Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 4/1 k. 3
  • U-666—Akasona Nje Isibalo Esiphicayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • U-666—Akasona Nje Isibalo Esiphicayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isho Ukuthini Inombolo Ethi 666?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukuthola Ukuthi Siyini Isilo Sasendle Nophawu Lwaso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Ukulwa Nezilo Ezimbili Ezinolaka
    IsAmbulo—Umvuthwandaba Waso Omkhulu Useduze!
  • Ukuthula, Ukulondeka, ‘Nomfanekiso Wesilo’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 4/1 k. 3

U-666—Akasona Nje Isibalo Esiphicayo

“Ukuba . . . kungabikho muntu ongase akwazi ukuthenga noma ukuthengisa ngaphandle komuntu onophawu, igama lesilo sasendle noma isibalo segama laso. Lapha kulapho kungena khona ukuhlakanipha: Ohlakaniphile makabale isibalo sesilo sasendle, ngoba siyisibalo somuntu; futhi isibalo saso singamakhulu ayisithupha namashumi ayisithupha nesithupha.”—IsAmbulo 13:16-18.

ZIMBALWA izihloko zeBhayibheli eziye zavusa kakhulu isithakazelo kubantu futhi zabakhathaza njengesiprofetho esiphathelene nophawu oluyimpicabadala, noma igama ‘lesilo sasendle’—isibalo u-666. Kuyithelevishini nakuyi-Internet, kanye nakumabhayisikobho, ezincwadini nakomagazini, kuye kwaba nokuqagela okuningi mayelana nophawu lwesilo.

Abanye bakholelwa ukuthi u-666 uwuphawu lomphik’ uKristu okukhulunywa ngaye eBhayibhelini. Abanye bathi ufanekisela uhlobo oluthile lophawu oluyimpoqo, njengokudwetshwa emzimbeni noma ukufakwa ucwephe olunenombolo eyimfihlo ebonisa ukuthi umuntu uyinceku yesilo. Abanye futhi, bakholelwa ukuthi u-666 uwuphawu lopapa bamaKatolika. Uma kufakwa izinombolo zesiRoma esikhundleni sezinhlamvu ezibhalwe ngendlela okubhalwa ngayo isiqu sopapa esisemthethweni, esithi Vicarius Filii Dei (uMmeleli WeNdodana KaNkulunkulu), bese kushintshwashintshwa kancane izinombolo, kuphuma u-666. Kuthiwa futhi sona lesi sibalo singaphuma egameni lesiLatini loMbusi waseRoma uDiocletian nasegameni elithi Nero Caesar uma lihunyushelwe esiHebherwini.a

Nokho, lezi zincazelo ezicatshangelwayo futhi ezisuselwe ekhanda zihluke kakhulu kulokho iBhayibheli ngokwalo elikushoyo ngophawu lwesilo, njengoba sizobona esihlokweni esilandelayo. IBhayibheli lembula ukuthi labo abanalolu phawu bayobhekana nolaka lukaNkulunkulu lapho eqeda lesi simiso sezinto. (IsAmbulo 14:9-11; 19:20) Ngakho, ukuqonda incazelo ka-666 kungaphezu kakhulu kokumane usombulule isiphico. Okujabulisayo ukuthi uJehova uNkulunkulu, oyisibonelo sothando futhi onguMthombo wokukhanya okungokomoya, akazishiyanga ebumnyameni izinceku zakhe ngokuqondene nale ndaba ebalulekile.—2 Thimothewu 3:16; 1 Johane 1:5; 4:8.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole ingxoxo mayelana nencazelo yezinombolo, bheka i-Phaphama! ka-September 8, 2002.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela