo uyolalela zombili izinhlangothi. Ngokuthandaza, uyasiza ekwenzeni isimo sizole. (Jakobe 3:18) Uma imizwelo iba namandla, angase asikisele ukuba umzalwane ngamunye akhulume abhekise kuye ngokuqondile, kunokuba laba ababili bahilizisane bodwa. Ngemibuzo efanelekile, umdala angakwazi ukucacisa izindaba okukhulunywa ngazo. Ezimweni eziningi, kuye kuvele ukuthi ukungaxhumani kahle yikona okusuke kuyimbangela yezingxabano, hhayi inhloso yokulimaza. Kodwa uma kuye kwephulwa izimiso zeBhayibheli, umfundisi onothando angabe eseyala ngokuqonda, esezizwe zombili izinhlangothi.

Ukubaluleka Kokwenza Izinto Zibe Lula

6. UPawulu noJesu basibeka kanjani isibonelo ekufundiseni ngendlela elula?

6 Ukugcina izinto zilula kungelinye ikhono lokufundisa elibalulekile. Yiqiniso, sifuna labo esibafundisa iBhayibheli ‘bakwazi ngokuphelele ukuqonda ububanzi nobude nokuphakama nokujula’ kweqiniso. (Efesu 3:18) Kunezici zezimfundiso zeBhayibheli ezithakazelisayo futhi ngokuvamile eziyinselele. (Roma 11:33) Noma kunjalo, lapho uPawulu eshumayela kumaGreki, wagxila esigijimini esilula ‘sikaKristu obethelwe.’ (1 Korinte 2:1, 2) Ngokufanayo, uJesu washumayela ngendlela ecacile nekhangayo. Wasebenzisa inkulumo elula eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Nokho, iqukethe amanye amaqiniso anamandla kakhulu ake akhulunywa.—Mathewu, izahluko 5-7.

7. Singazigcina kanjani izinto zilula lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli?

7 Nathi ngokufanayo singagcina izinto zilula lapho sifundisa ezifundweni zeBhayibheli. Kanjani? Ngokugxila ‘ezintweni ezibaluleke ngokwengeziwe.’ (Filipi 1:10) Lapho sichaza izihloko ezinzima, kufanele sizame ukusebenzisa ulimi olulula. Kufanele sigxile emibhalweni eyisihluthulelo kunokuba sizame ukufunda futhi sikhulumele yonke imibhalo yeBhayibheli ekhonjwe encwadini. Lokhu kudinga ukuba silungiselele kahle. Kudingeka sigweme ukufumbela umfundi ngemininingwane, singazivumeli ukuba sichezukiswe yizindaba ezingabalulekile kangako. Uma umfundi enombuzo ongahlobene ngokuqondile nesifundo, singasikisela ngokuhlakanipha ukuba kuxoxwe ngawo ngemva kwesifundo.

Ukusebenzisa Imibuzo Ngokuphumelelayo

8. UJesu wayisebenzisa kanjani imibuzo ngokuphumelelayo?

8 Elinye ikhono lokufundisa eliwusizo lihilela ukubuza imibuzo ephumelelayo. UJesu Kristu wayeyisebenzisa kakhulu imibuzo lapho efundisa. Ngokwesibonelo, uJesu wabuza uPetru: “‘Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?’ Lapho ethi: ‘Ezihambini,’ uJesu wathi kuye: ‘Khona-ke, ngempela amadodana akhululekile enteleni.’” (Mathewu 17:24-26) Njengoba ayeyiNdodana ezelwe yodwa yaLowo owayekhulekelwa ethempelini, uJesu wayengabophekile ngempela ukukhokha intela yasethempelini. Kodwa uJesu wabonisa leli qiniso ngokusebenzisa imibuzo ngokuphumelelayo. Kanjalo uJesu wasiza uPetru ukuba afinyelele esiphethweni esifanele ngokusekelwe ekwazisweni ayenakho kakade.

9. Singayisebenzisa kanjani imibuzo ezifundweni zeBhayibheli?

9 Singayisebenzisa ngokuphumelelayo imibuzo phakathi nezifundo zeBhayibheli. Uma umfundi enikeza impendulo enganembile, singase silingekele ekubeni sisho okuyiyonayona, kodwa ingabe uyokukhumbula ngempela lokho kwaziswa? Ngokuvamile kungcono kakhulu ukuzama ukuholela umfundi esiphethweni esifanele ngokubuza imibuzo. Ngokwesibonelo, uma kuyinkinga kuye ukuqonda ukuthi kungani kufanele asebenzise igama laphezulu, singase sibuze, ‘Libalulekile yini igama lakho kuwe? . . . Kungani kunjalo? . . . Ubungazizwa kanjani uma umuntu othile enqaba ukulisebenzisa igama lakho? . . . Ingabe akunangqondo yini ukuba uNkulunkulu afune silisebenzise igama lakhe?’

10. Abadala bangayisebenzisa kanjani imibuzo lapho besiza umuntu oye walimala ngokomzwelo?

10 Abadala nabo bangayisebenzisa ngokuphumelelayo imibuzo lapho balusa umhlambi. Abaningi ebandleni baye bahuzulwa futhi baxhashazwa yizwe likaSathane ngokomzwelo futhi bangase bazizwe bengahlanzekile futhi bengathandeki. Umdala angase abonisane nomuntu onjalo ngokuthi: ‘Nakuba uthi uzizwa ungahlanzekile, uJehova uzizwa kanjani ngawe? Uma uBaba wethu wasezulwini onothando avumela iNdodana yakhe ukuba ife futhi ibe yisihlengo sakho, ingabe lokho akusho ukuthi uNkulunkulu uyakuthanda?’—Johane 3:16.

11. Imibuzo engadingi mpendulo ifeza yiphi injongo, futhi ingasetshenziswa kanjani enkulumweni yasobala?

11 Imibuzo engadingi mpendulo ingenye futhi indlela yokufundisa ewusizo. Akulindelekile ukuba izilaleli ziyiphendule ngokuzwakalayo, kodwa ngayo zisizwa ukuba zicabange ngendaba ethile. Abaprofethi bakudala babevamile ukubuza imibuzo enjalo ukuze benze izilaleli zabo zicabange ngokujulile. (Jeremiya 18:14, 15) UJesu wayeyisebenzisa ngokuphumelelayo imibuzo engadingi mpendulo. (Mathewu 11:7-11) Imibuzo enjalo iphumelela ngokukhethekile enkulumweni yasobala. Kunokuba umane utshele izilaleli ukuthi kumelwe zizinikele ngomphefumulo wonke ukuze zijabulise uJehova, kungase kuphumelele kangcono ukubuza, ‘Uma singayenzi ngomphefumulo wonke ngempela inkonzo yethu, ingabe uJehova uyojabula?’

12. Kubaluleke ngani ukubuza imibuzo yokuthola umbono?

12 Imibuzo yokuthola umbono iwusizo ekuboneni ukuthi umfundi weBhayibheli uyakukholelwa ngempela yini lokho akufundayo. (Mathewu 16:13-16) Umfundi angase aphendule ngokunembile athi ubufebe abulungile. Kodwa kungani ungalandeleli ngemibuzo enjengokuthi, Wena ngokwakho uzizwa kanjani ngendinganiso kaNkulunkulu yokuziphatha? Ingabe unomuzwa wokuthi ibopha ngokweqile? Ubungathi kunendaba ngempela yini ukuthi uyazilandela izindinganiso zikaNkulunkulu noma cha?

Imifanekiso Efinyelela Inhliziyo

13, 14. (a) Kusho ukuthini ukufanekisa into? (b) Kungani imifanekiso emihle iphumelela?

13 Enye indlela yokufinyelela inhliziyo yezilaleli neyabafundi beBhayibheli iwukusebenzisa imifanekiso ngokuphumelelayo. Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “umfanekiso” ngokwezwi nezwi lisho “ukubeka eceleni noma ndawonye.” Lapho ufanekisa, uchaza okuthile ‘ngokukubeka eceleni’ kokunye okufana nako. Ngokwesibonelo, uJesu wabuza: “Sizowufanisa nani umbuso kaNkulunkulu, noma singawuchaza ngamuphi umfanekiso?” Ephendula, uJesu wakhuluma ngembewu yesinaphi eyayijwayelekile.—Marku 4:30-32.

14 Abaprofethi bakaNkulunkulu basebenzisa imifanekiso eminingi enamandla. Lapho abase-Asiriya, ababebé yithuluzi likaNkulunkulu ekujeziseni ama-Israyeli, bebonisa unya olungalawuleki, u-Isaya wadalula ukugabadela kwabo ngalo mfanekiso: “Izembe liyakuzikhukhumeza kuye ogawula ngalo na? Isaha liyakuzikhulisa kuye oliqhubayo . . . na?” (Isaya 10:15) Lapho efundisa abanye, uJesu ngokufanayo wayeyisebenzisa kakhulu imifanekiso. Kubikwa ukuthi “wayengakhulumi nabo ngaphandle komfanekiso.” (Marku 4:34) Imifanekiso emihle iyaphumelela ngoba ithinta kokubili ingqondo nenhliziyo. Ivumela izilaleli ukuba zamukele ukwaziswa okusha kalula ngokukuqhathanisa nokuthile ezikujwayele.

15, 16. Yini eyokwenza imifanekiso iphumelele kakhulu? Nikeza izibonelo.

15 Singayisebenzisa kanjani imifanekiso efinyelela inhliziyo ngempela? Okokuqala nje, umfanekiso kumelwe ufanelane ngokugculisayo nento echazwayo. Uma izinto ezifaniswayo zingafanelani kahle, umfanekiso uyoziphazamisa izilaleli kunokuba uzikhanyisele. Isikhulumi esasinezinhloso ezinhle sake sazama ukubonisa ukuzithoba kwensali egcotshiwe kuJesu Kristu ngokuyifanisa nenja ethembekile efuyiwe. Kodwa ingabe ukufanisa ngendlela eyehlisa njengaleyo kuyafaneleka ngempela? IBhayibheli lidlulisela umqondo ofanayo ngendlela ekhangayo nehlonipheke kakhulu kunalena. Abalandeli bakaJesu abagcotshiwe abangu-144 000 libafanisa ‘nomlobokazi ehlotshiselwe umyeni wakhe.’—IsAmbulo 21:2.

16 Imifanekiso iphumelela kakhulu lapho ihlangene nezinto abantu abazijwayele. Umfanekiso kaNathani wewundlu elahlatshwa wayithinta inhliziyo yeNkosi uDavide ngoba yayizithanda izimvu, njengoba yayike yaba umalusi isencane. (1 Samuweli 16:11-13; 2 Samuweli 12:1-7) Ukube lo mfanekiso wawukhulume ngenkunzi, kungenzeka wawungeke uphumelele ngendlela efanayo. Ngokufanayo, imifanekiso esekelwe ezinqubweni ezingokwesayensi noma izenzakalo ezingokomlando ezingaziwa kangako ingase ingasho lutho olutheni ezilalelini zethu. UJesu wayethathela imifanekiso yakhe ezintweni ezivamile ekuphileni kwansuku zonke. Wayekhuluma ngezinto ezivamile ezinjengesibani, izinyoni zezulu neminduze yasesigangeni. (Mathewu 5:15, 16; 6:26, 28) Kulabo ababelalele uJesu kwakulula ukucabanga ngezinto ezinjalo.

17. (a) Singayisekelaphi imifanekiso yethu? (b) Imifanekiso esetshenziswe ezincwadini zethu singayifanelanisa kanjani nezimo zalabo esibafundisayo?

17 Enkonzweni yethu, sinamathuba amaningi okusebenzisa imifanekiso elula kodwa ephumelelayo. Qaphelisisa. (IzEnzo 17:22, 23) Mhlawumbe umfanekiso ungasekelwa ezinganeni zalowo olalele, ikhaya lakhe, umsebenzi noma lokho azilibazisa ngakho. Noma, singase sisebenzise lokho esikwaziyo ngomfundi weBhayibheli ukuze sithuthukise imifanekiso esiyinikeziwe kakade ekwazisweni esikufundayo. Ngokwesibonelo, cabanga ngomfanekiso ophumelelayo osetshenziswe esigabeni 14 sesahluko 8 encwadini ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Ukhuluma ngomzali onothando onyundelwa umakhelwane. Singase sicabange ngendlela esingawenza ngayo lo mfanekiso ufanelane nezimo zomfundi weBhayibheli ongumzali kwayena.

Ukufunda ImiBhalo Ngobuciko

18. Kungani kufanele sizame ukuba abafundi abashelelayo?

18 UPawulu wanxusa uThimothewu: “Qhubeka uzimisela ekufundeleni iningi, ekukhuthazeni, ekufundiseni.” (1 Thimothewu 4:13) Njengoba iBhayibheli liyisisekelo sokufundisa kwethu, kuyazuzisa ukukwazi ukulifunda ngokushelelayo. AmaLevi ayenelungelo lokufundela abantu bakaNkulunkulu uMthetho KaMose. Ingabe ayengingiza lapho efunda noma afunde ngezwi elingashintshashintshi? Cha, iBhayibheli lithi kuNehemiya 8:8: “Bafunda encwadini, emthethweni kaNkulunkulu, bephumisela kahle; bachaza, babaqondisa okufundwayo.”

19. Singakuthuthukisa kanjani ukufunda kwethu imiBhalo?

19 Amanye amadoda angamaKristu ayizikhulumi ezishelelayo ayashiyeka uma kuziwa ekufundeni. Angathuthukisa kanjani? Ngokuprakthiza. Yebo, ngokufunda ngokuzwakalayo ephindaphinda aze akwazi ukukwenza ngokushelelayo. Uma amakhasethi eBhayibheli etholakala ngolimi lwakho, kuwukuhlakanipha ukulalela indlela ofundayo agcizelela ngayo imiqondo futhi ashintshashintshe ngayo izwi kanye nokuphawula indlela abizwa ngayo amagama abantu nawezindawo nalawo angajwayelekile. Labo abane-New World Translation ngolimi lwabo bangasebenzisa nezinsiza-kuphumisela zayo.a Ngokuprakthiza, ngisho namagama anjengelithi MahereShalali-Hashi-Bazi angafundeka kalula.—Isaya 8:1.

20. ‘Singakunaka’ kanjani ‘ukufundisa kwethu’?

20 Njengabantu bakaJehova, yeka ilungelo esinalo lokusetshenziswa njengabafundisi! Khona-ke, kwangathi ngamunye wethu angawuthatha ngokungathi sína lowo mthwalo wemfanelo. Kwangathi ‘singazinaka njalo thina nokufundisa kwethu.’ (1 Thimothewu 4:16) Singaba abafundisi abahle ngokuba yizilaleli ezinhle, ngokugcina izinto zilula, ngokubuza imibuzo ebonisa ukuqonda, ngokusebenzisa imifanekiso ephumelelayo nangokufunda imibhalo ngobuciko. Kwangathi sonke singazuza ekuqeqeshweni okunikezwa nguJehova ngenhlangano yakhe, ngoba lokhu kungasisiza ukuba sibe ‘nolimi lwabafundi.’ (Isaya 50:4) Ngokuwasebenzisa ngokugcwele wonke amathuluzi enzelwe inkonzo yethu, kuhlanganise nezincwajana, amakhasethi alalelwayo nawe-video, singafunda ukufundisa ngokuqonda nangokuthonya.

[Umbhalo waphansi]

a Amabizoqho ahlukaniswa abe yizinhlamvu, uhlamvu ngalunye luhlukaniswe ngechashazi noma uphawu lwezwi. Uhlamvu olunophawu lwezwi yilona olugcizelelwayo. Uma uhlamvu lugcina ngonkamisa, lowo nkamisa ubizwa adonswe. Uma uhlamvu lugcina ngongwaqa, unkamisa ubizwa abe mfushane.

Uyakhumbula?

◻ Ukuba yisilaleli esihle kungasisiza kanjani ekufundiseni kwethu?

◻ Singabalingisa kanjani oPawulu noJesu ekufundiseni ngendlela elula?

◻ Luhlobo luni lwemibuzo esingayisebenzisa lapho sifundisa abanye?

◻ Luhlobo luni lwemifanekiso ephumelela kakhulu?

◻ Singalithuthukisa kanjani ikhono lethu njengabafundi basobala?

[Isithombe ekhasini 16]

Umfundisi omuhle uyalalela ukuze aqonde

[Izithombe ekhasini 18]

UJesu wayethathela imifanekiso yakhe ezintweni ezivamile ekuphileni kwansuku zonke

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela