Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w99 5/1 kk. 4-7
  • Wonke Umuntu Uyokhululeka

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Wonke Umuntu Uyokhululeka
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Izinhlupheko Zenkathi Yamanje”
  • “Yabekwa Ngaphansi Kobuze”
  • “Ukwambulwa Kwamadodana KaNkulunkulu”
  • Inkululeko Yangempela Ekugcineni
  • Abantu Abakhululekile Kodwa Abanesibopho Sokulandisa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ungalahlekelwa Injongo Yenkululeko Evela KuNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Khonza UJehova, UNkulunkulu Wenkululeko
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
  • Indlela Yokuthola Inkululeko Yangempela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2018 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
w99 5/1 kk. 4-7

Wonke Umuntu Uyokhululeka

“Ngicabanga ukuthi izinhlupheko zenkathi yamanje azilutho uma ziqhathaniswa nenkazimulo ezokwambulwa kithi. Ngoba ukulangazela kwendalo kulindele ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu. Ngoba indalo yabekwa ngaphansi kobuze, hhayi ngentando yayo siqu kodwa ngalowo owayibeka ngaphansi kwabo, ngesisekelo sethemba lokuthi indalo ngokwayo nayo iyokhululwa ekugqilazweni ukonakala futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu. Ngoba siyazi ukuthi yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje.”—ROMA 8:18-22.

KULE ngxenye yencwadi yakhe eya kumaKristu aseRoma, umphostoli uPawulu usho ngamafuphi, kodwa ngendlela ephawulekayo, ukuthi kungani ukuphila kungenayo inkululeko yangempela nokuthi kungani kuvame ukuba yize futhi kube nobuhlungu. Uchaza nendlela esingathola ngayo inkululeko yangempela.

“Izinhlupheko Zenkathi Yamanje”

UPawulu akazilulazi “izinhlupheko zenkathi yamanje” lapho ethi “azilutho uma ziqhathaniswa nenkazimulo ezokwambulwa kithi.” Ngesikhathi sikaPawulu nangemva kwaso, amaKristu ahlupheka kakhulu ngaphansi kombuso wobushiqela ononya weziphathimandla zamaRoma, ezazingenandaba namalungelo abantu. Lapho izwe laseRoma liqala ukukholelwa ukuthi amaKristu ayeyizitha zoMbuso, lawacindezela ngonya. Isazi-mlando uJ. M. Roberts sithi: “AmaKristu amaningi enhloko-dolobha [eRoma] ngokuqinisekile afa ngendlela esabekayo enkundleni yezemidlalo noma ashiswa ephila.” (Shorter History of the World) Mayelana nalezo zisulu zoshushiso lukaNero, omunye umbiko uthi: “Abanye babebethelwa esiphambanweni, abanye kuthungelwe izikhumba zezilwane kubo bese besukelwa ngezinja, abanye bethelwa ngetiyela bathungelwe ngomlilo ukuze babe izibani eziphilayo lapho kuba mnyama.”—New Testament History, kaF. F. Bruce.

Ngokuqinisekile lawo maKristu okuqala ayengathanda ukukhululeka ekucindezelweni okunjalo, kodwa ayengazimisele ukuzishaya indiva izimfundiso zikaJesu Kristu ukuze akhululeke. Ngokwesibonelo, aqhubeka engathathi hlangothi ngokuphelele emzabalazweni owawuphakathi kweziphathimandla zaseRoma nabalweli benkululeko abangamaJuda abanjengamaZealot. (Johane 17:16; 18:36) KumaZealot, “ukukhuluma ngokulindela isikhathi sikaNkulunkulu esifanele kwakungekhona okwakudingeka ezinkingeni zangaleso sikhathi.” Ayethi okwakudingeka ‘kwakuwukulwa nesitha ngobudlova,’ iRoma. (New Testament History) AmaKristu okuqala ayecabanga ngendlela ehlukile. Kuwo, “ukulindela isikhathi sikaNkulunkulu esifanele” kwakuwukuphela kwento ebonisa ukubhekana namaqiniso ayengayenza. Ayeqiniseka ukuthi kwakuwukungenela kwaphezulu kuphela okwakungaziqeda phakade “izinhlupheko zenkathi yamanje” futhi kulethe inkululeko yeqiniso nehlala njalo. (Mika 7:7; Habakuki 2:3) Nokho, ngaphambi kokuba sicabangele ukuthi lokhu kuyokwenzeka kanjani, ake sihlole ukuthi kungani “indalo yabekwa ngaphansi kobuze” kwasekuqaleni.

“Yabekwa Ngaphansi Kobuze”

UBenjamin Wilson kwethi The Emphatic Diaglott, uthi lapha igama elithi “indalo,” alisho “indalo eyizilwane nengaphili” njengoba abanye besikisela, kodwa kunalokho, lisho “sonke isintu.” (Qhathanisa neyabaseKolose 1:23.) Libhekisela kuwo wonke umkhaya wesintu—sonke thina esilangazelela inkululeko. ‘Sabekwa ngaphansi kobuze’ ngenxa yezenzo zabazali bethu bokuqala. Lokhu akwenzekanga “ngentando [yethu] siqu” noma ngenxa yokukhetha kwethu ngabanye. Isimo sethu sasizuza njengefa. NgokomBhalo, uRousseau wayenephutha lapho ethi “umuntu wazalwa ekhululekile.” Ngamunye wethu wazalelwa ebugqilini besono nokungapheleli, njengokungathi uyisigqila sesimiso esigcwele ukukhungatheka nobuze.—Roma 3:23.

Kungani kwaba njalo? Kungenxa yokuthi abazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, bafuna ukuba “njengoNkulunkulu,” bazikhethele futhi bazinqumele ngokuphelele okuhle nokubi. (Genesise 3:5) Basishaya indiva isici esibaluleke kakhulu senkululeko. NguMdali kuphela ongaba nenkululeko ephelele. UnguMbusi Wendawo Yonke. (Isaya 33:22; IsAmbulo 4:11) Inkululeko yomuntu kumelwe isho inkululeko ephakathi kwemingcele. Kungakho umfundi uJakobe akhuthaza amaKristu osukwini lwakhe ukuba abuswe “umthetho ophelele ongowenkululeko.”—Jakobe 1:25.

UJehova wabaxosha ngokufanelekile o-Adamu no-Eva emkhayeni wakhe wendawo yonke, futhi ngenxa yalokho bafa. (Genesise 3:19) Kodwa kuthiwani ngenzalo yabo? Nakuba base bengadlulisela ukungapheleli, isono nokufa kuphela, uJehova wabavumela ngomusa ukuba bazale izingane. Ngakho “ukufa kwasakazekela kubantu bonke.” (Roma 5:12) Ngalowo mqondo uNkulunkulu ‘wabeka [indalo] ngaphansi kobuze.’

“Ukwambulwa Kwamadodana KaNkulunkulu”

UJehova wabeka indalo ngaphansi kobuze “ngesisekelo sethemba” lokuthi ngolunye usuku inkululeko iyobuyiselwa emkhayeni wesintu ngemisebenzi ‘yamadodana kaNkulunkulu.’ Angobani la “madodana kaNkulunkulu”? Ngabafundi bakaJesu Kristu abazalwa begqilazwe isono nokungapheleli, njengayo yonke “indalo [engabantu].” Bazalwa bengenayo indawo ebafanele emkhayeni kaNkulunkulu wendawo yonke ohlanzekile nophelele. Kodwa uJehova ubenzela okuthile okuphawulekayo. Ngomhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu, ubakhulula ekugqilazweni isono abasizuze njengefa abese ethi ‘balungile,’ noma bahlanzekile ngokomoya. (1 Korinte 6:11) Ube esebamukela beba “amadodana kaNkulunkulu” okutholwa, ebabuyisela emkhayeni wakhe wendawo yonke.—Roma 8:14-17.

Njengamadodana kaJehova okutholwa, bayoba nelungelo elikhazimulayo. Bayoba “abapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bazobusa njengamakhosi phezu komhlaba” kanye noJesu Kristu njengengxenye yoMbuso noma uhulumeni kaNkulunkulu wasezulwini. (IsAmbulo 5:9, 10; 14:1-4) Lona uhulumeni osekelwe ngokuqinile ezimisweni zenkululeko nobulungisa—hhayi ekucindezeleni nasebushiqeleni. (Isaya 9:6, 7; 61:1-4) Umphostoli uPawulu uthi la madodana kaNkulunkulu angabangane bakaJesu, ‘imbewu ka-Abrahama’ osekukudala yathenjiswa. (Galathiya 3:16, 26, 29) Ngenxa yalokho, banendima eyinhloko ekugcwaliseni isithembiso uNkulunkulu asenza kumngane wakhe u-Abrahama. Ingxenye yaleso sithembiso iwukuthi ngembewu (noma, inzalo) ka-Abrahama, “ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba.”—Genesise 22:18.

Isiphi isibusiso abasilethela isintu? Amadodana kaNkulunkulu ahlanganyela ekukhululeni wonke umkhaya wesintu emiphumeleni emibi yesono sika-Adamu nasekubuyiseleni isintu ekupheleleni. Abantu ‘abaphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu’ bangazibusisa ngokubonisa ukholo emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu nangokuzithoba ekubuseni koMbuso wakhe onomusa. (IsAmbulo 7:9, 14-17; 21:1-4; 22:1, 2; Mathewu 20:28; Johane 3:16) Ngale ndlela “yonke indalo” izophinde ijabulele ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ Lokhu ngeke kube uhlobo oluthile lwenkululeko engokwezombangazwe elinganiselwe neyesikhashana, kodwa kunalokho, kuyoba ukukhululeka kuzo zonke izinto ezibangela ubuhlungu nokucindezeleka emkhayeni wesintu kusukela o-Adamu no-Eva benqaba ubukhosi bukaNkulunkulu. Akumangalisi ukuthi umphostoli uPawulu wayengathi “izinhlupheko zenkathi yamanje azilutho” uma ziqhathaniswa nenkonzo ekhazimulayo eyokwenziwa abakholekile!

Kuqala nini “ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu”? Maduze nje, lapho uJehova ekwenza kucaca kubo bonke ukuthi angobani amadodana kaNkulunkulu. Lokhu kuyoba ngesikhathi lapho la “madodana,” avuselwe endaweni yomoya, ehlanganyela noJesu Kristu ekususeni ububi nokucindezeleka kulo mhlaba empini kaNkulunkulu eHar–Magedoni. (Daniyeli 2:44; 7:13, 14, 27; IsAmbulo 2:26, 27; 16:16; 17:14; 19:11-21) Kuyo yonke indawo esizungezile sibona ubufakazi obandayo bokuthi sesingene sajula “ezinsukwini zokugcina,” lapho kuzophela khona ukubekezelela kukaNkulunkulu ukuhlubuka nobubi obuwumphumela wako, osekuthathe isikhathi eside.—2 Thimothewu 3:1-5; Mathewu 24:3-31.

Yebo, njengoba umphostoli uPawulu esho, kuyiqiniso ukuthi “yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje”—kodwa ngeke kusathatha isikhathi eside. Izigidi eziphila manje zizobona “[ukubuyiselwa] kwakho konke uNkulunkulu akhuluma ngakho ngomlomo wabaprofethi bakhe abangcwele besikhathi sasendulo,” kuhlanganise nokubuyiselwa kokuthula, inkululeko nobulungisa kuwo wonke umkhaya wesintu.—IzEnzo 3:21.

Inkululeko Yangempela Ekugcineni

Yini okumelwe uyenze ukuze ujabulele le “nkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu”? UJesu Kristu wathi: “Uma nihlala ezwini lami, ningabafundi bami ngempela, futhi niyolazi iqiniso, futhi iqiniso liyonikhulula.” (Johane 8:31, 32) Leso isihluthulelo senkululeko—ukufunda bese ulalela imiyalo nezimfundiso zikaKristu. Lokhu kuletha isilinganiso esithile senkululeko ngisho namanje. Esikhathini esiseduze esizayo, kuyoletha inkululeko ephelele ngaphansi kokubusa kukaKristu Jesu. Inkambo ewukuhlakanipha iwukwazi ‘izwi’ likaJesu ngokutadisha iBhayibheli. (Johane 17:3) NjengamaKristu okuqala, hlanganyela ngentshiseko nebandla labafundi bakaKristu beqiniso. Ngokwenza kanjalo, ungazuza emaqinisweni akhululayo uJehova awenza atholakale ngenhlangano yakhe namuhla.—Heberu 10:24, 25.

Njengoba ‘usalindele ukwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu,’ ungase uhlakulele ithemba umphostoli uPawulu ayenalo ekunakekeleni nasekusekeleni okuyisivikelo kukaKristu, ngisho nalapho ukuhlupheka nokungabi nabulungisa kubonakala kucishe kube okungenakubekezeleleka. Ngemva kokukhuluma ngokwambulwa kwamadodana kaNkulunkulu, uPawulu wabuza: “Ubani oyosihlukanisa nothando lukaKristu? Ingabe usizi noma ukucindezeleka noma ukushushiswa noma ukulamba noma ukuhamba-ze noma ingozi noma inkemba?” (Roma 8:35) Ngempela, uma sisebenzisa amazwi kaRousseau, amaKristu osukwini lukaPawulu ‘ayesesemaketangeni’ amandla acindezelayo ohlobo oluthile. ‘Ayebulawa usuku lonke’ “njengezimvu zokuhlatshwa.” (Roma 8:36) Ingabe akuvumela lokho ukuba kuwanqobe?

UPawulu uyabhala: “Ngokuphambene nalokho, kuzo zonke lezizinto siyanqoba ngokuphelele ngalowo owasithanda.” (Roma 8:37) Ingabe amaKristu okuqala anqoba naphezu kwakho konke okwadingeka akukhuthazelele? Kanjani? Ephendula, uthi: “Ngiyaqiniseka ukuthi nakufa nakuphila nazingelosi nawohulumeni nazinto ezikhona manje nazinto ezizayo namandla nakuphakama nakujula nanoma iyiphi enye indalo ngeke kukwazi ukusihlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.” (Roma 8:38, 39) Nawe ‘unganqoba’ kunoma iluphi “usizi noma ukucindezeleka noma ukushushiswa” okungase kudingeke ukukhuthazelele okwamanje. Uthando lukaNkulunkulu luqinisekisa ukuthi ngokushesha—ngokushesha kakhulu manje—‘siyokhululwa kukho konke ukugqilazeka futhi sibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’

[Izithombe ekhasini 6]

“Yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi iba sezinhlungwini kanyekanye kuze kube manje”

[Isithombe ekhasini 7]

‘Indalo iyokhululwa kukho konke ukugqilazeka futhi ibe nenkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela