Yima Uphelele, Unokuqiniseka Okuqinile
Ukusiza Intsha Ngemfundo Efika Ngesikhathi
U-EPHAFRA wayengumKristu wekhulu lokuqala owahamba waya eRoma. Nokho, ngesizathu esihle, wayelokhu ecabanga ngeKolose, umuzi wase-Asia Minor. Wayeshumayele izindaba ezinhle lapho futhi ngokungangabazeki wayesize abanye babantu baseKolose ukuba babe ngabafundi bakaJesu Kristu. (Kolose 1:7) U-Ephafra wayekhathazeke kakhulu ngayekholwa nabo baseKolose, ngoba umphostoli uPawulu wababhalela eseRoma: “U-Ephafra, . . . uyakhonza kini, ngaso sonke isikhathi ezikhandla ngenxa yenu emithandazweni yakhe, ukuze ekugcineni nime niphelele futhi ninokuqiniseka okuqinile kuyo yonke intando kaNkulunkulu.”—Kolose 4:12.
Ngokufanayo, obaba nomama abangamaKristu namuhla bayithandazela ngobuqotho inhlalakahle engokomoya yezingane zabo. Laba bazali bazama ukugxilisa uthando ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zezingane zabo ukuze ziqine okholweni.
Intsha eningi engamaKristu iye yacela usizo ekubhekaneni nezinselele ezithola esikoleni nakwezinye izindawo. Enye intombazane eneminyaka engu-15 ubudala yathi: “Izinkinga zethu ziya ziba zimbi nakakhulu. Ukuphila akuve kwesabeka. Sidinga usizo!” Ingabe izicelo zentsha enjalo nemithandazo yabazali abesaba uNkulunkulu kuye kwaphendulwa? Yebo! Kuye kwanikezwa imfundo esekelwe eBhayibhelini ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Lapha kuboniswe ezinye zezincwadi eziye zasiza amakhulu ezinkulungwane zentsha ukuba ‘ime iphelele futhi inokuqiniseka okuqinile.’ Ake sibheke ezimbalwa zalezi zincwadi.
“Bhekani, Ofakazi Abasha . . . Abangu-15 000!”
Ngo-August 1941, eSt. Louis, eMissouri, e-U.S.A., kwakubuthene izethameli ezingu-115 000 emhlanganweni omkhulu kunayo yonke yoFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Ngosuku lokugcina—“uSuku Lwezingane”—izingane ezingaba ngu-15 000 ezazihlezi eduze kwendawo yesikhulumi zalalelisisa lapho uJoseph F. Rutherford ebeka inkulumo ethi “Izingane ZeNkosi.” Ngasekupheleni kwenkulumo yakhe, uRutherford owayeseneminyaka engu-71 ubudala washo ngezwi elinjengelikababa:
“Nonke nina . . . zingane enivumile . . . ukulalela uNkulunkulu neNkosi yakhe, ngicela nisukume.” Izingane zasukuma kanyekanye. “Bhekani,” kusho uMfoweth’ uRutherford, “ofakazi abasha boMbuso abangaphezu kuka-15 000!” Kwaduma ihlombe. Isikhulumi sanezela: “Nina nonke eniyokwenza konke okusemandleni enu ukutshela abanye ngombuso kaNkulunkulu . . . , ngicela nithi Elethu.” Izingane zaphendula ngomkhulu u-“Elethu!” Wabe eseveza incwadi entsha ethi Children, eyamukelwa ngehlombe elaqhubeka isikhathi eside.
Ngemva kwale nkulumo eshukumisayo, intsha eyayishaye ujenga yaya endaweni yesikhulumi lapho uMfoweth’ uRutherford ayeyinika khona isipho esiyile ncwadi entsha. Ukubona lokhu kwalethela izethameli izinyembezi. Omunye wabazibonela lesi senzakalo wathi: “Yinhliziyo esatshe kuphela eyayingeke ishukunyiswe umbukwane wentsha [eyayibonisa] ukwethembela nokholo oluphelele kuNkulunkulu wazo, uJehova.”
Kulowo mhlangano ongasoze walibaleka, kwabhapathizwa intsha engu-1 300 ibonisa ukuzinikezela kwayo kuJehova. Eningi yayo iye yaqhubeka iqinile okholweni kuze kube namuhla. Isekela amabandla ekuwo, iyizisebenzi zaseBethel, noma ikhonza njengezithunywa zevangeli kwamanye amazwe. Ngempela, “uSuku Lwezingane” nencwadi ethi Children kwahlala njalo ezinhliziyweni zentsha eningi!
“Zivele Zifike Ngesikhathi Esifanele”
Phakathi nawo-1970, oFakazi BakaJehova banyathelisa ezinye izincwadi ezintathu ezafinyelela izinhliziyo zamakhulu ezinkulungwane zentsha. Lezi zazithi Ukulalela UMfundisi Omkhulu, Ubusha Bakho—Ukuthola Okungcono Kakhulu Kubo kanye nethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli. Ngo-1982 kwaqala ukuba nochungechunge oluthi “Intsha Iyabuza . . . ” kumagazini i-Phaphama! Lezi zihloko ziye zenza kwasabela abadala nabancane. Omusha oneminyaka engu-14 ubudala wathi: “Njalo ebusuku ngiyambonga uNkulunkulu ngokwenza ukuba zinyatheliswe.” Oneminyaka engu-13 ubudala wathi: “Ngiyazithanda lezi zihloko, zivele zifike ngesikhathi esifanele.” Abazali nabadala abamisiwe abangamaKristu bayavuma ukuthi lezi zihloko zifika ngesikhathi futhi ziye zaba usizo.
Ngo-1989 kwase kunyatheliswe izihloko ezingaba ngu-200 ezithi “Intsha Iyabuza . . . ” kuyi-Phaphama! EMhlanganweni Wesigodi ‘Wokuzinikela Kokwesaba UNkulunkulu’ wangalowo nyaka, kwakhululwa incwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo. Ingabe iye yayisiza intsha ukuba iqhubeke iqinile okholweni? Abasha abathathu babhala: “Le ncwadi iye yasisiza ngendlela emangalisayo ukuba siqonde izinkinga zethu futhi sazi ukuthi singabhekana kanjani nazo. Siyabonga ngokusikhathalela kwenu.” Intsha eningi efunda le ncwadi emhlabeni wonke ingavuma.
‘Ilanelisile Iphango Lethu’
Ngo-1999, oFakazi BakaJehova bakhiqiza elinye ithuluzi elifike ngesikhathi lokufundisa intsha—i-video ethi Young People Ask—How Can I Make Real Friends? Yabangela ukusabela okuhle kakhulu. Omusha oneminyaka engu-14 ubudala wathi: “Le video ingithinte ekujuleni kwenhliziyo.” Umama ongayedwa wathi: “Izoba khona njalo ekudleni kwethu okungokomoya.” Omunye wesifazane wathi: “Kuyajabulisa ukwazi ukuthi uMngane wethu omkhulu kunabo bonke, uJehova, uyithanda futhi uyikhathalela ngempela intsha esenhlanganweni yakhe yomhlaba wonke.”
Iye yafezani le video? Intsha ithi: “Iye yangisiza ukuba ngiqaphele abantu engizihlanganisa nabo, ukuba nganuleke ebandleni futhi ngenze uJehova abe umngane wami.” “Iye yangisiza ukuba ngibhekane ngesibindi nontanga yami.” “Iye yangenza ngazimisela ngokuqinile ukumkhonza kahle ngangokusemandleni ami uJehova.” Umbhangqwana oshadile wona wathi: “Sinibonga ngokusuka enhliziyweni ngokusilungiselela lokhu ‘kudla.’ Kulanelisile iphango lethu.”
Ngokuvumelana nomsebenzi esiwunikwe nguNkulunkulu, “isigqila esikholekile nesiqondayo” esigcotshiwe siye salungiselela ukudla okungokomoya okufika ngesikhathi kwabo bonke abakwamukelayo. Futhi yeka indlela okujabulisayo ngayo ukubona ukuthi ingakanani imfundo engokomBhalo esiza intsha namuhla ukuba ‘ime iphelele futhi inokuqiniseka okugcwele kuyo yonke intando kaNkulunkulu’!