“Izwi Labo Laphumela Kuwo Wonke Umhlaba”
“[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.”—MATHEWU 28:19.
1, 2. (a) Imuphi umyalo uJesu awunika abafundi bakhe? (b) Kungani amaKristu ekhulu lokuqala akwazi ukufeza okukhulu kangaka?
NGAPHAMBI nje kokunyukela kwakhe ezulwini, uJesu wanika abafundi bakhe umyalo. Wabatshela: “[Yenzani] abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelomoya ongcwele.” (Mathewu 28:19) Yeka umsebenzi omkhulu!
2 Cabanga nje! NgePhentekoste lika-33 C.E., abafundi abangaba ngu-120 bathululelwa umoya ongcwele base beqala ukugcwalisa lowo myalo ngokutshela abanye ukuthi uJesu unguMesiya owayesenesikhathi eside elindelwe, okwakungatholakala ngaye insindiso. (IzEnzo 2:1-36) Lelo qembu elincane lalizobafinyelela kanjani “abantu bazo zonke izizwe”? Kubantu kwakungenakwenzeka, kodwa “kuNkulunkulu zonke izinto zingenzeka.” (Mathewu 19:26) AmaKristu okuqala ayesekelwa umoya ongcwele kaJehova, futhi ayenomuzwa wokuphuthuma. (Zakariya 4:6; 2 Thimothewu 4:2) Ngakho, emashumini ambalwa nje eminyaka, umphostoli uPawulu wayengasho athi izindaba ezinhle zimenyezelwa “kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.”—Kolose 1:23.
3. Yini eyasitha “ukolweni” ongamaKristu eqiniso?
3 Phakathi nengxenye enkulu yekhulu lokuqala, ukukhulekela kweqiniso kwaqhubeka kusabalala. Nokho, uJesu wayeprofethile ukuthi kwakuyofika isikhathi lapho uSathane ayeyohlwanyela khona “ukhula” nokuthi “ukolweni” ongamaKristu eqiniso wawuyositheka amakhulu amaningi eminyaka kuze kube isikhathi sokuvuna. Ngemva kokufa kwabaphostoli, lokho kwenzeka.—Mathewu 13:24-39.
Ukwanda Okusheshayo Namuhla
4, 5. Kusukela ngo-1919, amaKristu agcotshiwe aqala muphi umsebenzi, futhi kungani lokho kwaletha inselele enkulu?
4 Ngo-1919, kwase kuyisikhathi sokuba ukolweni ongamaKristu ahlanzekile uhlukaniswe nokhula. AmaKristu agcotshiwe ayazi ukuthi umyalo obalulekile kaJesu wawusasebenza. Ayekholelwa ngokuqinile ukuthi ayephila “ezinsukwini zokugcina” futhi esazi isiprofetho sikaJesu: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (2 Thimothewu 3:1; Mathewu 24:14) Yebo, ayazi ukuthi kwakunomsebenzi omkhulu okwakumelwe wenziwe.
5 Nakuba kunjalo, njengabafundi ngo-33 C.E., lawo maKristu agcotshiwe ayebhekene nenselele enkulu. Ayeyizinkulungwane ezimbalwa nje, emazweni ambalwa. Ayengazishumayela kanjani nje izindaba ezinhle “emhlabeni wonke owakhiwe”? Khumbula, inani labantu emhlabeni lase landile, lisuka ebantwini mhlawumbe abayizigidi ezingu-300 ngesikhathi soKhesari laya ezigidini eziyizinkulungwane ezicishe zibe zimbili ngemva kwempi yezwe yokuqala. Futhi kulo lonke ikhulu lama-20, inani labantu lalizoqhubeka landa ngokushesha.
6. Kwase kuthuthuke kangakanani ukusakazwa kwezindaba ezinhle ngawo-1930?
6 Nokho, izinceku zikaJehova ezigcotshiwe, njengabafowabo bekhulu lokuqala, zaqala umsebenzi owawuphambi kwazo zinokholo olugcwele kuJehova, futhi umoya wakhe wawunazo. Phakathi nawo-1930, abashumayeli bevangeli abangaba ngu-56 000 base belimemezele emazweni angu-115 iqiniso leBhayibheli. Kakade, kwase kwenziwe umsebenzi omkhulu, kodwa kwakusasele omkhulu nakakhulu.
7. (a) AmaKristu agcotshiwe abhekana nayiphi inselele entsha? (b) Ngosizo ‘lwezinye izimvu,’ umsebenzi wokubutha usuthuthuke kangakanani manje?
7 Ukukuqonda kahle ukuthi singobani “isixuku esikhulu” okukhulunywa ngaso kusAmbulo 7:9 kwabe sekuletha inselele entsha, kwabuye futhi kwathembisa nosizo kulawo maKristu ayesebenza kanzima. Isixuku esingenakubalwa ‘sezinye izimvu,’ amakholwa anethemba lasemhlabeni, kwakumelwe sibuthwe “kuzo zonke izizwe nezinhlanga nabantu nezilimi.” (Johane 10:16) Lezi zimvu ‘zazizonikela inkonzo engcwele kuJehova imini nobusuku.’ (IsAmbulo 7:15) Lokho kusho ukuthi zazizosiza emsebenzini wokushumayela nokufundisa. (Isaya 61:5) Ngenxa yalokho, amaKrisu agcotshiwe ajabula lapho ebona amanani abashumayeli bevangeli anda ngamashumi ezinkulungwane futhi kamuva ekhula ngezigidi. Ngonyaka ka-2003, inani elisha eliphakeme labangu-6 429 351 lahlanganyela emsebenzini wokushumayela—ingxenye enkulu yalo kungabesixuku esikhulu.a AmaKristu agcotshiwe ayalwazisa lolu sizo, nezinye izimvu ziyalazisa ilungelo lokusekela abafowabo abagcotshiwe.—Mathewu 25:34-40.
8. OFakazi BakaJehova basabela kanjani ezingcindezini ezinzima ezabehlela ngempi yezwe yesibili?
8 Lapho isigaba sikakolweni siphinda sibonakala futhi, uSathane walwa naso impi eshubile. (IsAmbulo 12:17) Wenzani lapho isixuku esikhulu siqala ukuvela? Waba nobudlova obedlulele! Singakungabaza yini ukuthi nguye owayeshoshozela ukuhlaselwa kokukhulekela kweqiniso emhlabeni wonke phakathi nempi yezwe yesibili? Kuzo zombili izinhlangothi zempi, amaKristu acindezelwa kakhulu. Abafowethu nodade abaningi abathandekayo bashushiswa kabuhlungu, abanye bafela ukholo lwabo. Noma kunjalo, bavumelana namazwi omhubi: “Ngizodumisa izwi likaNkulunkulu ngisebunyeni naye. Ithemba lami ngilibeké kuNkulunkulu; ngeke ngesabe. Inyama ingangenzani?” (IHubo 56:4; Mathewu 10:28) AmaKristu agcotshiwe nezinye izimvu, beqiniswa umoya kaJehova, bama ndawonye baqina. (2 Korinte 4:7) Ngenxa yalokho, “izwi likaNkulunkulu laqhubeka landa.” (IzEnzo 6:7) Ngo-1939, ngesikhathi kubheduka impi, amaKristu athembekile angu-72 475 abika ukuthi ayehlanganyela emsebenzini wokushumayela. Nokho, umbiko owawungaphelele ka-1945, unyaka impi eyaphela ngawo, waveza ukuthi oFakazi abakhuthele abangu-156 299 babesakaza izindaba ezinhle. Yeka indlela uSathane ahlulwa ngayo!
9. Iziphi izikole ezintsha ezamiswa phakathi neMpi Yezwe II?
9 Ngokusobala, izinxushunxushu zempi yezwe yesibili azizingabazisanga izinceku zikaJehova ukuthi umsebenzi wokushumayela wawuyofezwa. Empeleni, ngo-1943, ngesikhathi impi ibambene phezulu, kwamiswa izikole ezimbili ezintsha. Esinye, manje esibizwa ngokuthi iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, sasizoqhutshwa emabandleni wonke ukuze oFakazi ngabanye baqeqeshelwe ukushumayela nokwenza abafundi. Esinye, i-Watchtower Bible School of Gilead, sasizoqeqesha izithunywa zevangeli ezazizoqala umsebenzi wokushumayela kwamanye amazwe. Yebo, lapho ekugcineni amalangabi omlilo wempi elotha, amaKristu eqiniso ayewulungele umsebenzi owengeziwe.
10. Intshiseko yabantu bakaJehova yabonakala kanjani ngo-2003?
10 Yeka umsebenzi omangalisayo abawenzile! Beqeqeshwe eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini, bonke—abasha nabadala, abazali nezingane, ngisho nabagulayo—baye bahlanganyela futhi basahlanganyela ekugcwaliseni umyalo obalulekile kaJesu. (IHubo 148:12, 13; Joweli 2:28, 29) Ngonyaka ka-2003, ngokwesilinganiso senyanga ngayinye, abangu-825 185 babonakalisa umuzwa wabo wokuphuthuma ngokuhlanganyela, isikhashana noma ngokuqhubekayo, enkonzweni yamaphayona. Ngonyaka ofanayo, oFakazi BakaJehova basebenza amahora angu-1 234 796 477 bekhuluma nabanye ngezindaba ezinhle zoMbuso. Ngokuqinisekile, uJehova uyajabula ngentshiseko yabantu bakhe!
Emasimini Akwamanye Amazwe
11, 12. Iziphi izibonelo ezibonisa umlando omuhle wezithunywa zevangeli?
11 Kuyo yonke le minyaka, abathweswe iziqu eGileyadi, futhi muva nje, abathweswe iziqu eSikoleni Sokuqeqeshela Inkonzo baye bakha umlando omuhle kakhulu. Ngokwesibonelo, eBrazil kwakunabamemezeli abangaphansi kuka-400 ngesikhathi izithunywa zevangeli zifika okokuqala ngo-1945. Lezo zithunywa zevangeli nezafika kamuva ziye zasebenza kanzima zikanye nabafowabo abashisekayo baseBrazil, futhi uJehova uye wayibusisa kakhulu imizamo yazo. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani kunoma ubani okhumbula lezo zinsuku zakudala ukubona iBrazil ibika inani elisha eliphakeme labangu-607 362 ngo-2003!
12 Ake ucabange ngeJapane. Ngaphambi kwempi yezwe yesibili, kwakunabashumayeli boMbuso abangaba yikhulu kulelo zwe. Phakathi nempi, ukushushiswa ngonya kwalinciphisa inani labo, futhi ekupheleni kwempi, kwakunedlanzana nje loFakazi ababesaphila ngokomoya nangokwenyama. (IzAga 14:32) Ngokuqinisekile, labo bagcini bobuqotho abambalwa abaphawulekayo bajabula lapho ngo-1949 bamukela izithunywa zevangeli zokuqala ezingu-13 ezaziqeqeshwe eGileyadi, futhi ngokushesha lezo zithunywa zevangeli zabathanda abafowabo baseJapane abashisekayo nabanomoya wokungenisa izihambi. Eminyakeni engaphezu kwengu-50 kamuva, ngo-2003, iJapane yabika inani eliphakeme labamemezeli abangu-217 508! Ngempela, uJehova uye wababusisa ngokucebile abantu bakhe kulelo zwe. Kunemibiko efanayo evela kwamanye amazwe amaningi. Labo abakwaziyo ukushumayela emasimini akwamanye amazwe baye baba nendima enkulu ekusakazweni kwezindaba ezinhle, kangangokuthi ngo-2003 zezwakala eziqhingini, ezindaweni, nasemazweni angu-235 emhlabeni wonke. Yebo, isixuku esikhulu siphuma kuzo “zonke izizwe.”
‘Siphuma Kuzo Zonke Izinhlanga Nabantu Nezilimi’
13, 14. UJehova wakubonisa kanjani ukubaluleka kokushumayela izindaba ezinhle ngazo ‘zonke izilimi’?
13 Isimangaliso sokuqala esabikwa ngemva kokugcotshwa kwabafundi ngomoya ongcwele ngePhentekoste lika-33 C.E., kwaba ukukhuluma kwabo ngezilimi nezixuku ezazibuthene. Zonke lezo zixuku ezakwazi ukubezwa kungenzeka zazikhuluma ulimi olwalusetshenziswa emazweni amaningi, mhlawumbe isiGreki. Njengoba ‘zazingabantu abakholwayo,’ kungenzeka futhi ukuthi zaziziqonda izintshumayelo zesiHebheru ezaziba sethempelini. Kodwa zashukumiseka ngempela lapho zizwa izindaba ezinhle ngolimi ezaziluncele konina.—IzEnzo 2:5, 7-12.
14 Nanamuhla, kusetshenziswa izilimi eziningi emsebenzini wokushumayela. Kwakuprofethiwe ukuthi isixuku esikhulu sasizophuma ‘nasezinhlangeni nakubantu nasezilimini,’ hhayi ezizweni kuphela. Ngokuvumelana nalokhu, uJehova waprofetha ngoZakariya: “Amadoda ayishumi avela kuzo zonke izilimi zezizwe [ayobamba], yebo, impela [ayobamba] umphetho wengubo yendoda engumJuda, athi: ‘Sizohamba nani, ngoba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.’” (Zakariya 8:23) Nakuba oFakazi BakaJehova bengasenaso isipho sokukhuluma ngezilimi, bayakwazi ukubaluleka kokufundisa ngezilimi zabantu.
15, 16. Izithunywa zevangeli nabanye baye babhekana kanjani nenselele yokushumayela ngezilimi zendawo?
15 Yiqiniso, zikhona namuhla izilimi ezimbalwa ezikhulunywa emazweni amaningi, njengesiFulentshi, isiNgisi, neSpanishi. Nokho, labo abaye bashiya amazwe akubo ukuze bayokhonza kwamanye amazwe bazama ukufunda izilimi zendawo ukuze benze izindaba ezinhle zitholakale kalula kakhudlwana kulabo ‘abathambekele ngokufanele ekuphileni okuphakade.’ (IzEnzo 13:48) Kunzima ukukwenza lokho. Lapho abazalwane eTuvalu, eSouth Pacific, bedinga izincwadi ngolimi lwabo, esinye isithunywa sevangeli sayamukela leyo nselele. Njengoba sasingekho isichaza-mazwi, lesi sithunywa sevangeli saqala ukuqongelela amagama esiTuvalu. Ngokuhamba kwesikhathi, incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabenib yanyatheliswa ngolimi lwesiTuvalu. Ngesikhathi izithunywa zevangeli zifika eCuraçao, kwakungekho ncwadi yeBhayibheli nasichaza-mazwi ngolimi lwendawo, isiPapiamento. Kwakunokungavumelani okukhulu futhi mayelana nendlela okwakufanele lolo limi lubhalwe ngayo. Nakuba kunjalo, eminyakeni emibili zifikile izithunywa zevangeli zokuqala, kwanyatheliswa ipheshana lokuqala lamaKristu elisekelwe eBhayibhelini ngalolo limi. Namuhla, isiPapiamento singolunye lwezilimi ezingu-133 okunyatheliswa ngazo INqabayokulinda ngesikhathi esisodwa nesiNgisi.
16 ENamibia, izithunywa zevangeli zokuqala azimtholanga uFakazi wendawo owayengazisiza ekuhumusheni. Ngaphezu kwalokho, olunye ulimi lwendawo, isiNama, lwalungenawo amagama asho imiqondo evame ukusetshenziswa ezincwadini zethu, njengelithi “ukuphelela.” Esinye isithunywa sevangeli siyabika: “Ukuze ngihumushe ngangisebenzisa ngokuyinhloko othisha besikole ababetadisha iBhayibheli. Njengoba babenolwazi oluncane lweqiniso, kwakudingeka ngihlale nabo phansi ukuze ngiqiniseke ukuthi umusho ngamunye unembile.” Yize kunjalo, ekugcineni ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha lahunyushwa ngezilimi ezine zaseNamibia. Namuhla, INqabayokulinda inyatheliswa nyanga zonke ngesiKwanyama nesiNdonga.
17, 18. Iziphi izinselele ezisingathwayo eMexico nakwamanye amazwe?
17 EMexico kusetshenziswa iSpanishi ngokuyinhloko. Nokho, ngaphambi kokufika kwabantu baseSpain, kwakukhulunywa izilimi eziningi eMexico, futhi eziningana zisakhulunywa namanje. Ngakho, izincwadi zoFakazi BakaJehova manje zinyatheliswa ngezilimi zaseMexico eziyisikhombisa nangoLimi Lwezandla LwaseMexico. INkonzo YoMbuso yesiMaya yaba ngeyokuqala ezincwadini eziphuma njalo ukunyatheliswa ngolimi lwamaNdiya AseMelika. Yebo, izinkulungwane eziningana zamaMaya, ama-Aztec, nabanye ziphakathi kwabamemezeli boMbuso abangu-572 530 eMexico.
18 Ezikhathini zamuva, izigidi ziye zabalekela kwamanye amazwe, noma zathuthela kuwo ngenxa yezomnotho. Ngenxa yalokho, ngokokuqala ngqá, amazwe amaningi manje anamasimu amakhudlwana ezilimi zakwamanye amazwe. OFakazi BakaJehova baye bayamukela leyo nselele. Ngokwesibonelo, e-Italy kunamabandla namaqembu akhuluma izilimi ezingu-22 ngalé kwesiNtaliyane. Ukuze kusizwe abazalwane ukuba bakwazi ukushumayela kubantu abakhuluma ezinye izilimi, kusanda kuhlelwa amakilasi okufundisa izilimi ezingu-16, kuhlanganise noLimi Lwezandla Lwase-Italy. Nakwamanye amazwe amaningi, oFakazi BakaJehova benza imizamo efanayo yokufinyelela imiphakathi emikhulu yabantu abaphuma kwamanye amazwe. Yebo, ngosizo lukaJehova, ngempela isixuku esikhulu siphuma emaqenjini amaningi ezilimi.
“Kuwo Wonke Umhlaba”
19, 20. Imaphi amazwi kaPawulu agcwaliseka ngokumangalisayo namuhla? Chaza.
19 Ekhulwini lokuqala, umphostoli uPawulu wabhala: “Akukhona ukuthi abezwanga, akunjalo? Phela, eqinisweni, ‘izwi labo laphumela kuwo wonke umhlaba, namazwi abo emikhawulweni yomhlaba owakhiwe.’” (Roma 10:18) Uma kwakunjalo ngekhulu lokuqala, kakhulu kangakanani-ke osukwini lwethu! Izigidi—mhlawumbe inani elikhulu ukuwadlula wonke emlandweni—zithi: “Ngizomtusa uJehova ngazo zonke izikhathi; ukudunyiswa kwakhe kuzoba semlonyeni wami njalo.”—IHubo 34:1.
20 Ngaphezu kwalokho, umsebenzi awunciphi. Inani labamemezeli boMbuso lilokhu landa. Isikhathi esisetshenziswa emsebenzini wokushumayela siyanda. Kwenziwa izigidi zezimpindelo futhi kuqhutshwa amakhulu ezinkulungwane ezifundo zeBhayibheli. Nesithakazelo siyaqhubeka sikhula. Ngonyaka odlule, kwaba khona inani elisha eliphakeme labangu-16 097-622 emkhosini weSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Ngokusobala, kusenomsebenzi omkhulu okumelwe wenziwe. Kwangathi singaqhubeka silingisa ubuqotho obuqinile babafowethu abaye bakhuthazelela ukushushiswa kanzima. Kwangathi futhi singabonisa intshiseko yabo bonke abafowethu abaye bazinikela enkonzweni kaJehova kusukela ngo-1919. Sonke masiqhubeke senza ngokuvumelana nengoma yomhubi: “Konke okuphefumulayo—makudumise uJah. Dumisani uJah!”—IHubo 150:6.
[Imibhalo yaphansi]
a Bheka umbiko wonyaka emakhasini 18 kuya ku-21 kulo magazini.
b Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Ungachaza?
• Imuphi umsebenzi abazalwane abawuqala ngo-1919, futhi kungani wawuyinselele?
• Obani ababuthwa ukuze basekele umsebenzi wokushumayela?
• Imuphi umlando oye wakhiwa izithunywa zevangeli nabanye abakhonza kwamanye amazwe?
• Ibuphi ubufakazi ongabucaphuna ukuze ubonise ukuthi uJehova uyawubusisa umsebenzi wabantu bakhe namuhla?
[Ishadi ekhasini 18-21]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2003 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(Bheka umqulu)
[Izithombe ekhasini 14, 15]
Izinxushunxushu zempi yezwe yesibili aziwangabazisanga amaKristu ukuthi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa
[Umthombo]
Explosion: U.S. Navy photo; others: U.S. Coast Guard photo
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Isixuku esikhulu sasiyophuma kuzo zonke izinhlanga nezilimi