Indaba Yokuphila
UJehova Wangibonisa Umusa Wothando Futhi Wanginakekela
ILANDISWA UFAY KING
Abazali bami babengabantu abanomusa, kodwa njengabanye abantu abaningi, babengafuni nokuyibona inkolo. Umama wayevame ukuthi: “Kufanele ukuba ukhona uNkulunkulu, uma kungenjalo ubani owenza izimbali nezihlahla?” Kodwa wayegcina ngokusho lokho nje kuphela.
UBABA washona ngo-1939 ngineminyaka engu-11 ubudala, sinomama sase siyohlala eStockport, eningizimu yeManchester, eNgilandi. Ngangilokhu ngifuna ukwazi kakhudlwana ngoMdali wami futhi ngangilihlonipha iBhayibheli, nakuba ngangingazi lutho ngalo. Ngakho nganquma ukuya eSontweni LaseSheshi ukuze ngibone ukuthi lingangisiza ngani.
Izinkonzo zakhona zazingathi shu kimi, kodwa lapho kufundwa amaVangeli, ngandlela-thile amazwi kaJesu ayengiqinisekisa ukuthi kufanele ukuba iBhayibheli liyiqiniso. Uma ngicabanga ngakho, kuzwakala kuxaka ngempela ukuthi angizange ngilifunde iBhayibheli ngokwami. Ngisho nakamuva, lapho umngane wethu ekhaya enginika “iThestamente Elisha” elalihunyushwe ngolimi lwangaleso sikhathi, angizange ngizinike isikhathi sokulifunda.
Ukubheduka kweMpi YaseKorea ngo-1950 kwangenza ngadla amathambo ekhanda ngempela. Ingabe le mpi izodlondlobala, njengeMpi Yezwe II? Uma kwenzeka, ngingawugcina kanjani umyalo kaJesu wokuthanda izitha zami? Kodwa futhi, ngingazisonga yini izandla ngibukele abantu behlasela izwe lakithi ngingabavimbi? Uma ngenza lokho, ngiyobe nakanjani ngibalekela umsebenzi wami. Nakuba ngangidukuza oswini lwenkomo, ngangisakholelwa ukuthi izimpendulo zayo yonke imibuzo yami ziseBhayibhelini, nakuba ngangingazi ukuthi ngingazithola kanjani futhi kuphi.
Ukuthungatha Iqiniso E-Australia
Ngo-1954 mina nomama sanquma ukuthuthela e-Australia, lapho kwakuhlala khona udadewethu, uJean. Eminyakeni embalwa kamuva, uJean wangitshela ukuthi ucele oFakazi BakaJehova ukuba bangivakashele ngoba uyazi ukuthi nginesithakazelo eBhayibhelini nokuthi ngiyasonta. Wayefuna ukwazi ukuthi ngicabangani ngabo. Wathi: “Angazi noma izincazelo zabo ziyiqiniso noma zingamanga, kodwa okungenani banazo izincazelo, okuyinto engcono kakhulu kunaleyo eyenziwa amasonto.”
UBill noLinda Schneider, abangivakashela, babengumbhanqwana ojabule. Base beyohlanganisa iminyaka engu-70 ubudala futhi kwase kuyiminyaka bengoFakazi. Ngaphambili babesebenza esiteshini somsakazo soFakazi BakaJehova e-Adelaide, kodwa lapho umsebenzi wokushumayela uvinjelwa e-Australia ngeMpi Yezwe II, baba abashumayeli besikhathi esigcwele. Nokho, nakuba uBill noLinda babewusizo kimi, ngaqhubeka nokuhlola izinkolo ezihlukahlukene.
Omunye engangisebenza naye waya nami emhlanganweni womshumayeli uBilly Graham, ngemva kwalokho abanye bethu bahlangana nomfundisi owacela ukuba simbuze imibuzo. Ngabuza umbuzo owawusangihlupha: “Umuntu angaba kanjani umKristu futhi athande izitha zakhe uma esaya empini ayozibulala?” Masinyane lonke iqembu laxokozela—kusobala ukuthi lo mbuzo wawubakhathaza bonke! Ekugcineni, umfundisi wathi: “Angiyazi impendulo yalowo mbuzo. Ngisacabanga ngawo.”
Ngaleso sikhathi, sasiqhubeka sifunda iBhayibheli noBill noLinda, kwathi ngo-September 1958, ngabhapathizwa. Ngangifisa ukuhamba ezinyathelweni zababengifundisa, ngakho ngo-August wangonyaka olandelayo, ngabhalisela ukuba iphayona elivamile, umshumayeli wesikhathi esigcwele. Ngemva kwezinyanga ezingu-8 ngacelwa ukuba ngibe iphayona elikhethekile. Ngajabula kakhulu lapho ngizwa ukuthi udadewethu, uJean, naye wayesethuthuke waze wabhapathizwa.
Kuvuleka Umnyango Wethuba
Ngangikhonza nelinye lamabandla aseSydney ngiqhuba inqwaba yezifundo zeBhayibheli zasekhaya. Ngelinye ilanga ngahlangana nomfundisi weSonto LaseSheshi owayesethathe umhlalaphansi ngambuza ukuthi isonto lithini ngokuphela kwezwe. Nakuba ayengitshele ukuthi uneminyaka engu-50 efundisa izimfundiso zesonto, impendulo yakhe yangishiya ngibambe ongezansi: “Kungadingeka ngizinike isikhathi sokucwaninga ngalokho ngoba angilazi kahle iBhayibheli njengoFakazi BakaJehova.”
Ngokushesha ngemva kwalokhu, kwaphuma isicelo sezisebenzi zokuzithandela ezazizokhonza ePakistan. Ngafaka isicelo, ngingaqaphele ukuthi abesifazane abangashadile abathunyelwa, kuthunyelwa kuphela abesilisa abangashadile noma imibhanqwana eshadile. Kusobala ukuthi isicelo sami sadluliselwa endlunkulu eBrooklyn ngoba ngokushesha ngathola incwadi ethi uma ngingathanda ukuya eBombay (manje ebizwa ngokuthi iMumbai), e-India, ngingaya ngoba kunesikhala khona. Kwakungu-1962. Ngahamba ngahlala eBombay izinyanga ezingu-18 ngaphambi kokuba ngiye e-Allahabad.
Ngokushesha ngagxila ekufundeni isiHindi. Ngokuvamile ukubhalwa nokuphinyiselwa kwalolu limi lwesiNdiya akuguquguquki, ngakho akunzima kangako ukulufunda. Nokho, njalo kwakungidikibalisa lapho abaninikhaya bengicela ukuba ngikhulume isiNgisi kunokuba ngibhidilishe ulimi lwabo! Izinselele engazithola kuleli zwe elisha zazithakazelisa futhi zikhuthaza, futhi ngakujabulela ukuhlangana nabanye oFakazi base-Australia.
Ngisemusha, ngangicabanga ngomshado, kodwa ngesikhathi ngibhapathizwa, ngase ngimatasa kakhulu nokukhonza uJehova ngingasenaso isikhathi sokucabanga kakhulu ngawo. Nokho, manje ngase ngiqala futhi ukuzwa isikhala somngane ekuphileni. Kuyiqiniso ukuthi ngangingathandi ukuyeka isabelo sami sakwelinye izwe, ngakho ngathandaza ngale ndaba kuJehova ngase ngiyeka ukucabanga ngayo.
Isibusiso Esingalindelekile
Ngaleso sikhathi u-Edwin Skinner wayengamele umsebenzi wegatsha lase-India. Ngo-1946 wayesekilasini lesi-8 le-Watchtower Bible School of Gilead kanye nabanye abazalwane abaningi abathembekile, kuhlanganise noHarold King noStanley Jones, ababelwa eChina.a Ngo-1958 uHarold noStanley bavalelwa bodwa ejele ngenxa yomsebenzi wabo wokushumayela eShanghai. Lapho uHarold ededelwa ngo-1963, u-Edwin wambhalela. UHarold wamphendula ngemva kokubuyela eHong Kong evela e-United States naseBrithani wamtshela ukuthi usefisa ukushada. Watshela u-Edwin ukuthi wayethandaza ngakho ngesikhathi esejele, wayesebuza u-Edwin ukuthi ukhona yini uFakazi amaziyo ongaba unkosikazi okahle.
E-India kuvamile ukuba umuntu afunelwe azoshada naye, u-Edwin wayehlale ecelwa ukuba enze lokhu, kodwa njalo wayekhetha ukungakwenzi. Ngakho le ncwadi kaHarold wayinika uRuth McKay, owayeshade noHomer, owayengumbonisi ojikelezayo. Ekugcineni, uRuth wangibhalela engitshela ukuthi isithunywa sevangeli esesineminyaka siseqinisweni sifuna unkosikazi, wabe esengibuza ukuthi ngingathanda yini ukusibhalela. Akazange angitshele lutho olunye ngalo mzalwane noma ukuthi ungubani.
Yiqiniso, akukho muntu owayazi ngokuthandazela kwami umngane, ngaphandle kukaJehova. Ngaqale ngezwa ngingayithandi le ndaba. Nokho, njengoba ngangilokhu ngicabanga ngayo, ngaya ngokuya ngithambekela esiphethweni sokuthi kuyaqabukela uJehova ephendula imithandazo yethu ngendlela esingase sicabange ukuthi uyoyiphendula ngayo. Ngakho ngamphendula uRuth ngamtshela ukuthi uma nje ngingabophekile ukuba ngishade nalo mzalwane, angamcela aphinde abhale. Incwadi yesibili kaHarold King wayibhalela mina.
Izithombe zikaHarold nendaba yakhe kwakuvele emaphephandabeni nakomagazini abahlukahlukene ngemva kokukhululwa kwakhe ejele eChina. Ngaleso sikhathi, wayaziwa emhlabeni wonke, kodwa okwangihlaba umxhwele umlando wakhe wenkonzo yokwethembeka. Ngakho sabhalelana izinyanga ezinhlanu, ngase ngiya eHong Kong. Sashada ngo-October 5, 1965.
Sobabili sasifuna ukushada bese siqhubeka nenkonzo yesikhathi esigcwele, futhi njengoba sasikhula siba badala, sezwa ukuthi kunesikhala esikhulu sokuba nomngane. Ngaya ngimthanda kakhulu uHarold, futhi njengoba ngangibona indlela enomusa nokucabangela ayesebenzelana ngayo nabantu nendlela ayesingatha ngayo izinkinga esasihlangabezana nazo enkonzweni yethu, wangenza ngamhlonipha ngokujulile. Eminyakeni engu-27 sishadile sasijabule kakhulu futhi sathola izibusiso eziningi ezivela kuJehova.
AmaShayina angabantu abakhuthele, futhi ngiwathanda kakhulu. EHong Kong kukhulunywa isiCanton, ulimi lwesigodi lwamaShayina olunemisindo, noma ukuguquguquka okuningi kakhulu kunesiMandarin, futhi ngenxa yalokho akulula ukusifunda. Mina noHarold saqale sahlala ekhaya lezithunywa zevangeli ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova, sabe sesikhonza ezabelweni ezindaweni ezihlukahlukene zensimu. Yebo, sasijabule kakhulu, kodwa ngo-1976 ngaba nenkinga enkulu yempilo.
Ukubhekana Nezinkinga Zempilo
Kwase kuphele izinyanga ezimbalwa ngopha, ngakho igazi lami lehla kakhulu. Kwadingeka ngihlinzwe, kodwa esibhedlela odokotela bangitshela ukuthi ngeke bangihlinze ngaphandle kwegazi ngoba nakanjani ngizofa ngenxa yokuntuleka kwegazi. Ngelinye ilanga lapho odokotela bedingida udaba lwami, abahlengikazi bazama ukungenza ngishintshe umqondo, bethi anginalo ilungelo lokuzibulala kungadingekile. Ngalelo langa kwakuzohlinzwa abantu abangu-12, abangu-10 kubo babezokhipha izisu, kodwa ngaqaphela ukuthi akushiwongo lutho kulaba besifazane abakhulelwe ngokubulala izingane zabo.
Ekugcineni, uHarold wabhala incwadi ekhulula isibhedlela ngokuthi ngeke sibekwe cala uma kwenzeka ngifa, ngakho odokotela bavuma ukungihlinza. Ngayiswa egumbini lokuhlinza ngalungiselelwa ukubulawa izinzwa. Nokho, ngomzuzu wokugcina, owayezongibulala izinzwa wenqaba ukuqhubeka, kwabe sekudingeka ukuba ngikhishwe esibhedlela.
Sabe sesiya kudokotela ozimele wezifo zabesifazane. Ebona isimo sami esibucayi, wathi uzongihlinza ngezindleko eziphansi—uma nje singezukutshela muntu ukuthi usikhokhise malini. Wangihlinza kahle kakhulu—ngaphandle kokusebenzisa neli ncu igazi. Umusa wothando kaJehova nokunakekela kwakhe kwabonakala kakhulu kuHarold nakimi kulesi sikhathi.
Ngo-1992, uHarold waqala ukugulela ukufa. Sathuthela ehhovisi legatsha lapho sanakekelwa khona ngothando. Umyeni wami othandekayo waqeda inkambo yakhe yasemhlabeni ngo-1993 eneminyaka engu-81.
Ukubuyela ENgilandi
Ngangikujabulela ukuba yilungu lomkhaya waseBethel yaseHong Kong, kodwa kwakuya kuba nzima kakhulu kimi ukubhekana nokushisa kanye nomswakama. Kwabe sekufika incwadi engangingayilindele ivela endlunkulu eBrooklyn, ibuza ukuthi ngenxa yempilo yami ngingekucabangele yini ukuya kwelinye igatsha elinezinto eziningana zokwelapha. Ngakho, ngo-2000, ngabuyela eNgilandi ngaba yilungu lomkhaya waseBethel eLondon. Yeka ilungiselelo lothando! Ngamukelwa ngezandla ezimhlophe, futhi ngizijabulela kakhulu izabelo zami ezihlukahlukene, ezihlanganisa nokusiza ekunakekeleni umtapo wezincwadi womkhaya waseBethel nemiqulu yawo engu-2 000.
Futhi ngihlanganyela nebandla lamaShayina elihlangana eLondon, nokho lapha izinto sezigaya ngomunye umhlathi. Namuhla, bayimithonselana abantu abavela eHong Kong, kunalokho, bavela ezwekazini laseChina. Bakhuluma isiMandarin, futhi lokho kuletha enye inselele emsebenzini wokushumayela. Kulo lonke izwe kubikwa ukuthi kunezifundo eziningi zeBhayibheli ezikahle eziqhutshelwa abafundi abaneziqu abavela eChina. Bakhuthele futhi bayalijabulela iqiniso leBhayibheli abalifundayo. Kuyajabulisa ukubasiza.
Kuleli khaya lami elisha elinokuthula, ngivame ukucabanga ngokuphila kwami okujabulisayo futhi ngiqhubeke ngimangala ngomusa wothando kaJehova. Uwubonakalisa kuzo zonke izinto eziphathelene nenjongo yakhe, futhi kusobala kakhulu ukuthi inceku yakhe ngayinye uyayinakekela. Nginazo ngempela izizathu zokubonga ngokunginakekela kwakhe ngothando.—1 Petru 5:6, 7.
[Umbhalo waphansi]
a Izindaba zokuphila zalezi zithunywa zevangeli ezimbili zikuyi-Nqabayokulinda ka-January 15, 1964, amakhasi 42-7 [w63 7/15 kk. 437-42] neka-April 15, 1966, amakhasi 186-91 kuya kweka-May 1, 1966, amakhasi 195-201 [w65 12/15 kk. 756-67].
[Isithombe ekhasini 24]
Ngikhonza e-India
[Izithombe ekhasini 25]
UHarold King ngo-1963 nangesikhathi ekhonza eChina ngawo-1950
[Izithombe ekhasini 26]
Ngosuku lwethu lomshado eHong Kong, ngo-October 5, 1965
[Isithombe ekhasini 26]
Nginamalungu aseBethel yaseHong Kong, abaphakathi abakwaLiang, kwesokudla abakwaGannaway