Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w02 12/1 k. 8
  • Etafuleni Likakaputeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Etafuleni Likakaputeni
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukumemezela Ukubuya KweNkosi (1870-1914)
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Ingxoxo Nomakhelwane—Ingabe Bonke Abantu Abalungile Baya Ezulwini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukuvivinya Nokuhlunga Ngaphakathi
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
  • Isikhathi Sokuvivinywa (1914-1918)
    OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
w02 12/1 k. 8

Etafuleni Likakaputeni

ABANTU abathakazelisayo, ukudla okwehla esiphundu nezingxoxo ezimnandi, konke kwenza ukudla etafuleni likakaputeni emkhunjini kube mnandi. Kodwa ingxoxo etafuleni likakaputeni we-White Star Line uRobert G. Smith, yembula idili elingokomoya.—Isaya 25:6.

Ngo-1894, eneminyaka engu-24 ubudala, uRobert waba ukaputeni womkhumbi i-Kinclune of Dundee wathatha uhambo lwakhe lokuqala lokuzungeza umhlaba. Kamuva waba ukaputeni emikhunjini yakwa-White Star, enjenge-Cedric, i-Cevic ne-Runic.a Lapho ewela i-Atlantic esuka eNew York elibangise eLiverpool, eNgilandi, komunye wale mikhumbi, uRobert wamemela uCharles Taze Russell etafuleni lakhe njengokaputeni. Ingxoxo yakhe noRussell yenza uRobert waba nesithakazelo eBhayibhelini, futhi ukuze afunde okwengeziwe, wathatha amakhophi e-Studies in the Scriptures kuRussell.

URussell waqhubeka embhalela, futhi ngenxa yalokho isithakazelo sikaRobert eBhayibhelini sakhula. URobert wahlanganyela ulwazi ayesanda kuluthola nomkakhe. Kungakabiphi bobabili baba abaFundi BeBhayibheli abakhuthele, njengoba babaziwa kanjalo oFakazi BakaJehova ngaleso sikhathi. Kamuva uRobert waba nelungelo lokunikeza izinkulumo zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, eBrisbane, e-Australia, wabeka inkulumo ethi “Ibhalisamu LakwaGileyadi” wabonisa ukuthi iZwi likaNkulunkulu liqukethe umyalezo “oyikhambi lazo zonke izinhlupheko zomhlaba.” Ekhaya eNgilandi, umkakhe nezingane ezincane basiza ekubukiseni i-Photo-Drama of Creation,” bedlala izinkulumo eziqoshiwe zikaRussell njengoba kuboniswa ama-slide.

URobert walidlulisela ezinganeni zakhe ifa leqiniso loMbuso ayelitholile. Namuhla, ngemva kwezizukulwane ezinhlanu, amalungu omkhaya angu-18 amatasa exoxa nabanye ngezindaba ezinhle, ebonga ngalokho okwakudekwe etafuleni likakaputeni.

Ngezincwadi zabo nomsebenzi wabo wokufundisa ngeBhayibheli, oFakazi BakaJehova basiza abantu emhlabeni wonke ukuba bafunde umyalezo weBhayibheli owakhanga uKaputeni Smith. Nawe ungathola ukuthi yini lena eyayithakazelisa kangaka etafuleni likakaputeni.

[Umbhalo waphansi]

a Umkhumbi ofana nalona, i-Titanic, wawuqondiswa uKaputeni u-E. J. Smith (ongesona isihlobo) lapho uthatha uhambo lwawo lokuqala olwaba yinhlekelele.

[Isithombe ekhasini 8]

URobert G. Smith

[Isithombe ekhasini 8]

UCharles T. Russell

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela