Umbhalo Othakazelisayo Wezenzakalo Zohambo
KUSUKELA ngo-1928 kuya ku-1956 umhloli wamazwe uRichard E. Byrd waya kahlanu e-Antarctica eyoyihlola. Ngokubhala umlando wezenzakalo zansuku zonke nokugcina umbhalo wezenzakalo zohambo, yena nayehamba nabo bakwazi ukubona ukuhamba kwemimoya, ukudweba amabalazwe nokuthola ukwaziswa okuningi ngezwekazi lase-Antarctica.
Uhambo lukaByrd lokuhlola lubonisa inzuzo yokugcina umbhalo wezenzakalo zohambo. Embhalweni wezenzakalo kugcinwa imininingwane yohambo lomkhumbi noma lwendiza. Leyo mininingwane ingase isetshenziswe kamuva ekuhloleni lokho okwenzeka noma ekuhlaziyeni ukwaziswa okungase kusetshenziswe ohambweni olulandelayo.
EmiBhalweni sithola ukulandisa okuthakazelisayo ngoZamcolo wangezinsuku zikaNowa. Lowo Zamcolo wembulunga yonke wathatha isikhathi esingaphezu konyaka. Lapho belungiselela uZamcolo, uNowa, umkakhe, amadodana abo amathathu nomkawo bachitha iminyaka engaba ngu-50 noma engu-60 bakha umkhumbi omkhulu onomthamo ongama-cubic meter angu-40 000. Yayiyini injongo yawo? Ukusindisa abantu abathile nezilwane kuZamcolo.—Genesise 7:1-3.
Eqinisweni, incwadi yeBhayibheli kaGenesise iqukethe lokho okungabizwa ngokuthi umbhalo kaNowa wezenzakalo zohambo ezenzeka kusukela ekuqaleni kukaZamcolo kuze kube yilapho yena nomkhaya wakhe bephuma emkhunjini. Ingabe kukhona osiphathele khona okubalulekile kithi namuhla?