Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 9/15 k. 28
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukukhulekela Kobani UNkulunkulu Akwamukelayo?
    Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade
  • AmaKristu Akhulekela Ngomoya Nangeqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Kungani Kufanele Siqondiswe Umoya KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukuqondiswa Umoya KaNkulunkulu Ekhulwini Lokuqala Nanamuhla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 9/15 k. 28

Imibuzo Evela Kubafundi

Kusho ukuthini ukukhulekela uJehova “ngomoya”?

Lapho eshumayeza owesifazane ongumSamariya owayezokukha amanzi emthonjeni kaJakobe ngasemzini waseSikhari, uJesu Kristu wathi: “UNkulunkulu uwuMoya, futhi labo abamkhulekelayo kumelwe bakhulekele ngomoya nangeqiniso.” (Johane 4:24) Ukukhulekela kweqiniso kumelwe kuqhutshwe “ngeqiniso” ngomqondo wokuthi kumelwe kuvumelane nalokho uJehova uNkulunkulu akwembulile eBhayibhelini ngaye nangezinjongo zakhe. Inkonzo yethu kuNkulunkulu kumelwe futhi inikelwe ngomoya ngomqondo wokushiseka nokushukunyiswa yinhliziyo egcwele uthando nokholo. (Thithu 2:14) Nokho, umongo ubonisa ukuthi amazwi kaJesu mayelana ‘nokukhulekela uNkulunkulu ngomoya’ aphathelene nokungaphezulu kakhulu kwesimo sengqondo esimkhonza ngaso uJehova.

Ingxoxo kaJesu nowesifazane emthonjeni yayingaphathelene nokuba khona noma ukungabi khona kwentshiseko ekukhulekeleni. Ngisho nokukhulekela kwamanga kungaqhutshwa ngentshiseko nokuzinikela. Kunalokho, ngemva kokuthi uYise wayengeke akhulekelwe entabeni eSamariya noma ethempelini eJerusalema—kokubili okuyizindawo ezingokoqobo—uJesu waveza indlela entsha yokukhulekela esekelwe esimweni sangempela sikaNkulunkulu. (Johane 4:21) Wathi: “UNkulunkulu unguMuntu ongumoya.” (Johane 4:24, Charles B. Williams) UNkulunkulu weqiniso akayona inyama futhi akanakubonwa noma athintwe. Ukukhulekelwa kwakhe akugxilile ethempelini noma entabeni engokoqobo. Ngakho, uJesu wayebhekisele esicini sokukhulekela okudlulela ngale kwezinto ezibonwayo.

Ngaphezu kokuqhutshwa ngeqiniso, ukukhulekela okwamukelekayo kudingeka futhi kuqondiswe umoya ongcwele—amandla kaNkulunkulu angabonakali. Umphostoli uPawulu wabhala: “Umoya [ongcwele] uhlola ezintweni zonke, ngisho nasezintweni ezijulile zikaNkulunkulu.” Wanezela: “Asamukelanga umoya wezwe, kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sazi izinto esizinikwe uNkulunkulu ngomusa.” (1 Korinte 2:8-12) Ukuze sikhulekele uNkulunkulu ngokwamukelekayo, kumelwe sibe nomoya wakhe futhi siqondiswe yiwo. Ngaphezu kwalokho, kubalulekile ukuba umoya wethu, noma isimo sengqondo, uvumelane nowakhe ngokutadisha nokusebenzisa iZwi lakhe.

[Isithombe ekhasini 28]

Khulekela uNkulunkulu “ngomoya nangeqiniso”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela