Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w00 12/15 k. 30
  • Ingabe Uyakhumbula?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Uyakhumbula?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukusebenza “Ensimini”—Ngaphambi Kokuvuna
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
  • “Masiqhathanise ImiBhalo”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • “Yana Entuthwaneni”
    I-Phaphama!—1990
  • Ingabe Uyakhumbula?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
w00 12/15 k. 30

Ingabe Uyakhumbula?

Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini imibuzo elandelayo:

• Yini esemqoka ekuxazululeni kwethu ukungaboni ngaso linye nothile?

Kufanele siqale siqaphele ukuthi sonke singaba nemicabango nezimo zengqondo ezingalungile. Ngemva kwalokho kufanele sicabange ngokujulile ngokuthi akuthina yini esibangela inkinga kunokuba kube omunye umuntu.—8/15, ikhasi 23.

• Ziyoba nini “izikhathi zokubuyiselwa” ezishiwo kuzEnzo 3:21?

Ukubuyiselwa kunezigaba ezimbili. Kwesokuqala, kukhona ukubuyiselwa epharadesi elingokomoya okwaqala ngo-1919. Ukubuyiselwa okwengeziwe kuyokwenzeka lapho umhlaba wethu ubuyiselwa ekubeni yipharadesi elingokoqobo.—9/1, amakhasi 17, 18.

• Kwenzeka kanjani ukuba intuthwane ithi ingenamahluleli, njengoba kushiwo kuzAga 6:6-8, kodwa isibekele isibonelo esihle?

Iqulo lezintuthwane liba nendlovukazi, kodwa iyindlovukazi ngomqondo wokuzalela amaqanda nokuba umama waleli qulo. Izintuthwane zikhuthele, nathi kufanele sibe njalo, sizame ukuthuthukisa umsebenzi wethu ngisho noma singabhekiwe.—9/15, ikhasi 26.

• Ingabe isiprofetho sikaHulida esikweyesi-2 AmaKhosi 22:20, esithi uJosiya wayeyofa “ngokuthula,” sasinembile njengoba athola inxeba elambulala empini?

Yebo, wafa ngokuthula ngomqondo wokuthi wafa ngaphambi kwenhlekelele eyayibikezelwe yango-609-607 B.C.E., lapho abaseBabiloni bavimbezela futhi babhubhisa iJerusalema.—9/15, ikhasi 30.

• Kungashiwo kanjani ukuthi uSolomoni wayencoma lapho echaza inkosikazi ngokuthi “indluzelekazi ethandekayo nembuzi ebukekayo yasezintabeni”? (IzAga 5:18, 19, NW)

I-ibex yensikazi, noma imbuzikazi yasezintabeni, izothile futhi isulekile. Nokho, iyakwazi ukuphila futhi izalele ezindaweni ezinamawa nezingafinyeleleki, lapho ukudla kuyindlala khona.—10/1, amakhasi 30, 31.

• Babengobani oHenry Grew noGeorge Storrs?

La madoda amabili ayephila ngawo-1800 futhi ayengabafundi abakhuthele beBhayibheli. UGrew wathola ukuthi uZiqu-zintathu awusekelwe ngokomBhalo, njengoba kunjalo ngemfundiso yokungafi komphefumulo neyesihogo somlilo. UStorrs waqonda ukuthi abathile bayothola ukuphila okungenakuphela emhlabeni. Bobabili babengabanduleli bakaCharles Taze Russell, owaqala ukunyathelisa lo magazini ngo-1879.—10/15, amakhasi 26-30.

• OFakazi BakaJehova bazibheka kanjani izinqubo zokwelapha ezisebenzisa igazi lakho siqu?

Njengoba besekela izinkolelo zabo eBhayibhelini, abaligcini igazi labo bese belimpompela kubo kamuva. UmKristu ngamunye uyazinqumela okuyokwenziwa ngegazi lakhe phakathi nenqubo yokuhlinzwa, ukuhlolwa kwezokwelapha noma ukwelashwa okuqhubekayo. Kufanele acabange ngalokho iBhayibheli elikushoyo ngegazi futhi akhumbule ukuthi uzinikezele ngokuphelele kuNkulunkulu.—10/15, amakhasi 30, 31.

• Ukuhlola okwenziwa ekuqaleni kwalo nyaka kwembula siphi isidingo esikhulu phakathi koFakazi BakaJehova embulungeni yonke?

Kunesidingo samaHholo OMbuso angaphezu kuka-11 000 emazweni asathuthuka, lapho izimali zintuleka khona. Iminikelo yamaKristu emazweni amaningi isetshenziselwa ukusiza ekwakhiweni kwezindawo ezifanelekayo zokuhlanganyela.—11/1, ikhasi 30.

• Yimaphi amanye amagama olimi lokuqala asetshenziswe eBhayibhelini ahlobene nokukhulekela?

Elinye lawo lithi lei·tour·giʹa, okuhunyushwa ngokuthi “inkonzo yasobala.” Elinye lithi la·treiʹa, okuhunyushwa ngokuthi “inkonzo engcwele.” (Heberu 10:11; Luka 2:36, 37)—11/15, amakhasi 11, 12.

• Yisiphi isifundo esiyisisekelo esingasifunda ekulandiseni kweBhayibheli kuka-Adamu no-Eva?

Noma yikuphi ukuzishaya ongancikile kuJehova uNkulunkulu kuwubuwula isibili.—11/15, amakhasi 24-7.

• Kunabuphi ubufakazi obungokomBhalo bokuthi uNkulunkulu uzinika amandla izinceku zakhe?

UDavide, uHabakuki nomphostoli uPawulu bonke baqinisekiswa mathupha ngokuthi uJehova uNkulunkulu wayebanike amandla. (IHubo 60:12; Habakuki 3:19; Filipi 4:13) Ngakho, singaqiniseka ukuthi uNkulunkulu uzimisele futhi uyakwazi ukusinika amandla.—12/1, amakhasi 10, 11.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela