‘Nkulunkulu, Kungani Uyivumele Le Nto?’
URICARDO usakhumbula ehleli kwadokotela nomkakhe, uMaria, belindile.a Akekho kubona owayenesibindi sokufunda imiphumela yokuhlolwa kukaMaria kwakamuva. URicardo wabe esevula imvilophu, bagijimisa amehlo embikweni obhalwe ngolimi lwezokwelapha. Babona igama elithi “umdlavuza,” bobabili baqala ukukhala njengoba beqonda ukuthi lalisho ukuthini lelo gama.
“Udokotela wayenomusa impela,” kukhumbula uRicardo, “kodwa kwakusobala ukuthi uyabona ukuthi isimo sibi ngoba wayelokhu ethi kumelwe sithembele kuNkulunkulu.”
Ngaphambi kokuba uMaria aqale ukwelashwa ngemisebe, udokotela waphawula ukuthi unyawo lwakhe lwesokudla lwaluvele luzinyakazele. Ukuhlola okwengeziwe kwaveza ukuthi umdlavuza wawusufike nasebuchosheni bakhe. Ngemva nje kwesonto elilodwa elashwa, ukwelapha ngemisebe kwayekwa. UMaria waquleka, ngemva kwezinyanga ezimbili washona. “Ngajabula ukuthi ukuhlupheka kwakhe kwase kuphelile,” kuchaza uRicardo, “kodwa ngangimkhumbula kangangokuthi ngangizithola ngifisa sengathi nami ngingafa. Ngangivame ukukhala ngithi kuNkulunkulu: ‘Kungani uyivumele le nto yenzeka?’”
Lapho Kufika Usizi, Imibuzo Iba Miningi
NjengoRicardo, abantu abaningi emhlabeni behlelwa izinhlupheko. Ezikhathini eziningi, abangenacala yibo abahluphekayo. Cabanga ngosizi olukhulu olubangelwa izimpi ezingapheli ezikhungethe isintu. Noma cabanga ngobuhlungu bezisulu ezingenakubalwa zokudlwengulwa, ukuxhashazwa kwezingane, ubudlova basekhaya, nobunye ububi obenziwa umuntu. Kubonakala sengathi kuwo wonke umlando ukungabi nabulungisa nobuhlungu umuntu abelokhu ezimisele ukubuzwisa omunye umuntu akubanga namkhawulo. (UmShumayeli 4:1-3) Bese kuba nobuhlungu bezisulu zezinhlekelele zemvelo noma zezifo ezingokomzwelo, zengqondo nezomzimba. Akumangalisi ukuthi abaningi bayabuza, “Kungani uNkulunkulu evumela ukuhlupheka okunjalo?”
Ngisho nakulabo abanezinkolelo zenkolo, akulula ukubhekana nokuhlupheka. Nawe ungase uzibuze ukuthi kungani uNkulunkulu onothando, onamandla onke engavumela abantu bahlupheke. Ukuthola impendulo eyanelisayo neyiqiniso yalo mbuzo odidayo kubalulekile ukuze sibe nokuthula kwengqondo nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. IBhayibheli liyayinikeza impendulo enjalo. Sicela ucabangele lokho elikushoyo njengoba kuvezwe esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Izithombe ekhasini 3]
Udokotela wayelokhu ethi kumelwe sithembele kuNkulunkulu