Imibuzo Evela Kubafundi
Ingabe kuyamukeleka ngokomBhalo ukuba umKristu abeke isandla eBhayibhelini futhi afunge ukukhuluma iqiniso lonke enkantolo?
Umuntu ngamunye kumelwe azinqumele kule ndaba. (Galathiya 6:5) Nokho, iBhayibheli alikwenqabeli ukufunga ukukhuluma iqiniso enkantolo.
Sekuyisikhathi eside ukufunga kwenziwa ezindaweni eziningi. Ngokwesibonelo, endulo amaGreki ayephakamisela isandla ezulwini noma athinte i-altare lapho efunga. Lapho umuntu waseRoma enza isifungo, wayefumbatha itshe ngesandla bese efunga ethi: “Uma ngikhohlisa ngamabomu, lapho [unkulunkulu] uJupiter evikela umuzi nenqaba, kwangathi angangitshinga kude nakho konke okuhle, kanjengoba ngitshinga leli tshe.”—Cyclopedia of Biblical, Theological, and Ecclesiastical Literature, kaJohn McClintock noJames Strong, Umqulu VII, ikhasi 260.
Izenzo ezinjalo zaziwuphawu lokuthi abantu bayaqaphela ukuthi ukhona unkulunkulu okwaziyo ukubona izinto isintu esizenzayo futhi okumelwe balandise kuye. Kusukela ezikhathini zasendulo, abakhulekeli bakaJehova beqiniso babeqaphela ukuthi uyakwazi abakushoyo nabakwenzayo. (IzAga 5:21; 15:3) Babefunga njengokungathi baphambi kukaNkulunkulu noma ungufakazi. Ngokwesibonelo, uBhowazi, uDavide, uSolomoni noZedekiya benza kanjalo. (Ruthe 3:13; 2 Samuweli 3:35; 1 AmaKhosi 2:23, 24; Jeremiya 38:16) Abakhulekeli bakaNkulunkulu babevuma nokuba abanye babafungise. Yilokho okwenzeka ku-Abrahama nakuJesu Kristu.—Genesise 21:22-24; Mathewu 26:63, 64.
Ngezinye izikhathi umuntu ofunga phambi kukaJehova wayenza okuthile ngesandla. U-Abrama (u-Abrahama) wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiphakamisa isandla sami ngiyafunga kuJehova uNkulunkulu oPhezukonke, uMenzi wezulu nomhlaba.” (Genesise 14:22) Ingelosi eyayikhuluma nomprofethi uDaniyeli ‘yaphakamisela isandla sayo sokunene nesandla sayo sobunxele emazulwini ifunga Lowo ophila kuze kube nini nanini.’ (Daniyeli 12:7) Ngisho noNkulunkulu kukhulunywa ngaye njengophakamisa isandla ngokomfanekiso efunga.— Duteronomi 32:40; Isaya 62:8.
ImiBhalo ayikwenqabeli ukufunga. Nokho, umKristu akudingeki afunge ukuze asekele konke akushoyo. UJesu wathi: “Izwi lenu elingu-Yebo malisho uYebo, u-Cha wenu, asho uCha.” (Mathewu 5:33-37) Umfundi uJakobe naye washo into ethi ayifane. Lapho ethi “yekani ukufunga,” wayexwayisa ngokufungela izinto ezingelutho. (Jakobe 5:12) Akekho phakathi kukaJesu noJakobe owathi akulungile ukufunga ukukhuluma iqiniso enkantolo.
Kuthiwani-ke uma umKristu ecelwa enkantolo ukuba afunge ukuthi ubufakazi bakhe buyiqiniso? Angase aphethe ngokuthi angasenza isifungo esinjalo. Kungenjalo, angase anikwe imvume yokunikeza isiqinisekiso sokuthi akaqambi amanga.—Galathiya 1:20.
Uma inqubo yasenkantolo ihilela ukuphakamisa isandla noma ukusibeka eBhayibhelini lapho umuntu efunga, umKristu angase avume ukwenza kanjalo. Angase akhumbule izibonelo ezisemiBhalweni zokwenza okuthile ngesandla lapho ufunga. KumKristu, okubaluleke kakhulu kunokwenza okuthile ngesandla lapho efunga ukukhumbula ukuthi ufunga phambi kukaNkulunkulu ukukhuluma iqiniso. Isifungo esinjalo asiyona into encane. Uma umKristu ecabanga ukuthi angawuphendula futhi kufanele awuphendule umbuzo abuzwa wona ngaphansi kwezimo ezinjalo, khona-ke kufanele akhumbule ukuthi ufunge ukukhuluma iqiniso, okuyinto vele umKristu afuna ukuyikhuluma ngaso sonke isikhathi.