Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 6/1 kk. 3-4
  • Kufanele Yini Ube Ilungu Lesonto?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kufanele Yini Ube Ilungu Lesonto?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indlela UNkulunkulu Ásebenzelana Ngayo Nabantu Endulo
  • Izwe Elabhujiswa
    Ukusindela Emhlabeni Omusha
  • Ukholo LukaNowa Lulahla Izwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba KaNowa NoZamcolo—Ingabe Imane Iyinganekwane Nje?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Isizathu Esenza UNkulunkulu Wabonisa UNowa Umusa—Okwenza Ukuba Sisinake
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 6/1 kk. 3-4

Kufanele Yini Ube Ilungu Lesonto?

‘AKUDINGEKILE ukuba ngibe ilungu lesonto noma ngiye njalo esontweni ukuze ngikholelwe kuNkulunkulu!’ Yileyo ndlela abantu abaningi abazizwa ngayo ngendaba yokuba ilungu lesonto noma lanoma iyiphi inhlangano yenkolo. Eqinisweni, abanye bathi bazizwa besondelene kakhulu noNkulunkulu uma bengaphandle bebuka indalo kunalapho besesontweni belalele inkonzo. Namuhla, uvamile umbono wokuthi akudingekile ukuba umuntu azihlanganise neqembu lenkolo noma ibandla ukuze akholelwe kuNkulunkulu.

Nokho, abanye banombono ohlukile ngempela. Bathi ukuba ilungu lesonto noma ukuya njalo esontweni kudingekile, futhi kubalulekile, ukuze umuntu amukelwe uNkulunkulu. Ngakho indaba yokuba ilungu lesonto ayibalulekile nje kulabo abacwaninga ngenkolo kodwa ibalulekile nakumuntu ngamunye. Ngaphezu kwalokho, njengoba le ndaba ithinta ubuhlobo bethu noNkulunkulu, ngeke yini kwaba ukuhlakanipha ukuthola umbono kaNkulunkulu ngayo? Khona-ke, yini esingayifunda eZwini lakhe, iBhayibheli, ngale ndaba?

Indlela UNkulunkulu Ásebenzelana Ngayo Nabantu Endulo

Eminyakeni ecishe ibe ngu-4 400 edlule, kwaba nozamcolo owabhubhisa umhlaba wonke. Leso senzakalo sasingenakulibaleka kalula, futhi izizwe emhlabeni wonke zinezindaba ezibhalwe emlandweni wazo wendabuko mayelana nalo zamcolo. Nakuba lezi zindaba zingefani kuzo zonke izici, kuningi ezifana ngakho, okuhlanganisa neqiniso lokuthi kwasinda abantu abambalwa nezilwane ezithile.

Ingabe abasinda kuZamcolo kwakungabantu nje ababenenhlanhla abasinda ngokulambisa embubhisweni? IBhayibheli lithi akubanga njalo. Kuyaphawuleka ukuthi uNkulunkulu akazange atshele umuntu ngamunye ngoZamcolo ayezowuletha. Kunalokho, watshela uNowa, yena wabe esexwayisa abantu ayephila nabo ngalowo Zamcolo owawusondela.—Genesise 6:13-16; 2 Petru 2:5.

Ukusinda kwakuxhomeke ekuzihlanganiseni naleli qembu elinokubambisana nasekuzimiseleni ukwamukela isiqondiso sikaNkulunkulu esasinikezwe uNowa. Ngisho nezilwane ezazisemkhunjini ezasinda kuZamcolo, zasinda ngoba zazinaleli qembu. UNowa wanikezwa imiyalo eqondile yokuba enze amalungiselelo afanele okusindisa izilwane.—Genesise 6:17–7:8.

Ngemva kwamakhulu eminyaka, inzalo kaNowa ngendodana yakhe uShemi yaba izigqila eGibhithe. Noma kunjalo, injongo kaNkulunkulu yayiwukuba ayikhulule ayiyise ezweni ayelithembise ukhokho wayo u-Abrahama. Nalokhu akuzange kwembulwe kumuntu ngamunye kodwa kwaqale kwembulwa kulabo ababekhethwe ukuba babe abaholi bayo—uMose nomfowabo, u-Aroni. (Eksodusi 3:7-10; 4:27-31) Ngemva kokuba laba ababeyizigqila sebekhululiwe eGibhithe beyiqembu, banikezwa uMthetho kaNkulunkulu eNtabeni iSinayi base benziwa isizwe sakwa-Israyeli.—Eksodusi 19:1-6.

UmIsrayeli ngamunye wasinda kuphela ngoba ayezihlanganise neqembu elalimiswe uNkulunkulu futhi elalela isiqondiso sabaholi ababemisiwe baleli qembu. Kwenziwa ngisho namalungiselelo okuba umGibhithe ngamunye azihlanganise naleli qembu okwakusobala ukuthi limiswe uNkulunkulu. Lapho ama-Israyeli ephuma eGibhithe, laba bantu bahamba nawo, ngaleyo ndlela bezibeka emathubeni okuthola izibusiso zikaNkulunkulu.—Eksodusi 12:37, 38.

Kwabe sekuthi ngekhulu lokuqala leminyaka, uJesu waqala umsebenzi wakhe wokushumayela, ebuthela ndawonye abantu ukuba babe abafundi bakhe. Wasebenzelana nabo beyiqembu, nakuba ayebuye anakekele ngothando ngamunye wabo ngokwezidingo zakhe. Kubaphostoli abathembekile abangu-11, uJesu wathi: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami; ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami.” (Luka 22:28, 29) Kamuva, umoya kaNkulunkulu wehlela kubafundi ngesikhathi bendawonye beyiqembu.—IzEnzo 2:1-4.

Lezi zibonelo zibonisa ngokucacile ukuthi endulo uNkulunkulu ubelokhu esebenzelana nabantu bakhe beyiqembu elihlelekile. Nakuba uNkulunkulu asebenzelana nomuntu ngamunye—njengoNowa, uMose uJesu nabanye—eqinisweni wayebasebenzisela ukuba axhumane neqembu elibumbene. Asikho isizathu sokukholelwa ukuthi namuhla uNkulunkulu usebenzelana nezinceku zakhe ngokuhlukile. Kuyiqiniso ukuthi lokhu kuphakamisa omunye umbuzo: Ingabe ukuzihlanganisa nanoma iliphi iqembu lenkolo kwanele? Esihlokweni esilandelayo sizohlaziya lo mbuzo obalulekile.

[Isithombe ekhasini 4]

Sekuyisikhathi eside uNkulunkulu esebenzelana nabantu bakhe beyiqembu elihleliwe

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela