“Sondelani KuNkulunkulu, Naye Uyosondela Kini”
Ngaphambi Nangemva Kokufunda IZwi LikaNkulunkulu—Wathola Amandla Okuguquka
USANDRA, owesifazane waseMexico, wayezichaza ngokuthi wayeyihlongandlebe emkhayeni wakubo. Ukungafunwa nokungalutholi uthando konakalisa iminyaka yakhe yobusha. Uthi: “Eminyakeni yami yobusha nganginomuzwa obeleselayo wokuthi akukho lutho olujabulisayo futhi ngangizibuza kaningi ukuthi kungani ngiphila, ngizibuza nangokuphila.”
Esesesikoleni esiphakeme, uSandra waqala ukuphuza iwayini likayise ayeligcina ekhaya. Ngokuhamba kwesikhathi, waqala ukuzithengela obakhe utshwala wagcina esewumlutha wotshwala. “Akukho okwakungenza ngifune ukuphila,” esho evuma. Ephelelwe yithemba, uSandra waqala ukusebenzisa izidakamizwa. Uthi: “Okuwukuphela kwento eyayingisiza ngikhohlwe izinkinga zami yilokho engangihlala ngikuphethe esikhwameni sami: ibhodlela, amaphilisi, noma insangu encane.”
Ngemva kokuphothula esikoleni sezokwelapha, uSandra wacwila kakhulu etshwaleni. Wazama ukuzibulala. Kodwa wahluleka.
USandra wafuna usizo olungokomoya nokusekelwa okungokomzwelo ezinkolweni ezihlukahlukene kwaba nhlanga zimuka nomoya. Eselahle ithemba ngokuphelele, wakhala ngokuphindaphindiwe kuNkulunkulu, ethi: “Ukuphi? Awungisizi ngani?” Wayesephelelwe ukuzihlonipha lapho omunye woFakazi BakaJehova ekhuluma naye. Lokhu kwaholela ekubeni aqhutshelwe isifundo seBhayibheli. USandra wathinteka ngokujulile lapho ezwa ukuthi “uJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni.”—IHubo 34:18.
Owayemfundisa iBhayibheli wamsiza uSandra ukuba aqonde ukuthi uJehova uNkulunkulu uyazi ukuthi sibuthakathaka ngenxa yesono nokungapheleli esakuthola njengefa ku-Adamu. USandra waqaphela ukuthi uNkulunkulu uyaqonda ukuthi asikwazi ukuvumelana ngokuphelele nezindinganiso ezilungile. (IHubo 51:5; Roma 3:23; 5:12, 18) Kwamjabulisa ukuzwa ukuthi uJehova akagxili ebuthakathakeni bethu, futhi akalindeli okungaphezu kwalokho esingakwenza. Umhubi wabuza wathi: “O Jah, ukube ububheka iziphambeko, Jehova ubani obengama?”—IHubo 130:3.
Iqiniso leBhayibheli elibalulekile elathinta inhliziyo kaSandra umhlatshelo wesihlengo kaJesu Kristu. Ngalo mhlatshelo, uJehova ngesihe ubheka isintu esilalelayo njengesiqotho naphezu kokungapheleli kwaso. (1 Johane 2:2; 4:9, 10) Yebo, singakuthola “ukuthethelelwa kweziphambeko zethu” futhi ngaleyo ndlela sisizwe sinqobe noma imiphi imizwa yokuzenyeza.—Efesu 1:7.
USandra wafunda izifundo ezibalulekile esibonelweni somphostoli uPawulu. Wawazisa kakhulu umusa kaNkulunkulu wokuthethelela ngomusa amaphutha akhe esikhathi esidlule nokumsekela ekulweni kwakhe kanzima nokunqoba ubuthakathaka obuphikelelayo. (Roma 7:15-25; 1 Korinte 15:9, 10) UPawulu wayilungisa inkambo yakhe yokuphila, ‘wawutuba umzimba wakhe futhi wawuphatha njengesigqila’ ukuze ahambe endleleni eyamukelwa uNkulunkulu. (1 Korinte 9:27) Akakuvumelanga ukuthambekela kwakhe okunesono kumenze isigqila.
Ubuthakathaka bukaSandra bamkhathaza, kodwa waqhubeka elwa nabo. Ngobuqotho wathandazela ukuba uJehova amsize abunqobe futhi wafuna isihe sakhe. (IHubo 55:22; Jakobe 4:8) Enomuzwa wokuthi uNkulunkulu unesithakazelo kuye, uSandra wakwazi ukuguqula ukuphila kwakhe. Uthi: “Ngijabulela ukufundisa abanye iBhayibheli isikhathi esigcwele.” USandra waba nelungelo lokusiza udadewabo omdala nomncane ukuba bazi uJehova. Njengoba ‘enza okuhle,’ ubuye asize ngolwazi lwakhe lwezokwelapha emihlanganweni yoFakazi BakaJehova.—Galathiya 6:10.
Kuthiwani ngemikhuba kaSandra? Usho ngokuzethemba athi: “Ingqondo yami ihlanzekile. Angisaphuzi, angisabhemi, angisazisebenzisi nezidakamizwa. Angisazidingi lezi zinto. Ngikutholile ebengikufuna.”
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 9]
“Ngikutholile ebengikufuna”
[Ibhokisi ekhasini 9]
Izimiso ZeBhayibheli Ezisebenzayo
Lezi ezinye zezimiso zeBhayibheli ezisize abaningi bagqashula emikhubeni engcolisayo:
“Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, siphelelisa ubungcwele ngokwesaba uNkulunkulu.” (2 Korinte 7:1) UNkulunkulu uyababusisa labo abazihlanze ekungcoleni, bagwema imikhuba engcolile.
“Ukwesaba uJehova kusho ukuzonda okubi.” (IzAga 8:13) Ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho kusiza umuntu agqashule emikhubeni emibi, ehlanganisa nokusebenzisa kabi izidakamizwa. Ngaphandle kokuthi ujabulisa uJehova, umuntu oguqukile uvikelekile ezifweni ezesabekayo.
‘Zithobeni futhi nilalele ohulumeni neziphathimandla njengababusi.’ (Thithu 3:1) Ezindaweni eziningi, ukuba nezidakamizwa ezithile noma ukuzisebenzisa kuwukwephula umthetho. AmaKristu eqiniso awaziphathi noma azisebenzise izidakamizwa ezingekho emthethweni.