Indaba Yokuphila
UJehova Udonsela Abathobekileyo Eqinisweni
IXOXWA U-ASANO KOSHINO
Ngo-1949, eminyakeni engemingaki kuphelé iMpi Yezwe II, umkhaya engangiwusebenzela eKobe City wavakashelwa umuntu omude onobungane wasemazweni. Wayeyisithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova sokuqala ngqá esafika eJapane. Ukuvakasha kwakhe kwavula ithuba lokuba ngidonsekele eqinisweni leBhayibheli. Kodwa ake ngiqale ngikuxoxele ngesizinda sami.
NGAZALWA ngo-1926 endaweni encane esenyakatho ye-Okayama Prefecture. Ngangiyingane yesihlanu kwezingu-8. Ubaba wayeyikholwa elizinikele kunkulunkulu wesikhungo sobuShinto sendawo. Ngakho phakathi nawo wonke unyaka thina zingane sasijabulela imigidi nokuhlangana komndeni emikhosini yenkolo.
Njengoba ngikhula, ngaba nemibuzo eminingi ngokuphila, kodwa into eyayingikhathaza kakhulu kwakuwukufa. Ngokwesiko kwakudingeka ukuba umuntu afele ekhaya, futhi izingane zibe seceleni kombhede lapho kufa ilungu lomkhaya. Ngaphatheka kabi kakhulu lapho kushona ugogo nalapho kushona umfowethu engakabi nanonyaka ezelwe. Ukucabanga ngesikhathi lapho kuyoshona abazali bami kwakungenza lusizi. ‘Ingabe yilokhu nje kuphela okukhona ekuphileni? Akukho okunye ngaphandle kwalokhu?’ Ngangifuna ukwazi.
Ngo-1937, lapho ngifunda u-grade 6 esikoleni sabaqalayo, kwaqala iMpi YamaShayina NamaJapane. Kwabuthwa amadoda athunyelwa empini eChina. Izingane zesikole zavalelisa oyise noma abafowabo, zimemeza zithi “banzai!” (mana njalo) kumbusi. Abantu babeqiniseka ukuthi izonqoba iJapane, isizwe sikankulunkulu, nombusi waso ongunkulunkulu ophilayo.
Ngesikhashana nje, imikhaya yaqala ukuthola izincwadi eziyazisa ngabafele empini. Imikhaya eshonelwe yaba lusizi kakhulu. Inzondo yayikhula ezinhliziyweni zayo, kujatshulwa lapho isitha sithola amagalelo anzima. Kodwa ngesikhathi esifanayo, ngangicabanga, ‘Abantu bakuloluya hlangothi kumelwe ukuba badabuka njengathi nje uma beshonelwa abathandekayo babo.’ Lapho ngiqeda esikoleni sabaqalayo, impi yayisingena ijula eChina.
Ukuhlangana Nomuntu Wasemazweni
Njengabalimi, umkhaya wakithi wawumpofu kusukela kwathi nhló, kodwa ubaba wangivumela ukuba ngithole imfundo, inqobo nje uma kungahileli zindleko. Ngakho, ngo-1941, ngangena esikoleni samantombazane e-Okayama City, eqhele ngamakhilomitha angaba ikhulu. Lesi sikole sasihlelelwe ukufundisa amantombazane ukuba abe amakhosikazi nomama abanekhono, futhi sasabela abafundi ukuba bayohlala nemikhaya ecebile edolobheni bafunde ukunakekela indlu ngokukwenza ngokoqobo. Ekuseni abafundi babefunda ngokusebenza kule mizi, ntambama baye esikoleni.
Ngemva kombuthano wokusamukela, uthisha wami owayegqoke i-kimono (ingubo yabesifazane yaseJapane) wangiyisa emzini omkhulu. Kodwa ngasizathu simbe umama wakulowo muzi akangamukelanga. “Kunganjani siye kwaNkk. Koda?” kusho uthisha. Wangiyisa emzini owakhiwe isiLungu wafike wangqongqoza. Ngemva kwesikhashana, kwaphuma umama omude onezinwele ezimpunga. Ngakhex’ umlomo! Wayengeyena umJapane, futhi ngangingakaze ngimbone umLungu selokhu ngazalwa. Uthisha wangethula kuNkk. Maud Koda wayesehamba ngokushesha. Ngihudula izikhwama zami, ngangena endlini nginovalo. Kamuva ngathola ukuthi uNkk. Maud Koda wayengumMelika oshade nendoda engumJapane eyayifunde e-United States. UNkk. Koda wayefundisa isiNgisi ezikoleni zezifundo zohwebo.
Ngakusasa kwaqala ukuphila okumatasa. Umyeni kaNkk. Koda wayenesithuthwane, ngakho kwakudingeka ngisize ekumnakekeleni. Njengoba ngangingasizwa nhlobo isiNgisi, ngaba nexhala. Kwathi gidi lapho uNkk. Koda engikhulumisa ngesiJapane. Nsuku zonke, ngangibezwa bekhuluma bodwa ngesiNgisi, futhi izindlebe zami zaya zijwayela ukuzwa lolo limi. Ngasithanda isimo esinokuthula sakuleli khaya.
Kwangihlaba umxhwele ukuzinikela kukaMaud kumyeni wakhe ogulayo. Umyeni wayekuthanda ukufunda iBhayibheli. Kamuva ngezwa ukuthi lo mbhangqwana wawuthole incwadi ethi The Divine Plan of the Ages yesiJapane esitolo sezincwadi esezisetshenzisiwe futhi wawusuneminyaka eminingana uthola INqabayokulinda yesiNgisi ngeposi.
Ngelinye ilanga ngaphiwa iBhayibheli. Ngajabula ngoba ngangiqala ekuphileni kwami ukuba neBhayibheli elithi mina. Ngangilifunda endleleni eya esikoleni nebuyayo kodwa ngingaqondi lutho olutheni. Njengoba ngangikhuliswe njengomShinto waseJapane, uJesu Kristu wayebonakala ekude kakhulu nami. Ngangingazi ukuthi lesi kwakuyisiqalo salokho okwakuyogcina kungiholele ekwamukeleni iqiniso leBhayibheli, okwakuyophendula imibuzo yami ngokuphila nokufa.
Izenzakalo Ezintathu Ezibuhlungu
Iminyaka emibili yokuqeqeshelwa umsebenzi yaphela ngokushesha, kwadingeka ngivalelise kulo mkhaya. Ngemva kokuqeda isikole, ngajoyina iqembu lamavolontiya angamantombazane ngasiza ekuthungeni amanyumfomu ebutho lasolwandle. Izindiza zamabhomu zaseMelika ezingama-B-29 zaqala ukuhlasela, kwathi ngo-August 6, 1945, kwadedelwa ibhomu le-athomu eHiroshima. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa, ngathola incwadi yocingo eyangitshela ukuthi umama ugula kakhulu. Ngagibela isitimela sokuqala esasitholakala ngagoduka. Lapho ngehla esitimeleni, ngahlangatshezwa isihlobo sasekhaya sangitshela ukuthi useshonile umama. Washona ngo-August 11. Into engangineminyaka ngiyesaba yase yenzekile! Wayengeke aphinde akhulume nami noma angibuke amamatheke.
Ngo-August 15, iJapane yanqotshwa. Ngakho kwadingeka ngibhekane nezenzakalo ezintathu ezibuhlungu ngesikhashana nje sezinsuku eziyishumi: ukuqhuma kokuqala kwebhomu le-athomu, ukushona kukamama, nokunqotshwa kweJapane okwaqopha umlando. Okungenani kwakududuza ukwazi ukuthi abantu ngeke besafela empini. Ngasula efemini ngaphindela emaphandleni asekhaya, inhliziyo yami ingeve idabukile.
Ukukhangwa Iqiniso
Ngolunye usuku, ngathola incwadi evela kuMaud Koda e-Okayama ngingalindele. Wayecela ngize ngizomsiza ngemisebenzi yasendlini, njengoba ayezovula isikole sesiNgisi. Ngadinga nje ukuthi ngenze njani, kodwa ngasamukela isimemo sakhe. Ngemva kweminyaka embalwa, ngathuthela eKobe ngayohlala nabakwaKoda.
Ngasekuqaleni kwehlobo lika-1949, umkhaya wakwaKoda wavakashelwa umnumzane omude onobungane. Igama lakhe kwakunguDonald Haslett, evela eTokyo ezofunela izithunywa zevangeli ikhaya eKobe. Wayeyisithunywa sevangeli soFakazi BakaJehova sokuqala ngqá esafika eJapane. Watholakala umuzi, kwathi ngo-November 1949, kwafika idlanzana lezithunywa zevangeli eKobe. Ngolunye usuku kwavakasha eziyisihlanu kwaKoda. Ezimbili zazo, uLloyd Barry noPercy Iszlaub, zakhuluma imizuzu engaba yishumi ngasinye nababebuthanele kulo muzi. Lezi zithunywa zevangeli zazimbiza ngodadewabo ongumKristu uMaud futhi kwaba sobala ukuthi ubudlelwano bazo bamkhuthaza. Yilapho lapho ngathola khona ugqozi lokufunda isiNgisi.
Ngisizwa izithunywa zevangeli ezishisekayo, kancane kancane ngaqala ukuwaqonda amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngathola izimpendulo zemibuzo enganginayo kusukela ngisemncane. Yebo, iBhayibheli linikeza ithemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi nesithembiso sovuko kubo “bonke abasemathuneni.” (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 21:1, 4) Ngabonga kuJehova ngokwenza kube nethemba elinjalo ngomhlatshelo wesihlengo seNdodana yakhe, uJesu Kristu.
Imisebenzi YoMbuso Ejabulisayo
Kusukela ngo-December 30, 1949, kuya ku-January 1, 1950, kwaba nomhlangano omkhulu woFakazi wokuqala eJapane ekhaya lezithunywa zevangeli laseKobe. Ngahamba noMaud. Kwakusemzini omkhulu owawukade ungowamaNazi futhi owawulubonisa kahle uLwandle Lwase-Inland nesiQhingi Sase-Awaji. Njengoba ngangingalazi kangako iBhayibheli, kwaba kuncane engikuqondayo kulokho okwakushiwo. Kodwa zangihlaba umxhwele kakhulu izithunywa zevangeli njengoba zazikhululekile phakathi kwabantu abangamaJapane. Kwakunabantu abangu-101 enkulumweni yeningi kulo mhlangano.
Ngokushesha ngemva kwalokho, nganquma ukuhlanganyela enkonzweni yasensimini. Kwakudinga isibindi kimi ukuya endlini ngendlu, ngoba nganginamahloni ngokwemvelo. Ngelinye ilanga ekuseni, uMfoweth’ uLloyd Barry wafika ezongithatha siye ensimini. Waqala endlini engumakhelwane kaDade Koda. Intshumayelo yakhe ngayilalela ngicashe ngemva kwakhe. Lapho ngiphuma okwesibili, ngasebenza nezinye izithunywa zevangeli ezimbili. Owesifazane osekhulile ongumJapane wasingenisa, walalela, kamuva wasipha ingilazi yobisi umuntu ngamunye. Wasamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi wagcina esengumKristu obhapathiziwe. Kwakukhuthaza ukubona intuthuko yakhe.
Ngo-April 1951, uMfoweth’ uNathan H. Knorr, wasendlunkulu eBrooklyn, wavakashela eJapane eqala ngqá. Kwafika abantu abangaba ngu-700 enkulumweni yeningi ayinikeza eKyoritsu Auditorium eKanda, eTokyo. Kulo mhlangano okhethekile, bonke ababekhona bajabula lapho kukhululwa INqabayokulinda yesiJapane. Ngenyanga elandelayo, uMfoweth’ uKnorr wavakashela eKobe, kwathi emhlanganweni okhethekile owawulapho ngabhapathizwa ngibonisa ukuzinikezela kwami kuJehova.
Cishe ngemva konyaka, ngakhuthazwa ukuba ngingenele inkonzo yesikhathi esigcwele, inkonzo yokuphayona. Ngaleso sikhathi ayembalwa kakhulu amaphayona eJapane, futhi ngazibuza ukuthi ngizophila kanjani. Ngacabanga nangokuthi kuzokwenzekani ngamathuba ami okushada. Kodwa ngabe sengibona ukuthi ukukhonza uJehova kufanele kuze kuqala ekuphileni, ngakho ngaqala ukuphayona ngo-1952. Ngokujabulisayo, ngakwazi ukusebenzela uDade Koda izinsuku ezithile ngibe ngiphayona.
Cishe ngaso leso sikhathi, umfowethu engangicabanga ukuthi wayefele empini, wabuyela ekhaya nomkhaya wakhe bevela eTaiwan. Abasekhaya babengakaze babonise isithakazelo ebuKristwini, kodwa njengoba nganginentshiseko yephayona, ngaqala ukubathumelela omagazini nezincwajana zethu. Kamuva, umfowethu nomkhaya wakhe bathuthela eKobe ngenxa yomsebenzi wakhe. Ngabuza umkakhe, “Usuké wabafunda lab’ omagazini?” Ngamangala lapho ephendula: “Bamnandi lab’ omagazini.” Waqala ukutadisha iBhayibheli nesinye sezithunywa zevangeli, futhi udadewethu omncane owayehlala nabo wabajoyina esifundweni sikamkamfowethu. Ngokuhamba kwesikhathi, bobabili baba amaKristu abhapathiziwe.
Ukuthintwa Ubuzalwane Bomhlaba Wonke
Ngokushesha ngemva kwalokho, ngakhexa lapho ngithola isimemo sokuya ekilasini lama-22 le-Watchtower Bible School of Gilead. Mina noMfoweth’ uTsutomu Fukase sasingabokuqala abavela eJapane abamenyelwa kulesi sikole. Ngo-1953, ngaphambi kokuba ikilasi liqale, sakwazi ukuya eMhlanganweni Womphakathi Wezwe Elisha owawuseYankee Stadium eNew York. Bangihlaba umxhwele kakhulu ubuzalwane bomhlaba wonke babantu bakaJehova.
Ngosuku lwesihlanu lomhlangano, izihambeli zaseJapane, iningi lazo elaliyizithunywa zevangeli, zazizogqoka ama-kimono. Njengoba i-kimono engangiyithumele kusengaphambili yayingafikanga ngesikhathi, ngaboleka ekaDade Knorr. Phakathi nesimiso, laqala ukuna, ngakhathazeka ngokuthi izoba manzi le kimono. Kulowo mnyama, othile emva kwami wangembesa i-raincoat ngesisa. Udade owayemi eduze kwami wabuza, “Uyazi ukuthi ubani lona?” Kamuva ngathola ukuthi nguMfoweth’ uFrederick W. Franz, ilungu leNdikimba Ebusayo. Ngakuzwa ngempela ukufudumala kwenhlangano kaJehova!
Ikilasi lama-22 laseGileyadi laliyikilasi lezizwe ngezizwe ngempela, linabafundi abangu-120 abavela emazweni angu-37. Nakuba zazikhona izithiyo zolimi, sabujabulela ngokugcwele ubuzalwane bomhlaba wonke. Likhithika ngo-February 1954, ngaphothula ngabelwa ukuphindela eJapane. Umfundi esasinaye, u-Inger Brandt, udade waseSweden, wayezoba kanye nami esabelweni eNagoya City. Lapho, sahlangana neqembu lezithunywa zevangeli ezazikhishwé eKorea ngenxa yempi. Leyo minyaka embalwa ngiyisithunywa sevangeli yayiyigugu kakhulu kimi.
Ukukhonza Ngenjabulo Njengombhangqwana
Ngo-September 1957, ngamenywa ukuyokhonza eBethel YaseTokyo. Ihhovisi legatsha laseJapane laliyindlu yamapulangwe eyizitezi ezimbili. Kwakunamalungu amane kuphela egatsheni, kuhlanganise noMfoweth’ uBarry, umbonisi wegatsha. Bonke abanye emkhayeni babeyizithunywa zevangeli. Ngabelwa ukuhumusha nokuhlola umsebenzi osuhunyushiwe, kanye nokuhlanza indawo nezingubo, ukupheka, njalonjalo.
Umsebenzi wawanda eJapane, futhi kwabizwa abazalwane abengeziwe eBethel. Omunye wabo waba umbonisi ebandleni engangabelwe kulo. Ngo-1966 sashada nalowo mzalwane, uJunji Koshino. Ngemva kokuba sishadile, uJunji wabelwa emsebenzini wesifunda. Kwakumnandi ukwazi abazalwane nodade abaningi njengoba sihambela amabandla ahlukahlukene. Njengoba ngangabelwe ukwenza umsebenzi wokuhumusha, ngangiwenzela emzini esasisuke sihlezi kuwo ngalelo sonto. Ngaphezu kwamapotimende nezinye izikhwama zethu, kwakudingeka siphathe izichazamazwi ezisindayo lapho sihamba.
Umsebenzi wesifunda sawujabulela iminyaka engaphezu kwemine, sibona inhlangano iqhubeka yanda. Igatsha lathuthelwa eNumazu, kwathi ngemva kweminyaka ethile lathuthelwa e-Ebina, lapho likhona namanje. Sesinesikhathi eside sijabulela inkonzo yaseBethel sinoJunji, njengoba manje sisebenza nomkhaya onamalungu angaba ngu-600. Ngo-May 2002, abangane eBethel ngomusa bagubha ukuphela kweminyaka engu-50 ngisenkonzweni yesikhathi esigcwele.
Kuyajabulisa Ukubona Ukwanda
Lapho ngiqala ukukhonza uJehova kudala ngawo-1950, babeyidlanzana nje abamemezeli eJapane. Manje kunabamemezeli boMbuso abangaphezu kuka-210 000. Ngempela, kuye kwadonselwa kuJehova izinkulungwane zabanjengezimvu, njengoba kwenzeka nangami.
Abazalwane abane abayizithunywa zevangeli nodade abasivakashela kwaDade Koda kudala ngo-1949, naye uDade Maud Koda, sebayiphetha ngokwethembeka bonke inkambo yabo yasemhlabeni. Kunjalo nangomfowethu, owayeyinceku ekhonzayo, nomkakhe owajabulela inkonzo yokuphayona iminyaka engaba ngu-15. Ayini amathemba esikhathi esizayo abazali bami, engangesaba ukushona kwabo ngiseyingane? Isithembiso seBhayibheli sovuko singinika ithemba nenduduzo.—IzEnzo 24:15.
Uma ngicabanga ngesikhathi esidlule, ngiyabona ukuthi ukuhlangana kwami noMaud ngo-1941 kwaba inkathi yoshintsho ekuphileni kwami. Ukube ngangingazange ngihlangane naye ngaleso sikhathi futhi ukube ngangingazange ngivume ukuphinda ngiyomsebenzela ngemva kwempi, cishe ngabe ngazinza epulazini lakithi endaweni ecezile futhi ngabe angizange ngihlangane nezithunywa zevangeli kudala ngalezo zinsuku. Angive ngimbonga uJehova ngokungidonsela eqinisweni ngoMaud nezithunywa zevangeli zakudala!
[Isithombe ekhasini 25]
SinoMaud Koda nomyeni wakhe. Mina ngiphambili kwesokunxele
[Isithombe ekhasini 27]
Sinezithunywa zevangeli ezivela eJapane eYankee Stadium ngo-1953. Mina ngisekugcineni kwesokunxele
[Izithombe ekhasini 28]
SiseBethel nomyeni wami, uJunji