Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 4/1 kk. 3-7
  • Incwadi Yokuhlakanipha Enesigijimi Esisebenzayo Namuhla

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Incwadi Yokuhlakanipha Enesigijimi Esisebenzayo Namuhla
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ucindezelekile?
  • Ingabe Ubhekene Nezinkinga Zomkhaya?
  • Ingabe Ufuna Ukuphila Kwakho Kube Nempumelelo?
  • Ingabe Uyosivula Leso Sikhwama?
  • “Ubusisiwe Umuntu Othola Ukuhlakanipha”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukuhlakanipha Kweqiniso Kumemeza Kakhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • “Yonke Imicebo Yokuhlakanipha”
    ‘Woza Ube Ngumlandeli Wami’
  • Ingabe Uyakusebenzisa “Ukuhlakanipha Kwaphezulu” Ekuphileni Kwakho?
    Sondela KuJehova
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 4/1 kk. 3-7

Incwadi Yokuhlakanipha Enesigijimi Esisebenzayo Namuhla

INZALAMIZI yasendulo uJobe, ngokungangabazeki eyayingenye yamadoda acebe kakhulu ngesikhathi sayo yaphawula: “Ukuhlakanipha okugcwele isikhwama kubiza ukwedlula esigcwele amaparele.” (Jobe 1:3; 28:18, NW; 42:12) Ngempela, ukuhlakanipha kubaluleke kakhulu kunezinto ezibonakalayo ekusizeni umuntu enze ukuphila kwakhe kube yimpumelelo. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Kusemthunzini wokuhlakanipha njengasemthunzini wemali, kepha inzuzo yokwazi ingeyokuba ukuhlakanipha kulondoloza ukuphila kwalowo onakho.”—UmShumayeli 7:12.

Kodwa kungatholakala kuphi ukuhlakanipha okunjalo namuhla? Abantu batshela abengosi yezeluleko yamaphephandaba, izazi zokusebenza kwengqondo, izazi zezifo zengqondo, ngisho nabalungisi bezinwele nabashayeli bamatekisi izinkinga zabo. Futhi kunochwepheshe abangenakubalwa abalungele ukunikeza iseluleko cishe nganoma yini—ngemali efanele. Nokho, ngokuvamile, amazwi anjalo “okuhlakanipha” aye aholela ekudumazekeni, ngisho nasenhlekeleleni. Khona-ke, singakuthola kanjani ukuhlakanipha kwangempela?

UJesu Kristu, owayeziqonda kakhulu izindaba zesintu, wake wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ake sibheke ezinye zezinkinga ezivamile ekuphileni kwabantu sibone ukuthi yimaphi amazwi okuhlakanipha aye abasiza ngempela futhi abonakala ebaluleke ukwedlula ‘amaparele agcwele isikhwama.’ Nawe ungase ukwazi ukuthola lokho “kuhlakanipha okugcwele isikhwama” futhi uzuze kukho.

Ingabe Ucindezelekile?

I-International Herald Tribune yaseLondon ithi: “Uma ikhulu lama-20 leminyaka laqala iNkathi Yokukhathazeka, ukuphela kwalo kusho ukuqala kweNkathi Yokucindezeleka Emoyeni.” Inezela ngokuthi “ukuhlola kokuqala kwezizwe zonke kokucindezeleka okukhulu kwembula ukuthi kunokwanda okuqhubekayo kwalesi sifo emhlabeni wonke. Emazweni angafani njengeTaiwan, iLebanon neNew Zealand isizukulwane ngasinye esilandelayo siya siba sengozini eyengeziwe yokuba nalesi sifo.” Kuthiwa labo abazalwa ngemva kuka-1955 basengozini ngokuphindwe kathathu yokucindezeleka okukhulu kunabazali babazali babo.

Kwaba njalo ngoTomoe, owayecindezeleke kakhulu futhi esechitha ingxenye enkulu yokuphila kwakhe elele. Njengoba ayengasenakukwazi ukunakekela indodana yakhe eneminyaka emibili ubudala, wathutha wayohlala nabazali bakhe. Umakhelwane owayenendodakazi elingana nendodana kaTomoe waba umngane wakhe. Lapho uTomoe etshela lo makhelwane indlela ayezizwa engelutho ngayo, lo makhelwane wambonisa umbhalo encwadini. Wawuthi: “Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi’; noma, futhi, ikhanda alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’ Kodwa kunalokho isimo siwukuthi lawomalungu omzimba abonakala sengathi abuthakathaka kakhudlwana ayadingeka.”a UTomoe wahlengezela izinyembezi lapho eqaphela ukuthi wonke umuntu unendima yakhe emhlabeni futhi uyadingeka.

Lo makhelwane watusa ukuba uTomoe ahlole le ncwadi enalawo mazwi. UTomoe wanqekuzisa ikhanda evuma, ngisho noma ngaphambi kwalokho ayengakwazi kwenza lutho, engakwazi ngisho nokwenza isithembiso esilula nje. Lo makhelwane wamsiza nangokuyothenga futhi wayepheka noTomoe nsuku zonke. Ngemva kwenyanga, uTomoe wayesevuka njalo ekuseni, awashe, ahlanze ikhaya, ayothenga futhi alungise ukudla kwasemini njengoba nje kungenza noma yimuphi owesifazane onakekela ikhaya. Kwadingeka anqobe izinkinga eziningi, kodwa wathi, “Ngangiqiniseka ukuthi uma nje ngilandela amazwi okuhlakanipha engangiwatholile, ngangizokwazi ukuphila.”

Ngokusebenzisa ukuhlakanipha ayekutholile, uTomoe wazinqoba izinsuku ezibucayi zokucindezeleka kwakhe. Manje uTomoe usebenza isikhathi esigcwele esiza abanye ukuba basebenzise lawo mazwi amenza wakwazi ukubhekana ngokuphumelelayo nezinkinga zakhe. Lawo mazwi okuhlakanipha atholakala encwadini yasendulo enesigijimi esisebenza kubo bonke abantu namuhla.

Ingabe Ubhekene Nezinkinga Zomkhaya?

Emhlabeni wonke izinga lesahlukaniso liyanda. Izinkinga zomkhaya zanda ngisho nasemazweni aseMpumalanga, lapho abantu babeziqhenya khona ngokuba nemikhaya enezibopho eziqinile. Singasitholaphi iseluleko somshado esihlakaniphile esisebenzayo?

Cabangela indaba kaShugo noMihoko, umbhangqwana owawuhlale unezinkinga zomshado. Babexatshaniswa ubala. UShugo wayesheshe athukuthele, futhi uMihoko ephindisela njalo lapho uShugo emsola. UMihoko waze wathi, ‘Akunakwenzeka ukuba kube nokuthile esivumelana ngakho,’ ecabanga. Ngolunye usuku owesifazane othile wavakashela uMihoko futhi wamfundela lawa mazwi encwadini: “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”b Nakuba ayengenasithakazelo enkolweni, uMihoko wavuma ukutadisha le ncwadi enalawo mazwi. Wayenesithakazelo ekuthuthukiseni ukuphila komkhaya wakhe. Ngakho lapho emenyelwa emhlanganweni okwakuzoxoxwa kuwo ngencwadi enesihloko esithi Ukwenza Ukuphila Komkhaya Wakho Kujabulise, uMihoko—nomyeni wakhe—bavuma ngokushesha.c

Emhlanganweni, uShugo waphawula ukuthi labo ababekhona babekusebenzisa ngempela lokho ababekufunda, futhi babebonakala bejabule. Wanquma ukuhlola le ncwadi eyayitadishwa umkakhe. Ngokushesha waqaphela amazwi athi: “Owephuza ukuthukuthela unokuqonda okuningi, kepha isififane siyaphakamisa ubuwula.”d Nakuba kwamthatha isikhathi ukusebenzisa lesi simiso ekuphileni kwakhe, ushintsho olwalwenzeka kancane kancane lwabonakala kulabo ababesondelene naye, kuhlanganise nomkakhe.

Lapho ebona ushintsho kumyeni wakhe, uMihoko naye waqala ukukusebenzisa lokho ayekufunda. Esinye sezimiso esaba usizo ngokukhethekile yilesi: “Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa; ngoba noma isiphi isahlulelo enahlulela ngaso, niyokwahlulelwa ngaso.”e Ngakho uMihoko nomyeni wakhe banquma ukuxoxa ngezici zabo ezinhle nangendlela abangathuthuka ngayo kunokuba basolane. Waba yini umphumela? UMihoko uyakhumbula: “Kuye kwangenza ngajabula kakhulu. Besilokhu sikwenza lokhu njalo esidlweni sakusihlwa. Ngisho nendodana yethu eneminyaka emithathu iyahlanganyela engxoxweni. Kuye kwasiqabula ngempela!”

Lapho lo mkhaya usebenzisa iseluleko esinengqondo ositholile, wakwazi ukunqoba izinkinga ezazenza ubuhlobo bawo bube sengcupheni. Ingabe lokho akubalulekile kunamaparele agcwele isikhwama?

Ingabe Ufuna Ukuphila Kwakho Kube Nempumelelo?

Kwabaningi namuhla, ukuqongelela ingcebo umgomo abazibekele wona ekuphileni. Nokho, usomabhizinisi ocebile e-United States oye wanikela ngamakhulu ezigidi zama-dollar kwabaswele wake wathi: “Imali iyabakhanga abanye abantu, kodwa akekho ongagqoka amapheya amabili ezicathulo ngesikhathi esisodwa.” Bambalwa abalivumayo lelo qiniso, futhi bambalwa nakakhulu abayekayo ukuphishekela ingcebo.

UHitoshi wakhula ehlupheka, ngakho wayenesifiso esinamandla sokuceba. Ngemva kokubona indlela abatshelekisi abalawula ngayo abantu ngobuqili, waphetha: “Okwazi ukuthola imali eningi ungumnqobi.” UHitoshi wayekholelwa kakhulu emandleni emali kangangokuthi wayecabanga ukuthi ngisho nokuphila kwabantu kwakungathengwa ngayo. Ukuze aqongelele ingcebo, wazinikela ebhizinisini lakhe lokufaka amapayipi amanzi futhi wasebenza unyaka wonke, engathathi nosuku olulodwa lokuphumula. Nakuba ayezame ngaleyo ndlela, ngokushesha uHitoshi waqaphela ukuthi njengoba ayengaphansi kwenye ikontileka, wayengeke abe namandla anjengawaleyo emnika umsebenzi. Nsuku zonke wayehlala ekhungathekile futhi enovalo lokuwa.

Khona-ke, indoda ethile yafika kwaHitoshi futhi yambuza ukuthi wayazi yini ukuthi uJesu Kristu wayemfele. Njengoba uHitoshi ayenomuzwa wokuthi akekho umuntu owayengafela umuntu onjengaye, waba nelukuluku lokufuna ukwazi futhi wavuma ukuba babe nezinye izingxoxo. Ngesonto elilandelayo, waba khona enkulumweni futhi washaqeka lapho ezwa umyalo ‘wokugcina iso lilihle.’ Isikhulumi sachaza ukuthi iso ‘elihle’ ngelibona kude neligxile ezintweni ezingokomoya; ngakolunye uhlangothi, iso ‘elibi,’ noma “elihahayo,” ngeligxile ezifisweni zenyama zamanje futhi libona okuseduze kuphela. Iseluleko esithi, “Lapho umcebo wakho ukhona, yilapho nenhliziyo yakho iyoba khona futhi,” samthinta kakhulu.f Kukhona okubaluleke ngaphezu kokuzuza ingcebo! Wayengakaze ayizwe into enjalo.

Ehlabeke umxhwele, waqala ukusebenzisa lokho ayekufunda. Kunokukhandlekela imali, waqala ukubeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwakhe. Futhi wasebenzisa isikhathi esithile enakekela inhlalakahle engokomoya yomkhaya wakhe. Njengokulindelekile, lokho kwakusho ukunciphisa isikhathi ayesichitha emsebenzini, kodwa ibhizinisi lakhe laqala ukuchuma. Ngani?

Ubuntu bakhe babushintshile ekubeni nokhahlo waba ngomnene nonokuthula lapho esabela eselulekweni asinikeziwe. Wahlatshwa umxhwele ngokukhethekile umyalo othi: “Kulahleleni kude ngempela nani konke, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo echaphayo, nokukhuluma okuyichilo okuphuma emlonyeni wenu. Ningaqambi amanga omunye komunye. Hlubulani ubuntu obudala nemikhuba yabo, futhi nigqoke ubuntu obusha, obenziwa bube busha ngolwazi olunembile ngokomfanekiso waLowo owabudala.”g Ukulandela lesi seluleko akuzange kumenze acebe, kodwa ‘ubuntu bakhe obusha’ bamenza waba nesimo esihle kubantu abenzela imisebenzi futhi bamethemba. Yebo, amazwi okuhlakanipha awathola amsiza wenza ukuphila kwakhe kwaba nempumelelo. Kuye, ngendlela engokoqobo, ayebiza ukudlula amaparele noma imali egcwele isikhwama.

Ingabe Uyosivula Leso Sikhwama?

Ungakwazi ukubona ukuthi yikuphi lokhu kuhlakanipha okugcwele isikhwama okuye kwaba usizo kangaka kubantu abakulezi zibonelo ezingenhla? Ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini, incwadi esakazwe kabanzi netholakala kalula kunazo zonke emhlabeni. Kungenzeka ukuthi unayo ikhophi yalo noma ungalithola kalula. Nokho, njengoba nje ukuba namaparele ayigugu agcwele isikhwama kodwa angasetshenziswa kungeke kumzuzise umniniwo, ukumane ube neBhayibheli nakho ngeke kukuzuzise. Kungani ungasivuli lesi sikhwama esingokomfanekiso, futhi usebenzise iseluleko seBhayibheli esihlakaniphile nesihambisana nesikhathi futhi ubone indlela esingakusiza ngayo ekusingatheni ngokuphumelelayo izinkinga zokuphila.

Uma ubungahle unikwe amaparele agcwele isikhwama, ubungeke yini ujabule futhi uzame ukuthola ukuthi uwaphiwe ubani ukuze umbonge? Endabeni yeBhayibheli, ingabe uyazi ukuthi ngubani onguMuphi?

IBhayibheli lembula uMthombo wokuhlakanipha okukulo lapho lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo.” (2 Thimothewu 3:16) Lisitshela nokuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila futhi linamandla.” (Heberu 4:12) Yingakho amazwi ahlakaniphile atholakala eBhayibhelini ehambisana nesikhathi futhi esebenza nakithi namuhla. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza ukuba ufunde ngalo Muphi ongagodli, uJehova uNkulunkulu, ukuze ube sethubeni lokwamukela “ukuhlakanipha okugcwele isikhwama” okuseBhayibhelini—incwadi yokuhlakanipha enesigijimi esisebenzayo kubantu namuhla.

[Imibhalo yaphansi]

a Le ngcaphuno ithathwe kweyoku-1 Korinte 12:21, 22.

b Mathewu 7:12.

c Inyatheliswa i-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

d IzAga 14:29.

e Mathewu 7:1, 2.

f Mathewu 6:21-23; umbhalo waphansi we-NW.

g Kolose 3:8-10.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4]

Amazwi Okuhlakanipha Asiza Ekulondolozeni Ukulinganisela Okungokomzwelo

“Uma wena Jehova uqaphela iziphambeko, Nkosi, ngubani ongema na? Kepha ukuthethelela kukuwe, ukuze wesatshwe.”—IHubo 130:3, 4.

“Inhliziyo ethokozayo yenza ubuso bube buhle, kepha ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.”—IzAga 15:13.

“Ungabi ngolungileyo ngokudluleleyo, ungazenzi ohlakaniphileyo kakhulu; uzichithelani na?”—UmShumayeli 7:16.

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunekhona ekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

“Thukuthelani, kodwa nokho ningoni; ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.”—Efesu 4:26.

[Isithombe ekhasini 5]

Amazwi Okuhlakanipha Asiza Ekubeni Nokuphila Komkhaya Okujabulisayo

“Lapho kungekho khona ukululekana, amasu ayachitheka, kepha ngobuningi babeluleki ayakuma.”—IzAga 15:22.

“Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi, nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.”—IzAga 18:15.

“Izwi elikhulunywayo ngesikhathi esiyiso linjengama-apula asezitsheni zesiliva.”—IzAga 25:11.

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma noma ubani enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani. Kodwa, ngaphezu kwazo zonke lezizinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:13, 14.

“Nikwazi lokhu, bafowethu abathandekayo. Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka.”—Jakobe 1:19.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Amazwi Okuhlakanipha Asiza Ekwenzeni Ukuphila Kube Nempumelelo

“Isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.”—IzAga 11:1.

“Ukuzidla kuyandulela ukubhujiswa, nomoya oziqhenyayo wandulela ukuwa.”—IzAga 16:18.

“Njengomuzi odiliziweyo ungenalugange, unjalo umuntu omoya wakhe ungenakubanjwa.”—IzAga 25:28.

“Ungasheshi ukuthukuthela emoyeni wakho, ngokuba ulaka luhlala ezifubeni zeziwula.”—UmShumayeli 7:9.

“Thuma isinkwa sakho ebusweni bamanzi, ngokuba uyakusifumana emva kwezinsuku eziningi.”—UmShumayeli 11:1.

“Makungaphumi lizwi elibolile emlonyeni wenu, kodwa noma yiliphi izwi elihle ekwakheni kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—Efesu 4:29.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukutadisha iBhayibheli isinyathelo sokuqala sokwamukela “ukuhlakanipha okugcwele isikhwama”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela