Abesifazane Abajabulisa Inhliziyo KaJehova
“Kwangathi uJehova angayivuza indlela owenza ngayo, futhi kwangathi ungaba nenkokhelo ephelele evela kuJehova.”—RUTHE 2:12.
1, 2. Singazuza kanjani ezibonelweni zeBhayibheli zabesifazane abajabulisa inhliziyo kaJehova?
UKWESABA uNkulunkulu kwashukumisa abesifazane ababili ukuba bamshaye indiva uFaro. Ukholo lwabangela owesifazane oyisifebe ukuba afake ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele izinhloli ezimbili zakwa-Israyeli. Ukuba nengqondo nokuthobeka esimweni esibucayi kwasiza owesifazane wasindisa ukuphila kwabantu abaningi kwavimba nogcotshiweyo kaJehova ekuzibangeleni icala legazi. Ukholo kuJehova uNkulunkulu kanye nomoya wokungenisa izihambi kwashukumisa umfelokazi ongumama ukuba aphe umprofethi kaNkulunkulu ukudla okwase kungokokugcina. Lezi izibonelo ezimbalwa nje kweziningi ezisemiBhalweni zabesifazane abajabulisa inhliziyo kaJehova.
2 Indlela uJehova ayebabheka nababusisa ngayo labo besifazane ibonisa ukuthi izinto ezimjabulisa kunazo zonke yizimfanelo zomoya, kungakhathaliseki ukuthi umuntu ungowesilisa noma ungowesifazane. Ezweni lanamuhla, elinaka ngokweqile izinto zenyama, ukubeka ingokomoya endaweni yokuqala kuyinselele. Kodwa leyo nselele inganqotshwa, njengoba kuboniswa izigidi zabesifazane abesaba uNkulunkulu abakha ingxenye enkulu yabantu baKhe namuhla. Laba besifazane abangamaKristu balingisa ukholo, ukuba nengqondo, ukungenisa izihambi, nezinye izimfanelo ezinhle ezaboniswa abesifazane abesaba uNkulunkulu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Yiqiniso, namadoda angamaKristu afuna ukuzilingisa lezo zimfanelo ezaboniswa yilabo besifazane abayisibonelo bangezikhathi zasendulo. Ukuze sibone ukuthi singakwenza kanjani lokho ngezinga elikhudlwana, ake sihlole kabanzi ukulandisa kweBhayibheli ngabesifazane okukhulunywe ngabo ekuqaleni.—Roma 15:4; Jakobe 4:8.
Abesifazane Abamshaya Indiva UFaro
3, 4. (a) Kungani uShifira noPhuwa benqaba ukulalela uFaro lapho eyala ukuba kubulawe zonke izinsana zabafana ezingama-Israyeli? (b) UJehova wabavuza kanjani ababelethisi ababili ngenxa yesibindi nokwesaba kwabo uNkulunkulu?
3 Emacaleni aseNuremberg, aqulwa eJalimane ngemva kweMpi Yezwe II, abaningi kulabo abatholwa benecala lokubulala inqwaba yabantu bazama ukubeka izaba bethi babemane belalela imiyalo. Manje qhathanisa labo babulali nababelethisi ababili bakwa-Israyeli, uShifira noPhuwa, ababehlala eGibhithe lasendulo ngesikhathi kubusa uFaro ongashiwongo ngegama kodwa owayenonya. Esaba umphakathi wamaHebheru owawanda, uFaro wayala ababelethisi ababili ukuba baqiniseke ukuthi zonke izinsana zabafana ezingamaHebheru ziyafa. Basabela kanjani laba besifazane kulowo myalo ohlasimulisayo? “Abenzanga njengoba inkosi yaseGibhithe yayikhulumile kubo, kunalokho babebalonda abantwana besilisa.” Kungani laba besifazane benganqotshwanga ukwesaba abantu? Kungoba ‘babesaba uNkulunkulu weqiniso.’—Eksodusi 1:15, 17; Genesise 9:6.
4 Yebo, labo babelethisi baphephela kuJehova, yena waba “yisihlangu” kubo, ebavikela olakeni lukaFaro. (2 Samuweli 22:31; Eksodusi 1:18-20) Kodwa isibusiso sikaJehova asigcinanga lapho. Wabavuza oShifira benoPhuwa ngemikhaya ethi bona. Waze wabanika udumo laba besifazane ngokwenza ukuba amagama nezenzo zabo kulotshwe eZwini lakhe eliphefumulelwe ukuze izizukulwane ezazizolandela zifunde ngabo, kuyilapho igama likaFaro lamane laphelela emoyeni.—Eksodusi 1:21; 1 Samuweli 2:30b; IzAga 10:7.
5. Abesifazane abaningi abangamaKristu namuhla basibonisa kanjani isimo sengqondo esifana nesikaShifira noPhuwa, futhi uJehova uyobavuza kanjani?
5 Ingabe namuhla bakhona abesifazane abafana noShifira noPhuwa? Ngokuqinisekile bakhona! Unyaka ngamunye, izinkulungwane zabesifazane abanjalo ngesibindi zishumayela umyalezo weBhayibheli osindisa ukuphila emazweni lapho “umyalo wenkosi” uwenqabela khona, ngaleyo ndlela zibeke inkululeko yazo engozini, noma ukuphila kwazo imbala. (Hebheru 11:23; IzEnzo 5:28, 29) Beshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu nangomakhelwane, abesifazane abanjalo abanesibindi abavumeli muntu ukuba abayekise ukutshela abanye izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, abesifazane abaningi abangamaKristu babhekene nokuphikiswa nokushushiswa. (Marku 12:30, 31; 13:9-13) NjengakuShifira noPhuwa, uJehova uzazi kahle izenzo zalabo besifazane abakahle kakhulu nabanesibindi, futhi uyobabonisa uthando ngokulondoloza amagama abo “encwadini yokuphila,” uma nje bekhuthazela ngokwethembeka kuze kube sekugcineni.—Filipi 4:3; Mathewu 24:13.
Owesifazane Owayeyisifebe Ujabulisa Inhliziyo KaJehova
6, 7. (a) Yini uRahabi ayeyazi ngoJehova nangabantu baKhe, futhi lwamthinta kanjani lolu lwazi? (b) IZwi likaNkulunkulu limnika kanjani udumo uRahabi?
6 Ngonyaka ka-1473 B.C.E., owesifazane oyisifebe ogama lakhe linguRahabi wayehlala emzini wamaKhanani, iJeriko. Ngokusobala, uRahabi wayengowesifazane onolwazi ngezinto. Lapho izinhloli ezimbili zakwa-Israyeli ziphephela emzini wakhe, wakwazi ukuzilandisela imininingwane ethile ngokuFuduka okuyisimangaliso kuka-Israyeli esuka eGibhithe, yize lokho kwakwenzeke eminyakeni engu-40 ngaphambili! Wayenolwazi futhi ngokunqoba kuka-Israyeli amakhosi esizwe sama-Amori uSihoni no-Ogi. Phawula indlela olwamthinta ngayo lolo lwazi. Kulezo zinhloli wathi: “Ngiyazi ukuthi ngokuqinisekile uJehova uzoninika lona leli zwe, . . . ngoba uJehova uNkulunkulu wenu unguNkulunkulu emazulwini phezulu nasemhlabeni phansi.” (Joshuwa 2:1, 9-11) Yebo, lokho uRahabi akuzwa ngoJehova nalokho uJehova ayekwenzele u-Israyeli kwenza ukuba inhliziyo yakhe isabele kahle, futhi kwambangela ukuba abe nokholo kuYe.—Roma 10:10.
7 Ukholo lukaRahabi lwamshukumisela esenzweni. Wamukela izinhloli zakwa-Israyeli “ngendlela enokuthula,” futhi walalela neziyalezo zazo zokusindisa ukuphila lapho u-Israyeli ehlasela iJeriko. (Hebheru 11:31; Joshuwa 2:18-21) Akungatshazwa ukuthi imisebenzi kaRahabi yokholo yayijabulisa inhliziyo kaJehova, ngoba nakhu uJehova waphefumulela umfundi ongumKristu uJakobe ukuba afake igama likaRahabi eduze kwelika-Abrahama, umngane kaNkulunkulu, njengesibonelo sokulingiswa amaKristu. UJakobe wabhala: “Ngendlela efanayo uRahabi isifebe, akushiwongo yini ukuthi ulungile ngemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngokufudumele futhi wazikhipha ngenye indlela?”—Jakobe 2:25.
8. UJehova wambusisa kanjani uRahabi ngenxa yokholo nokulalela kwakhe?
8 UJehova wamvuza ngezindlela eziningi uRahabi. Phakathi kokunye, uJehova walondoloza ngokuyisimangaliso ukuphila kukaRahabi nokwabo bonke abaphephela endlini yakhe—‘abangabendlu kayise nabo bonke abangabakhe.’ UJehova wabe esebavumela laba ukuba bahlale “phakathi kuka-Israyeli,” lapho babezophathwa njengabokuzalwa. (Joshuwa 2:13; 6:22-25; Levitikusi 19:33, 34) Kodwa akuphelelanga lapho. UJehova wapha uRahabi ilungelo lokuba ukhokhokazi kaJesu Kristu. Yeka ukubonakaliswa okumangalisayo komusa wothando kowesifazane owayekade engumKhanani okhulekela izithombe!a—IHubo 130:3, 4.
9. Ingaba kanjani isikhuthazo kwabanye abesifazane namuhla indlela uJehova ayembheka ngayo uRahabi nabesifazane abathile abangamaKristu ekhulwini lokuqala?
9 NjengoRahabi, abanye abesifazane abangamaKristu, kusukela ekhulwini lokuqala kuze kube namuhla, baye bayilahla indlela yokuphila enokuziphatha okubi ukuze bajabulise uNkulunkulu. (1 Korinte 6:9-11) Akungatshazwa ukuthi abanye babo bakhulela ezimweni ezifana nezaseKhanani lasendulo, lapho ukuziphatha kabi kwakuthé chithi saka futhi kubhekwa nanjengento evamile. Noma kunjalo, bashintsha izindlela zabo, beshukunyiswa ukholo olusekelwe olwazini olunembile lwemiBhalo. (Roma 10:17) Ngakho-ke, kungashiwo futhi ngabesifazane abanjalo ukuthi “uNkulunkulu akanamahloni ngabo, ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo.” (Hebheru 11:16) Yeka ilungelo!
Wabusiswa Ngokuba Kwakhe Nengqondo
10, 11. Iziphi izimo ezazihilela uNabali noDavide ezashukumisela u-Abhigayili esenzweni?
10 Abesifazane abaningi basendulo ababethembekile babonisa imfanelo yokuba nengqondo ngendlela evelele, okwabenza baba igugu kubantu bakaJehova. Omunye walabo besifazane kwakungu-Abhigayili, umfazi kaNabali umnikazi wezwe ocebile ongumIsrayeli. Ukuba nengqondo kuka-Abhigayili kwaba nengxenye enkulu ekusindiseni ukuphila kwabantu futhi kwavimbela uDavide, owayezolandela abe inkosi yakwa-Israyeli, ekubeni necala legazi. Singafunda ngo-Abhigayili ekulandiseni okulotshwe kweyoku-1 Samuweli isahluko 25.
11 Njengoba indaba iqala, uDavide nabalandeli bakhe bakanise eduze komhlambi kaNabali, umfowabo ongumIsrayeli, bawuvikele ngomusa ubusuku nemini bengamkhokhisi lutho. Lapho uDavide ephelelwa ukudla, uthumela izinsizwa eziyishumi kuNabali ukuba ziyocela ukudla. UNabali manje usenethuba lokubonisa ukwazisa kwakhe uDavide nokumnika udumo njengogcotshiwe kaJehova. Kodwa uNabali wenza okuphambene nalokho. Ethukuthele engqangqa, uthuka uDavide, aphindisele lezi zinsizwa emuva zilambatha. Lapho uDavide ekuzwa lokhu, uqoqa amadoda angu-400 ahlomile abese ephuma ayoziphindiselela. U-Abhigayili uyezwa ngokusabela ngokhahlo komyeni wakhe abese ethatha isinyathelo ngokushesha, ngokuhlakanipha ashweleze kuDavide ngokuthumela ukudla okuningi. Kamuva uziyela yena uqobo kuDavide.—Amavesi 2-20.
12, 13. (a) U-Abhigayili wakubonisa kanjani ukuba nengqondo kanye nokuthembeka kuJehova nakogcotshiwe waKhe? (b) Wenzani u-Abhigayili lapho ebuyela ekhaya futhi izinto zamhambela kanjani?
12 Lapho u-Abhigayili ehlangana noDavide, ukucela kwakhe umusa ngokuthobeka kwembula inhlonipho yakhe ejulile ngogcotshiwe kaJehova. “UJehova nakanjani uyokwenzela inkosi yami indlu emi njalo, ngoba inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova,” kusho u-Abhigayili, enezela nokuthi uJehova uyomisa uDavide njengomholi phezu kuka-Israyeli. (Amavesi 28-30) Ngesikhathi esifanayo, u-Abhigayili ubonisa isibindi esikhulu ngokutshela uDavide ukuthi ukuphishekela kwakhe ukuphindisela, uma kungalawuliwe, kuzoholela ecaleni legazi. (Amavesi 26, 31) Ukuthobeka kuka-Abhigayili, inhlonipho yakhe ejulile, nokucabanga kwakhe ngendlela ecacile, kwenza uDavide ayibheke ngamanye amehlo le ndaba. Uyaphendula: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, okuthumele kulolu suku ukuba ungihlangabeze! Futhi makubusiswe ukuba nengqondo kwakho, ubusiswe nawe ongivimbele kulolu suku ukuba ngingangeni ecaleni legazi.”—Amavesi 32, 33.
13 Ekubuyeleni kwakhe ekhaya, ngesibindi u-Abhigayili ufuna ukutshela umyeni wakhe ngesipho asinike uDavide. Nokho, lapho embona, umthola “edakwe ephelile.” Ngakho uyalinda buze buse utshwala abese emtshela. Usabela kanjani uNabali? Ushaqeka ngale ndlela yokuthi unqotshwa uhlobo oluthile lokukhubazeka. Ezinsukwini eziyishumi kamuva, uNkulunkulu umjezisa ngokufa. Lapho uDavide ezwa ngokufa kukaNabali, ucela ukushada no-Abhigayili, owesifazane amazisa ngempela futhi amhlonipha ngokujulile. U-Abhigayili uyasamukela isicelo sikaDavide.—Amavesi 34-42.
Ungaba Njengo-Abhigayili?
14. Iziphi izimfanelo zika-Abhigayili esingafuna ukuzihlakulela ngezinga elithé xaxa?
14 Ingabe uyazibona ezinye zezimfanelo ku-Abhigayili—kungakhathaliseki ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane—ongathanda ukuzihlakulela ngezinga elithé xaxa? Mhlawumbe ufuna ukwenza ngokuhlakanipha nokuba nengqondo kakhudlwana lapho kuphakama izimo ezinzima. Noma mhlawumbe ufuna ukukhuluma ngendlela ezolile nenengqondo lapho imizwelo yabantu abakanye nawe ingalawuleki. Uma kunjalo, kungani ungathandazi ngakho kuJehova? Uthembisa ukubanika ukuhlakanipha, ukuqonda, nekhono lokucabanga bonke labo ‘abaqhubeka becela ngokholo.’—Jakobe 1:5, 6; IzAga 2:1-6, 10, 11.
15. Kungaphansi kwaziphi izimo lapho kubaluleke khona nakakhulu ngabesifazane abangamaKristu ukuba babonise izimfanelo ezaboniswa u-Abhigayili?
15 Izimfanelo ezinjalo ezinhle zibaluleke nakakhulu kowesifazane onomyeni ongakholwa ongenandaba kangako noma ongenandaba nhlobo nezimiso zeBhayibheli. Mhlawumbe uphuza kakhulu. Siyethemba ukuthi amadoda anjalo ayozishintsha izindlela zawo. Amaningi aye azishintsha—ngokuvamile ngenxa yokuba mnene, ukuba nenhlonipho ejulile, nokuziphatha okumsulwa komkawo.—1 Petru 3:1, 2, 4.
16. Kungakhathaliseki ukuthi izimo zinjani ekhaya, udade ongumKristu angabonisa kanjani ukuthi ubuhlobo bakhe noJehova ubazisa ngaphezu kwanoma yini enye?
16 Kungakhathaliseki ukuthi bunzima buni ongase ubhekane nabo ekhaya, khumbula ukuthi uJehova uhlale ekhona ukuze akusekele. (1 Petru 3:12) Ngakho zabalazela ukuziqinisa ngokomoya. Thandazela ukuhlakanipha nenhliziyo ezolile. Yebo, sondela kakhudlwana kuJehova ngokutadisha iBhayibheli njalo, ukuthandaza, ukuzindla, nangokuhlangana namaKristu okanye nawo. Uthando luka-Abhigayili ngoNkulunkulu nesimo sakhe sengqondo ngenceku yaKhe egcotshiwe akuthonywanga ukucabanga kwenyama komyeni wakhe. Akwenza kwakusekelwe ezimisweni zokulunga. Ngisho nasemkhayeni lapho indoda iyinceku kaNkulunkulu eyisibonelo, umfazi ongumKristu uyaqonda ukuthi kudingeka aqhubeke esebenza kanzima akha ingokomoya lakhe siqu futhi alilondoloze. Yiqiniso, imiBhalo iyambopha umyeni wakhe ukuba amnakekele ngokomoya nangokwenyama, kodwa ekugcineni, umfazi kumelwe asebenzele ‘ukusindiswa kwakhe siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’—Filipi 2:12; 1 Thimothewu 5:8.
Wathola “Umvuzo Womprofethi”
17, 18. (a) Ukholo lomfelokazi waseZarefati lwavivinywa kanjani ngendlela engavamile? (b) Umfelokazi wasabela kanjani esicelweni sika-Eliya, futhi uJehova wamvuza kanjani ngalokhu?
17 Indlela uJehova amnakekela ngayo umfelokazi ompofu ngesikhathi somprofethi u-Eliya ibonisa ukuthi ubazisa ngokujulile labo abasekela ukukhulekela kweqiniso ngokuzinikela bona nangokunikela ngempahla yabo. Ngenxa yesomiso esathatha isikhathi eside ngosuku luka-Eliya, abaningi bajamelwa indlala, kuhlanganise nomfelokazi nendodana yakhe esencane ababehlala eZarefati. Lapho nje sekusele ukudla okwakungokokugcina, memfu isivakashi—umprofethi u-Eliya. Wenza isicelo esiyinqaba. Nakuba ayelwazi usizi lwalona wesifazane, wamcela ukuba ambhakele “iqebelengwana eliyindilinga,” asebenzise amafutha nofulawa okwakungokokugcina. Kodwa wenezela: “Ngoba yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushilo, ‘Imbiza enkulu kafulawa ngeke iphele, nembiza encane yamafutha ngeke iphele kuze kube usuku uJehova ayonika ngalo imvula phezu kobuso bomhlaba.’”—1 AmaKhosi 17:8-14.
18 Wawuyosabela kanjani kuleso sicelo esingavamile? Umfelokazi waseZarefati, ngokusobala eqaphela ukuthi u-Eliya wayengumprofethi kaJehova, “wenza ngokwezwi lika-Eliya.” UJehova wasabela ngayiphi indlela esenzweni salowo mfelokazi sokungenisa izihambi? Ngokuyisimangaliso wondla lona wesifazane, indodana yakhe, no-Eliya phakathi nesomiso. (1 AmaKhosi 17:15, 16) Yebo, uJehova wanika umfelokazi waseZarefati “umvuzo womprofethi,” yize ayengeyena umIsrayeli. (Mathewu 10:41) NeNdodana kaNkulunkulu yamnika udumo lo mfelokazi lapho ikhuluma ngaye njengoyisibonelo kubantu abangathembekile basemzini wakubo, iNazaretha.—Luka 4:24-26.
19. Abesifazane abaningi abangamaKristu namuhla bawubonisa ngaziphi izindlela umoya womfelokazi waseZarefati, futhi uJehova uzizwa kanjani ngabo?
19 Namuhla, abesifazane abaningi abangamaKristu babonisa umoya womfelokazi waseZarefati. Ngokwesibonelo, masonto onke, odade abangamaKristu—abaningi babo abampofu futhi abanemikhaya okufanele bayinakekele—ngokungenabugovu babonisa umoya wokungenisa izihambi kubabonisi abajikelezayo nomkabo. Abanye bahlanganyela ukudla nezikhonzi zendawo zesikhathi esigcwele, basize abaswele, noma ngezinye izindlela bazinikele bona banikele nangempahla yabo ukuze basekele umsebenzi woMbuso. (Luka 21:4) Ingabe uJehova uyayiqaphela imihlatshelo enjalo? Ngokuqinisekile! “UNkulunkulu akayena ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonisa kulo igama lakhe, ngoba niye nabakhonza abangcwele futhi niyaqhubeka nibakhonza.”—Hebheru 6:10.
20. Yini ezohlolwa esihlokweni esilandelayo?
20 Ekhulwini lokuqala, abesifazane abaningana abesaba uNkulunkulu baba nelungelo lokukhonza uJesu nabaphostoli bakhe. Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngendlela laba besifazane abayijabulisa ngayo inhliziyo kaJehova, futhi sizohlola izibonelo zabesifazane banamuhla abakhonza uJehova ngenhliziyo yonke, ngisho nasezimweni ezinzima.
[Umbhalo waphansi]
a Uhlu lozalo lukaJesu, njengoba lwalotshwa uMathewu, lubiza abesifazane abane ngamagama—uThamari, uRahabi, uRuthe, noMariya. Bonke baziswa kakhulu eZwini likaNkulunkulu.—Mathewu 1:3, 5, 16.
Ukubukeza
• Bayijabulisa kanjani inhliziyo kaJehova laba besifazane abalandelayo?
• UShifira noPhuwa
• URahabi
• U-Abhigayili
• Umfelokazi waseZarefati
• Ukuzindla ngezibonelo zalaba besifazane kungasisiza kanjani ngabanye ngabanye? Bonisa.
[Izithombe ekhasini 9]
Abesifazane abaningi abathembekile baye bakhonza uNkulunkulu naphezu ‘komyalo wenkosi’
[Isithombe ekhasini 10]
Kungani uRahabi eyisibonelo esihle somuntu onokholo?
[Isithombe ekhasini 10]
Iziphi izimfanelo ezaboniswa u-Abhigayili ofuna ukuzilingisa?
[Isithombe ekhasini 12]
Abesifazane abaningi abangamaKristu namuhla babonisa umoya womfelokazi waseZarefati