Imibuzo Evela Kubafundi
OFakazi BakaJehova bakubheka kanjani ukuvota?
EBhayibhelini kunezimiso ezicacile ezenza izinceku zikaNkulunkulu zikwazi ukuba nombono ofanele ngale ndaba. Nokho, kubonakala kungekho simiso esimelene nokuvota ngokwako. Ngokwesibonelo, akukho okungenza indikimba yabaqondisi ingavoti ukuze ifinyelele izinqumo ezithinta inhlangano yayo. Amabandla oFakazi BakaJehova avame ukwenza izinqumo eziphathelene nezikhathi zemihlangano nokusetshenziswa kwemali yebandla ngokuvota ngokuphakamisa izandla.
Nokho, kuthiwani ngokuvota okhethweni lwezombangazwe? Yiqiniso, kwamanye amazwe abuswa ngentando yeningi, amaphesenti afinyelela ku-50 abantu bezwe awayi ukuyovota ngosuku lokuvota. OFakazi BakaJehova abaliphazamisi ilungelo labanye lokuvota; futhi abakhankasi nganoma iyiphi indlela bamelane nokhetho lwezombangazwe. Bayabahlonipha futhi babambisane nabo labo abasemagunyeni abakhethwe okhethweni olunjalo. (Roma 13:1-7) Ngokuqondene nokuthi oFakazi BakaJehova ngabanye bayomvotela yini umuntu osohlwini lwabazokhethwa, uFakazi ngamunye wenza isinqumo esisekelwe kunembeza oqeqeshwe ngeBhayibheli nasekuqondeni isibopho anaso kuNkulunkulu naseMbusweni. (Mathewu 22:21; 1 Petru 3:16) Lapho benza lesi sinqumo, oFakazi bacabangela izici eziningana.
Okokuqala, uJesu Kristu wathi ngabalandeli bakhe: ‘Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.’ (Johane 17:14) OFakazi BakaJehova basibheka njengesibaluleke kakhulu lesi simiso. Njengoba “bengeyona ingxenye yezwe,” abathathi hlangothi kwezombangazwe zezwe.—Johane 18:36.
Okwesibili, umphostoli uPawulu wabhekisela kuye ngokwakhe “njengenxusa” elimelela uKristu kubantu bangesikhathi sakhe. (Efesu 6:20; 2 Korinte 5:20) OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi uKristu Jesu manje uyiNkosi esesihlalweni sobukhosi soMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, futhi njengamanxusa, kumelwe bakumemezele ezizweni lokhu. (Mathewu 24:14; IsAmbulo 11:15) Amanxusa alindeleke ukuba angathathi hlangothi, futhi angagxambukeli ezindabeni zamazwe athunywe kuwo. Njengabameleli boMbuso kaNkulunkulu wasezulwini, oFakazi BakaJehova bazizwa benesibopho esifanayo sokungangeneli kwezombangazwe zamazwe abahlala kuwo.
Isici sesithathu abasicabangelayo ukuthi, labo abaye bakhetha umuntu ukuba abe sesikhundleni esithile bangase basolwe ngalokho lowo muntu akwenzayo. (Qhathanisa neyoku-1 Thimothewu 5:22, The New English Bible.) AmaKristu kufanele akucabangele kahle ukuthi ayafuna yini ukuthwala lelo cala.
Okwesine, oFakazi BakaJehova babazisa kakhulu ubunye babo bobuKristu. (Kolose 3:14) Lapho izinkolo zihileleka kwezombangazwe, kuvame ukuphumela ekuhlukaneni phakathi kwamalungu azo. Belingisa uJesu Kristu, oFakazi BakaJehova bayakugwema ukuhileleka kwezombangazwe, ngaleyo ndlela balondoloze ubunye babo bobuKristu.—Mathewu 12:25; Johane 6:15; 18:36, 37.
Okwesihlanu nokokugcina, ukungangeneli koFakazi BakaJehova kwezombangazwe kubanika inkululeko yokukhuluma ebenza bakwazi ukukhuluma nabantu bawo wonke amaqembu ezombangazwe ngesigijimi esibalulekile soMbuso.—Heberu 10:35.
Ngenxa yezimiso ezingokomBhalo ezivezwe ngenhla, oFakazi BakaJehova emazweni amaningi bayazinqumela ngabanye ukuba bangavoti okhethweni lwezombangazwe, futhi umthetho wezwe uyayisekela inkululeko yabo yokwenza leso sinqumo. Nokho, kuthiwani uma umthetho uphoqelela zonke izakhamuzi ukuba zivote? Esimweni esinjalo, uFakazi ngamunye unomthwalo wemfanelo wokwenza isinqumo esisekelwe eBhayibhelini ngokuvumelana nonembeza wakhe mayelana nokuthi uzosisingatha kanjani leso simo. Uma othile enquma ukuya endlini yokuvota, leso yisinqumo sakhe. Lokho akwenzayo endlini yokuvota kuphakathi kwakhe noMdali wakhe.
INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 15, 1950, emakhasini 445 no-446, yathi: “Lapho uKesari ephoqelela izakhamuzi ukuba zivote . . . [oFakazi] bangaya ezikhungweni zokuvota futhi bangene ezindlini zokuvota. Kulapha lapho kudingeka babeke uphawu noma babhale ukuthi bamelelani. Abavoti benza abakuthandayo ngamaphepha abo okuvota. Ngakho kulapho-ke lapho, phambi kukaNkulunkulu, ofakazi bakhe kufanele benze khona ngokuvumelana nomthetho wakhe nokholo lwabo. Akuwona umthwalo wethu ukubatshela ukuba benzeni ngephepha lokuvota.”
Kuthiwani uma umyeni wowesifazane ongumKristu ephikelela ukuba lona wesifazane ayovota? Ungaphansi komyeni wakhe, njengoba nje namaKristu engaphansi kwamagunya aphakeme. (Efesu 5:22; 1 Petru 2:13-17) Uma elalela umyeni wakhe eya endlini yokuvota, yisinqumo sakhe. Akekho okufanele amgxeke.—Qhathanisa neyabaseRoma 14:4.
Kuthiwani ngezwe lapho umthetho ungakuphoqeleli ukuyovota kodwa labo abangayi endlini yokuvota bethukuthelelwa—mhlawumbe babe sengozini yokulinyazwa? Noma kuthiwani uma abantu abangabophekile ngokomthetho ukuba bavote, bejeziswa kanzima ngokuncishwa amalungelo ngandlela-thile uma bengayi endlini yokuvota? Kulezi zimo nakwezinye ezinjalo, umKristu kudingeka azenzele esakhe isinqumo. “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.”—Galathiya 6:5.
Kungase kube nabantu abakhubekayo lapho bephawula ukuthi phakathi nokhetho ezweni lakubo, abanye oFakazi BakaJehova bayaya endlini yokuvotela abanye abayi. Bangase bathi, ‘OFakazi BakaJehova abenzi into efanayo.’ Nokho, abantu kufanele baqaphele ukuthi ezindabeni ezihilela unembeza womuntu ngamunye njengalezi, umKristu ngamunye kudingeka azenzele esakhe isinqumo phambi kukaJehova uNkulunkulu.—Roma 14:12.
Kungakhathaliseki ukuthi oFakazi BakaJehova ngabanye bazenzela ziphi izinqumo ezimweni ezihlukahlukene, bayaqikelela ukuba balondoloze ukungathathi-hlangothi kwabo nenkululeko yabo yokukhuluma. Kuzo zonke izinto, bancika kuJehova uNkulunkulu ukuze abaqinise, abanike ukuhlakanipha futhi abasize bangayekethisi nganoma iyiphi indlela okholweni lwabo. Ngakho babonisa ukuthi bakholelwa emazwini omhubi owathi: “Wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise.”—IHubo 31:3.