UbuKristu Beqiniso Buyachuma
INKONZO kaJesu Kristu yaqala ngamandla ngekhulu lokuqala. Isigijimi sakhe sasiqabula, sifundisa futhi sifaka ugqozi ngendlela eyayishiya abantu bekhexile. Amazwi akhe abathinta ngokujulile abaningi kulabo abamuzwa ekhuluma.—Mathewu 7:28, 29.
UJesu wenqaba ngesibindi ukuhileleka ezimisweni ezicindezelayo zenkolo nezombusazwe zangaleso sikhathi kodwa wenza kwaba lula ukuba abantu abavamile basondele kuye. (Mathewu 11:25-30) Wavuma obala ukuthi ithonya lemimoya emibi ligcwele kuwo wonke umhlaba kodwa yena wayinqoba, ebonakalisa amandla ayevela kuNkulunkulu. (Mathewu 4:2-11, 24; Johane 14:30) UJesu wachaza ngobuciko ukuthi ukuhlupheka kuhlangana kanjani ngokuyinhloko nesono, futhi ngothando waveza ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yiwo oyoletha impumuzo ehlala njalo. (Marku 2:1-12; Luka 11:2, 17-23) Walisusa phakade ikhethini lobumnyama okwase kuyisikhathi lisithe ubuntu bangempela bukaYise, azisa igama likaNkulunkulu kubo bonke ababefuna ukuba nobuhlobo noJehova.—Johane 17:6, 26.
Ngakho akumangalisi ukuthi abafundi bakaJesu basisakaza ngokushesha isigijimi sakhe esinamandla, nakuba babeshushiswa kanzima abaholi bezenkolo nabezombusazwe. Ngeminyaka engaba ngu-30 nje kuphela, kwase kumiswe amabandla amaKristu achumayo e-Afrika, e-Asia naseYurophu. (Kolose 1:23) Kuwo wonke uMbuso WamaRoma, amaqiniso aqondakala kalula uJesu awafundisa aletha ukukhanya ezinhliziyweni zabantu abathobekile, futhi abaqotho.—Efesu 1:17, 18.
Nokho, njengoba laba bafundi abasha babenezizinda ezihlukene kangaka zezomnotho, ubuzwe, ulimi nezenkolo, babengahlala kanjani pho bemunye ngempela ‘enkolweni eyodwa,’ njengoba umphostoli uPawulu ayibiza kanjalo? (Efesu 4:5) Yini eyayiyobenza bahlale ‘bekhuluma ngokuvumelana’ ukuze bangahlukani phakathi? (1 Korinte 1:10) Ngenxa yesimo esikhathazayo sokungabi nabunye kwalabo abathi bangamaKristu namuhla, senza kahle ngokuhlola ukuthi yini ngempela uJesu ngokwakhe ayifundisa.
Isisekelo Sobunye BamaKristu
Lapho equliswa icala phambi kukaPontiyu Pilatu, uJesu wachaza ukuthi siyini isisekelo sobunye bamaKristu. Wathi: “Ngizalelwe lokhu, futhi ngizele lokhu ezweni, ukuba ngifakazele iqiniso. Wonke umuntu ongasohlangothini lweqiniso uyalilalela izwi lami.” (Johane 18:37) Khona-ke, ukwamukela izimfundiso zikaJesu kanye nalo lonke iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe, iBhayibheli, kunethonya elinamandla elenza ukuba abafundi bakaKristu beqiniso babe nobunye.—1 Korinte 4:6; 2 Thimothewu 3:16, 17.
Yiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi zikhona izinto abafundi bakaJesu ababeyozibuza ngobuqotho noma bangavumelani ngazo. Babeyokwenzenjani-ke uma lokho kwenzeka? UJesu wachaza: “Lapho efika lowo, umoya weqiniso, uyonihola kulo lonke iqiniso, ngoba ngeke akhulume okungokwakhe, kodwa uyokhuluma lokho akuzwayo, futhi uyomemezela kini izinto ezizayo.” (Johane 16:12, 13) Ngakho, umoya kaNkulunkulu ongcwele wawuyokwenza ukuba abafundi bakaJesu beqiniso baqonde iqiniso njengoba uNkulunkulu ayelembula ngokuqhubekayo. Lowo moya futhi wawuyoveza izithelo, ezinjengothando, injabulo nokuthula, lezo nazo ezaziyobangela ukuba laba bafundi babe nokuthula.—IzEnzo 15:28; Galathiya 5:22, 23.
UJesu akazange avumele ukuba kube nezingxabano noma imibango phakathi kwabafundi bakhe; engazange futhi abagunyaze ukuba bachaze amaqiniso eBhayibheli bawenze avumelane namasiko noma nezimfundiso zenkolo zalabo bantu ababeyohlangana nabo. Kunalokho, ngobusuku bokugcina ekanye nabo, wathandaza ngobuqotho: “Angiceleli laba kuphela, kodwa nalabo ababa nokholo kimi ngezwi labo; ukuze bonke babe munye, njengoba nje wena, Baba, umunye nami futhi nami ngimunye nawe, ukuba nabo babe munye nathi, ukuze izwe likholwe ukuthi ungithumile.” (Johane 17:20, 21) Khona-ke, kusukela ekuqaleni kuze kube sesikhathini sethu, abafundi bakaKristu babeyobonakala ngokuba nobunye bangempela, bevumelana ngomoya nangeqiniso. (Johane 4:23, 24) Kodwa-ke, amasonto anamuhla awanabo ubunye, ahlukene phakathi. Kungani kunjalo?
Okwenza Amasonto Ahlukane Phakathi
Incazelo engagwegwesi yokuthi kungani izinkolelo nezinqubo zalabo abathi bangamaKristu namuhla zihlukene kangaka iwukuthi abazange babambelele ngobuqotho ezimfundisweni zikaJesu. Omunye umlobi wathi: “Njengasesikhathini esidlule, amaKristu amasha anamuhla athambekele ekubeni amukele konke okuvela eBhayibhelini okuvumelana nezidingo zawo—kodwa akwenqabe konke okungavumelani namasiko ezinkolo zawo zendabuko.” Futhi yilokho kanye uJesu nabaphostoli bakhe ababikezela ukuthi kwakuyokwenzeka.
Ngokwesibonelo, ephefumulelwe uNkulunkulu, umphostoli uPawulu wabhalela umbonisi owayekanye naye uThimothewu wathi: “Kuyokuba khona inkathi lapho bengayikuyibekezelela khona imfundiso ephilayo, kodwa, ngokuvumelana nezifiso zabo siqu, bayozibuthela abafundisi ukuze babakitaze izindlebe; futhi bayofulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, kuyilapho bephambukiselwa ezindabeni ezingamanga.” Ingabe kwakuyodukiswa wonke amaKristu? Cha. UPawulu waqhubeka: “Nokho, wena hlala usangulukile kuzo zonke izinto, ukhuthazele ngaphansi kokubi, wenze umsebenzi womvangeli, uyifeze ngokugcwele inkonzo yakho.” (2 Thimothewu 4:3-5; Luka 21:8; IzEnzo 20:29, 30; 2 Petru 2:1-3) UThimothewu namanye amaKristu athembekile basilalela leso seluleko esiphefumulelwe.
AmaKristu Eqiniso Asenobunye
NjengoThimothewu, amaKristu eqiniso namuhla ahlala esangulukile ngokwenqaba ukucabanga kwabantu nangokwamukela izimfundiso zenkolo ezigunyazwa imiBhalo kuphela. (Kolose 2:8; 1 Johane 4:1) Belingisa amaKristu ekhulu lokuqala, oFakazi BakaJehova benza inkonzo yabo emazweni angaphezu kwangu-230, beyisa kubantu kuyo yonke indawo isigijimi esifana ncimishí nesikaJesu, izindaba ezinhle zoMbuso. Cabangela izindlela ezine ezibalulekile abalingisa ngazo uJesu ngobunye, baqhube ubuKristu beqiniso kungakhathaliseki ukuthi bahlala kuphi.
Izinkolelo zabo zisekelwe eZwini likaNkulunkulu. (Johane 17:17) Umpristi waseBelgium wabhala lokhu ngabo: “Esingakufunda kubo [oFakazi BakaJehova] ukuzimisela kwabo ukulalela iZwi likaNkulunkulu nesibindi abanaso sokufakaza ngalo.”
Bathembele eMbusweni kaNkulunkulu ukuthi yiwona oyobakhulula ezinkingeni zembulunga yonke. (Luka 8:1) EBarranquilla, eColombia, uFakazi othile waxoxa no-Antonio, umsekeli oqinile wenhlangano yezombusazwe. Lo Fakazi akazange ayisekele inhlangano ka-Antonio, engazange futhi asekele namanye amafilosofi athile ezombusazwe. Kunalokho, wacela ukuqhubela u-Antonio kanye nawodadewabo isifundo seBhayibheli mahhala. Ngokushesha u-Antonio waqaphela ukuthi uMbuso kaNkulunkulu yiwona ngempela owukuphela kwethemba labantu abampofu eColombia nasemhlabeni wonke.
Badumisa igama likaNkulunkulu. (Mathewu 6:9) Lapho oFakazi BakaJehova beqala ukuhlangana noMaria, umKatolika oqotho ohlala e-Australia, wavuma ukuba oFakazi bambonise igama likaNkulunkulu eBhayibhelini. Wenzenjani? “Lapho ngiqala ukulibona igama likaNkulunkulu eBhayibhelini, ngakhala. Kwangithinta kakhulu ukwazi ukuthi empeleni ngangingakwazi ukwazi igama likaNkulunkulu futhi ngilisebenzise.” UMaria waqhubeka efunda iBhayibheli, futhi ngokokuqala ngqá ekuphileni kwakhe, wazi ukuthi uJehova ungumuntu onjani futhi wakwazi ukwakha ubuhlobo obuhlala njalo naye.
Bahlanganiswa uthando. (Johane 13:34, 35) Iphephandaba i-Ladysmith-Chemainus Chronicle, eCanada, lathi: “Kungakhathaliseki ukuthi uyasonta, noma awusonti, kufanele ubatuse oFakazi BakaJehova abangu-4 500 abasebenza ubusuku nemini ezinsukwini ezingaba yishumi ezidlule bakha iHholo LoMhlangano elingamamitha-skwele angu-2 300 eCassidy . . . Ukwenza lokhu ngokwenama ngaphandle kokuphikisana, ukuxabana noma ukuzifunela udumo kuwuphawu lobuKristu beqiniso.”
Ngakho, cabangela ubufakazi. UbuKristu beqiniso buyachuma emhlabeni wonke, kuyilapho izazi zenkolo zeLobukholwa, izithunywa zevangeli kanye nabantu abasontayo beqhubeka bezama ngamandla ukunqanda inhlekelele engenzeka noma yinini ebangelwa ukuphikisana emasontweni abo. Ngempela, amaKristu eqiniso enza inkonzo yawo ayabelwe yokushumayela nokufundisa iZwi likaNkulunkulu. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Uma ungomunye walabo “ababubulayo futhi bequma” ngenxa yezinto ezinengekayo ezenzekayo futhi kukukhathaza ukungabi nabunye kwezinkolo zeLobukholwa, siyakumema ukuba uhlanganyele noFakazi BakaJehova ekukhulekeleni kwamaKristu ngobunye okuwukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, uJehova.—Hezekeli 9:4; Isaya 2:2-4.