Ingabe Uyakhumbula?
Uye wakujabulela yini ukufunda omagazini bamuva be-Nqabayokulinda? Ake ubone ukuthi ungayiphendula yini le mibuzo elandelayo:
• Yini ebonisa ukuthi uJesu wayenabafowabo nodadewabo?
IBhayibheli lisho kanjalo kuMathewu 13:55, 56 nakuMarku 6:3. Igama lesiGreki (elithi adelphos) elitholakala kula mavesi lisetshenziswe ukubonisa “ubuhlobo obuthile benyama noma obungokomthetho [futhi] lisho kuphela umfowabo womuntu noma umfowabo ngomzali oyedwa.” (The Catholic Biblical Quarterly, January 1992)—12/15, ikhasi 3.
• Impi isigaya ngomunye umhlathi kanjani, futhi yini ngokuvamile eye yaba imbangela yezimpi?
Eminyakeni yamuva, izimpi eziye zahlupha isintu ngokuyinhloko izimpi zombango—izimpi eziphakathi kwamaqembu omphakathi aphikisanayo asezweni elilodwa. Inzondo yohlanga nobuzwe, ukungaboni ngaso linye kwezenkolo, ukungabi nabulungisa neziyaluyalu zezombusazwe yikona okuyizimbangela. Enye imbangela ukuhahela amandla okubusa nemali.—1/1, amakhasi 3-4.
• Sazi kanjani ukuthi uJesu wayengaqondile ukuthi amaKristu awuphinde izwi nezwi umthandazo oyisibonelo?
UJesu wanikeza lesi sibonelo somthandazo eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. Ezinyangeni ezingaba ngu-18 kamuva, waphinda amaphuzu ayinhloko esiqondiso sangaphambili mayelana nalo mthandazo. (Mathewu 6:9-13; Luka 11:1-4) Kuyaphawuleka ukuthi akawuphindanga izwi nezwi, okubonisa ukuthi wayenganikezi umthandazo osankambiso yokukhulekela, okufanele ushiwo njengomlolozelo.—2/1, ikhasi 8.
• Ngemva kukaZamcolo, ijuba lalitholaphi iqabunga lomnqumo elabuyela nalo emkhunjini?
Akwaziwa ukuthi amanzi kaZamcolo ayenosawoti ongakanani nokuthi ayebanda noma eshisa kangakanani. Kodwa umnqumo waziwa ngokuphinde uhlume ngemva kokuba ugawuliwe. Ngakho eminye iminqumo kungenzeka yasinda kuZamcolo futhi kamuva yahluma amaqabunga.—2/15, ikhasi 31.
• Phakathi nempi yombango eNigeria, kuhlanganise nokuvinjelwa eBiafra, oFakazi BakaJehova kuleyo ndawo bakuthola kanjani ukudla okungokomoya?
Isisebenzi sikahulumeni sathunyelwa ukuyosebenza eYurophu esinye eshashalazini lezindiza eBiafra. Zombili zazingoFakazi. Zamukela umsebenzi oyingozi wokuthumela ukudla okungokomoya eBiafra, ngaleyo ndlela zazuzisa abazalwane abaningi kwaze kwaba yilapho kuphela impi ngo-1970.—3/1, ikhasi 27.
• Yini eyafezwa ngeSivumelwano Sokuthula SaseWestphalia, futhi inkolo yayihileleke kanjani?
INguquko (i-Reformation) yahlukanisa uMbuso WaseRoma Ongcwele waba nezinkolo ezintathu—ubuKatolika, ubuLuthela, nobuCalvin. Kwakhiwa iNhlangano YamaProthestani neNhlangano YamaKatolika ekuqaleni kwekhulu le-17. Kwabe sekuqala impi yenkolo eBohemia eyakhula yaba umbango wamazwe wokubusa. Ababusi bamaKatolika nabamaProthestani benza izinto ngobuqili ukuze badlondlobale kwezombusazwe futhi bazuze ngokwezimali. Ekugcineni, kwaba nezingxoxo zokuthula esifundazweni saseWestphalia eJalimane. Ngemva kweminyaka ecishe ibe mihlanu, kwasayinwa iSivumelwano SaseWestphalia ngo-1648, esaqeda iMpi Yeminyaka Engamashumi Amathathu, futhi lokho kwasho ukuqala kweYurophu yanamuhla ukuba yizwekazi elinamazwe azimele.—3/15, amakhasi 20-3.
• Lisho ukuthini igama, noma uphawu, ‘lwesilo sasendle’—isibalo 666?
Lolu phawu kukhulunywa ngalo kusAmbulo 13:16-18. Isilo sifanekisela ukubusa kwabantu, futhi ukuba kwaso ‘nesibalo somuntu’ kubonisa ukuthi ohulumeni babonisa isimo somuntu sokuba nesono. U-6 ehlanganiswa no-60 ehlanganiswa no-600 ubonisa ukuthi lesi silo sehluleka ngokuphelele ngokukaNkulunkulu. Labo abanalolu phawu badumisa sakukhulekela oHulumeni bezombusazwe abathembele kubo ukuthi bazobasindisa.—4/1, amakhasi 4-7.