IBhayibheli Lingaba Usizo Emshadweni Wakho
UMSHADO—kwabanye, leli gama liletha imicabango ejabulisayo. Kwabanye, livusa usizi. “Ngizizwa sengathi ngihlukanisile nakuba sisashadile,” kukhala omunye unkosikazi. “Ngaso sonke isikhathi ngizizwa nginganakiwe futhi nginesizungu.”
Yini ebangela abantu ababili abafunga ukuthi bazothandana, bazisane, ukuba baqhelelane kangaka? Esinye isici siwukuntula ulwazi lokuthi umshado uhilelani. “Sishada singenalo nolu ncú ulwazi ngomshado,” kusho enye intatheli yezokwelapha.
Ukuthi bambalwa abantu namuhla abanolwazi ngomshado kwaqinisekiswa ukuhlola okwenziwa yi-National Marriage Project, uphiko locwaningo lwe-Rutgers University eNew Jersey, e-U.S.A. Abaqondisi balolu cwaningo babhala bathi, “Abaningi kulokhu kuhlola bakhuliswa abazali ababenomshado ongajabulisi noma ababehlukanisile. Bazi kahle ukuthi unjani umshado ongajabulisi, kodwa abaqiniseki ukuthi unjani umshado ojabulisayo. Abanye uma bechaza umshado ojabulisayo bathi nje ‘umshado ongafani nowabazali bami.’”
Ingabe amaKristu awabi nazo izinkinga zomshado? Akunjalo. Eqinisweni, amanye amaKristu ekhulwini lokuqala kwadingeka athole iseluleko esiqondile sokuba ‘ayeke ukufuna ukukhululeka’ emishadweni yawo. (1 Korinte 7:27) Kusobala ukuthi noma imuphi umshado wabantu ababili abangaphelele uyoba nezinkinga zawo, kodwa sinalo usizo. Amadoda namakhosikazi angayithuthukisa imishado yawo ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli.
Yiqiniso, iBhayibheli aliyona incwadi yezeluleko zomshado. Nokho, njengoba liphefumulelwe yiLowo owasungula umshado singalindela ukuba izimiso zalo zibe wusizo. Ngomprofethi u-Isaya, uJehova uNkulunkulu wathi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”—Isaya 48:17, 18.
Ingabe uthando olwalukhona phakathi kwakho noshade naye seluqala ukuphola? Ingabe uzizwa uvaleleke emshadweni ongenalo uthando? Omunye unkosikazi oneminyaka engu-26 eshadile wathi: “Awekho amazwi okuchaza ubuhlungu obuzwa emshadweni onjengalo. Buyabelesela futhi bungamahlala-khona.” Kunokuba usale usuwamukela nje umshado ongakugculisi, kunganjani unqume ukwenza okuthile ngawo? Isihloko esilandelayo sizobonisa indlela izimiso zeBhayibheli ezingawasiza ngayo amadoda namakhosikazi emishadweni yawo esicini esisodwa esikhethekile—ukuzinikela.