Indlela Yokuhlakulela Uthando Lwangempela
“Uthando luwuzifo zonke; uthando luwukuphila.”—Living to Purpose, kaJoseph Johnson, 1871.
UMUNTU ukufunda kanjani ukubonisa uthando? Ngokufunda izifundo zokusebenza kwengqondo? Ngokufunda izincwadi zokuzisiza? Ngokubukela amabhayisikobho othando? Lutho. Abantu baqala ukufunda ukubonisa uthando ngesibonelo sabazali babo nangokufundiswa yibo. Izingane ziyofunda ukuthi luyini uthando uma, ekhaya elinothando, zibona abazali bazo bezondla, bezivikela, bexoxa nazo futhi bebonisa isithakazelo somuntu siqu esijulile kuzo. Zifunda futhi ukubonisa uthando uma abazali bazo bezifundisa ukugcina izimiso ezinengqondo zokuhle nokubi.
Uthando lwangempela lungaphezu komuzwa nje. Ngaso sonke isikhathi lwenza ngendlela ezuzisa abanye, ngisho noma bengayiboni ngokugcwele inzuzo yako ngaleso sikhathi, okuyinto evame ezinganeni lapho ziyalwa ngothando. Isibonelo esiphelele somuntu obonisa uthando olungenabugovu uMdali ngokwakhe. Umphostoli uPawulu wabhala wathi: “Ndodana yami, ungasilulazi isiyalo esivela kuJehova, futhi ungapheli amandla lapho uqondiswa nguye; ngoba uJehova uyamyala lowo amthandayo.”—Hebheru 12:5, 6.
Bazali, ningamlingisa kanjani uJehova ekuboniseni umkhaya wenu uthando? Futhi sibaluleke kangakanani isibonelo enisibekayo ebuhlotsheni benu njengendoda nomfazi?
Fundisani Uthando Ngesibonelo
Uma uyindoda, ingabe umkakho uyamazisa, noma umbheka njengoyigugu, futhi umbonisa udumo nenhlonipho? Uma uyinkosikazi, ingabe uyamthanda futhi uyamsekela umyeni wakho? IBhayibheli lithi indoda nomkayo kufanele bathandane bahloniphane. (Efesu 5:28; Thithu 2:4) Uma benza kanjalo, izingane zizibonela mathupha ukusebenza kothando lobuKristu. Yeka ukuthi lokho kungaba isifundo esinamandla nesibaluleke kangakanani!
Abazali futhi bakhuthaza ukuba kube nothando ekhaya uma benamathela ezindinganisweni eziphakeme zomkhaya maqondana nezinto ezinjengezokuzijabulisa, ukuziphatha, ukubeka imigomo nezinto eziza kuqala. Emhlabeni wonke, abantu baye bathola ukuthi iBhayibheli liwusizo olukhulu ekubekeni izindinganiso zomkhaya ezinjalo, benikeza ubufakazi obubonakalayo bokuthi ngempela iBhayibheli ‘liphefumulelwe uNkulunkulu futhi linenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.’ (2 Thimothewu 3:16) Ngempela, izimiso zokuziphatha neziqondiso zokuphila eziseNtshumayelweni YaseNtabeni nje kuphela ngokuvamile zibhekwa njengeziphakeme ukwedlula zonke.—UMathewu, izahluko 5 kuya ku-7.
Lapho wonke umkhaya ufuna ukuqondiswa uNkulunkulu futhi unamathela ezindinganisweni zakhe, ilungu ngalinye lizizwa lilondeke kakhudlwana, futhi izingane zithambekela kakhudlwana ekuthandeni nasekuhlonipheni abazali bazo. Kanti, ekhaya elinezindinganiso ezimbaxambili, ezingalungile, noma ezixegayo, izingane zingase zicasuke, zithukuthele futhi zivukele.—Roma 2:21; Kolose 3:21.
Kuthiwani ngabazali abangabodwa? Ingabe kunzima kakhulu ngabo ukufundisa izingane zabo uthando? Akunjalo ngempela. Nakuba kungekho okungathatha isikhundla sikamama nobaba ababambisene kahle, okwenzekayo kubonisa ukuthi ubuhlobo obuhle bomkhaya bungasivala ngezinga elithile isikhala somzali ongekho. Uma ungumzali ongayedwa, lwela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekhaya lakho. Yebo, esinye isaga sithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—kuhlanganise nendlela yokukhulisa abantwana.—IzAga 3:5, 6; Jakobe 1:5.
Intsha eningi enhle yakhuliswa abazali abangabodwa futhi manje ikhonza uNkulunkulu ngokwethembeka ezinkulungwaneni zamabandla obuKristu oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke. Lokhu kuwubufakazi bokuthi abazali abangabodwa nabo bangaphumelela ekufundiseni izingane zabo mayelana nothando.
Indlela Bonke Abangaluhlakulela Ngayo Uthando
IBhayibheli labikezela ukuthi ‘izinsuku zokugcina’ zaziyobonakala ngokuntuleka ‘kothando,’ okuwukuthi, ukuntuleka kokusondelana kwemvelo okuvame ukuba khona phakathi kwamalungu omkhaya. (2 Thimothewu 3:1, 3) Nokho, ngisho nalabo okungenzeka bakhula bengaboniswa uthando bangafunda ukuhlakulela uthando. Kanjani? Ngokufunda kuJehova, onguMthombo wangempela wothando nobonisa uthando kubo bonke abaphendukela kuye ngenhliziyo yonke. (1 Johane 4:7, 8) Omunye umhubi wathi: “Noma kungenzeka ubaba nomama bangishiye, yebo uJehova yena ubeyongamukela.”—IHubo 27:10.
UJehova usibonisa uthando lwakhe ngezindlela eziningi ezahlukahlukene. Lokhu kuhlanganisa nesiqondiso esinjengesikababa asinikeza ngeBhayibheli, usizo lomoya ongcwele nokusekela kothando kwabazalwane abangamaKristu. (IHubo 119:97-105; Luka 11:13; Hebheru 10:24, 25) Cabanga ngendlela la malungiselelo amathathu angakusiza ngayo ukuba uthando lwakho ngoNkulunkulu nangomakhelwane lukhule.
Isiqondiso Esinjengesikababa Esiphefumulelwe
Ukuze sakhe ubuhlobo obuseduze obunothando nothile, kumelwe simazi kahle lowo muntu. Ngokuzembula eBhayibhelini, uJehova usimema ukuba sisondele kuye. Nokho, ukufunda iBhayibheli akwanele. Kumelwe senze lokho elisifundisa kona bese sibona izinzuzo zako. (IHubo 19:7-10) U-Isaya 48:17 uthi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, lowo okufundisayo ukuze uzuze, lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.” Yebo, uJehova, owuthando ngokwalo, usifundisa ngenjongo yokuba kuzuze thina—hhayi ngoba efuna ukubekela inkululeko yethu imikhawulo ngemithetho nemingcele engenasidingo.
Ulwazi olunembile lweBhayibheli nalo lwenza uthando lwethu ngabanye abantu lukhule. Lokhu kungenxa yokuthi iqiniso leBhayibheli lisifundisa indlela uNkulunkulu ababheka ngayo abantu futhi lisibonisa izimiso okufanele zilawule indlela esisebenzelana ngayo. Ngokuba nolwazi olunjalo, sinesisekelo esiqinile sokuhlakulela uthando ngomakhelwane. Umphostoli uPawulu wathi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungavama kakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.”—Filipi 1:9.
Ukubonisa ukuthi uthando lungaqondiswa kahle kanjani “ulwazi olunembile,” cabanga ngeqiniso eliyisisekelo elishiwo encwadini yezEnzo 10:34, 35 ethi: “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.” Uma uNkulunkulu ahlulela abantu ngezenzo zabo ezilungile nangokuthi bayamesaba yini, hhayi ngobuzwe noma uhlanga lwabo, akufanele yini sibheke abanye abantu ngokungakhethi okufanayo?—IzEnzo 17:26, 27; 1 Johane 4:7-11, 20, 21.
Uthando—Isithelo Somoya KaNkulunkulu
Njengoba nje imvula efika ngesikhathi esifanele engadini yezithelo iba nomthelela esivunweni esihle, umoya kaNkulunkulu ungabangela ukuba abantu abalalelayo baveze izimfanelo iBhayibheli elizibiza ngokuthi “izithelo zomoya.” (Galathiya 5:22, 23) Isithelo esivelele kulezi uthando. (1 Korinte 13:13) Kodwa siwuthola kanjani umoya kaNkulunkulu? Indlela ebalulekile umthandazo. Uma siwuthandazela umoya kaNkulunkulu, uyosinikeza. (Luka 11:9-13) Ingabe ‘uyaqhubeka’ uthandazela umoya ongcwele? Uma wenza kanjalo, khona-ke isithelo sawo esiyigugu, esihlanganisa nothando, kufanele siqhubeke sibonakala ngokwengeziwe ekuphileni kwakho.
Nokho, kunolunye uhlobo lomoya oluphikisana nomoya kaNkulunkulu. IBhayibheli liwubiza ngokuthi “umoya wezwe.” (1 Korinte 2:12; Efesu 2:2) Uyithonya elibi, futhi awukho omunye umthombo wawo ngaphandle kukaSathane uDeveli, “umbusi waleli zwe” lesintu esihlukaniswe noNkulunkulu. (Johane 12:31) Njengomoya osusa uthuli nezibi, “umoya wezwe” ubangela izifiso ezinenzondo eziqeda uthando zanelise izifiso zenyama ebuthakathaka.—Galathiya 5:19-21.
Abantu bathola lo moya omubi lapho bezichaya emoyeni wokuthanda izinto ezibonakalayo nowobugovu, ezimweni zengqondo ezinobudlova nasembonweni osontekile nohlanekezelwe ngothando ovame kangaka ezweni. Uma ufuna ukuba uthando lwakho lwangempela lukhule, kumelwe umelane ngokuqinile nomoya wezwe. (Jakobe 4:7) Nokho, ungathembeli emandleni akho; cela uJehova akusize. Umoya wakhe—amandla amakhulu kunawo wonke endaweni yonke—ungakuqinisa ukwenze uphumelele.—IHubo 121:2.
Funda Uthando Kubazalwane AbangamaKristu
Njengoba nje izingane zifunda ukubonisa uthando ngokuboniswa lona ekhaya, uthando lwethu sonke—abancane nabadala—lungakhula lapho sihlangana namanye amaKristu. (Johane 13:34, 35) Ngempela, omunye wemisebenzi eyinhloko yebandla lobuKristu ukwenza ukuba kube khona isimo lapho abantu ‘bengakhuthazana khona othandweni nasemisebenzini emihle.’—Hebheru 10:24, i-New International Version.
Uthando olunjalo lwaziswa ngokukhethekile yilabo okungenzeka ‘bebephundlekile futhi behlakazekile’ kuleli zwe elingenalo uthando elisizungezile. (Mathewu 9:36) Okwenzekayo kubonisa ukuthi uma umuntu eba nobuhlobo obunothando lapho esemdala angayinqoba imiphumela eminingi emibi ebangelwe ukungaboniswa uthando ebuntwaneni. Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kanjani ukuba wonke amaKristu azinikezele abamukele ngenhliziyo yonke abasha abaqala ukuzihlanganisa nawo!
“Uthando Alusoze Lwaphela Nanini”
IBhayibheli lithi “uthando alusoze lwaphela nanini.” (1 Korinte 13:8) Kwenzeka kanjani lokho? Umphostoli uPawulu uthi: “Uthando luyabekezela futhi lunomusa. Uthando alunamhawu, aluzigabisi, aluzikhukhumezi, aluziphathi ngokuhlazisayo, aluzifuneli izinzuzo zalo siqu, alucasuki. Alunamagqubu.” (1 Korinte 13:4, 5) Kusobala ukuthi lolu thando alulona iphupho nje noma umzwelo ongajulile. Ngokuphambene—labo abalubonisayo bayaqaphela futhi bayavuma ukuthi ukuphila kunezinto ezidumazayo nezibuhlungu, kodwa abakuvumeli lokhu kuqede uthando lwabo ngabanye abantu. Uthando olunjalo ngempela “luyisibopho esiphelele sobunye.”—Kolose 3:12-14.
Cabanga ngesibonelo sentombazane engumKristu eneminyaka engu-17 ubudala yaseKorea. Lapho iqala ukukhonza uJehova uNkulunkulu, umkhaya wakubo wayinqabela futhi kwadingeka ukuba ihambe ekhaya. Nokho, kunokuba ithukuthele, yathandaza ngakho, ivumela iZwi likaNkulunkulu nomoya wakhe ukuba kulolonge ukucabanga kwayo. Ngemva kwalokho, yabhalela umkhaya wakubo kaningi, ezincwadini zayo iveza uthando lwangempela eyayinalo ngawo. Umphumela waba ukuthi abafowabo ababili abadala baqala ukutadisha iBhayibheli futhi manje bangamaKristu azinikezele. Umama wayo nomfowabo omncane nabo balamukela iqiniso leBhayibheli. Ekugcineni, ubaba wayo, owayephikisa kabi, wawushintsha umbono wakhe. Le ntombazane enguFakazi ibhala ithi: “Sonke sishade namaKristu, futhi manje kunabakhulekeli abamunye abangu-23 emkhayeni wakithi.” Yeka ukunqoba kothando!
Ingabe uyafuna ukuhlakulela uthando lwangempela futhi usize abanye benze okufanayo? Ngakho, phendukela kuJehova, uMthombo waleyo mfanelo eyigugu. Yebo, lalela iZwi lakhe, uthandazele umoya ongcwele, bese uhlangana njalo nabazalwane abangamaKristu. (Isaya 11:9; Mathewu 5:5) Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukwazi ukuthi ngokushesha bonke ababi bayobe bengasekho, kusele kuphela labo ababonisa uthando lwangempela lobuKristu! Ngempela, uthando luyisihluthulelo senjabulo nokuphila.—IHubo 37:10, 11; 1 Johane 3:14.
[Izithombe ekhasini 6]
Umthandazo nokutadisha iZwi likaNkulunkulu kuyosisiza sihlakulele uthando lwangempela