IBhayibheli Liphendula Imibuzo Ebalulekile Yosuku Lwethu
INGABE iBhayibheli liyasebenza namuhla? Ukuze sithi iyasebenza, ngokuqinisekile le ncwadi yakudala kuyodingeka inikeze abafundi bayo isiqondiso ezindabeni abantu abanesithakazelo kuzo nezisebenza namuhla. IBhayibheli liyasinikeza yini iseluleko esiwusizo ezindabeni ezibaluleke ngempela ezweni lanamuhla?
Ake sibheke izinto ezimbili ezingundaba-mlonyeni namuhla. Lokhu sizokwenza ngokuhlola lokho iBhayibheli elikushoyo ngalezi zindaba.
Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?
Ngenxa yezimo ezisezweni namuhla, omunye wemibuzo ebuzwa kakhulu yilona othi: Kungani uNkulunkulu evumela ukuba abantu abangenacala bahlupheke? Lo mbuzo uyafaneleka, njengoba beya ngokwanda abantu abathintwa ubugebengu obunobudlova, inkohlakalo, ukuqothulwa kohlanga, usizi olwehlela umuntu ngamunye, kanye nokunye.
Ngokwesibonelo, ngo-June 1998 isitimela esisheshayo sashayisa ibhuloho enyakatho yeJalimane, sabulala abagibeli abangaphezu kwekhulu. Ngisho nabezokwelapha kanye nabacishi bomlilo abanolwazi abanakekela abalimele nabafile sabahlasimulisa umzimba lesi sibhicongo. Umbhishobhi weSonto Labavangeli wabuza: “Nkulunkulu othandekayo, kungani kuye kwenzeka lokhu?” Yena ngokwakhe umbhishobhi akazange anikeze mpendulo.
Okuhlangenwe nakho kubonisa ukuthi lapho abantu abangenacala bebhekana nezinto ezimbi kodwa bangayitholi incazelo yembangela, ngezinye izikhathi bayadangala. Yilapho-ke iBhayibheli lingasiza khona, ngoba liyachaza ukuthi kungani abantu abangenacala bebhekana nobubi nokuhlupheka.
Lapho uJehova uNkulunkulu edala umhlaba nakho konke okukuwo, wayengahlosile ukuba uhlanga lwesintu luhlushwe ububi nokuhlupheka. Singaqiniseka kanjani ngalokho? Singaqiniseka ngoba lapho eqeda ukudala, “uNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu.” (Genesise 1:31) Zibuze, ‘Uma bengingabuka okuthile okubi, bengingasho yini ukuthi “kuhle kakhulu”?’ Lutho neze! Ngokufanayo, lapho uNkulunkulu ethi konke “kuhle kakhulu,” babungekho ububi emhlabeni. Khona-ke, ububi baqala nini futhi kanjani?
Ngemva nje kokudalwa kwabazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva, isidalwa somoya esinamandla saya kowesifazane futhi sakubekela inselele ukuba neqiniso kukaJehova kanye nokufaneleka kobukhosi bakhe. (Genesise 3:1-5) Lesi sidalwa, uSathane uDeveli, kamuva sagomela ngokuthi abantu ngeke bahlale bethembekile kuNkulunkulu lapho bebhekene nosizi. (Jobe 2:1-5) UJehova wasabela kanjani kulesi simo? Wavumela ukuba kudlule isikhathi esithile ukuze kube sobala ukuthi abantu ngeke bakwazi ukuqondisa izinyathelo zabo ngokuphumelelayo ngaphandle kwakhe. (Jeremiya 10:23) Lapho izidalwa zenza ngokuphambene nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu, umphumela uba isono, esiletha izimo ezimbi. (UmShumayeli 8:9; 1 Johane 3:4) Nokho, naphezu kwalezi zimo ezimbi, uJehova wayazi ukuthi abantu abathile babeyohlala beqotho kuye.
Sekudlule iminyaka engaba ngu-6 000 kusukela kulokho kuhlubuka kwase-Edene okwaletha usizi. Ingabe leso sikhathi side kakhulu? UJehova ngabe wambhubhisa emakhulwini amaningi eminyaka edlule uSathane nabasekeli bakhe. Kodwa ingabe akuzange kube ngcono ukulinda kuze kube yilapho kuqedwe konke ukungabaza okungase kucatshangwe ngakho ngokuphathelene nokufaneleka kobukhosi bukaJehova nobuqotho babantu? Akulona yini iqiniso ukuthi ezimisweni zokwahlulela zanamuhla icala lasenkantolo lokubona ukuthi ngubani onecala nongenalo lingase lithathe iminyaka?
Uma kucatshangelwa ukubaluleka kwezimpikiswano ezibhekene noJehova nesintu—ubukhosi bendawo yonke nobuqotho babantu—yeka ukuthi kwaba ukuhlakanipha kanjani ngoNkulunkulu ukuba avumele kudlule isikhathi esithile! Manje sibona ngokucacile ukuthi kwenzekani lapho abantu beyishaya indiva imithetho kaNkulunkulu futhi beziqondisela ngokwabo izindaba zabo. Umphumela uwububi obusakazeke kabanzi. Futhi yilokho okwenza abantu abaningi kangaka abangenacala bahlupheke namuhla.
Nokho, kuyajabulisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu libonisa ukuthi ububi ngeke buhlale phakade. Eqinisweni, ngokushesha uJehova uyobuqeda ububi kanye nalabo ababubangelayo. IzAga 2:22 zithi: “Ababi bayakunqunywa ezweni, nabambuluzayo bayakusishulwa kulo.” Ngakolunye uhlangothi, labo abathembekile kuNkulunkulu bangabheka phambili esikhathini, manje esesiseduze kakhulu, lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu kungeke kusaba khona.’—IsAmbulo 21:4.
Khona-ke, iBhayibheli lichaza ngokucacile ukuthi kungani abangenacala behlupheka. Liyasiqinisekisa nangokuthi ububi nokuhlupheka kuzophela ngokushesha. Nokho, njengoba sibhekene nobunzima bokuphila kwamanje, sidinga impendulo yomunye umbuzo obalulekile.
Iyini Injongo Yokuphila?
Mhlawumbe manje ngaphezu kwanoma yisiphi esinye isikhathi emlandweni wesintu, abantu bazama ukuthola ukuthi iyini injongo yokuphila. Abaningi bayazibuza, ‘Kungani ngiphila? Ngingayithola kanjani injongo ekuphileni kwami?’ Kunezimo ezihlukahlukene ezibenza babuze le mibuzo.
Kungenzeka umuntu uye wabhekana nosizi ekuphileni kwakhe. Ngokwesibonelo, ekuqaleni kuka-1998, intombazane eneminyaka engu-12 ubudala eBavaria, eJalimane yathunjwa futhi yabulawa. Ngemva konyaka, unina wavuma ukuthi uchitha usuku ngalunye efuna injongo ekuphileni—kodwa kuba nhlanga zimuka nomoya. Abanye abantu abasha bashukumiseleka ukuba bazibuze ngenjongo yokuphila. Bafuna ukulondeka, ukwaneliseka, nomuzwa wokuba yingxenye yokuthile, kodwa bamane badangale ngenxa yobuzenzisi nenkohlakalo esakazekile. Abanye abantu benza ukuphila kwabo kugxile emsebenzini, kodwa bathola ukuthi amandla, isithunzi nezinto ezibonakalayo akukwanelisi ukulangazelela kwangaphakathi kokuthola injongo yokuba khona kwabo.
Kungakhathaliseki ukuthi yini eshukumisela umuntu ukuba afune ukwazi ngenjongo yokuphila, lo mbuzo kufanele uthole impendulo eqotho neyanelisayo. Nakulokhu, iBhayibheli lingaba usizo kakhulu. Lithi uJehova nguNkulunkulu wenjongo, onezizathu ezinengqondo zakho konke akwenzayo. Ake sibuze, Ingabe ungayakha indlu ngaphandle kwesizathu? Cishe ngeke, njengoba ukwakha indlu kudinga ukulondolozwa kwemali eningi futhi kungathatha izinyanga noma iminyaka. Indlu uyakhela ukuba wena noma omunye ahlale kuyo. Kungacatshangwa okufanayo nangoJehova. Akazange azikhandle kangaka edala umhlaba nezinto eziphila kuwo ngaphandle kwesizathu noma injongo. (Qhathanisa namaHeberu 3:4.) Iyini injongo yomhlaba?
Isiprofetho sika-Isaya siveza uJehova ‘njengoNkulunkulu owawubumba umhlaba, wawenza.’ Ngempela, nguYe ‘owawumisa [umhlaba], engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo.’ (Isaya 45:18) Yebo, kusukela umhlaba wadalwa, bekulokhu kuyinjongo kaJehova ukuba kuhlalwe kuwo. IHubo 115:16 lithi: “Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.” Ngakho iBhayibheli liyabonisa ukuthi uJehova wadala umhlaba ukuze abantu abalalelayo, abazowunakekela bahlale kuwo.—Genesise 1:27, 28.
Ingabe ukuhlubuka kuka-Adamu no-Eva kwabangela ukuba uJehova ashintshe injongo yakhe? Cha. Kungani singaqiniseka kangaka? Phela, cabangela leli phuzu: IBhayibheli labhalwa ezinkulungwaneni zeminyaka ngemva kokuhlubuka kwase-Edene. Uma uNkulunkulu ayilahla injongo yakhe yasekuqaleni, kungani lokho kungashiwongo eBhayibhelini? Isiphetho esisobala siwukuthi injongo yakhe ngomhlaba nesintu ayishintshanga.
Ngaphezu kwalokho, injongo kaJehova ayihlali ingafezeki. Ngo-Isaya, uNkulunkulu unikeza lesi siqinisekiso: “Njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini, kungabuyeli khona, kepha kuwunethisa umhlaba, kuwenze ukuba uthele, uhlume, unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa, liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami: aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.”—Isaya 55:10, 11.
Lokho UNkulunkulu Akulindele Kithi
Khona-ke, kusobala ukuthi singaqiniseka ngokuthi injongo kaNkulunkulu yokuba abantu abalalelayo bahlale emhlabeni phakade iyogcwaliseka. Ukuze sibe phakathi kwalabo abazoba nelungelo lokuhlala emhlabeni phakade, kumelwe senze lokho inkosi ehlakaniphile uSolomoni eyakusho: “Mesabe uNkulunkulu, ugcine imiyalo yakhe, ngokuba lokho kungokwabantu bonke.”—UmShumayeli 12:13; Johane 17:3.
Ukuphila ngokuvumelana nenjongo kaJehova ngesintu kusho ukwazi uNkulunkulu weqiniso nokwenza ngokuvumelana nezimfuneko zakhe ezisemiBhalweni Engcwele. Uma senza lokhu manje, singaba nethemba lokuphila okumi phakade emhlabeni oyipharadesi, lapho sizohlale sifunda izinto ezintsha ngoNkulunkulu nangendalo yakhe emangalisayo. (Luka 23:43) Yeka ithemba elijabulisayo!
Abaningi abafuna injongo ekuphileni baphendukela eBhayibhelini bese bethola injabulo enkulu manje. Ngokwesibonelo, insizwa ethile okuthiwa u-Alfred yayingayitholi injongo ekuphileni. Yayikwenyanya ukuhlanganyela kwenkolo empini, futhi ithukutheliswa ubuzenzisi nenkohlakalo kwezombangazwe. U-Alfred wavakashela amaNdiya aseNyakatho Melika ngethemba lokuthola ulwazi ngokuphathelene nenjongo yokuphila, kodwa wabuyela eYurophu edumazekile. Edangele, waqala ukusebenzisa izidakamizwa nomculo oklabalasayo. Nokho, kamuva ukuhlola njalo nangokucophelela iBhayibheli kwamsiza u-Alfred ukuba ayibone injongo yangempela yokuphila futhi athole ukwaneliseka.
Ukukhanya Okunokwethenjelwa Endleleni Yethu
Yini-ke esingaphetha ngayo ngokuphathelene neBhayibheli? Ingabe liyasebenza namuhla? Liyasebenza ngempela, ngoba linikeza isiqondiso ngokuqondene nezinto ezingundaba-mlonyeni. IBhayibheli liyachaza ukuthi ububi abubangelwa uNkulunkulu futhi liyasisiza ukuba sithole injongo eyanelisayo ekuphileni. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli likhuluma okuningi ngezinye izindaba abantu abanesithakazelo kakhulu kuzo namuhla. Izindaba ezifana nomshado, ukukhulisa izingane, ubuhlobo babantu nethemba ngabafileyo kuyakhulunywa ngazo eZwini likaNkulunkulu.
Uma ungakenzi kanjalo kakade, siza ukuhlolisise lokho okuqukethwe iBhayibheli. Lapho uthola ukubaluleka kwangempela kweziqondiso zalo ekuphileni, ungase uzizwe njengomhubi owafuna isiqondiso sikaJehova uNkulunkulu futhi wahlabelela: “Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.
[Isithombe ekhasini 6]
Ingabe uyazi ukuthi kungani uNkulunkulu evumela ukuba abangenacala bahlupheke?
[Isithombe ekhasini 7]
Ungajabulela ukuphila okunenjongo