Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 5/15 kk. 4-7
  • Ungakwazi Ukujabulisa UNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ungakwazi Ukujabulisa UNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela Esingayijabulisa Ngayo Inhliziyo KaNkulunkulu
  • Ungamzwisi Ubuhlungu UNkulunkulu
  • Funa Ukwamukelwa NguNkulunkulu
  • Indlela Esingamazi Ngayo UNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Ukuphila Ngokholo Ezithembisweni ZikaNkulunkulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1999
  • Yiba Nethemba Lokuthi UJehova Uyoyifeza Injongo Yakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
  • Umuntu Angaba Kanjani Umfanekiso KaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1994
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 5/15 kk. 4-7

Ungakwazi Ukujabulisa UNkulunkulu

SINGAKWAZI ngempela yini ukuthonya indlela uNkulunkulu azizwa ngayo? Uyakwazi yini ukujabula uNkulunkulu? Abanye banomuzwa wokuthi uNkulunkulu umane nje ungamandla athile. Singawalindela yini amandla angeyena umuntu ukuba ajabule? Asinakukwenza lokho. Nokho, cabangela lokho iBhayibheli elikushoyo ngoNkulunkulu.

UJesu Kristu wathi, “uNkulunkulu unguMoya.” (Johane 4:24) Umoya uhlobo lokuphila olungafani nolwabantu. Nakuba ungabonakali ngamehlo, umoya unomzimba—“umzimba womoya.” (1 Korinte 15:44; Johane 1:18) Lisebenzisa izifenqo, iBhayibheli lize likhulume ngoNkulunkulu njengonamehlo, izindlebe, izandla, njalonjalo.a UNkulunkulu unanegama—uJehova. (IHubo 83:18) Ngakho, uNkulunkulu weBhayibheli ungumuntu ongumoya. (Hebheru 9:24) “UnguNkulunkulu ophilayo neNkosi kuze kube nini nanini.”—Jeremiya 10:10.

Njengomuntu wangempela ophilayo, uJehova uyakwazi ukucabanga nokwenza izinto. Ubonisa izimfanelo nemizwa yakhe, aveze nezinto azithandayo nangazithandi. Empeleni, iBhayibheli linamazwi amaningi kakhulu embula ezinto ezimjabulisayo nezingamjabulisi. UNkulunkulu onguMninimandla onke, uJehova, unguMsunguli wemizwelo ayifaka kubantu, kanti onkulunkulu abenziwe abantu, kanye nezithixo, bamane babe nezici noma izimfanelo zabantu ababenzile.—Genesise 1:27; Isaya 44:7-11.

Akungabazeki ukuthi uJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11) Akajabuli nje kuphela ngendalo yakhe, kodwa futhi uyakujabulela ukufeza injongo yakhe. Ngomprofethi u-Isaya, uJehova uthi: “Ngizokwenza konke okungijabulisayo . . . Ngikukhulumile nokukukhuluma; ngizokuletha futhi. Ngikwakhile, ngizokwenza futhi.” (Isaya 46:9-11) Umhubi wahlabelela: “UJehova uyojabula ngemisebenzi yakhe.” (IHubo 104:31) Kodwa kukhona okunye futhi okujabulisa uNkulunkulu. Uthi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule.” (IzAga 27:11) Cabanga nje ukuthi kusho ukuthini lokho—singamjabulisa uNkulunkulu!

Indlela Esingayijabulisa Ngayo Inhliziyo KaNkulunkulu

Cabanga indlela uNowa, inhloko yomkhaya, ayijabulisa ngayo inhliziyo kaJehova. UNowa “wathola umusa emehlweni kaJehova” ngoba “akabanga naphutha phakathi kwabantu besikhathi sakhe.” Ngokuphambene nabantu ababi bangaleso sikhathi, ukholo lukaNowa nokulalela kwakhe kwakumjabulisa kakhulu uNkulunkulu kangangokuthi kungathiwa “uNowa wahamba noNkulunkulu weqiniso.” (Genesise 6:6, 8, 9, 22) “Ngokholo uNowa . . . wabonisa ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe.” (Hebheru 11:7) UJehova wayejabule ngoNowa futhi wambusisa, yena nomkhaya wakhe, ngokumsindisa kulesiya sikhathi esinesiyaluyalu emlandweni wesintu.

Inzalamizi u-Abrahama nayo yayiyazi kahle imizwa kaJehova. Ukuthi u-Abrahama wayekwazi kahle ukucabanga kukaNkulunkulu kwabonakala ngokucacile lapho uJehova emtshela ukuthi yayizobhujiswa imizi yaseSodoma naseGomora ngenxa yokonakala kwayo. U-Abrahama wayemazi ngokwanele uJehova ukuba aphethe ngokuthi kwakungacabangeki ukuthi uNkulunkulu wayengabhubhisa umuntu olungile nomubi. (Genesise 18:17-33) Ngemva kweminyaka eminingi, elalela isiqondiso sikaNkulunkulu, “kwafana nokuthi [u-Abrahama] usenikele ngo-Isaka,” ngoba “wathi uNkulunkulu uyakwazi ukumvusa ngisho nakwabafileyo.” (Hebheru 11:17-19; Genesise 22:1-18) U-Abrahama wayeyazi kahle imizwa kaNkulunkulu futhi wabonisa ukholo oluqinile nokulalela kangangokuthi “wabizwa ngokuthi ‘umngane kaJehova.’”—Jakobe 2:23.

Enye indoda eyazama ukujabulisa inhliziyo kaNkulunkulu, kwakuyinkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide. Mayelana naye, uJehova wathi: “Ngitholé uDavide indodana kaJese, umuntu ovumelana nenhliziyo yami, ozokwenza zonke izinto engizifisayo.” (IzEnzo 13:22) Ngaphambi kokubhekana nesiqhwaga esinguGoliyati, uDavide wamethemba ngokuphelele uNkulunkulu futhi watshela inkosi yakwa-Israyeli, uSawule: “UJehova, owangikhulula esidladleni sengonyama nasesidladleni sebhere, nguye ozongikhulula esandleni salo mFilisti.” UJehova wakubusisa ukubeka kukaDavide ithemba kuYe, wenza uDavide wakwazi ukumyisa kwagoqanyawo uGoliyati. (1 Samuweli 17:37, 45-54) UDavide wayengafuni nje ukuba izenzo zakhe zijabulise uNkulunkulu kodwa wayefuna ‘namazwi omlomo wakhe nokuzindla kwenhliziyo yakhe kujabulise phambi kukaJehova.’—IHubo 19:14.

Kuthiwani ngathi? Singamjabulisa kanjani uJehova? Lapho sifunda okwengeziwe ngemizwa kaNkulunkulu, siyokwazi kangcono ukuthi yini esingayenza ukuze simjabulise. Ngakho, njengoba sifunda iBhayibheli, kubalulekile ukuba senze umzamo wokufunda ngemizwa kaNkulunkulu ukuze ‘sigcwale ulwazi olunembile ngentando yakhe kukho konke ukuhlakanipha nokuqonda okungokomoya, ukuze sihambe ngokufanele uJehova ngenjongo yokumjabulisa ngokugcwele.’ (Kolose 1:9, 10) Ulwazi lona lube selusisiza ukuba sakhe ukholo. Kubalulekile lokhu ngoba “ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa [kahle uNkulunkulu].” (Hebheru 11:6) Yebo, ngokuzama ngokuzimisela ukwakha ukholo oluqinile nangokuvumelanisa ukuphila kwethu nentando kaJehova, singayijabulisa inhliziyo yakhe. Ngesikhathi esifanayo, kumelwe siqikelele ukuthi asimzwisi ubuhlungu uJehova.

Ungamzwisi Ubuhlungu UNkulunkulu

Isibonelo sokuthi imizwa kaJehova ingalimala kanjani sitholakala endabeni yangesikhathi sikaNowa. Ngaleso sikhathi, “umhlaba wagcwala ubudlova. Ngakho uNkulunkulu wawubona umhlaba, futhi bheka! wawonakele, ngoba yonke inyama yayiyonakalisile indlela yayo phezu komhlaba.” Wazizwa kanjani uNkulunkulu lapho ehlola ukonakala nobudlova? IBhayibheli lithi “uJehova wadabuka ngokuthi wayebenzile abantu emhlabeni, futhi wezwa ubuhlungu enhliziyweni yakhe.” (Genesise 6:5, 6, 11, 12) UNkulunkulu wadabuka ngenxa yokuthi ukuziphatha kwabantu kwase kukubi, waze washintsha ingqondo ngokuphathelene nesizukulwane esibi sangaphambi kukaZamcolo. Ngenxa yokudunyazwa ububi babo, uNkulunkulu washintsha isimo sakhe sengqondo sokuba uMdali wabantu waba umbhubhisi wabo.

UJehova waphatheka kabi nalapho abantu bakhe, isizwe sakwa-Israyeli wasendulo, bephikelela ukungayigqizi qakala imizwa yakhe nokubaqondisa kwakhe ngothando. Umhubi wabalisa: “Yeka ukuthi babedlubulunda kaningi kangakanani kuye ehlane, babemenza azizwe kabuhlungu ogwadule! Ngokuphindaphindiwe babevivinya uNkulunkulu, bamzwisa ubuhlungu oNgcwele ka-Israyeli.” Noma kunjalo “wayenesihe; wayesimboza isiphambeko futhi engalethi incithakalo. Kaningi wayibuyisa intukuthelo yakhe, futhi wayengakuvusi konke ukufutheka kwakhe.” (IHubo 78:38-41) Ngisho nalapho ama-Israyeli avukelayo evuna imiphumela yokona kwawo kube kufanele, iBhayibheli lisitshela ukuthi ‘phakathi nakho konke ukucindezeleka kwawo wayecindezelekile uNkulunkulu.’—Isaya 63:9.

Naphezu kobufakazi obuyindathane bokuthi uNkulunkulu wayebathanda, abantu bakwa-Israyeli “babelokhu betekula ngezithunywa zikaNkulunkulu weqiniso bedelela amazwi akhe futhi bebahleka usulu abaprofethi bakhe, uJehova waze wabathukuthelela abantu bakhe, kwaze kwangaba bikho kuphulukiswa.” (2 IziKronike 36:16) Ekugcineni, inkambo yabo yokuba ontamo-lukhuni ‘yenza umoya wakhe ongcwele waphatheka kabuhlungu’ kangangokuthi balahlekelwa umusa kaJehova. (Isaya 63:10) Waba yini umphumela? UNkulunkulu wasisusa kufanele isivikelo sakhe, futhi behlelwa inhlekelele lapho abaseBhabhiloni benqoba uJuda futhi bebhubhisa iJerusalema. (2 IziKronike 36:17-21) Yeka ukuthi kudabukisa kanjani lapho abantu bekhetha ukuphishekela inkambo yokuphila eyisono ecasula futhi iphathe kabi uMdali wabo!

IBhayibheli lisishiya singakungabazi ukuthi uNkulunkulu uzwa ubuhlungu obujulile ngokuziphatha kwethu okungalungile. (IHubo 78:41) Izinto ezidumazayo kuNkulunkulu—zize zenyanyeke—zihlanganisa ukuqhosha, ukuqamba amanga, ukubulala, ukwenza umlingo, ukubikezela inhlanhla, ukukhulekela amadlozi, ukuziphatha okuxekethile, ubungqingili, ukungathembeki emshadweni, ubuhlobo bobulili nesihlobo esiseduze, nokucindezelwa kwabampofu.—Levitikusi 18:9-29; 19:29; Duteronomi 18:9-12; IzAga 6:16-19; Jeremiya 7:5-7; Malaki 2:14-16.

Uzizwa kanjani uJehova ngokukhonza izithombe? Incwadi ka-Eksodusi 20:4, 5 ithi: “Ungazenzeli umfanekiso oqoshiwe noma isimo esinjenganoma yini esemazulwini phezulu noma esemhlabeni ngaphansi noma esemanzini ngaphansi komhlaba. Ungazikhothameli futhi unganxenxelwa ukuba uzikhonze.” Ngani? Ngoba isithombe “yinto enengekayo kuJehova.” (Duteronomi 7:25, 26) Umphostoli uJohane waxwayisa: “Bantwanyana, ziqapheni ezithombeni.” (1 Johane 5:21) Nomphostoli uPawulu wabhala: “Bathandekayo bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe.”—1 Korinte 10:14.

Funa Ukwamukelwa NguNkulunkulu

UNkulunkulu “usondelana nabaqotho.” Labo “abanendlela engasoleki bayamjabulisa.” (IzAga 3:32; 11:20) Ngokuphambene, labo abaphikelelayo ukucasula uNkulunkulu ngokungayigqizi qakala noma ngokuyidelela ngamabomu imizwa yakhe elungile, maduze bazothola imiphumela ngenxa yokungamjabulisi kwabo. (2 Thesalonika 1:6-10) Ngempela, maduze uzobuqeda bonke ububi obudlange kangaka namuhla.—IHubo 37:9-11; Zefaniya 2:2, 3.

Nokho, iBhayibheli likwenza kucace ukuthi uJehova “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Ufuna kakhulu ukubonisa uthando lwakhe kubantu abalungile abamthandayo kunokuba abathukuthelele labo abakhetha ukungaguquki. UJehova ‘akajabuli ngokufa komubi kodwa ngokuba omubi abuye endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila.’—Hezekeli 33:11.

Ngakho akekho okudingeka abe yisisulu solaka lukaJehova. “UJehova unothando futhi unesihe.” (Jakobe 5:11) Njengoba uyethemba ngokugcwele imizwa kaNkulunkulu, ‘ungaphonsa zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Qiniseka ukuthi labo abajabulisa inhliziyo kaNkulunkulu banamathemba amangalisayo okujabulela ukuvunyelwa nguye nobungane bakhe. Ngakho, kuphuthuma kakhulu manje kunanini ngaphambili ukuba ‘uqhubeke uqiniseka ukuthi kuyini okwamukelekayo eNkosini.’—Efesu 5:10.

Yeka ukuthi kuyingqayizivele kanjani ukuthi uNkulunkulu ngomusa wakhe ongafanelwe uye wembula izimfanelo nemizwa yakhe ethandekayo! Futhi ungakwazi ukwenza inhliziyo yakhe ijabule. Uma ufisa ukuyijabulisa, sikunxusa ukuba uthintane noFakazi BakaJehova lapho uhlala khona. Bayojabula ukukubonisa ukuthi yini abaye bayithola iwusizo emizamweni yabo yokujabulisa uNkulunkulu.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka ibhokisi elinesihloko esithi “Kungani IBhayibheli Lichaza UNkulunkulu Ngezimfanelo Zabantu?”

[Ibhokisi ekhasini 7]

Kungani IBhayibheli Lichaza UNkulunkulu Ngezimfanelo Zabantu?

Njengoba ‘uNkulunkulu enguMoya,’ asinakumbona ngamehlo ethu enyama. (Johane 4:24) Ngakho iBhayibheli lisebenzisa izifenqo, njengezifaniso, izingathekiso, nesenza-samuntu ukuze siqonde amandla, ubukhulu nemisebenzi kaNkulunkulu. Ukwenza samuntu ukuchaza into engeyena umuntu ngezici zobuntu. Ngakho-ke, nakuba singawazi ukuthi unjani umzimba kaNkulunkulu ongumoya, iBhayibheli likhuluma ngoNkulunkulu njengonamehlo, izindlebe, izandla, izingalo, iminwe, izinyawo, nenhliziyo.—Genesise 8:21; Eksodusi 3:20; 31:18; Jobe 40:9; IHubo 18:9; 34:15.

Ukuchaza uNkulunkulu ngaleyo ndlela akusho ukuthi umzimba kaNkulunkulu ongumoya unezitho ezifana nezemizimba yabantu. Ukwenza samuntu akufanele kuqondwe ngomqondo ongokoqobo. Kumane kusize abantu ukuba bamqonde kangcono uNkulunkulu. Ngaphandle kwalezi zifengqo, bekuyoba nzima, mhlawumbe kungenzeki nokwenzeka, ukuba abantu benyama baqonde ukuchazwa kukaNkulunkulu. Nokho, lokho akusho ukuthi ubuntu bukaJehova uNkulunkulu bakhiwe abantu. IBhayibheli likuchaza ngokucacile ukuthi umuntu wadalwa ngomfanekiso kaNkulunkulu—hhayi uNkulunkulu ngomfanekiso womuntu. (Genesise 1:27) Ngenxa yokuthi abalobi beBhayibheli ‘babephefumulelwe nguNkulunkulu,’ indlela abamchaza ngayo uNkulunkulu empeleni indlela yena achaza ngayo izimfanelo zakhe—zona kanye izimfanelo azinike indalo yakhe engabantu ngamazinga ahlukahlukene. (2 Thimothewu 3:16, 17) Kunokuba kube izimfanelo uNkulunkulu azinikwe umuntu, empeleni ziyizimfanelo uNkulunkulu azinike umuntu.

[Isithombe ekhasini 4]

UNowa wathola umusa emehlweni kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 5]

U-Abrahama wayeyazi kahle imizwa kaNkulunkulu

[Isithombe ekhasini 6]

UDavide wamethemba ngokuphelele uJehova

[Isithombe ekhasini 7]

Lapho ufunda iBhayibheli, ungafunda indlela yokujabulisa uNkulunkulu

[Umthombo Wesithombe ekhasini 4]

Courtesy of Anglo-Australian Observatory, photograph by David Malin

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela