‘Izindaba Ezithokozisayo’ Ezivela Kuyi-Apocalypse
“Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni.”—ISAMBULO 14:6.
1. Nakuba oFakazi BakaJehova bekholelwa ukuthi i-Apocalypse iphefumulelwe, kungani bengelona “ihlelo lenhlekelele”?
NGOKUPHAMBENE nalokho abamangalelwa ngakho, oFakazi BakaJehova abalona “ihlelo lembubhiso [apocalyptic sect]” noma “ihlelo losuku lwembubhiso.” Nokho, bayayamukela i-Apocalypse, noma incwadi yesAmbulo, njengeyingxenye yeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. Yiqiniso, isAmbulo sinayo imiyalezo yokwahlulelwa kwababi. Kodwa lapho zishumayela obala, izinceku zikaNkulunkulu zigxila kakhulu ethembeni elimangalisayo elivezwe eBhayibhelini, kuhlanganise nelikuyi-Apocalypse, noma isAmbulo. Ngakho, azenezeli noma zikhiphe okuthile emazwini ayisiprofetho atholakala kulo.—IsAmbulo 22:18, 19.
Abamemezeli Bezindaba Ezithokozisayo
2. Yimiphi eminye yemibhalo oFakazi BakaJehova abavame ukuyisebenzisa emsebenzini wabo wokushumayela?
2 Umbhalo ovame ukucashunwa njengesisekelo senkonzo yasobala yoFakazi BakaJehova amazwi kaJesu athi: “Lezizindaba ezinhle zombuso ziyomenyezelwa emhlabeni wonke owakhiweyo ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14, umbhalo waphansi we-NW) Ziyini “lezizindaba ezinhle zombuso”? OFakazi abaningi bangaphendula ngokucaphuna amavesi esAmbulo izahluko 20 no-21 abhekisela ekuBuseni KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane nakuhulumeni woMbuso wakhe nasemphakathini wabantu okuyobe kungasekho kuwo ukufa, ukulila nobuhlungu.—IsAmbulo 20:6; 21:1, 4.
3. Inkonzo yasobala yoFakazi BakaJehova ihambisana namuphi umsebenzi?
3 Njengabamemezeli balezi zindaba ezithokozisayo, oFakazi BakaJehova empeleni bangabakhulumeli besithunywa sasezulwini esingokomfanekiso esimsebenzi waso nawo uchazwe kusAmbulo. “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, futhi yayinezindaba ezinhle ezimi phakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kulabo abahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezizwana nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Lezi “zindaba ezinhle ezimi phakade” zihlanganisa isimemezelo sokuthi “[ukubusa noma] umbuso wezwe” usuye “waba umbuso weNkosi yethu nokaKristu wayo” nokuthi ‘isikhathi esimisiwe’ sikaJehova sesifikile ukuze ‘achithe labo abachitha umhlaba.’ (IsAmbulo 11:15, 17, 18) Ingabe lezo akuzona izindaba ezinhle ngempela?
Lokho IsAmbulo Esisiphathele Kona
4. (a) Yimaphi amaqiniso ayisisekelo avezwe esahlukweni sokuqala sesAmbulo? (b) Yini efunekayo kulabo abafisa ukuzuza ezindabeni ezithokozisayo?
4 Isahluko sokuqala sencwadi yesAmbulo siveza uJehova ‘njengo-Alpha no-Omega, Lowo okhona nowayekhona nozayo, uMninimandla onke.’ Futhi siveza iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ‘njengoFakazi Okholekileyo,’ “izibulo kwabafileyo,” “noMbusi wamakhosi omhlaba.” Futhi sikhuluma ngoJesu njengalowo “osithandayo nowasithukulula ezonweni zethu ngegazi lakhe siqu.” (IsAmbulo 1:5, 8) Ngakho, zibekwa nje, isAmbulo sembula amaqiniso ayisisekelo asindisa ukuphila. “Labo abahlala emhlabeni” ngeke bazuze ezindabeni ezithokozisayo ezilethwa kubo uma bengabuqapheli ubukhosi bukaJehova, babonise ukholo egazini likaJesu elachitheka, futhi bakholwe ukuthi uJehova wamvusa nokuthi uKristu manje unguMbusi womhlaba obekwe nguNkulunkulu.—IHubo 2:6-8.
5. Iyiphi indima uKristu avezwa ekuyo ezahlukweni 2 no-3 zesAmbulo2:1–3:22?
5 Izahluko ezimbili ezilandelayo ziveza uKristu Jesu njengoMbonisi wasezulwini onothando wamabandla abafundi bakhe abasemhlabeni. Umqulu obhalelwe amabandla ayisikhombisa amaKristu ayese-Asia Minor ngekhulu lokuqala C.E. wawunesikhuthazo neseluleko esiqinile esisasebenza nanamuhla. Imiyalezo eyathunyelwa kula mabandla ngokuvamile iqala ngamazwi anjengokuthi “Ngiyazazi izenzo zakho” noma ‘Ngiyalwazi usizi lwakho.’ (IsAmbulo 2:2, 9) Yebo, uKristu wayekwazi kahle okwakwenzeka emabandleni abafundi bakhe. Amanye wawancoma ngothando, ukholo, umshikashika wawo enkonzweni, ukukhuthazela nokuba qotho kwawo egameni nasezwini lakhe. Amanye wawasola ngoba ayevumele uthando lwawo ngoJehova neNdodana yakhe ukuba luphole, noma ayewele ekuziphatheni okubi ngokobulili, ekukhonzeni izithombe noma ekwakheni amahlelo ezihlubuki.
6. Umbono osesahlukweni4 usiza abantu ukuba baqondeni?
6 Isahluko 4 sinikeza umbono owesabekayo wesihlalo sobukhosi sasezulwini sikaJehova uNkulunkulu. Sinikeza umbono omncane wenkazimulo yokuba khona kukaJehova neyesimo sombuso wasezulwini azowusebenzisa. Ababusi abathweswe imiqhele, abasezihlalweni ezizungeze isihlalo sobukhosi esiyinhloko endaweni yonke, bakhothama kuJehova futhi bathi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona futhi zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.
7. (a) Ingelosi ibanxusa ukuba benzeni labo abahlala emhlabeni? (b) Yini eyingxenye ebalulekile yomsebenzi wethu wokufundisa?
7 Ingabe lokhu kusho okuthile kubantu namuhla? Ngokuqinisekile. Uma befuna ukuphila ngaphansi koMbuso weMinyaka Eyinkulungwane, kumelwe balalele lokho okumenyezelwa ‘yingelosi endiza emkhathini,’ ethi: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo, ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile.” (IsAmbulo 14:6, 7) Enye yezinjongo eziyinhloko zomsebenzi wokufundisa iBhayibheli owenziwa oFakazi BakaJehova iwukusiza “labo abahlala emhlabeni” ukuba bazi futhi bakhulekele uJehova, baqaphele ukuthi unguMdali, futhi bazithobe ngokuzithandela ebukhosini bakhe obulungile.
IWundlu Elifanelekela Ukudunyiswa
8. (a) UKristu uvezwa ekusiphi isimo ezahlukweni 5 no-65:1–6:17? (b) Yini abangayifunda kulo mbono bonke abalalela izindaba ezithokozisayo?
8 Izahluko ezimbili ezilandelayo, u-5 no-6 , ziveza uJesu Kristu eyiWundlu elitholakala lifanelekela ukuvula umqulu onezimpawu eziyisikhombisa, kanjalo embule ngolimi olungokomfanekiso izenzakakalo ezenzeka osukwini lwethu. (Qhathanisa noJohane 1:29.) Amazwi asezulwini athi kuleli Wundlu elingokomfanekiso: “Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wena wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu abavela kuzo zonke izizwana nezilimi nabantu nezizwe, futhi wabenza ukuba babe umbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bazobusa njengamakhosi phezu komhlaba.” (IsAmbulo 5:9, 10) Lo mbono ufundisa ukuthi ngesisekelo segazi likaKristu elachithwa, abantu abathile abavela kuyo yonke indawo babizelwa ukuba babe naye ezulwini futhi ‘babuse njengamakhosi phezu komhlaba.’ (Qhathanisa nesAmbulo 1:5, 6.) Isibalo sabo esilinganiselwe siyavezwa kamuva kusAmbulo.
9. UKristu uvezwa enzani esahlukweni 6?
9 Komunye umbono, uKristu uvezwa engumgibeli wehhashi elimhlophe othwele umqhele, ophuma “enqoba futhi eyophelelisa ukunqoba kwakhe.” Ngokujabulisayo, uyonqoba imiphumela emibi efanekiselwa abanye abagibeli abathathu bamahhashi be-Apocalypse, ukugabavula kwabo ngolaka okuye kwabangela impi, indlala nokufa esintwini kusukela onyakeni oyingqopha-mlando ka-1914. (IsAmbulo 6:1-8) Indima engavamile kaKristu, iWundlu likaNkulunkulu, ekusindisweni kwesintu nasekufezekeni kwezinjongo zikaJehova ezimangalisayo iyisihloko esivelele emsebenzini woFakazi BakaJehova wokufundisa iBhayibheli.
10. (a) Yikuphi ukwaziswa okubalulekile okunikezwa esahlukweni 7? (b) UKristu wathini ngalabo abamukela uMbuso?
10 Isahluko 7 sinezindaba ezithokozisayo ngempela. Kusencwadini yesAmbulo kuphela lapho sithola khona isibalo salabo uJesu ababiza ngokuthi ‘umhlambi omncane,’ uYise weWundlu awunika uMbuso. (Luka 12:32; 22:28-30) Laba babekwa uphawu nguJehova uNkulunkulu ngomoya wakhe. (2 Korinte 1:21, 22) Umphostoli uJohane, owamukela isAmbulo, uyafakaza: “Ngezwa isibalo salabo ababekwa uphawu, izinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane.” (IsAmbulo 7:4) Kamuva kwesinye isahluko kuyaqinisekiswa ukuthi lesi sibalo esiqondile siyingqikithi yalabo ‘abathengwe phakathi kwesintu’ ukuba babuse neWundlu entabeni yasezulwini iZiyoni. (IsAmbulo 14:1-4) Nakuba amasonto eLobukholwa enikeza izincazelo ezingacacile nezingakholisi zalesi sibalo, ngokuthakazelisayo, isazi seBhayibheli u-E. W. Bullinger sithi ngaso: “Siyiqiniso elicacile: isibalo esinqunyiwe ngokungafani nesibalo esinganqunyiwe esikuso lesi sahluko.”
11. (a) Yiziphi izindaba ezithokozisayo ezitholakala esahlukweni 7? (b) Yimaphi amathemba avulekela amalungu ‘esixuku esikhulu’?
11 Yisiphi lesi sibalo esinganqunyiwe uBullinger ayebhekisele kuso? Evesini 9, umphostoli uJohane wabhala: “Ngemva kwalezizinto ngabona, bheka! isixuku esikhulu, okungekho muntu owakwazi ukusibala, siphuma kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Obani abakha lesi sixuku esikhulu, siyini isimo sabo njengamanje phambi kukaNkulunkulu, futhi libaphatheleni ikusasa? Impendulo ye-Apocalypse iyizindaba ezinhle kwabahlala emhlabeni. Siyafunda: “Laba yilabo abaphuma osizini olukhulu, futhi baye bageza izivatho zabo bazenza zaba mhlophe egazini leWundlu.” Ngokuba nokholo egazini likaKristu elachithwa, bayovikelwa phakathi ‘nosizi olukhulu.’ UKristu ‘uyobaqondisa emithonjeni yamanzi okuphila. Futhi uNkulunkulu uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo.’ (IsAmbulo 7:14-17) Yebo, izigidi zabantu abaphilayo namuhla zingaba yingxenye yesixuku esingenakubalwa esizosinda ekupheleni kwalesi simiso esibi sezinto. Njengezikhonzi zeNkosi uJesu Kristu phakathi nokuBusa kwayo Kweminyaka Eyinkulungwane, ziyoqondiswa yiyo ekuphileni okumi phakade emhlabeni. Akuzona yini izindaba ezinhle lezo?
“Izahlulelo Zakhe Ziyiqiniso Futhi Zilungile”
12, 13. (a) Ziquketheni izahluko 8 kuya ku-19 8:1–19:21? (b) Kungani abantu abanhliziyo ziqotho kungafanele baphazanyiswe yiziprofetho ezinjalo?
12 Izahluko 8 kuya ku-19 yizo ngokuyinhloko eziyimbangela yedumela le-Apocalypse, noma isAmbulo, lokuba yincwadi ebikezela izinhlekelele ezesabekayo. Zinemiyalezo enamandla yezahlulelo (efanekiselwa ukushaywa kwamacilongo, izinhlupho nezitsha zolaka lwaphezulu) eziqondiswe ezingxenyeni ezihlukahlukene zesimiso sikaSathane sezinto. Lezi zahlulelo ziyokhishwa, okokuqala enkolweni yamanga (“iBabiloni Elikhulu”), bese kuba sesimisweni sezombangazwe esingamhloniphi uNkulunkulu, okufanekiselwa yizilo zasendle.—IsAmbulo 13:1, 2; 17:5-7, 15, 16.a
13 Lezi zahluko ziveza ukuhlanzwa kwamazulu, lapho uSathane namademoni akhe bephonswa phansi emhlabeni. Lokhu kunikeza incazelo okuwukuphela kwayo enengqondo mayelana nosizi lwezwe olwalungabonaze lube khona ngaphambi kuka-1914. (IsAmbulo 12:7-12) Ngolimi olungokomfanekiso, zichaza nokubhujiswa kwesimiso sezinto esibi sikaSathane emhlabeni. (IsAmbulo 19:19-21) Ingabe abantu abanhliziyo ziqotho kufanele zibashaqise izenzakalo eziphawulekayo njengalezi? Cha, ngoba phakathi nokukhishwa kwezahlulelo zikaNkulunkulu, ibutho lasezulwini liyakhamuluka: “Dumisani uJah! Insindiso nenkazimulo namandla kungokukaNkulunkulu wethu, ngoba izahlulelo zakhe ziyiqiniso futhi zilungile.”—IsAmbulo 19:1, 2.
14, 15. (a) Ukuphela kwalesi simiso esibi kuyolethwa kanjani ngokulunga? (b) Kungani le ngxenye ye-Apocalypse kufanele ibajabulise abantu abanhliziyo ziqotho?
14 UJehova ngeke alethe isimiso sezinto esilungile ngaphandle kokususa emhlabeni labo abawuchithayo. (IsAmbulo 11:17, 18; 19:11-16; 20:1, 2) Nokho, akukho muntu noma uhulumeni wezombangazwe onegunya noma amandla okufeza lokhu. NguJehova neNkosi yakhe enguMahluleli omisiwe, uKristu Jesu, kuphela abangakwenza lokhu ngokulunga.—2 Thesalonika 1:6-9.
15 Njengoba i-Apocalypse ibonisa ngokucacile, uJehova unenjongo yokuqeda isimiso esibi samanje. Lokhu kufanele kubenze bajabule abesilisa nabesifazane “ababubula bekhala ngazo zonke izinengiso [ezenziwayo].” (Hezekeli 9:4) Lokhu kufanele kugcizelele kubo isidingo esiphuthumayo sokulalela amazwi engelosi enezindaba ezithokozisayo, eyamemezela: “Mesabeni uNkulunkulu . . . ngoba ihora lokwahlulelwa nguye selifikile, ngakho khulekelani Lowo owenza izulu nomhlaba.” (IsAmbulo 14:7) Kwangathi abantu abanjalo bangakhulekela futhi bakhonze uJehova kanye noFakazi bakhe, “abagcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benomsebenzi wokufakaza ngoJesu.”—IsAmbulo 12:17.
UkuBusa Okuhle Kweminyaka Eyinkulungwane
16. (a) Kungani amasonto eLobukholwa eye alenqaba ithemba leMinyaka Eyinkulungwane? (b) Kungani oFakazi BakaJehova bekholelwa ukuthi umthandazo oyisibonelo uyophendulwa?
16 Izahluko 20 kuya ku-22 zencwadi yesAmbulo zinesisekelo esingokomBhalo sokubeka ithemba eMinyakeni Eyinkulungwane. Lena ukuphela kwengxenye yeBhayibheli ekhuluma ngokuqondile ngenkathi eyiminyaka eyinkulungwane eyoba yisandulela senjabulo engunaphakade ezulwini nasemhlabeni. Amasonto eLobukholwa aye alenqaba ithemba leMinyaka Eyinkulungwane. Njengoba imfundiso yesonto ithi abalungile baya ezulwini kanti ababi baya esihogweni, awungeni ndawo kuyo umhlaba oyipharadesi. Umthandazo oyisibonelo ocela ukuba ‘intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengasezulwini,’ awusenanjongo ngokuphelele eningini lamalungu amasonto eLobukholwa. (Mathewu 6:10, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Kodwa akunjalo ngoFakazi BakaJehova. Bakholelwa ngokuqinile ukuthi uJehova uNkulunkulu akawenzelanga “ize” umhlaba, kodwa wawenzela “ukuba kuhlalwe kuwo.” (Isaya 45:12, 18) Ngakho, isiprofetho sasendulo, umthandazo oyisibonelo nethemba elikuyi-Apocalypse leMinyaka Eyinkulungwane konke kuyavumelana. Phakathi nalokhu kuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane, uKristu uyoqikelela ukuthi intando kaJehova iyenziwa emhlabeni, njengoba nje yenziwa nasezulwini.
17. Yini ebonisa ukuthi “iminyaka eyinkulungwane” kufanele ibhekwe njengeyiminyaka engokoqobo?
17 Amagama athi ‘iminyaka eyinkulungwane’ avela izikhathi eziyisithupha emavesini okuqala ayisikhombisa esAmbulo isahluko 20. Kuyaphawuleka ukuthi (eBhayibhelini lesiNgisi) la magama asetshenziswa kane enomunci ocacile u-“the,” okubonisa ukuthi abhekisela eminyakeni engokoqobo eyinkulungwane, hhayi nje inkathi ende enganqunyiwe, njengoba abakhulumeli abaningi beLobukholwa bengathanda sikholelwe kanjalo. Kuyokwenzekani phakathi neMinyaka Eyinkulungwane? Okokuqala, uSathane uthenwa amandla phakathi naso sonke lesi sikhathi. (IsAmbulo 20:1-3; qhathanisa namaHeberu 2:14.) Yeka ukuthi lezo yizindaba ezinhle kanjani!
18. (a) Kungani iMinyaka Eyinkulungwane ingase ibizwe ngokuthi “usuku” lokwahlulela? (b) Kuyokwenzekani ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane?
18 Njengoba labo ‘ababusa njengamakhosi kanye noKristu iminyaka eyinkulungwane’ benikwa “amandla okwahlulela,” empeleni le nkathi iyiminyaka eyinkulungwane ‘ewusuku’ lokwahlulela. (IsAmbulo 20:4, 6; qhathanisa nezEnzo 17:31; 2 Petru 3:8.) Abafileyo bayovuswa, futhi, bekanye nabasinde “osizini olukhulu,” bayokwahlulelwa ngokuvumelana nezenzo zabo zangaleso sikhathi. (IsAmbulo 20:12, 13) Ekupheleni kweminyaka eyinkulungwane, uSathane uyokhululwa isikhashana ukuze avivinye isintu okokugcina, ngemva kwalokho yena namademoni akhe, nanoma yiziphi izihlubuki emhlabeni eziyomlandela, bayobhujiswa phakade. (IsAmbulo 20:7-10) Amagama abantu abayophumelela kulolo vivinyo ayolotshwa ngokungenakucinywa “encwadini yokuphila,” banikwe ukuphila okujabulisayo okungunaphakade, bakhonze futhi bakhulekele uJehova emhlabeni oyipharadesi.—IsAmbulo 20:14, 15; IHubo 37:9, 29; Isaya 66:22, 23.
19. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi izithembiso ezimangalisayo ezisencwadini yesAmbulo ziyogcwaliseka nakanjani? (b) Yini ezocatshangelwa esihlokweni esilandelayo?
19 Zinjalo-ke izindaba ezithokozisayo ezikuyi-Apocalypse. Azizona izithembiso eziyize ezenziwe abantu. Umphostoli uJohane wabhala: “Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza zonke izinto zibe zintsha.’ Futhi, uthi: ‘Loba, ngoba lamazwi akholekile futhi ayiqiniso.’” (IsAmbulo 21:5) Yini okumelwe siyenze ukuze sihlanganyele ekugcwalisekeni kwalezi zindaba ezithokozisayo? Incwadi yesAmbulo iqukethe izeluleko eziningi ezibhekiswe kulabo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ukulandela izeluleko ezinjalo kuyosilethela injabulo engenamingcele, manje naphakade, njengoba isihloko esilandelayo sizobonisa.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole incazelo egcwele yencwadi yesAmbulo, bheka incwadi ethi IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!, eyanyatheliswa ngo-1988 yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Amaphuzu Okubukezwa
◻ Yimaphi amaqiniso ayisisekelo atholakala kusAmbulo izahluko 4 kuya ku-64:1–6:17 akha ingxenye ebalulekile yezindaba ezithokozisayo?
◻ Yiziphi izindaba ezithokozisayo ezitholakala kusAmbulo isahluko 7?
◻ Kungani kungafanele abantu abanhliziyo ziqotho baphazanyiswe yimiyalezo yezahlulelo etholakala kusAmbulo?
◻ IMinyaka Eyinkulungwane iyoba “usuku” lokwahlulela ngaziphi izindlela?
[Isithombe ekhasini 10]
INkosi uJesu Kristu izoyisusa ngokuphelele emhlabeni impi, indlala nokufa