Imibuzo Evela Kubafundi
Ngemva kukaZamcolo, uNowa wathuma ijuba lisuka emkhunjini, labuya ‘neqabunga lomnqumo.’ Ijuba lalitholaphi leli qabunga?
IBhayibheli lisitshela ukuthi “amanzi awusibekela kakhulu umhlaba kangangokuthi zonke izintaba ezinde ezazingaphansi kwawo wonke amazulu zambozeka.” (Genesise 7:19) Lapho amanzi kaZamcolo ebohla, uNowa wathuma ijuba izikhathi ezintathu ezishiyana ngesonto. Lapho elithuma okwesibili, ijuba labuya ‘neqabunga lomnqumo elisanda kukhiwa emlonyeni walo, ngakho uNowa wazi ukuthi amanzi ayesebohlile emhlabeni.’—Genesise 8:8-11.
Yebo, ayikho indlela manje yokwazi ukuthi amanzi ezikhukhula ahlala isikhathi esingakanani endaweni ethile yomhlaba, ngoba akungabazeki ukuthi uZamcolo wakushintsha ukuma kwendawo. Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi amanzi amboza izindawo eziningi isikhathi eside ngokwanele ukuba kufe izihlahla eziningi. Nokho, kusobala ukuthi ezinye zasinda, zakwazi ukuhluma kabusha lapho amanzi esebohlile.
Ngokuqondene nomnqumo, i-New Bible Dictionary ithi: “Uma ugawulwa, amahlumela amasha amila ezimpandeni, ngendlela yokuthi kungamila iziqu ezintsha ezingaze zibe nhlanu. Iminqumo esizokufa ngokuvamile ihluma ngale ndlela nayo.” I-New Schaff-Herzog Encyclopedia of Religious Knowledge ithi kuba “sengathi wona awunakufa.” Akekho umuntu namuhla owazi imininingwane enjengokuthi amanzi kaZamcolo ayenosawoti ongakanani nokuthi ayebanda noma eshisa kangakanani. Ngakho, asinakuqiniseka ukuthi aba naliphi ithonya ezihlahleni zomnqumo nakwezinye izimila.
Nokho, umnqumo wasendle awukwazi ukuqhubeka uphila emakhazeni, njengasezintabeni eziphakeme. Ngokuvamile, umila ezindaweni eziphakeme ngamamitha angaphansi kwenkulungwane lapho ukushisa okuvamile kuba ngaphezu kuka-10°C. Incwadi ethi The Flood Reconsidered ithi: “Ngokubona iqabunga lomnqumo elisanda kukhiwa, uNowa wayengaphetha ngokuthi ayesesha amanzi ezigodini eziphansi.” Lapho uNowa ededela ijuba ngemva kwesonto, alizange lisabuya, okwabonisa ukuthi kwase kunezimila eziningi nendawo eyomile lapho ijuba lalingahlala khona.—Genesise 8:12.