Yimani Niphelele, Ninokuqiniseka Okuqinile
Imihlangano—Izikhathi Ezijabulisayo Eziqinisekisa Ubuzalwane Bethu
UJOSEPH F. RUTHERFORD, oseneminyaka engu-50 ubudala nonempilo ebuthaka ngemva kokuchitha cishe unyaka eboshwe ngokungafanele, ukhonza ngenjabulo njenge-porter. Ngomdlandla, uthutha amapotimende esiza amanye amaKristu ewayisa ezindlini zawo ehhotela. Ababili ababeboshwe naye—nabo abangabaFundi BeBhayibheli—banikeza isixuku izabelo zezindlu njengoba silinde ukuthola indawo yokulala. Lesi simo siqhubeka kuze kudlule kwelamabili. Wonke umuntu ungenwe umoya othile wesasasa othelelwanayo. Kwenzekani?
Ngunyaka ka-1919, futhi abaFundi BeBhayibheli (namuhla abaziwa ngokuthi oFakazi BakaJehova) bayalulama ngemva kokushushiswa ngonya. Ukuze bavuselele umdlandla wabo, banomhlangano eCedar Point, e-Ohio, e-U.S.A., kusukela ngo-September 1 kuya ku-8, 1919. Ngosuku lokugcina lomhlangano, isixuku esijabule sabangu-7 000 siyalalelisisa njengoba uMfoweth’ uRutherford ekhuthaza ngamunye wabakhona emhlanganweni ngamazwi athi: “Uyinxusa leNkosi yamakhosi, elimemezela kubantu . . . umbuso okhazimulayo weNkosi yethu.”
Kubantu bakaJehova, imihlangano emikhulu yaqala kudala ngesikhathi sika-Israyeli wasendulo. (Eksodusi 23:14-17; Luka 2:41-43) Imibuthano enjalo yayiyizikhathi ezijabulisayo, isiza bonke ababekhona ukuba bagcine izingqondo zabo ziseZwini likaNkulunkulu. Ngokufanayo, imihlangano yoFakazi BakaJehova namuhla igxila ezintweni ezingokomoya. Kubantu ababukele abaqotho, imibuthano ejabulisayo enjalo inikeza ubufakazi obungenakuphikwa bokuthi oFakazi bahlanganiswe yisibopho esinamandla sobuzalwane bobuKristu.
Imizamo Yokuba Khona
AmaKristu anamuhla ayaqaphela ukuthi imihlangano yawo iyizikhathi zokuqabuleka okungokomoya nokufundiswa ngeZwi likaNkulunkulu. Abheka le mihlangano emikhulu njengendlela ebalulekile yokuwasiza ukuba ‘ame ephelele futhi enokuqiniseka okuqinile kuyo yonke intando kaNkulunkulu.’ (Kolose 4:12) Ngakho, oFakazi bayisekela ngenhliziyo yonke le mibuthano, benze imizamo emikhulu ukuze babe khona kuyo.
Kwabanye, ukuba khona nje emihlanganweni enjalo kudinga babonise ukholo futhi banqobe izithiyo ezinjengentaba. Ngokwesibonelo, cabanga ngoFakazi osekhulile wase-Austria. Nakuba enesifo sikashukela futhi edinga imijovo ye-insulin nsuku zonke, waqiniseka ukuthi uba khona ngazo zonke izinsuku zomhlangano wesigodi ezweni lakubo. ENdiya, umkhaya omkhulu woFakazi ompofu kakhulu wakuthola cishe kungenakwenzeka ukuba uye emhlanganweni. Elinye ilungu lomkhaya lasiza. Lathi: “Njengoba ngangingafuni ukuphuthelwa yilesi senzakalo, ngadayisa amacici ami egolide ukuze sithole imali yokuhamba. Lokhu kwakuwukuzidela okufanelekile, ngoba ubudlelwane nokuhlangenwe nakho kwaqinisa ukholo lwethu.”
EPapua New Guinea, iqembu labantu abangabhapathiziwe nabanesithakazelo lalizimisele ukuya emhlanganweni wesigodi owawusenhloko-dolobha. Laya kumlisa mumbe endaweni owayenemoto ethutha umphakathi, lambuza ukuthi wayezobabiza malini ngokubayisa emhlanganweni. Njengoba imali eyayifuneka yayingaphezu kwamandla alo, lenza amalungiselelo okusebenza emzini wale ndoda, lalungisa kabusha ikhishi layo. Kanjalo lakwazi ukuya emhlanganweni wesigodi futhi lazuza ngokuba khona kuso sonke isimiso.
Ibanga aliyona inkinga enganqobeki koFakazi BakaJehova abazimisele ukuba khona emihlanganweni. Ngo-1978, ukuze iye emhlanganweni owawuseLille, eFrance, insizwa yasePoland yahamba amakhilomitha angu-1 200 ngebhayisekili izinsuku eziyisithupha. Ehlobo lango-1997, oFakazi ababili baseMongolia bathatha uhambo lwamakhilomitha angu-1 200 beya emhlanganweni wobuKristu owawuse-Irkutsk, eRussia.
Ubuzalwane Beqiniso Bubonakala Ngezenzo
Ubunye nobuzalwane obubonakaliswa oFakazi emihlanganweni yabo bubonakala ngokucacile kubantu ababukele abanengqondo evulekile. Abaningi kuye kwabahlaba umxhwele ukuthi alukho ubandlululo phakathi kwabeze emhlanganweni nokuthi kunobungane obuqotho ngisho naphakathi kwalabo okungenzeka bayaqala ukubonana.
Emhlanganweni wezizwe wamuva e-Australia, umqondisi weqembu lezivakashi owayehola izihambeli zomhlangano isikhathi esiyisonto wafuna ukuhlala isikhathi esijana ukuze ajabulele ubudlelwane nazo. Ehlatshwe umxhwele uthando nobunye bazo, wayengayikholwa indlela ezazizwana ngayo kanti iningi lazo lalingazani. Lapho sekuyisikhathi sokuba ahambe, wacela ukuba zithule. Ezibiza ngokuthi “bafowethu nodadewethu,” waqala ukuzibonga kodwa wahluleka ukuqeda, ngoba esemiwe yinto emphinjeni ngenxa yobuhlungu benhliziyo, wakhala.
Ngo-1997, eSri Lanka kwaba nomhlangano wokuqala wezilimi ezintathu enkundleni enkulu yemidlalo. Isimiso sonke sasinikezwa ngesiNgisi, isiSinhalese nesiTamil kanyekanye. Ezweni elinokungezwani okwandayo kwezizwe, umbuthano onjalo wezizwe ezintathu waphawuleka. Elinye iphoyisa labuza umzalwane: “Obani abaphethe lo mhlangano—amaSinhalese, noma amaTamil, noma amaNgisi?” “Asikho isizwe esiphethe lo mhlangano,” kuphendula umzalwane. “Sonke sibambisene.” Iphoyisa alikholwanga. Lapho zontathu lezi zizwe zihlanganyela emthandazweni wokuphetha futhi kuzwakala u-“Amen” onobunye kuyo yonke inkundla, ababesemhlanganweni bashaya ihlombe ngokuzenzakalelayo. Cishe zonke izilaleli zazinezinyembezi emehlweni. Yebo, imihlangano iyizenzakalo ezijabulisayo ezibuqinisekisa ngempela ubuzalwane bethu.—IHubo 133:1.a
[Umbhalo waphansi]
a Bheka amakhasi 66-77, no-254-82 encwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.