Ihuha Lanamuhla “Losanta”
“Usakhumbula lapho kwakungathi sicikekile amaqhawe? Lokho akuzange kubonakale kuwathinta amaMelika ayizigidi ezingu-4,2 abebukela umngcwabo kaMother Teresa ngo-September 13. Kusukela eshonile ngo-September 5, kulokhu kufika inqwaba yezicelo eVatican zabantu abacela ukuba enziwe usanta. Bambalwa abakungabazayo ukuthi kuzokwenzeka.”—I-SUN-SENTINEL, YASE-UNITED STATES, YANGO-OCTOBER 3, 1997.
UMSEBENZI wokusiza abantu wesithunywa sevangeli esingumKatolika uMother Teresa ubhekwa ngabaningi njengowubusanta uqobo lwabo. Nakwezinye izinkolo kunabantu abangamaqhawe. Nokho, mhlawumbe abekho abaqashelwa ngokomthetho njengalabo abagcotshwa njengosanta yiSonto LamaRoma Katolika.
UPapa John Paul II usegcobe abantu abangaphezu kuka-450 ukuba babe osanta kusukela aqala ukubusa, okuyinani elingaphezu kwelabagcotshwa yibo bonke abanye opapa bekhulu lama-20 behlangene.a Kungani kunalokhu kuzinikela okungapheli “kosanta,” iningi labo elingaziwa kangako amaKatolika ngokuvamile?
Isazi semfundiso yenkolo saseNotre Dame University uLawrence Cunningham siyachaza: “Uyabaheha abantu umqondo wobungcwele emhlabeni. Ukuba khona kosanta kubonisa ukuthi kungenzeka umuntu abe yiqhawe ngisho nanamuhla.” Ngaphezu kwalokho, kucatshangwa ukuthi “osanta” basondelene ngokukhethekile noNkulunkulu, okubenza abakhulumeli abangcono babantu abasaphila. Lapho kutholakala izimpahla noma izinsalela zezitho “zikasanta,” ziyahlonishwa ngenkolelo yokuthi zinamandla aphuma kuzo.
IKhathekizimu LoMkhandlu WaseTrent, elanyatheliswa ngekhulu le-16 leminyaka ukuze kuqinisekiswe izimfundiso zamaKatolika, lathi: “Kuyafaneleka ukuba siphethe ngokuthi, ukuhlonipha osanta ‘abalalayo eNkosini,’ ukunxusa ukuba basikhulumele, nokuhlonipha izimpahla zabo nomlotha wabo, kuyayandisa inkazimulo kaNkulunkulu kunokuba kuyinciphise, njengoba nethemba lalowo mKristu liphila futhi liqina, ashukumiseleke ukuba alingise izimfanelo zabo ezinhle.” (The Catechism of the Council of Trent, 1905) Ngokuqinisekile, amaKristu eqiniso afuna ukuphila ukuphila okuhle, akhuleke ngendlela efanele kuNkulunkulu, athole nosizo lwaphezulu. (Jakobe 4:7, 8) Ngakho-ke, ngokweZwi likaNkulunkulu, obani abafaneleka njengosanta bangempela? Futhi bafeza yiphi indima?
[Umbhalo waphansi]
a Ukugcoba umuntu njengosanta kuwukumqaphela ngokusemthethweni lowo mRoma Katolika osashona njengofanelwe ukuhlonishwa okuyisibopho yonke indawo.