Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 1/15 k. 3
  • Kungani Kufanele Uhlakulele Ubuhle?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Uhlakulele Ubuhle?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Esingabuhlakulela Ngayo Ubuhle
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ingabe Uphishekela Ubuhle?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Singabunezela Kanjani Ubuhle Okholweni Lwethu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Sabela Ezithembisweni ZikaNkulunkulu Ngokuba Nokholo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 1/15 k. 3

Kungani Kufanele Uhlakulele Ubuhle?

MUVA NJE indoda yaseJapane esimnkantsh’ ubomvu okuthiwa uKunihito ithuthele e-United States.a Kusaphele amasonto ambalwa ifikile, yabhekana nesimo esasingalimaza ikusasa layo emsebenzini. UKunihito uyalandisa: “Lapho umphathi wami engibuza ukuthi ngingawenza yini umsebenzi othile, ngazizwa ngiqiniseka impela ukuthi ngingawenza. Nokho, njengoba ngakhuliswa ngokuthi ngibheke isizotha njengento enhle, ngaphendula: ‘Angiqiniseki ukuthi ngingawenza yini, kodwa ngizokwenza okusemandleni ami.’ Kumphathi wami ongumMelika, lokhu kwezwakala sengathi anginalo ikhono futhi angizethembi. Lapho ngikuthola lokho, ngaqaphela ukuthi kudingeka ngenze izinguquko.”

UMaria, ohlala eNew York City, wayengumfundi okahle kakhulu ekolishi, owayehlale ezimisele ukusiza abanye abafundi. UJuan wayefunda naye futhi ngezikhathi ezithile wayecela usizo kuMariya. Kodwa futhi wayenemizwa yothando ngoMariya futhi ezama ukumhlaba umxhwele. Naphezu kwesifiso sikaMariya sokuhlala enokuziphatha okumsulwa, wavumela ukunqotshwa nguJuan futhi wahileleka ekuziphatheni okubi kobulili.

Ukubonisa ubuhle ezweni lanamuhla elinamasiko ahlukahlukene nelonakele ngokuziphatha kuyinselele ngempela. Ngakho kungani kufanele uhlakulele ubuhle? Ngoba ubuhle bujabulisa uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile iningi lethu liyafisa ukuthola umusa wakhe.

IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, linxusa abafundi balo ukuba bahlakulele ubuhle. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu uyabhala: “Noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.” (Filipi 4:8) Futhi umphostoli uPetru usinxusa ukuba senze ‘umzamo wenkuthalo ekunezeleni okholweni lwethu ubuhle.’ (2 Petru 1:5) Kodwa buyini ubuhle? Bungafundiswa yini esikoleni? Singabuhlakulela kanjani?

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama ashintshiwe.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela