Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 9/15 kk. 30-31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Isinkwa Sokuphila” Singesabo Bonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Ungakuthola Kanjani Ukuphila Okuphakade?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Amazwi kaJesu Ashaqisa Abaningi
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 9/15 kk. 30-31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kusho ukuthini ukuthi “enokuphila kuye ngokwakhe”?

IBhayibheli likhuluma ngoJesu Kristu ‘njengonokuphila kuye ngokwakhe’ nabalandeli bakhe ‘njengabanokuphila kubo ngaphakathi.’ (Johane 5:26; 6:53) Nokho, le miBhalo emibili ayisho into eyodwa.

UJesu wathi: “Njengoba nje uBaba enokuphila kuye ngokwakhe, kanjalo unike neNdodana ukuba nayo ibe nokuphila kuyo ngokwayo.” Ngaphambi kokusho le nkulumo emangalisayo, uJesu wathi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Lowo ozwa izwi lami futhi akholwe yilowo ongithumileyo, unokuphila okuphakade . . . Ihora liyeza, futhi sekuyilo manje, lapho abafileyo bezolizwa khona izwi leNdodana kaNkulunkulu futhi labo abaye balalela bazophila.” UJesu lapha wayekhuluma ngamandla angaphezu kwavamile ayewanikwe uYise—amandla okwenza abantu babe nokuma okuhle phambi kukaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uJesu uyakwazi ukuvusa abalele ekufeni adlulisele ukuphila kubo. KuJesu, ukuba ‘nokuphila kuye ngokwakhe’ kusho ukuthi unikwe la mandla. Ngakho-ke, njengoYise, iNdodana ‘inesipho sokuphila kuyo ngokwayo,’ njengoba le nkulumo ingahunyushwa nakanjalo. Abalandeli bakhe bona?

Esikhathini esingangonyaka kamuva, uJesu wakhuluma nezilaleli zakhe, ethi: “Ngiqinisile impela ngithi kini, Ngaphandle kokuba nidle inyama yeNdodana yomuntu niphuze igazi layo, aninakho ukuphila kini ngaphakathi. Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami unokuphila okuphakade, ngiyomvusa ngosuku lokugcina.” (Johane 6:53, 54) Lapha uJesu ulinganisa ukuba ‘nokuphila kini ngaphakathi’ nokuthola ‘ukuphila okuphakade.’ Izinkulumo ezakheke ngendlela efanayo nethi ukuba ‘nokuphila kini ngaphakathi’ ziyatholakala nakwezinye izindawo emiBhalweni YesiGreki. Nazi izibonelo ezimbili, “Yibani nosawoti kini ngokwenu” nesithi “bamukela kubo ngokwabo imbuyiselo egcwele.” (Marku 9:50; Roma 1:27) Kulezi zimo, lezi zinkulumo azibonisi amandla okudlulisela kwabanye usawoti noma okunika imbuyiselo kunoma ubani. Kunalokho, zibonisa ukuphelela noma ukugcwala kwangaphakathi. Ngakho, inkulumo ethi “ukuphila kini ngaphakathi” esetshenziswe kuJohane 6:53 kalula isho ukuthola ukuphila okugcwele.

Ebhekisela kubalandeli bakhe njengabanokuphila kubo ngaphakathi, uJesu wakhuluma ngenyama yakhe nangegazi lakhe. Kamuva lapho emisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa, uJesu waphinde wakhuluma ngenyama negazi lakhe futhi waqondisa abalandeli bakhe ababezongeniswa esivumelwaneni esisha ukuba badle izifanekiselo zesinkwa esingenamvubelo newayini. Ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu agcotshiwe kuphela, asesivumelwaneni esisha noJehova uNkulunkulu, athola lokho kuphila okugcwele? Akunjalo. Lezi zenzakalo ezimbili zazihlukene ngonyaka. Labo abezwa amazwi kaJesu akuJohane 6:53, 54 babengazi lutho ngomkhosi waminyaka yonke owawunezifanekiselo ezimelela inyama negazi likaKristu.

NgokukaJohane isahluko 6, uJesu uqala ngokuqhathanisa inyama yakhe nemana, ethi: “Okhokho benu balidla imana ehlane kodwa nokho bafa. Yilesi isinkwa esehla ezulwini, ukuze sidliwe yinoma ubani, angafi. Mina ngiyisinkwa esiphilayo esehle ezulwini; uma umuntu esidla lesi sinkwa uyophila kuze kube phakade.” Inyama kaJesu, kanye negazi lakhe, kwakukukhulu kunemana. Kanjani? Ngokuthi inyama yakhe yanikelwa ngenxa “yokuphila kwezwe,” okwenza ukuphila okuphakade kwaba into engenzeka.a Ngalokho, inkulumo ekhuluma ngokuba ‘nokuphila kini ngaphakathi’ ekuJohane 6:53 isebenza kubo bonke abathola ukuphila okuphakade—ezulwini noma emhlabeni.—Johane 6:48-51.

Abalandeli bakaKristu bakuthola nini ukuphila kubo ngaphakathi, noma ukuphila okugcwele? Ezindlalifeni zoMbuso ezigcotshiwe, lokhu kwenzeka ekuvuselweni kwazo ekuphileni kwasezulwini njengezidalwa zomoya ezingafi. (1 Korinte 15:52, 53; 1 Johane 3:2) “Ezinye izimvu” zikaJesu zithola ukuphila okugcwele ngemva kokuphela kokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. Ngaleso sikhathi, ziyobe zivivinyiwe, zatholakala zithembekile, futhi kwathiwa zilungile zingakuthola ukuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni.—Johane 10:16; IsAmbulo 20:5, 7-10.

[Umbhalo waphansi]

a Ehlane, ama-Israyeli ‘neqembu elikhulu eliyingxubevange’ babedinga imana ukuze bahlale bephila. (Eksodusi 12:37, 38; 16:13-18) Ngokufanayo, ukuze aphile phakade, wonke amaKristu, kungakhathaliseki ukuthi agcotshiwe noma cha, kumelwe azibeke esimweni sokuzuza imana elivela ezulwini ngokubonisa ukholo emandleni okuhlenga enyama negazi likaJesu okwanikelwa njengomhlatshelo.—Bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1988, amakhasi 30-1.

[Izithombe ekhasini 31]

Wonke amaKristu eqiniso angaba ‘nokuphila kuwo ngaphakathi’

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela