Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 11/1 kk. 4-7
  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho
  • Themba UJehova Ujabule
  • Abantu Esingabethemba
  • Ungadikibaliswa Ukudumazeka Okuthuka Kwenzeka
  • Ingabe Mina Ngithembekile?
  • Ungabethemba Abafowenu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Qinisa Ukwethembela Kwakho KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Umhlangano Owathuthukisa Ukuthembela Kwethu KuJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Kungani Abazali Bami Bengangethembi?
    I-Phaphama!—2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 11/1 kk. 4-7

Ukwethemba Abanye Kubalulekile Ukuze Ujabule

UKUGULISWA ukudla kubuhlungu ngempela. Umuntu oguliswa ukudla kudingeka aziqaphele njalo izinto azidlayo. Kodwa ukukuyeka ngokuphelele ukudla ukuze umuntu agweme ukugula akulona ikhambi elinengqondo. Ukwenza kanjalo kungabangela izinkinga eziningi kunalezo okungazixazulula. Akekho umuntu ongaphila isikhathi eside engadli.

Ngendlela efanayo, kubuhlungu ukudunyazwa umuntu obumethemba. Uma lokho kwenzeka njalo kusenza sicabangisise ngabangane esibakhethayo. Nokho, ukuzehlukanisa nabantu ngokuphelele ukuze sigweme ingozi yokudunyazwa akulona ikhambi. Ngani? Ngoba ukungabethembi abanye abantu kusiphuca injabulo thina ngokwethu. Ukuze sizizwe sanelisekile ekuphileni, sidinga ubuhlobo obusekelwe ekwethembaneni.

Incwadi ethi Jugend 2002 ithi: “Ukwethemba abanye abantu kungenye yezinto ezidingekayo ekusebenzelaneni okungenazinkinga.” “Wonke umuntu ulangazelela ukwethemba abanye,” kubika iphephandaba i-Neue Zürcher Zeitung. “Ukwethemba abanye kuthuthukisa izinga lokuphila” kangangokuthi “kuyadingeka ukuze umuntu aqhubeke ephila.” Ngempela, ngaphandle kokubethemba abanye abantu, “umuntu akakwazi ukubhekana nokuphila,” kuqhubeka leli phephandaba.

Njengoba sonke sinesidingo sokwethemba othile, ubani esingamethemba kodwa singabi sengozini yokudunyazwa?

Thembela KuJehova Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho

IBhayibheli lithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho.” (IzAga 3:5) Impela, iZwi likaNkulunkulu lisikhuthaza ngokuphindaphindiwe ukuba simethembe uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu.

Kungani singamethemba uNkulunkulu? Esinye isizathu ukuthi uJehova uNkulunkulu ungcwele. Umprofethi u-Isaya wabhala: “Ungcwele, ungcwele, ungcwele uJehova.” (Isaya 6:3) Ingabe uwuthola ungakhangi umqondo wobungcwele? Eqinisweni, kufanele ukukhange ngoba ubungcwele bukaJehova busho ukuthi umsulwa, akabenzi nhlobo ububi, futhi uthembeke ngokuphelele. Akunakwenzeka onakale noma alimaze, futhi akunakwenzeka ngaye ukuba asidumaze angathembeki kithi.

Ngaphezu kwalokho, singamethemba uNkulunkulu ngenxa yekhono nesifiso sakhe sokusekela labo abamkhonzayo. Ngokwesibonelo, amandla akhe adlulele amenza akwazi ukuthatha isinyathelo. Ubulungisa nokuhlakanipha kwakhe okuphelele kuqondisa indlela athatha ngayo isinyathelo. Futhi uthando lwakhe olungenakuqhathaniswa lumshukumisa ukuba athathe isinyathelo. Umphostoli uJohane wabhala wathi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Uthando lukaNkulunkulu luthonya konke akwenzayo. Ubungcwele bukaJehova nezinye izimfanelo zakhe ezivelele zimenza abe uBaba okahle, umuntu esingamethemba ngokuphelele. Akukho lutho futhi akukho muntu oyoke athembeke ukwedlula uJehova.

Themba UJehova Ujabule

Esinye isizathu esihle sokwethemba uJehova ukuthi usiqonda ukwedlula noma ngabe ubani omunye. Uyazi ukuthi umuntu ngamunye unesidingo esiyisisekelo sokuba nobuhlobo obulondekile, obuhlala njalo nobokwethembana noMdali. Labo abanalobo buhlobo bazizwa belondekile. INkosi uDavide yafinyelela kulesi siphetho: “Iyajabula indoda enamandla ebeké uJehova njengethemba layo.” (IHubo 40:4) Bayizigidi namuhla abavumelana nalo mbono kaDavide.

Cabanga ngalezi zibonelo. UDoris usehlale eDominican Republic, eJalimane, eGreece, nase-United States. Uthi: “Ngijabula kakhulu ngokwethemba uJehova. Uyakwazi ukunginakekela ngokomzimba, ngokomoya nangokomzwelo. Ungumngane ongcono kakhulu umuntu angaba naye.” UWolfgang, ongumeluleki kwezomthetho, uyachaza: “Kuhle kakhulu ukukwazi ukwencika kumuntu okukhathalela ngempela, umuntu okwaziyo—futhi eqinisweni ofunayo—ukukwenzela okungcono kakhulu!” UHam, owazalelwa e-Asia kodwa manje osehlala eYurophu, uthi: “Ngiyaqiniseka ukuthi zonke izinto zisezandleni zikaJehova, futhi akawenzi amaphutha, ngakho ngiyajabula ukwencika kuye.”

Yiqiniso, ngamunye wethu kudingeka ethembe nabanye abantu, hhayi uMdali wethu kuphela. Ngakho, uJehova, njengomngane ohlakaniphile nonolwazi, uyaseluleka maqondana nohlobo lwabantu okufanele sibethembe. Ngokufunda iBhayibheli ngokucophelela, singasiphawula iseluleko sakhe kule ndaba.

Abantu Esingabethemba

Umhubi wabhala: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.” (IHubo 146:3) La mazwi aphefumulelwe asisiza siqaphele ukuthi abantu abaningi abakufanelekele ukuba sibethembe. Ngisho nalabo abahlonishwa ‘njengezicukuthwane’ zaleli zwe, njengochwepheshe emikhakheni ethile yolwazi noma imisebenzi, akusho ukuthi kufanele sibethembe ngokuzenzakalelayo. Ngokuvamile isiqondiso sabo siyadukisa, futhi ukuthembela “ezicukuthwaneni” ezinjalo kungabangela ukudumala ngokushesha.

Yiqiniso, lokhu akufanele kusenze singabethembi bonke abantu. Nokho, kusobala ukuthi kufanele sibakhethe abantu esibethembayo. Yini okufanele sinqume ngayo? Singasisiza isibonelo esisithola esizweni sakwa-Israyeli sasendulo. Lapho kuba nesidingo sokuba amise abantu ababezothwala umthwalo onzima kwa-Israyeli, uMose welulekwa ukuba ‘akhethe kubo bonke abantu amadoda anekhono, esaba uNkulunkulu, amadoda athembekile, azonda inzuzo engalungile.’ (Eksodusi 18:21) Yini esingayifunda kulokhu?

Lawa kwakungamadoda ayebonisa izimfanelo ezithile zokwesaba uNkulunkulu ngaphambi kokuba akhethelwe izikhundla zokwethenjwa. Ayesekufakazele kakade ukuthi ayamesaba uNkulunkulu; ayemhlonipha uMdali futhi esaba ukwenza into engamjabulisi. Kwakusobala kuwo wonke umuntu ukuthi la madoda ayenza konke okusemandleni awo ukusekela izindinganiso zikaNkulunkulu. Ayeyizonda inzuzo engalungile, okwakubonisa ukuthi anobuqotho obabuzowavimba angonakaliswa isikhundla. Ayengeke akusebenzise kabi ukwethenjwa kwawo ukuze azizuzise wona noma izihlobo noma abangane.

Ngeke yini kube ukuhlakanipha ukuba sisebenzise izindinganiso ezifanayo lapho sikhetha labo esizobethemba? Bakhona yini abantu esibaziyo abaziphatha ngendlela ebonisa ukuthi bayamesaba uNkulunkulu? Ingabe bazimisele ukugcina izindinganiso zakhe zokuziphatha? Ingabe banabo ubuqotho obuyobenza bangazenzi izinto ezingalungile? Ingabe bathembeke ngokwanele ukuba bangasizakali ngesimo ukuze kuzuze bona noma bathole lokho abakufunayo? Ngokuqinisekile amadoda nabesifazane abanezimfanelo ezinjalo bafanelwe ukuba sibethembe.

Ungadikibaliswa Ukudumazeka Okuthuka Kwenzeka

Kumelwe sibekezele lapho sinquma ukuthi ubani esizomethemba, ngoba kuthatha isikhathi ukuba umuntu afanelwe ukwethenjwa. Kuwukuhlakanipha ukukwakha kancane kancane ukwethemba umuntu. Kanjani? Singabheka indlela umuntu aziphatha ngayo okwesikhathi esithile, siqaphela indlela enza ngayo ezimweni ezithile. Ingabe uthembekile ezintweni ezincane? Ngokwesibonelo, ingabe uyazibuyisa izinto azibolekile njengoba ethembisile futhi ingabe uyasigcina isikhathi? Uma kunjalo, singaba nomuzwa wokuthi singamethemba ezintweni ezinkudlwana. Lokhu kuvumelana nesimiso esithi: “Umuntu othembekile kokuncane uthembekile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Ukuba abakhethayo nababekezelayo kungasisiza sigweme ukudumazeka okukhulu.

Kodwa, kuthiwani uma umuntu esidumaza? Abafundi beBhayibheli bazokhumbula ukuthi ngobusuku aboshwa ngabo, uJesu Kristu wadunyazwa kabuhlungu abaphostoli bakhe. UJuda Iskariyothe wamkhaphela, abanye babaleka ngenxa yokwesaba. UPetru waze wamphika kathathu uJesu. Kodwa uJesu wabona ukuthi uJuda kuphela owayenze ngamabomu. Ukudunyazwa ngesikhathi esibucayi kanjalo akuzange kumvimbele uJesu ukuba emasontweni ambalwa kamuva aphinde abaqinisekise abaphostoli bakhe abangu-11 ukuthi uyabethemba. (Mathewu 26:45-47, 56, 69-75; 28:16-20) Ngokufanayo, uma sinomuzwa wokuthi umuntu esimethembayo usidumazile, kuhle sibheke ukuthi lokho esibona sengathi kuwukusidumaza kuwubufakazi bokuthi ungumuntu ongathembekile yini noma bobuthaka besikhashana benyama.

Ingabe Mina Ngithembekile?

Umuntu onquma ukuba okhethayo ukuthi ubani azomethemba kumelwe athembeke azibuze: ‘Ingabe mina ngithembekile? Iziphi izindinganiso zokwethembeka ezinengqondo okufanele ngizilindele kimi nakwabanye?’

Ngokuqinisekile umuntu othembekile ukhuluma iqiniso ngaso sonke isikhathi. (Efesu 4:25) Akawashintshashintshi amazwi akhe kuye ngokuthi ukhuluma nobani ukuze azuze okuthile. Futhi uma enza isibopho, umuntu othembekile wenza konke okusemandleni akhe ukugcina izwi lakhe. (Mathewu 5:37) Uma othile emthululela isifuba, umuntu othembekile uyayigcina leyo mfihlo angahlebi. Umuntu oqotho uthembekile kumuntu ashade naye. Akazibuki izithombe ezingcolile, akazindli ngezinto ezivusa inkanuko, futhi akadlali ngothando. (Mathewu 5:27, 28) Umuntu esingamethemba usebenza kanzima ukuze aziphilise yena nomkhaya wakhe futhi akazami ukuthola imali kalula ngokuxhaphaza abanye abantu. (1 Thimothewu 5:8) Ukukhumbula izindinganiso ezinjalo ezinengqondo futhi ezisemiBhalweni kuyosisiza sikwazi ukubona abantu esingabethemba. Ngaphezu kwalokho, ukuziphatha ngokuvumelana nalezo zindinganiso kuyosiza ngamunye wethu ukuba afanelwe ukwethenjwa abanye.

Kungaba mnandi ukuphila ezweni lapho bonke abantu bethembekile futhi ukudunyazwa abantu ebesibethemba kuyinto yesikhathi esidlule! Ingabe yiphupho nje lelo? Akunjalo kubantu abazikholelwayo izithembiso zeBhayibheli, ngoba iZwi likaNkulunkulu libikezela “umhlaba omusha” omuhle ongenakho nhlobo ukukhohlisa, amanga kanye nokuxhaphaza abanye abantu futhi ongenakho ukudabuka, ukugula, ngisho nokufa! (2 Petru 3:13; IHubo 37:11, 29; IsAmbulo 21:3-5) Ngeke yini kube nenzuzo ukwazi okwengeziwe ngalesi sithembiso? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukutshela okwengeziwe mayelana nalokhu nezinye izindaba ezibalulekile.

[Isithombe ekhasini 4]

Ukungabethembi abanye kusiphuca injabulo

[Isithombe ekhasini 5]

UJehova ukufanelekele ngokuphelele ukuba simethembe

[Izithombe ekhasini 7]

Sonke siyabudinga ubuhlobo obusekelwe ekwethembaneni

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela