Abesifazane AbangamaKristu Abathembekile Bangabakhulekeli BakaNkulunkulu Abayigugu
“Ukukhanga kungase kube yinkohliso, nobuhle bungase bube yize; kodwa owesifazane owesaba uJehova nguye ozitholela udumo.”—IZAGA 31:30.
1. Umbono kaJehova ngobuhle uhluke kanjani kowezwe?
IZWE ligcizelela kakhulu ukubukeka kwangaphandle, ikakhulu kwabesifazane. Nokho, uJehova ngokuyinhloko unesithakazelo kumuntu wangaphakathi, ongaba muhle nakakhulu njengoba umuntu ekhula. (IzAga 16:31) Ngakho, iBhayibheli liyala abesifazane: “Ukuhloba kwenu makungabi okokwaluka izinwele kwangaphandle nokokufaka imihlobiso yegolide noma okokugqoka izingubo zangaphandle, kodwa makube umuntu osithekile wenhliziyo ogqoke isambatho esingenakonakala somoya onokuthula nobumnene, ongowenani elikhulu emehlweni kaNkulunkulu.”—1 Petru 3:3, 4.
2, 3. Abesifazane baba nayiphi indima ekuthuthukisweni kwezindaba ezinhle ekhulwini lokuqala, futhi kwakubikezelwe kanjani lokho?
2 Lowo moya onjalo otusekayo waboniswa abesifazane abaningi okukhulunywa ngabo eBhayibhelini. Ekhulwini lokuqala, abanye babo baba nelungelo lokukhonza uJesu nabaphostoli bakhe. (Luka 8:1-3) Kamuva, abesifazane abangamaKristu baba abashumayeli bevangeli abashisekayo; abanye basiza kakhulu ngokusekela amadoda angamaKristu ayehola, kuhlanganise nomphostoli uPawulu; kanti abanye babonisa umoya ophawulekayo wokungenisa izihambi, baze bavula nemizi yabo ukuba isetshenziselwe imihlangano yebandla.
3 ImiBhalo yayikubikezele ukuthi uJehova wayeyobasebenzisa ngendlela ephawulekayo abesifazane ekufezeni injongo yakhe. Ngokwesibonelo, uJoweli 2:28, 29 washo kusengaphambili ukuthi kokubili amadoda nabesifazane, abancane nabadala, babeyothola umoya ongcwele futhi bahlanganyele ekwenabiseni izindaba ezinhle zoMbuso. Leso siprofetho saqala ukugcwaliseka ngePhentekoste lika-33 C.E. (IzEnzo 2:1-4, 16-18) Abanye abesifazane ababegcotshwe ngomoya baphiwa izipho eziyisimangaliso, njengesipho sokuprofetha. (IzEnzo 21:8, 9) Ngentshiseko yalo enkonzweni, lelo butho elikhulu elingokomoya lodade abathembekile laba nendima ekwenabeni ngokushesha kobuKristu ekhulwini lokuqala. Empeleni, cishe ngo-60 C.E., umphostoli uPawulu wabhala ukuthi izindaba ezinhle zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’—Kolose 1:23.
Batuswa Ngesibindi Sabo, Intshiseko, Nokungenisa Izihambi
4. Kungani uPawulu ayenesizathu esihle sokutusa abesifazane abaningana ebandleni lobuKristu langekhulu lokuqala?
4 Umphostoli uPawulu, ngokwesibonelo, wayeyazisa inkonzo eyayenziwa abesifazane abathile ngokukhethekile—njengoba nje ababonisi abangamaKristu namuhla beyazisa inkonzo eyenziwa abesifazane abashisekayo. Phakathi kwabesifazane uPawulu ababiza ngamagama ‘kwakunoTrifina noTrifosa, abesifazane abasebenza kanzima eNkosini, noPersisi, othandekayo wethu, ngoba wenza imisebenzi eminingi eNkosini.’ (Roma 16:12) UPawulu wabhala ukuthi u-Evodiya noSintike babeye “bazabalaza kanye [naye] ezindabeni ezinhle.” (Filipi 4:2, 3) UPriska, ekanye nomyeni wakhe, u-Akhwila, naye wakhonza kanye noPawulu. UPriska no-Akhwila baze “bafaka ukuphila kwabo engozini” ngenxa kaPawulu, okwamshukumisela ukuba abhale: “Ngibabonga kungemina kuphela kodwa nawo wonke amabandla ezizwe.”—Roma 16:3, 4; IzEnzo 18:2.
5, 6. UPriska wababekela ngaziphi izindlela isibonelo esihle odade namuhla?
5 Yini eyabangela uPriska ukuba abe nentshiseko nesibindi? Inkomba itholakala kuzEnzo 18:24-26, lapho sifunda khona ukuthi wasekela umyeni wakhe ekusizeni u-Apholo, isikhulumi esinekhono, ukuba athole amaqiniso amasha asanda kwembulwa. Kusobala ukuthi uPriska wayengumfundi okhuthele weZwi likaNkulunkulu nemfundiso yabaphostoli. Ngenxa yalokho, waba nezimfanelo ezinhle kakhulu ezamenza igugu kuNkulunkulu nakumyeni wakhe futhi waba ilungu elibalulekile lebandla ekhulwini lokuqala. Odade abaningi abangamaKristu namuhla abasebenza kanzima, ngenkuthalo betadisha iBhayibheli futhi badle ukudla okungokomoya okulungiselelwa uJehova ‘ngomphathi othembekile,’ nabo bayigugu ngendlela efanayo.—Luka 12:42.
6 U-Akhwila noPriska babenomoya ophawulekayo wokungenisa izihambi. UPawulu wahlala ekhaya labo lapho esebenza nabo ebhizinisini labo lokwenza amatende eKorinte. (IzEnzo 18:1-3) Lapho lo mbhangqwana uthuthela e-Efesu futhi kamuva eRoma, waqhubeka ubonisa umoya wobuKristu wokungenisa izihambi, waze wavula nomuzi wawo ukuze usetshenziselwe imihlangano yebandla. (IzEnzo 18:18, 19; 1 Korinte 16:8, 19) UNimfa noMariya unina kaJohane Marku nabo ngokufanayo bavula imizi yabo ukuze isetshenziselwe imihlangano yebandla.—IzEnzo 12:12; Kolose 4:15.
Usizo Oluyigugu Namuhla
7, 8. Imuphi umlando otusekayo wenkonzo engcwele abesifazane abaningi abangamaKristu banamuhla abanawo, futhi yini abangaqiniseka ngayo?
7 Njengasekhulwini lokuqala, abesifazane abangamaKristu abathembekile namuhla banengxenye enkulu ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu, ikakhulu emsebenzini wobuvangeli. Futhi yeka umlando omuhle abanawo lab’ odade! Cabanga ngesibonelo sikaGwen, owakhonza uJehova ngokwethembeka iminyaka engaphezu kwengu-50 kwaze kwaba sekushoneni kwakhe ngo-2002. Umyeni wakhe uthi: “Intshiseko kaGwen njengomvangeli yayaziwa kakhulu edolobheni lakithi. Kuye, wonke umuntu wayengaluthola uthando nezithembiso zikaJehova. Ukuthembeka kwakhe kuNkulunkulu, enhlanganweni yaKhe, nasemkhayeni wethu—ingasaphathwa eyesikhuthazo sakhe sothando lapho sizizwa sidumele—kuye kwangisekela kakhulu mina nezingane zethu kukho konke ukuphila kwethu okugcwele nokuzuzisayo sindawonye. Ave simkhumbula.” UGwen nomyeni wakhe base beneminyaka engu-61 beshadile.
8 Amashumi ezinkulungwane zabesifazane abangamaKristu, angashadile nashadile, akhonza njengamaphayona nanjengezithunywa zevangeli, anokwaneliseka ngezidingo zokuphila njengoba esakaza umyalezo woMbuso kusuka emasimini asemadolobheni aminyene kuya ezindaweni ezicezile. (IzEnzo 1:8) Abaningi baye bakubekela eceleni ukuba nomuzi noma izingane ukuze bakhonze uJehova ngokugcwele. Kunalabo abasekela ngokwethembeka abayeni babo abakhonza njengababonisi abajikelezayo, kuyilapho kunezinkulungwane zodade ezikhonza emakhaya aseBethel emhlabeni wonke. Ngaphandle kokungabaza, laba besifazane abazidelayo baphakathi ‘kwezinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe’ ezigcwalisa indlu kaJehova ngenkazimulo.—Hagayi 2:7.
9, 10. Amanye amalungu emikhaya aye akuzwakalisa kanjani ukuzazisa kwawo izibonelo ezinhle ezibekwa amakhosikazi nomama abangamaKristu?
9 Yebo, abesifazane abaningi abangamaKristu banemithwalo yemfanelo yokunakekela imikhaya yabo; noma kunjalo, babeka izithakazelo zoMbuso kuqala. (Mathewu 6:33) Udade ongashadile oyiphayona wabhala: “Umama, ngenxa yokholo lwakhe olungantengi nesibonelo sakhe esihle, waba nengxenye enkulu ekubeni kwami iphayona elivamile. Empeleni, wayengelinye lamaphayona akahle kakhulu engake ngaphayona nawo.” Enye indoda ithi ngomkayo, ongumama wamadodakazi ayisihlanu asekhulile: “Indlu yethu yayilokhu ihlanzekile futhi icocekile. UBonnie wayeyigcina ishaya umoya futhi ingaminyene ukuze umkhaya wethu ukwazi ukugxila emisebenzini engokomoya. Ingxenye yakhe ekuphatheni ngokucophelela izimali zethu yangenza ngakwazi ukusebenza izikhathi ezithile iminyaka engu-32, okwangivumela ukuba nginikele ngesikhathi esiningi emkhayeni wethu nasezindabeni ezingokomoya. Umkami wayebuye afundise izingane zethu ukubaluleka kokusebenza kanzima. Angikwazi ukungamniki udumo.” Namuhla bobabili uBonnie nomyeni wakhe bakhonza endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova.
10 Enye indoda yabhala ngokuqondene nomkayo, ongumama wezingane esezikhulile: “Izimfanelo engizazisa kakhulu kuSusan ziwuthando lwakhe olujulile ngoNkulunkulu nangabantu, kanye nokuqonda, ububele, nokuthembeka kwakhe. Ubelokhu enomuzwa wokuthi uJehova ufanelwe okungcono kakhulu esingamnika kona—isimiso asisebenzisa kuye uqobo njengenceku kaNkulunkulu nanjengomama.” Ngenxa yokusekelwa umkayo, le ndoda iye yakwazi ukwamukela amalungelo amaningana angokomoya, ahlanganisa ukukhonza njengomdala, iphayona, umbambeli wombonisi wesifunda, nokuba ilungu leKomiti Yokubonisana Nezibhedlela. Yeka ukuthi abesifazane abanjalo bayigugu kanjani kubayeni babo, kumaKristu abakanye nawo, futhi ngaphezu kwakho konke, kuJehova!—IzAga 31:28, 30.
Abesifazane Abayigugu Abangenabayeni
11. (a) UJehova ukwembule kanjani ukukhathalela kwakhe abesifazane abathembekile, ikakhulu abafelokazi? (b) Abafelokazi abangamaKristu nabanye odade abathembekile abangenabayeni bangaqiniseka ngani?
11 UJehova wayevamile ukuzwakalisa ukukhathalela kwakhe inhlalakahle yabafelokazi. (Duteronomi 27:19; IHubo 68:5; Isaya 10:1, 2) Akakashintshi. Uyaqhubeka enesithakazelo esijulile, hhayi kubafelokazi kuphela, kodwa nakomama abangabodwa kanye nabesifazane abangashadile ngenxa yokuthi bakhethe kanjalo noma ngenxa yokuthi bebengakamtholi umyeni ofanelekayo ongumKristu. (Malaki 3:6; Jakobe 1:27) Uma uphakathi kwalabo abakhonza uJehova ngokwethembeka ngaphandle kokusekelwa umngane womshado ongumKristu, ungaqiniseka ukuthi uyigugu emehlweni kaNkulunkulu.
12. (a) Abanye odade abangamaKristu babubonisa kanjani ubuqotho babo kuJehova? (b) Abanye kodadewethu babhekene namiphi imizwa?
12 Ngokwesibonelo, cabanga ngodadewethu abangamaKristu abangashadile ngoba belalela ngobuqotho iseluleko sikaJehova sokushada “kuphela eNkosini.” (1 Korinte 7:39; IzAga 3:1) IZwi likaNkulunkulu liyabaqinisekisa: “Koqotho [uJehova] uyokwenza ngobuqotho.” (2 Samuweli 22:26) Noma kunjalo, kwabaningi babo, ukuhlala bengashadile kuyinselele. Omunye udade wathi: “Nganquma ukushada kuphela eNkosini, kodwa ngiye ngakhala izikhathi eziningi njengoba bengibuka abangane bami beshada namadoda akahle kakhulu angamaKristu, kuyilapho mina ngilokhu ngingedwa.” Omunye udade uyaphawula: “Sekuyiminyaka engu-25 ngikhonza uJehova. Ngizimisele ukuhlala ngiqotho kuye, kodwa isizungu ngokuvamile singenza lusizi.” Uyanezela: “Odade abafana nami bayakomela ukukhuthazwa.” Singabasiza kanjani abanjalo abaqotho?
13. (a) Sifundani esibonelweni esabekwa yilabo ababevakashela indodakazi kaJefta? (b) Iziphi izindlela ezengeziwe esingabonisa ngazo ukubakhathalela kwethu odade abangashadile abasebandleni lethu?
13 Enye indlela ibonakala esibonelweni sasendulo. Lapho indodakazi kaJefta iyeka ithuba lokuba nomyeni, abantu baqaphela ukuthi yayizidela. Kwenziwani ukuze ikhuthazwe? “Unyaka nonyaka amadodakazi akwa-Israyeli ayeya kotusa indodakazi kaJefta waseGileyadi, izinsuku ezine ngonyaka.” (AbaHluleli 11:30-40) Ngokufanayo, kufanele sibatuse ngokusuka enhliziyweni odade abangashadile abalalela umthetho kaNkulunkulu ngobuqotho.a Iyiphi enye indlela esingakubonisa ngayo ukubakhathalela kwethu? Emithandazweni yethu kufanele sinxuse uJehova ukuba asekele lab’ odade abathandekayo nabathembekile ukuba baqhubeke ngobuqotho enkonzweni yabo. Bayakufanelekela ukuqinisekiswa ngokuthi uJehova nalo lonke ibandla lobuKristu babathanda ngokufudumele futhi babazisa ngokujulile.—IHubo 37:28.
Indlela Abazali Abangabodwa Abaphumelela Ngayo
14, 15. (a) Kungani amaKristu angomama abangabodwa kufanele acele uJehova ukuba awasize? (b) Abazali abangabodwa bangenza kanjani ngokuvumelana nemithandazo yabo?
14 Abesifazane abangamaKristu abangabazali abangabodwa nabo babhekana nezinselele eziningi. Nokho, bangaphendukela kuJehova ukuze abasize bakhulise izingane zabo ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli. Yiqiniso, uma ungumzali ongayedwa, awunakuba yikho kokubili umama nobaba kuzo zonke izici. Noma kunjalo, uJehova uyokusiza ukwazi ukuyinakekela imithwalo yemfanelo eminingi onayo uma umcela ngokholo. Ngokwesibonelo: Ake uzicabange uphethe isikhwama sokudla esisindayo usiyisa ekhaya. Ingabe ubungahamba uzabalaza indlela ende ukube bekukhona into yokuhamba eduze? Cha, ubungeke! Ngokufanayo, ungazami ukuyithwala wedwa imithwalo esindayo engokomzwelo kuyilapho ungacela uJehova akusize. Empeleni, ukumema ukuba uze kuye. IHubo 68:19 lithi: “Makatuswe uJehova, osithwalela umthwalo nsuku zonke.” Ngokufanayo, eyoku-1 Petru 5:7 ikumema ukuba uphonse zonke izinkathazo zakho kuJehova, ‘ngoba uyakukhathalela.’ Ngakho lapho izinkinga nezinkathazo zikuthena amandla, thululela lowo mthwalo onzima kuYihlo wasezulwini, wenze kanjalo ‘ungaphezi.’—1 Thesalonika 5:17; IHubo 18:6; 55:22.
15 Ngokwesibonelo, uma ungumama, ngokungangabazeki ukhathazekile ngethonya ontanga abangaba nalo ezinganeni zakho esikoleni noma ukuvivinywa kobuqotho ezingase zibhekane nakho. (1 Korinte 15:33) Lokhu ukukhathazeka okuzwakalayo. Kodwa nakho kuyizinto zokuthandazelwa. Empeleni, kungani ungathandazi ngezinto ezinjalo ukanye nezingane zakho ngaphambi kokuba ziye esikoleni, mhlawumbe ngemva kokuhlola ndawonye itekisi losuku? Imithandazo esuka enhliziyweni neqondile ingaba nethonya elinamandla ezingqondweni zabasebasha. Ngaphezu kwakho konke, uzibizela isibusiso sikaJehova lapho ngesineke uzabalazela ukufaka iZwi lakhe ezinhliziyweni zezingane zakho. (Duteronomi 6:6, 7; IzAga 22:6) Khumbula, “amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekunxuseni kwabo.”—1 Petru 3:12; Filipi 4:6, 7.
16, 17. (a) Yathini enye indodana ngothando olwaboniswa ngunina? (b) Isimo esingokomoya sikamama sabathinta kanjani abantabakhe?
16 Cabanga ngesibonelo sika-Olivia, umama wabantwana abayisithupha. Umyeni wakhe ongakholwa wabashiya ngemva nje kokuzalwa kukathunjana, kodwa ngaphandle kokunqikaza u-Olivia wathatha umthwalo wemfanelo wokuqeqesha abantabakhe ngezindlela zikaNkulunkulu. Indodana ka-Olivia, uDarren, manje oneminyaka engu-31 ubudala nokhonza njengomdala ongumKristu nanjengephayona, wayeneminyaka emihlanu ubudala ngaleso sikhathi. Ngaphezu kwezinkathazo u-Olivia ayenazo, uDarren waba nenkinga enkulu yempilo emkhathazayo namanje. Ekhumbula isikhathi esengumntwana, uDarren wabhala: “Ngisakhumbula ngihlezi embhedeni wami wasesibhedlela ngilindele umama ngabomvu. Wayefika ahlale eduze kwami abese engifundela iBhayibheli nsuku zonke. Ngemva kwalokho wayecula ingoma yoMbuso ethi ‘Siyakubonga, Jehova.’b Kuze kube namuhla, leyo ingoma yoMbuso eyintandokazi yami.”
17 Ukuthembela kuka-Olivia kuJehova nothando lwakhe ngaYe kwamenza waba umama ongayedwa ophumelelayo. (IzAga 3:5, 6) Isimo sakhe sengqondo esihle sabonakala emigomweni ayibekela izingane zakhe. UDarren uthi: “Umama wayesikhuthaza njalo ukuba siphishekele umgomo wenkonzo yesikhathi esigcwele. Ngenxa yalokho, mina nodadewethu abane kwabayisihlanu sangenela inkonzo yesikhathi esigcwele. Noma kunjalo, umama akakaze aziqhayise kwabanye ngalezi zinto. Ngizama kanzima ukulingisa izimfanelo zakhe ezinhle.” Yiqiniso, akuzona zonke izingane ezikhula zikhonze uNkulunkulu njengezika-Olivia. Kodwa lapho umama enza konke angakwenza ukuze aphile ngokuvumelana nezimiso zeBhayibheli, angaqiniseka ngesiqondiso nokusekela kothando kukaJehova.—IHubo 32:8.
18. Singabonisa kanjani ukuthi siyalazisa ilungiselelo likaJehova lebandla lobuKristu?
18 UNkulunkulu usisekela kakhulu ngebandla lobuKristu, ngesimiso salo sokondliwa njalo ngokomoya, ubuzalwane balo bobuKristu, ‘nangezipho zalo ezingabantu’ abavuthiwe ngokomoya. (Efesu 4:8) Abadala abathembekile basebenza kanzima beqinisa bonke ebandleni, benakekela ngokukhethekile izidingo ‘zezintandane nabafelokazi osizini lwabo.’ (Jakobe 1:27) Ngakho hlala useduze nabantu bakaNkulunkulu, ungalokothi uzihlukanise.—IzAga 18:1; Roma 14:7.
Ubuhle Bokuzithoba
19. Kungani ukuzithoba komfazi kungasikiseli ukuba phansi kunomyeni wakhe, futhi isiphi isibonelo seBhayibheli esisekela lokhu?
19 UJehova wadala owesifazane njengomphelelisi wendoda. (Genesise 2:18) Ngakho, ukuzithoba komfazi kumyeni wakhe akukusikiseli nakancane ukuba phansi kunaye. Kunalokho, kumnika udumo owesifazane, kumvumele ukuba asebenzise iziphiwo namakhono akhe amaningi ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu. IzAga isahluko 31 zichaza imisebenzi ehlukahlukene yomfazi owayekhuthele kwa-Israyeli wasendulo. Wayesiza abaswele, etshala izivini, ethenga namasimu. Yebo, ‘inhliziyo yomnikazi wakhe yayibeka ithemba kuye, futhi kwakungekho nzuzo eyayintuleka.’—Amavesi 11, 16, 20.
20. (a) Owesifazane ongumKristu kufanele awabheke kanjani amakhono akhe, noma iziphiwo, azinikwe uNkulunkulu? (b) Iziphi izimfanelo ezinhle ezaboniswa u-Esteri, futhi uJehova wamsebenzisa kanjani ngenxa yalokho?
20 Owesifazane onesizotha nowesaba uNkulunkulu akaziphakamisi ngokuzifunela udumo noma ancintisane nomyeni wakhe. (IzAga 16:18) Akaphishekeli ukuzanelisa ngokuyinhloko ngemigomo yezwe kodwa usebenzisa iziphiwo aziphiwe uNkulunkulu ngokuyinhloko ukuze akhonze abanye—umkhaya wakhe, amaKristu akanye nawo, omakhelwane, futhi ngaphezu kwakho konke, uJehova. (Galathiya 6:10; Thithu 2:3-5) Cabanga ngesibonelo esiseBhayibhelini seNdlovukazi u-Esteri. Nakuba ayemuhle ngaphandle, wayenesizotha futhi ezithobile. (Esteri 2:13, 15) Lapho eseshadile, wabonisa inhlonipho ejulile kumyeni wakhe, iNkosi u-Ahashiveroshi, ngokungafani nomfazi wenkosi wangaphambili, uVashiti. (Esteri 1:10-12; 2:16, 17) U-Esteri wayeyihlonipha nemibono kaMoridekayi, umzala wakhe owayesekhulile, ezindabeni ezifanele—ngisho nalapho eseyindlovukazi. Kodwa wayengeyona intekenteke! Ngesibindi wachaya obala uHamani, indoda eyayinamandla nonya eyayiceba ukuqothula amaJuda. UJehova wamsebenzisa kakhulu u-Esteri ekulondolozeni abantu baKhe.—Esteri 3:8–4:17; 7:1-10; 9:13.
21. Owesifazane ongumKristu angenza kanjani ukuba alokhu eba igugu nakakhulu kuJehova?
21 Ngokusobala, emandulo nanamuhla, abesifazane abesaba uNkulunkulu baye bakubonisa ukuzinikela kwabo kuJehova kuphela nokukhulekela yena yedwa. Ngakho-ke, abesifazane abesaba uNkulunkulu bayigugu emehlweni kaJehova. Bodade abangamaKristu, vumelani uJehova ukuba ngomoya wakhe anibumbe ngokuqhubekayo ukuze nibe ‘izitsha’ eziyolokhu zifiseleka kakhulu, izitsha ‘ezilungiselelwe yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 2:21; Roma 12:2) Ngokuphathelene nalabo bakhulekeli abayigugu, iZwi likaNkulunkulu lithi: “Mnikeni izithelo zezandla zakhe, futhi imisebenzi yakhe mayimdumise emasangweni.” (IzAga 31:31) Kwangathi kungaba njalo komunye nomunye wenu.
[Imibhalo yaphansi]
a Ukuze uthole indlela ongabatusa ngayo, bheka INqabayokulinda ka-March 15, 2002, amakhasi 26-8.
b Lena ingoma 212 encwadini ethi Hubani Izindumiso ZikaJehova, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Uyakhumbula?
• Abanye abesifazane abangamaKristu bekhulu lokuqala baba kanjani igugu emehlweni kaJehova?
• Odade abaningi esikhathini sethu bazenze kanjani igugu kuNkulunkulu?
• UJehova ubasekela ngaziphi izindlela omama abangabodwa kanye nabanye odade abangenabayeni?
• Owesifazane angayibonisa kanjani inhlonipho esuka enhliziyweni ngelungiselelo lobunhloko?
[Ibhokisi ekhasini 17]
IZIBONELO ZOKUCATSHANGELWA
Ungathanda yini ukuhlola ezinye izibonelo ezengeziwe zabesifazane abathembekile okukhulunywa ngabo eBhayibhelini? Uma kunjalo, siza ufunde amavesi abekwe ngezansi. Njengoba uzindla ngala bantu abahlukahlukene, zama ukuthola izimiso ongase ukwazi ukuzisebenzisa ngezinga elithé xaxa ekuphileni kwakho.—Roma 15:4.
◆ USara: Genesise 12:1, 5; 13:18a; 21:9-12; 1 Petru 3:5, 6.
◆ Abesifazane abangama-Israyeli abaphanayo: Eksodusi 35:5, 22, 25, 26; 36:3-7; Luka 21:1-4.
◆ UDebora: AbaHluleli 4:1–5:31.
◆ URuthe: Ruthe 1:4, 5, 16, 17; 2:2, 3, 11-13; 4:15.
◆ Owesifazane waseShunemi: 2 AmaKhosi 4:8-37.
◆ Owesifazane ongumFenike: Mathewu 15:22-28.
◆ UMarta noMariya: Marku 14:3-9; Luka 10:38-42; Johane 11:17-29; 12:1-8.
◆ UThabitha: IzEnzo 9:36-41.
◆ Amadodakazi kaFiliphu amane: IzEnzo 21:9.
◆ UFibhi: Roma 16:1, 2.
[Isithombe ekhasini 15]
Ingabe uyabatusa odade abangashadile abalalela umthetho kaNkulunkulu ngobuqotho?
[Isithombe ekhasini 16]
Iziphi izicelo eziqondile ezingenziwa emthandazweni ngaphambi kokuba izingane ziye esikoleni?