Indlela Yokuhlakulela Umbono Onokulinganisela Ngomsebenzi
EZWENI lanamuhla elicindezelayo lezimakethe zomhlaba, ukuncintisana okunonya, nokukhiqizwa kwezinto ngobuningi, abantu abakujabuleli ukuya emsebenzini usuku ngalunye. Nokho, kufanele siwujabulele umsebenzi wethu. Ngani? Ngoba sadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu—futhi uNkulunkulu uyawujabulela umsebenzi wakhe. Ngokwesibonelo, ngemva kokubukeza lokho ayekwenzile ekupheleni ‘kwezinsuku,’ noma izinkathi ezinde, eziyisithupha zokudala, “uNkulunkulu wabona konke ayekwenzile, bheka! kwakukuhle kakhulu,” kusho uGenesise 1:31.
Akungabazeki ukuthi ukuthanda kukaJehova umsebenzi kungesinye sezizathu esenza abizwe ngokuthi ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Akukhona-ke yini okunengqondo ukuthi lapho simlingisa ngokwengeziwe kuba yilapho sijabula nakakhulu? Kulesi sici, iNkosi uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo, umakhi nomhleli ovelele, yabhala yathi: “Nokuthi wonke umuntu adle futhi empeleni aphuze abone okuhle ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima. Kuyisipho sikaNkulunkulu.”—UmShumayeli 3:13.
Ezimweni zanamuhla zomsebenzi ezishintsha ngokushesha, kungaba nzima ukuhlakulela umbono omuhle nonokulinganisela ngomsebenzi. Kodwa uJehova uNkulunkulu uyababusisa labo abalalela isiqondiso sakhe sothando. (IHubo 119:99, 100) Abanjalo baba izisebenzi ezaziswayo nezethenjwayo ngakho akulula ukuba balahlekelwe umsebenzi. Bafunda nokubheka ukuphila kwabo nomsebenzi wabo ngombono ongokomoya, hhayi nje ngokwezinto ezibonakalayo. Lokhu kubenza bakwazi ukwenza izinqumo ezivuthiwe ekuphileni nokubona ukuthi injabulo yabo nokuzizwa belondekile akutholakali emsebenzini wabo kuphela noma kwezemisebenzi ezishintshashintshayo. (Mathewu 6:31-33; 1 Korinte 2:14, 15) Kubasiza bahlakulele izimiso zokusebenza ezinokulinganisela ngempela.
Hlakulela Izimiso Zokusebenza Ezijabulisa UNkulunkulu
Abanye abantu bayimilutha yomsebenzi, babeka umsebenzi wabo ngaphambi kwakho konke. Abanye baphilela ukushona kwelanga ukuze bahlukane nomsebenzi bagoduke. Uyini umbono onokulinganisela? IBhayibheli liyaphendula: “Kungcono ukuphumula okuncane kunomsebenzi onzima omningi nokulwela ukufica umoya.” (UmShumayeli 4:6) Eqinisweni, ukusebenza kanzima kakhulu noma isikhathi eside kakhulu kudala izinkinga—‘kuwukulwela ukufica umoya’ okuyize. Ngani? Ngoba singalimaza zona kanye lezo zinto ezisilethela injabulo: ubuhlobo bethu nomkhaya nabangane, ingokomoya lethu, impilo yethu, ngisho nanokuphila kwethu. (1 Thimothewu 6:9, 10) Umbono onokulinganisela uwukwaneliswa yilokho okuncane onakho, okuhambisana nokuthula okusesilinganisweni kunokwesindwa umsebenzi omningi ohambisana nombango nokuhlupheka.
Ngokutusa umbono onokulinganisela, iBhayibheli alikhuthazi ubuvila. (IzAga 20:4) Ubuvila buqeda ukuzihlonipha nenhlonipho yabanye ngathi. Okubi nakakhulu, bulimaza ubuhlobo bethu noNkulunkulu. IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi umuntu ongafuni ukusebenza akufanele adle ngezithukuthuku zabanye. (2 Thesalonika 3:10) Kunalokho, kufanele ashintshe izindlela zakhe asebenze kanzima, ngaleyo ndlela eziphilisa ngokuhloniphekile yena nalabo abancike kuye. Ngokusebenza kanzima angakwazi ngisho nanokusiza labo abaswele ngempela—okuwumkhuba iZwi likaNkulunkulu eliwukhuthazayo.—IzAga 21:25, 26; Efesu 4:28.
Ukuqeqeshwa Kusukela Ebuntwaneni Ukwazisa Umsebenzi
Imikhuba emihle yokusebenza ayizenzakaleli; ifundwa ebuntwaneni. Yingakho iBhayibheli liyala abazali lithi: “Qeqesha umntwana ngokwendlela emfanele; ngisho nalapho ekhula ngeke aphambuke kuyo.” (IzAga 22:6) Ngaphandle kokuba yizibonelo ezinhle ekusebenzeni, abazali abahlakaniphile baqala ukuqeqesha izingane zabo ngokuzinika imisebenzi yasekhaya elingana nazo. Ngisho noma izingane zingase ziyicasukele eminye imisebenzi, ziyozibona zingamalungu omkhaya awusizo—ikakhulukazi uma umama nobaba bezitusa ngomsebenzi eziwenze kahle. Ngokudabukisayo, abanye abazali bazenzela cishe zonke izinto izingane zabo, mhlawumbe becabanga ngokungeyikho ukuthi bazenzela umusa. Abazali abanjalo kuhle bacabange ngezAga 29:21, ezithi: “Uma umuntu etotosa inceku yakhe kusukela ebusheni kuqhubeke, ekuphileni kwayo kwakamuva iyoba ngengabongiyo.”
Abazali abazihluphayo baba nesithakazelo esibukhali emfundweni yezingane zabo, bazikhuthaze ukuba zizimisele ekufundeni nasekusebenzeni esikoleni. Lokhu kuyozibeka ethubeni elihle lapho sezisebenza.
Khetha Umsebenzi Wakho Ngokuhlakanipha
Nakuba lingasitsheli ukuthi hlobo luni lomsebenzi okufanele siwukhethe, iBhayibheli lisinikeza isiqondiso esihle ukuze ukuthuthuka kwethu ngokomoya, inkonzo yethu kuNkulunkulu, neminye imithwalo yemfanelo ebalulekile kungabi sengozini. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wabhala: “Kusukela manje labo . . . abasebenzisa izwe [ma]babe njengalabo abangalisebenzisi ngokugcwele; ngoba isimo saleli zwe siyashintsha.” (1 Korinte 7:29-31) Akukho lutho oluhleli phakade noma oluzinze ngokuphelele kulesi simiso sezinto samanje. Ukunikela ngaso sonke isikhathi namandla ethu kuso kufana nokuthatha yonke imali esiyongile sithenge indlu endaweni ethandwa izikhukhula. Yeka ubuwula!
Ezinye izinguqulo zeBhayibheli zihumusha inkulumo ethi “abangalisebenzisi ngokugcwele” ngokuthi “abangangenile shí kulo” nangokuthi “abangematasa kakhulu ngazo.” (The Jerusalem Bible; Today’s English Version) Abantu abahlakaniphile abalikhohlwa iqiniso lokuthi isikhathi salesi simiso “sinciphile” nokuthi ‘ukungena shí’ kuso nokuba “matasa kakhulu” ngaso nakanjani kuyoholela ekudumazekeni nasekuzisoleni.—1 Johane 2:15-17.
‘UNkulunkulu Akasoze Akushiya’
UJehova wazi izidingo zethu ngaphezu kokuba thina sizazi. Uyazi nokuthi sikuphi ekufezekeni kwenjongo yakhe. Ngakho uyasikhumbuza: “Indlela yenu yokuphila mayingabi nalo uthando lwemali, naneliswe izinto ezikhona. Ngoba [uNkulunkulu] uthé: ‘Angisoze ngakushiya noma ngikulahle nganoma iyiphi indlela.’” (Hebheru 13:5) Aweve eduduza lawo mazwi! Elingisa ukukhathalela kukaNkulunkulu abantu bakhe ngothando, uJesu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni wasebenzisa isikhathi esiningi efundisa abafundi bakhe umbono ofanele ngomsebenzi nezinto ezibonakalayo.—Mathewu 6:19-33.
OFakazi BakaJehova balwela ukulandela lezo zimfundiso. Ngokwesibonelo, lapho omunye umqashi ecela uFakazi osebenza ngogesi ukuba asebenze isikhathi esengeziwe njalo, uFakazi wenqaba. Ngani? Ngoba wayengafuni ukuba umsebenzi wakhe wokuziphilisa udle isikhathi ayesibekela umkhaya wakhe nezinto ezingokomoya. Njengoba ayeyisisebenzi esikahle kakhulu nesithenjwayo, umqashi wakhe wazihlonipha izimiso zakhe. Yiqiniso, akubi njalo ngaso sonke isikhathi, futhi umuntu kungase kudingeke afune omunye umsebenzi ukuze aqhubeke ephila ngendlela enokulinganisela. Noma kunjalo, labo abathembela kuJehova ngokugcwele ngokuvamile bathola ukuthi ukuziphatha kwabo okuhle kanye nezimiso zabo ezinhle zokusebenza kubenza bathandwe abaqashi babo.—IzAga 3:5, 6.
Lapho Wonke Umsebenzi Uyobe Ujabulisa
Kulesi simiso sezinto samanje esingaphelele, umsebenzi namathuba omsebenzi kuyohlale kunezinkinga nokungaqiniseki. Eqinisweni, izinto zingase zibe zimbi kakhulu njengoba izwe liya lingazinzi nezomnotho ziguquguquka noma ziwohloka. Kodwa lesi simo esesikhashana. Ngokushesha akukho muntu oyobe engenawo umsebenzi. Ngaphezu kwalokho, wonke umsebenzi uyobe uthakazelisa futhi ujabulisa. Kuyokwenzeka kanjani lokho? Yini eyoletha lolo shintsho?
Ngomprofethi wakhe u-Isaya, uJehova wakhuluma ngaleso sikhathi. Wathi: “Ngidala amazulu amasha nomhlaba omusha; izinto zangaphambili ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.” (Isaya 65:17) Wayekhuluma ngohulumeni omusha owakhiwe nguye, okuyophila ngaphansi kwawo umphakathi wabantu omusha nohluke ngokuphelele.—Daniyeli 2:44.
Ngokuphathelene nendlela abantu abayophila futhi basebenze ngayo ngaleso sikhathi, lesi siprofetho siqhubeka sithi: “Ngokuqinisekile bayokwakha izindlu bahlale kuzo; nakanjani bayotshala izivini badle izithelo zazo. Ngeke bakhe kuhlale omunye; ngeke batshale kudle omunye. Ngoba izinsuku zabantu bami ziyoba njengezinsuku zomuthi; nomsebenzi wezandla zabo abakhethiweyo bami bayowusebenzisa ngokugcwele. Ngeke bakhandlekele ize, noma bazalele ukuhlupheka; ngoba bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova, nozalo lwabo kanye nabo.”—Isaya 65:21-23.
Yeka ushintsho oluyolethwa yilelo zwe elisha elenziwe uNkulunkulu! Uyafuna yini ukuphila ezweni elinjalo, lapho ungeke ‘ukhandlekele ize’ kodwa uyozijabulela ngokugcwele “izithelo” zomsebenzi wakho? Nokho phawula ukuthi obani abayothola lezo zibusiso: “Bayinzalo yababusisiweyo bakaJehova.” Ungaba omunye walabo “ababusisiweyo” ngokufunda ngoJehova futhi wenze lokho akufunayo. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.” (Johane 17:3) OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukukusiza ukuba uthole lolo lwazi olunikeza ukuphila ngesifundo esihleliwe seZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli.
[Ibhokisi ekhasini 6]
“BAHLALE BEFUNWA”
IBhayibheli lithi: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” (Kolose 3:23) Kusobala ukuthi umuntu ozimiso zakhe zokusebenza zilawulwa yilesi simiso esihle uyoba isisebenzi esifunwa ngapha nangapha. Ngenxa yalokho, encwadini yakhe ethi How to Be Invisible, uJ. J. Luna weluleka abaqashi ukuba bafune amalungu akhuthele ezinkolo ezithile, kodwa unezela athi: “Eqinisweni sivame ukugcina siqashé oFakazi BakaJehova.” Esinye isizathu asinikezayo ukuthi baziwa kahle ngokuthembeka kwabo, futhi lokho kubenza “bahlale befunwa” emisebenzini ehlukahlukene.
[Izithombe ekhasini 5]
Ukulinganisa umsebenzi wokuziphilisa nemisebenzi engokomoya nokuzijabulisa kuyanelisa