Imibuzo Evela Kubafundi
Wayekuphi uDaniyeli lapho amaHeberu amathathu evivinywa phambi kwesithombe uNebukadinesari ayesimise ethafeni laseDura?
IBhayibheli alisho, ngakho akekho namuhla umuntu ongasho ukuthi wayekuphi uDaniyeli phakathi nalolo vivinyo.
Abanye baye basikisela ukuthi uDaniyeli wayenesikhundla esiphakeme embusweni noma ethandwa kakhudlwana nguNebukadinesari kunoShadiraki, uMeshaki no-Abedi Nego nokuthi ngenxa yalokho wayengabophekile ukuya ethafeni laseDura. UDaniyeli 2:49 uyabonisa ukuthi okwesikhathi esithile uDaniyeli wayenesikhundla esiphakeme kunesabangane bakhe abathathu. Kodwa asinabufakazi bokuthi lokhu kwakumkhulula ukuba angahlangani nabanye phambi kwesithombe.
Lapho bezama ukuchaza ukuthi kungani uDaniyeli ayengekho, abanye baye bathi kungenzeka wayesohambweni esabelweni sombuso noma wayegula ngakho wangakwazi ukuba khona. Nokho, iBhayibheli alikusho lokho. Kunoma yikuphi, kumelwe ukuba inkambo kaDaniyeli yayinganikezi thuba lokumgxeka, ngoba ukuba yayilinikeza, akungabazeki ukuthi izikhulu zaseBabiloni ezinomona zaziyolisebenzisa ukuze zimmangalele. (Daniyeli 3:8, NW) Ngaphambi kwalesi sigameko nangemva kwaso, uDaniyeli wazibonakalisa engumgcini wobuqotho, ethembekile kuNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi iyiphi inselele ayebhekene nayo. (Daniyeli 1:8; 5:17; 6:4, 10, 11) Ngakho, nakuba iBhayibheli lingasho ukuthi kungani uDaniyeli ayengekho ethafeni laseDura, singaqiniseka ukuthi wayethembeke ngokungenakuyekethisa kuJehova uNkulunkulu.—Hezekeli 14:14; Heberu 11:33.