Ezikabani Izithembiso Ongazethemba?
“IZITHEMBISO zakhe zazizinkulu, njengoba naye ayemkhulu ngaleso sikhathi; kodwa zaziba yize, njengoba eyize manje.”—King Henry the Eighth, ka-William Shakespeare.
Lezo zithembiso ezinkulu uShakespeare ayekhuluma ngazo zazingezikakhadinali oyiNgisi, uThomas Wolsey, owayenamandla amakhulu kwezombusazwe eNgilandi phakathi nekhulu le-16. Abanye bangase bathi le ncazelo kaShakespeare iyazifanela nezithembiso eziningi abazizwayo namuhla. Njalo nje abantu bathenjiswa izulu nomhlaba kodwa bathole ubala. Ngakho, akunzima ukuqonda ukungabaza kwabo noma iziphi izithembiso.
Ukudumazeka Kugcwele
Ngokwesibonelo, phakathi nempi esabekayo emazweni aseBalkan ngawo-1990, uMkhandlu Wezokulondeka WeZizwe Ezihlangene wathi idolobha laseSrebrenica, eBosnia, “liyindawo ephephile.” Lokho kwabonakala kuyisiqinisekiso umhlaba wonke owawungasethemba. Izinkulungwane zababaleki abangamaSulumane eSrebrenica zacabanga kanjalo. Nokho, ekugcineni isithembiso sendawo ephephile saba yize leze. (IHubo 146:3) Ngo-July 1995, amabutho ahlaselayo amane awasunduzela eceleni amabutho e-UN, alithatha idolobha. Kwanyamalala amaSulumane angaphezu kuka-6 000, kwabulawa izakhamuzi zawo okungenani ezingu-1 200.
Zonke izici zokuphila zigcwele izithembiso eziphuliwe. Abantu namuhla bazizwa bekhohliswe “yinqwaba yezikhangiso ezingamanga nezidukisayo” ezibakhungathekisayo. Bayadumala ngenxa “yezithembiso eziphuliwe ezenziwa abezombusazwe abaningi lapho bekhankasa.” (The New Encyclopædia Britannica, Umqulu 15, ikhasi 37) Abaholi benkolo abathenjwayo abathembisa ukunakekela imihlambi yabo bayihlukumeza ngezindlela ezinyanyekayo. Ngisho nasemikhakheni efana nemfundo nezokwelapha—okuthiwa ibuswa uzwela nokukhathalela—abanye baye bangathembeka futhi baxhaphaza noma baze bababulala nokubabulala labo ababanakekelayo. Shono nje iBhayibheli lisixwayisa ukuba singabi nokholo kuwo wonke amazwi!—IzAga 14:15.
Izithembiso Ezigcwalisiwe
Yiqiniso, abantu abaningi bayaligcina izwi labo, ngezinye izikhathi baligcina nalapho bezolahlekelwa khona. (IHubo 15:4) Izwi labo liqinisekile, futhi bayalifeza. Abanye bafuna ngobuqotho ukugcina izithembiso abazenza benezinhloso ezinhle. Bakulungele futhi bazimisele ukukwenza ababekuthembisile kodwa bamane nje abakwazi. Izimo zingafadalalisa ngisho nezinhloso ezinhle ngempela.—UmShumayeli 9:11.
Kungakhathaliseki ukuthi kungasizathu sini, iqiniso liwukuthi kunzima kakhulu ngabantu abaningi ukuba nokholo ezithembisweni zanoma ubani. Ngakho kuphakama umbuzo: Ingabe zikhona izithembiso esingazethemba? Yebo. Singazethemba izithembiso ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Kungani ungahloli lokho isihloko esilandelayo esikushoyo ngale ndaba? Ungase uphethe ngokuthi singazethemba ngempela izithembiso zikaNkulunkulu, njengoba izigidi kakade sezaphetha kanjalo.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]
AP Photo/Amel Emric