Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Imiphumela Ejabulisayo Yesineke Nokuphikelela
UJESU KRISTU wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina “uthando lwabaningi luyophola.” Ngenxa yalokho, ezingxenyeni eziningi zomhlaba namuhla, abantu ngokuvamile abazigqizi qakala izindaba ezinhle zoMbuso. Abanye bayayeya nokuyeya inkolo.—Mathewu 24:12, 14.
Noma kunjalo, ngokholo nokubekezela, abamemezeli boMbuso bayaphumelela kule nselele, njengoba kubonisa isenzakalo esilandelayo saseCzech Republic.
OFakazi ababili baxoxa nentokazi ethile umnyango uvaliwe. Ngemva kwesikhashana, umnyango wavuleka kancane, kwavela isandla, sathatha omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! ababehanjiswa yilabo Fakazi. Kwezwakala izwi lithi “ngiyabonga,” wavaleka umnyango. OFakazi bazibuza: “Sibuye?” Omunye wabo, oyiphayona, noma isikhonzi sesikhathi esigcwele, wanquma ukuphindela, kodwa kwaphinde kwenzeka into efanayo, kwaqhubeka kanjalo kwaze kwaphela unyaka.
Njengoba lase linqume ukushintsha indlela elenza ngayo, leli phayona lathandaza kuJehova licela usizo. Ngokulandelayo lapho lilethe omagazini, lambuza imibuzo enobungane lona wesifazane: “Kunjani? Ubathandile omagazini?” Ekuqaleni akubanga nampendulo, kodwa ngemva kwezikhashana ezimbalwa ivakashelwa, le ntokazi yaqala ukuba nomusa. Ngelinye ilanga yawuvula gengelezi umnyango, kodwa ingxoxo yaba mfushane.
Ngenxa yokungathandisisi kwalona wesifazane ukuxoxa, iphayona lanquma ukumbhalela incwadi echaza injongo yalokhu kuvakasha, licele nokumqhubela isifundo seBhayibheli sasekhaya. Ekugcineni, ngemva konyaka nengxenye lizama ngesineke, iphayona laphumelela ukuqala isifundo seBhayibheli nalo mninikhaya. Lamangala kodwa futhi lakhuthazeka lapho kamuva lona wesifazane ethi kulo: “Ngakholelwa kuNkulunkulu kusukela mhla uqala ukungilethela omagazini.”
Impela, isineke nokuphikelela kungaveza imiphumela ejabulisayo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi.—Mathewu 28:19, 20.