Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 12/15 k. 3
  • Umkhaya Wakubo KaJesu Kwakungobani?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umkhaya Wakubo KaJesu Kwakungobani?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho Esingakufunda Esibonelweni SikaMariya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • UJesu Wafunda Ukulalela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • UJehova Wamupha Umusa Omkhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Esikufundayo Emkhayeni Wakubo KaJesu Wasemhlabeni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 12/15 k. 3

Umkhaya Wakubo KaJesu Kwakungobani?

KUVAMILE ukuba ngo-December, ezindaweni eziningi zomhlaba kubonakale izithombe zomntwana uJesu egonwe unina, uMariya, kukhona nosingayise, uJosefa. Izithombe ezinjalo zomkhaya zingase zikhange ngisho nalabo abathi abawona amaKristu. Njengoba kunguJesu osemqoka kulezi zithombe, imiBhalo isitshelani ngomkhaya wakubo kaJesu wasemhlabeni?

Umkhaya wakubo kaJesu wawuthakazelisa ngempela. Wazalwa yintombi okuthiwa uMariya, ngakho waba ilungu lomkhaya ongabantu. NgokweBhayibheli, ukuphila kwakhe kwasuswa ezulwini kwafakwa esibelethweni sikaMariya ngomoya ongcwele. (Luka 1:30-35) Ngaphambi kokuba kumenyezelwe lokhu kuhlala kukaJesu esiswini okuyisimangaliso, uMariya wayethenjiswe umshado yindoda okuthiwa uJosefa, ngenxa yalokho owayezoba usingayise kaJesu.

Ngemva kokuzalwa kukaJesu, uJosefa noMariya baba nabanye abantwana, abafowabo nodadewabo bakaJesu ngomzali oyedwa. Lokho kubonakala ngombuzo abantu baseNazaretha abawubuza kamuva ngoJesu: “Lo akayona yini indodana yombazi? Unina akabizwa yini ngokuthi uMariya, nabafowabo ngokuthi oJakobe noJosefa noSimoni noJuda na? Futhi odadewabo, abekho yini bonke kanye nathi?” (Mathewu 1:25; 13:55, 56; Marku 6:3) Kulokhu singaphetha ngokuthi amalungu omkhaya wakubo kaJesu kwakungabazali bakhe, abafowabo abane nodadewabo okungenani ababili.

Nokho, abanye namuhla abakholwa ukuthi abafowabo nodadewabo bakaJesu kwakungabantwana bakaJosefa noMariya. Ngani? I-New Catholic Encyclopedia ithi: “Kusukela ekuqaleni kwalo, iSonto belifundisa ukuthi uMariya wahlala eyintombi. Ngenxa yalokhu-ke, akukho kungabaza ukuthi uMariya akazange abe nabanye abantwana.” Yona le ncwadi ithi igama elithi “umfowabo” nelithi “udadewabo” angasho “umuntu noma abantu abahlangene ngokwenkolo noma ngesinye isibopho” noma angasho izihlobo, mhlawumbe abazala.

Ingabe kunjalo ngempela? Ngisho nezinye izazi zenkolo zamaKatolika, lapho ziphikisa imfundiso yesonto, zisekela umbono wokuthi uJesu wayenabafowabo nodadewabo benyama. UJohn P. Meier, owayengumengameli we-Catholic Bible Association of America, wabhala wathi: “[EThestamenteni Elisha], elithi adelphos [umfowabo], uma lingasetshenziswa ngokomfanekiso noma njengesifenqo nje kodwa libhekisele ebuhlotsheni obuthile benyama noma obungokomthetho, lisho nje kuphela umfowabo womuntu noma umfowabo ngomzali oyedwa, alisho lutho olunye.”a Yebo imiBhalo ibonisa ukuthi uJesu wayenabafowabo nodadewabo ababezalwa uJosefa noMariya.

AmaVangeli akhuluma ngezinye futhi izihlobo zikaJesu, kodwa manje ake sihlole amalungu omkhaya wakubo kaJesu sibone ukuthi yini esingayifunda kuwo.

[Umbhalo waphansi]

a “Abafowabo Nawodadewabo BakaJesu Ngokombono Wawo Wonke AmaSonto,” esibhalwe nguJ. P. Meier, kuyi-Catholic Biblical Quarterly, ka-January 1992, ikhasi 21.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela