Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 8/15 kk. 12-17
  • Bazondwa Ngaphandle Kwesizathu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Bazondwa Ngaphandle Kwesizathu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthombo Wenzondo Engafanele
  • “Lapho Abantu Benihlambalaza”
  • Ukubekezelela Ukuhlanjalazwa
  • Qinisa Ukholo Lwakho Manje
  • Ukuphila Ngendlela Ejabulisa UNkulunkulu
    Lifundisani Ngempela IBhayibheli?
  • UJobe Wadumisa Igama LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Uhilelekile Empikiswaneni Ebalulekile
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ungaba Kanjani Umngane KaNkulunkulu?
    Lingasifundisani IBhayibheli?
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 8/15 kk. 12-17

Bazondwa Ngaphandle Kwesizathu

“Bangizonda ngaphandle kwesizathu.”—JOHANE 15:25.

1, 2. (a) Kungani abanye kubaxaka ukuhlanjalazwa kwamaKristu, kodwa kungani inkulumo enjalo kungafanele isimangaze? (b) Imuphi umqondo wegama elithi “zonda” esizoxoxa ngawo kulesi sihloko? (Bheka umbhalo waphansi.)

OFAKAZI BAKAJEHOVA bazama ukuphila ngezimiso eziseZwini likaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, emazweni amaningi banedumela elihle. Nokho, ngezinye izikhathi kuye kwakhulunywa kabi ngabo, kwenza babhekeka kabi. Ngokwesibonelo, isikhulu sikahulumeni sasedolobheni laseSt. Petersburg, eRussia, sathi: “Sachazelwa ukuthi oFakazi BakaJehova bayihlelo elithile lomshoshaphansi eliqhutshwa ebumnyameni, elinabantu ababulala abantwana futhi abazibulalayo kwabona.” Kodwa ngemva kokusebenza noFakazi BakaJehova lapho kulungiselelwa umhlangano wezizwe zonke, sona lesi sikhulu sathi: “Manje ngibona abantu abavamile, abamamathekayo . . . Banokuthula, bazolile, futhi abeve bethandana.” Sanezela: “Angiqondi ngempela ukuthi kungani abantu beqamba amanga angaka ngabo.”—1 Petru 3:16.

2 Izinceku zikaNkulunkulu azikujabuleli ukubhecwa kuthiwe zingabenzi bokubi, kodwa futhi azimangali lapho abantu bekhuluma kabi ngazo. UJesu waxwayisa abalandeli bakhe kusengaphambili: “Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi liye lazonda mina ngaphambi kokuba lizonde nina. . . . Kungenjongo yokuba izwi elalotshwa eMthethweni wabo ligcwaliseke, ‘Bangizonda ngaphandle kwesizathu.’”a (Johane 15:18-20, 25; IHubo 35:19; 69:4) Ngaphambili, wayethe kubafundi bakhe: “Uma abantu bebizé umninindlu ngokuthi uBhelizebhubhe, kakhulu kangakanani abendlu yakhe?” (Mathewu 10:25) AmaKristu ayaqonda ukuthi ukubekezelela ukuhlanjalazwa okunjalo kuyingxenye ‘yesigxobo sokuhlushwa’ ásamukela lapho eba abalandeli bakaKristu.—Mathewu 16:24.

3. Abakhulekeli beqiniso baye bashushiswa kangakanani?

3 Ukushushiswa kwabakhulekeli beqiniso kwaqala kudala kakhulu, lé esikhathini ‘sika-Abela olungileyo.’ (Mathewu 23:34, 35) Akuzange kugcine ngezenzakalo ezithe gqwá gqwá. UJesu wathi abalandeli bakhe babeyoba “yizinto zokuzondwa abantu bonke” ngenxa yegama lakhe. (Mathewu 10:22) Ngaphezu kwalokho, umphostoli uPawulu wabhala ukuthi zonke izinceku zikaNkulunkulu—kuhlanganise ngamunye wethu—kufanele zikulindele ukushushiswa. (2 Thimothewu 3:12) Kungani kunjalo?

Umthombo Wenzondo Engafanele

4. IBhayibheli liveza ukuthi ubani obangela konke ukuzondwa okungafanele?

4 IZwi likaNkulunkulu liveza ukuthi kusukela ekuqaleni, bekulokhu kunomshoshozeli ongabonakali. Cabanga ngokubulawa ngesihluku kwendoda yokholo yokuqala, u-Abela. IBhayibheli lithi umfowabo uKhayini, owaba ngumbulali, “wayevela komubi,” uSathane uDeveli. (1 Johane 3:12) UKhayini wabonisa isimo sengqondo sikaSathane, futhi uDeveli wamsebenzisela ukufeza amacebo akhe akhohlakele. IBhayibheli liveza nendima kaSathane ekuhlaselweni ngonya kukaJobe noJesu Kristu. (Jobe 1:12; 2:6, 7; Johane 8:37, 44; 13:27) Incwadi yesAmbulo ikwenza kucace ukuthi ngubani obangela ukushushiswa kwabalandeli bakaJesu, ithi: “UDeveli uzoqhubeka ephonsa abanye kini etilongweni ukuze nivivinywe ngokugcwele.” (IsAmbulo 2:10) Yebo, nguSathane obangela konke ukuzondwa okungafanele kwabantu bakaNkulunkulu.

5. USathane ubazondelani abakhulekeli beqiniso?

5 USathane ubazondelani abakhulekeli beqiniso? USathane uye wabonisa ukuzazisa okushaqisayo ngokwakha icebo lokuyiphonsela inselele ‘iNkosi engunaphakade,’ uJehova uNkulunkulu. (1 Thimothewu 1:17; 3:6) USathane uthi uNkulunkulu ubusa izidalwa zakhe ngesandla esiqine ngokungadingekile futhi asikho isidalwa esikhonza uJehova ngezisusa ezimsulwa, uthi abantu bamkhonza ngoba bezifunela okuthile. USathane uthi uma engavunyelwa ukuvivinya abantu, angabayekisa bonke ukukhonza uNkulunkulu. (Genesise 3:1-6; Jobe 1:6-12; 2:1-7) Ngokunyundela uJehova athi ungumcindezeli, umqambimanga, nesehluleki, uSathane uzama ukuzenza umbusi oyimbangi. Ngakho, ukuthukuthelela kwakhe izinceku zikaNkulunkulu kubangelwa ukuthi ufuna ukukhulekelwa.—Mathewu 4:8, 9.

6. (a) Sithinteka kanjani ngokomuntu siqu empikiswaneni yobukhosi bukaJehova? (b) Ukuqonda le mpikiswano kusisiza kanjani ukuba sigcine ubuqotho bethu? (Bheka ibhokisi, ekhasini 16.)

6 Uyabona yini ukuthi le mpikiswano ikuthinta kanjani ukuphila kwakho? Njengenceku kaJehova, cishe uye wabona ukuthi nakuba ukwenza intando kaNkulunkulu kudinga umzamo wenkuthalo, izinzuzo zokuwenza zinkulu kakhulu. Nokho, kuthiwani uma izimo zakho ekuphileni zikwenza kube nzima, kuze kube buhlungu imbala, ukuqhubeka ulalela imithetho nezimiso zikaJehova? Kuthiwani futhi uma kubonakala kungakusizi ngalutho? Ingabe ubungaphetha ngokuthi kungcono uyeke ukukhonza uJehova? Noma ingabe uthando ngoJehova nokuzazisa ngokujulile izimfanelo zakhe ezimangalisayo bekungakushukumisela ukuba uqhubeke uhamba ezindleleni zakhe zonke? (Duteronomi 10:12, 13) Ngokuvumela uSathane ukuba asibangele ukuhlupheka okuthile, uJehova uye wanika ngamunye wethu ithuba lokuba anikeze impendulo yakhe enseleleni kaSathane.—IzAga 27:11.

“Lapho Abantu Benihlambalaza”

7. Iliphi elinye lamacebo uDeveli awasebenzisayo ukuze azame ukusihlukanisa noJehova?

7 Manje ake sicabangisise ngelinye lamaqhinga uSathane awasebenzisayo njengoba ezama ukufakazela lokho akushoyo—iqhinga lokusebenzisa ukuhlambalaza okungamanga. UJesu wabiza uSathane ngokuthi ‘uyise wamanga.’ (Johane 8:44) Igama elithi uDeveli, elisho “uMnyundeli,” limdalula njengongumnyundeli oyinhloko kaNkulunkulu, wezwi laKhe elizuzisayo, negama laKhe elingcwele. UDeveli usebenzisa ukugigiyela, ukumangalela okungamanga, kanye namanga aluhlaza ekuphonseleni kwakhe ubukhosi bukaJehova inselele, futhi usebenzisa wona la macebo ukuze abhece izinceku zikaNkulunkulu ezithembekile. Ngokunqwabelanisa isihlamba kulab’ oFakazi, angenza ukuba ukuhlupheka okunzima kube nzima nakakhulu ukuba bakubekezelele.

8. USathane wasiletha kanjani isihlamba kuJobe, futhi kwaba namuphi umphumela?

8 Cabanga ngalokho okwehlela uJobe, ogama lakhe lisho “Into Yokuzondwa.” Ngaphezu kokubangela ukuba uJobe alahlekelwe yilokho ayeziphilisa ngakho, izingane zakhe, nempilo yakhe, uSathane wenza ukuba uJobe abonakale eyisoni esijeziswa uNkulunkulu. Yize ayekade ehlonishwa kakhulu, uJobe wadeleleka, ngisho nasezihlotsheni zakhe nakubangane bakhe abaseduze. (Jobe 19:13-19; 29:1, 2, 7-11) Ngaphezu kwalokho, esebenzisa abaduduzi-mbumbulu, uSathane wazama ‘ukumchoboza ngamazwi’ uJobe, waqale wagigiyela ukuthi kumelwe ukuba kunesono esithile esibi asenzile, wayesemsola ngokuqondile wathi ungumenzi wokubi. (Jobe 4:6-9; 19:2; 22:5-10) Yeka ukuthi kwakungamthena amandla kanjani lokho uJobe!

9. USathane wenza kanjani ukuba uJesu abonakale eyisoni?

9 Njengoba ingumsekeli oyinhloko wobukhosi bukaJehova, iNdodana kaNkulunkulu yazondwa ngokukhethekile uSathane. Lapho uJesu esemhlabeni, uSathane wazama ukumenza abonakale enezisihla ngokomoya ngokwenza abonakale eyisoni, njengoba ayenze kuJobe. (Isaya 53:2-4; Johane 9:24) Abantu bámbiza ngesidakwa nesiminzi, futhi bathi “unedemoni.” (Mathewu 11:18, 19; Johane 7:20; 8:48; 10:20) Wamangalelwa ngamanga kwathiwa uyahlambalaza. (Mathewu 9:2, 3; 26:63-66; Johane 10:33-36) Lokhu kwamkhathaza uJesu, ngoba wayazi ukuthi kuhlazisa uYise ngokungafanele. (Luka 22:41-44) Ekugcineni, uJesu wabethelwa njengesigelekeqe esiqalekisiwe. (Mathewu 27:38-44) Ngokugcina ubuqotho obuphelele, uJesu wakhuthazelela ‘inkulumo eningi yezoni ephikisayo.’—Hebheru 12:2, 3.

10. USathane uye wabahlasela kanjani abagcotshiwe abasele ezikhathini zanamuhla?

10 Ezikhathini zanamuhla, nabaseleyo babalandeli bakaKristu abagcotshiwe baye bazondwa nguDeveli. USathane uchazwa ngokuthi “ummangaleli [wabafowabo bakaKristu], lowo obamangalela imini nobusuku phambi kukaNkulunkulu wethu.” (IsAmbulo 12:9, 10) Kusukela axoshwa ezulwini wayesevalelwa emhlabeni, uSathane uye waqinisa imizamo yakhe yokwenza abafowabo bakaKristu babonakale beyizilahlwa ezidelelekile. (1 Korinte 4:13) Kwamanye amazwe, baye banyundelwa kwathiwa bayihlelo eliyingozi, njengoba nje kwenzeka ngamaKristu ekhulu lokuqala. (IzEnzo 24:5, 14; 28:22) Njengoba kushiwo ekuqaleni, baye babhecwa ngenkulumo-ze engamanga. Nokho, “ngenkazimulo nehlazo, ngombiko omubi nombiko omuhle,” abafowabo bakaKristu abagcotshiwe, besekelwa ozakwabo ‘bezinye izimvu,’ baye bazama ngokuzithoba ‘ukugcina imiyalo kaNkulunkulu futhi benze umsebenzi wokufakaza ngoJesu.’—2 Korinte 6:8; Johane 10:16; IsAmbulo 12:17.

11, 12. (a) Yini okungenzeka ibangele okunye kokuhlanjalazwa kwamaKristu? (b) Iziphi izindlela umKristu angase ahlupheke ngazo ngokungafanele ngenxa yokholo lwakhe?

11 Yebo, akukhona konke ukuhlanjalazwa kwezinceku zikaNkulunkulu ‘okungenxa yokulunga.’ (Mathewu 5:10) Ezinye izinkinga kungenzeka ziwumphumela wokungapheleli kwethu. Akukho buhle obukhethekile esibutholayo uma kuthi lapho ‘sona futhi sishaywa ngezimpama, sikukhuthazelele.’ Nokho, uma umKristu “ngenxa kanembeza kuNkulunkulu, ebekezela ngaphansi kwezinto ezibanga usizi futhi ehlupheka ngokungafanele, lokhu kuyinto enhle” phambi kukaJehova. (1 Petru 2:19, 20) Iziphi izimo okungase kwenzeke kuzo lokhu?

12 Abanye baye bahlukunyezwa ngoba benqaba ukuhlanganyela emasikweni emingcwabo angqubuzana nemiBhalo. (Duteronomi 14:1) Intsha yoFakazi iye yabizwa njalo ngamaganyana ngenxa yokunamathela kwayo ezindinganisweni zikaJehova zokuziphatha. (1 Petru 4:4) Abanye abazali abangamaKristu baye bamangalelwa ngamanga kwathiwa ‘abanaki’ noma ‘bayaxhaphaza’ ngoba befuna izingane zabo zelashwe ngaphandle kwegazi. (IzEnzo 15:29) AmaKristu aye akhishwa inyumbazane yizihlobo nomakhelwane ngoba nje ebe yizinceku zikaJehova. (Mathewu 10:34-37) Bonke abanjalo balandela isibonelo esabekwa abaprofethi noJesu uqobo, sokuhlupheka ngokungafanele.—Mathewu 5:11, 12; Jakobe 5:10; 1 Petru 2:21.

Ukubekezelela Ukuhlanjalazwa

13. Yini engasisiza silondoloze ukulinganisela kwethu okungokomoya naphezu kokuhlaziswa okukhulu?

13 Lapho sibhekana nokuhlanjalazwa okukhulu ngenxa yokholo lwethu, singase sidikibale, njengoba kwenzeka kumprofethi uJeremiya, sizizwe singasakwazi ukuqhubeka sikhonza uNkulunkulu. (Jeremiya 20:7-9) Yini engasisiza ukuba silondoloze ukulinganisela kwethu okungokomoya? Zama ukubheka izinto ngombono kaJehova. Labo abahlala beqotho lapho bevivinywa ubabheka njengabanqobi, hhayi njengezisulu. (Roma 8:37) Zama ukubabona ngeso lengqondo labo abaye basekela ubukhosi bukaJehova naphezu kokuhlaziswa okunhlobonhlobo uDeveli ayekuletha kubo—amadoda nabesifazane abanjengo-Abela, uJobe, uMariya unina kaJesu, nabanye abathembekile basendulo, kanye nezinceku zanamuhla esikanye nazo. (Hebheru 11:35-37; 12:1) Zindla ngenkambo yazo yobuqotho. Lelo fu elikhulu labaqotho liyasiqhweba, lisibizela odwendweni lwabanqobi abanqoba izwe ngokholo lwabo.—1 Johane 5:4.

14. Umthandazo osuka enhliziyweni ungasiqinisa kanjani ukuze sihlale sithembekile?

14 Uma ‘imicabango yethu esincisha ukuthula iba miningi ngaphakathi kithi,’ singaphendukela kuJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni, futhi yena uyosiduduza asiqinise. (IHubo 50:15; 94:19) Uyosinika ukuhlakanipha esikudingayo ukuze sibhekane nalolo vivinyo, asisize sihlale sigxile empikiswaneni enkulu—ubukhosi bukaJehova—eyiyona mbangela yokuzondwa kwezinceku zakhe ngokungafanele. (Jakobe 1:5) UJehova angasinika ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’ (Filipi 4:6, 7) Lokhu kuthula okunikezwa nguNkulunkulu kusenza sikwazi ukuhlala sizolile futhi sigxilile naphezu kokucindezelwa okukhulu, singanqotshwa ukungabaza noma ukwesaba. Ngomoya wakhe, uJehova angasisekela kunoma yini ayivumela ukuba isehlele.—1 Korinte 10:13.

15. Yini engasisiza ukuba sigweme ukuthukuthela lapho sihlupheka?

15 Yini engasisiza ukuba singabuswa yintukuthelo ngalabo abasizonda ngaphandle kwesizathu? Khumbula ukuthi izitha zethu eziyinhloko nguSathane namademoni akhe. (Efesu 6:12) Nakuba abanye abantu besishushisa bazi futhi benza ngamabomu, abaningi balabo abaphikisa abantu bakaNkulunkulu benza ngokungazi, noma balawulwa abanye. (Daniyeli 6:4-16; 1 Thimothewu 1:12, 13) UJehova ufisa ukuba “zonke izinhlobo zabantu” zibe nethuba ‘lokusindiswa futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ (1 Thimothewu 2:4) Empeleni, abanye ababekade bengabaphikisi sebengabafowethu abangamaKristu manje, ngoba bábona ukuziphatha kwethu okungasoleki. (1 Petru 2:12) Ngaphezu kwalokho, singathola isifundo esibonelweni sendodana kaJakobe, uJosefa. Nakuba uJosefa ahlupheka kakhulu ngenxa yabafowabo, akazange abazonde. Ngani? Ngoba wayebona ukuthi leyo ndaba yayihilela noJehova, owayeqondisa izenzakalo ukuze kugcwaliseke injongo yaKhe. (Genesise 45:4-8) Ngendlela efanayo, noma ikuphi ukuhlupheka okungafanele esingase sibhekane nakho uJehova angenza ukuba kugcine ngokukhazimulisa igama lakhe.—1 Petru 4:16.

16, 17. Kungani kungafanele isikhathaze imizamo yabaphikisi yokuthiya umsebenzi wokushumayela?

16 Akudingeki sikhathazeke ngokweqile uma okwesikhathi esithile abaphikisi bebonakala bephumelela ekuthiyeni intuthuko yezindaba ezinhle. Manje uJehova uzamazamisa izizwe ngomsebenzi wokunikeza ubufakazi emhlabeni wonke, futhi izinto ezifiselekayo ziyangena. (Hagayi 2:7) UKristu Jesu, uMalusi Omuhle, wathi: “Izimvu zami ziyalilalela izwi lami, nami ngiyazazi, futhi ziyangilandela. Ngizinika ukuphila okuphakade, . . . futhi akekho umuntu oyozihlwitha esandleni sami.” (Johane 10:27-29) Izingelosi ezingcwele nazo zihilelekile ekuvuneni okukhulu okungokomoya. (Mathewu 13:39, 41; IsAmbulo 14:6, 7) Ngakho-ke, akukho lutho olwenziwa noma olushiwo abaphikisi olungabhuntshisa injongo kaNkulunkulu.—Isaya 54:17; IzEnzo 5:38, 39.

17 Kuvamile ukuba isikhuni sibuye ngomkhwezeli ngokuqondene nemizamo yabaphikisi. Kwenye indawo e-Afrika, kwakusakazwe izinto eziningi ezingamanga ngoFakazi BakaJehova, ezihlanganisa nokuthi bangabakhulekeli bakaDeveli. Ngenxa yalokhu, njalo lapho kufika oFakazi, uGrace wayebaleka ayocasha ngemva kwendlu baze bahambe. Ngelinye ilanga umfundisi wesonto lakhe waphakamisa enye yezincwadi zethu watshela bonke ababekhona ukuthi bangayifundi ngoba izobenza bashiye inkolo yabo. Lokhu kwakha ilukuluku kuGrace. Lapho oFakazi bephinda befika, kunokuba ayocasha, waxoxa nabo futhi wazitholela eyakhe ikhophi yale ncwadi. Kwaqalwa isifundo seBhayibheli, kwathi ngo-1996 wabhapathizwa. UGrace manje usebenzisa isikhathi sakhe ukuze afune abanye okungenzeka bátshelwa amanga mayelana noFakazi BakaJehova.

Qinisa Ukholo Lwakho Manje

18. Kungani kunesidingo sokuqinisa ukholo lwethu ngaphambi kokufika kovivinyo olunzima, futhi singakwenza kanjani lokho?

18 Njengoba uSathane engahlasela noma nini kungazelelwe ngenzondo engafanele, kubalulekile ukuba siqinise ukholo lwethu manje. Singakwenza kanjani lokhu? Umbiko wasezweni lapho abantu bakaJehova beye bashushiswa khona wathi: “Into eye yaba sobala kakhulu ukuthi: Labo abanemikhuba emihle yokuzondla ngokomoya futhi abalazisa ngokujulile iqiniso leBhayibheli ababi nankinga yokuhlala beqinile lapho kufika uvivinyo. Kodwa labo abaphuthayo emihlanganweni, bangaphumi njalo enkonzweni yasensimini, futhi badebesele ezintweni ezincane ‘ngenkathi evumayo,’ bavame ukwehluleka lapho kufika uvivinyo ‘olunjengomlilo.’” (2 Thimothewu 4:2) Uma ubona izici okudingeka uthuthukise kuzo, wenze ngokushesha umzamo wokuthuthukisa.—IHubo 119:60.

19. Ubuqotho bezinceku zikaNkulunkulu naphezu kwenzondo engafanele bufezani?

19 Ubuqotho babakhulekeli beqiniso lapho behlaselwa yinzondo kaSathane buwubufakazi obuphilayo bokufaneleka nokulunga kobukhosi bukaJehova. Ukwethembeka kwabo kwenza inhliziyo kaNkulunkulu ijabule. Nakuba abantu bengase babahlambalaze, lowo ohlonipheke ngaphezu komhlaba namazulu “akanamahloni ngabo, ukubizwa ngokuthi unguNkulunkulu wabo.” Empeleni, ngabaqotho abanjalo, kungashiwo ngakhona ukuthi: “Izwe lalingabafanele.”—Hebheru 11:16, 38.

[Umbhalo waphansi]

a EmiBhalweni, igama elithi “zonda” linezincazelo eziningana. Kwezinye izindawo, limane lisho ukungathandi kangako. (Duteronomi 21:15, 16) Elithi “zonda” lingase futhi lisho ukungayithandi nhlobo into, kodwa ungafisi ukuyilimaza, kunalokho ufune ukuyigwema ngenxa yokuyenyanya. Nokho, igama elithi “zonda” lingase futhi lisho inzondo ejulile neqhubekayo, ngokuvamile ehambisana nesifiso sokulimaza. Yilo mqondo okukhulunywa ngawo kulesi sihloko.

Ungachaza?

• Yini ebangela ukuzondwa okungafanele kwabakhulekeli beqiniso?

• USathane wakusebenzisa kanjani ukuhlambalaza emzamweni wokuphula ubuqotho bukaJobe nobukaJesu?

• UJehova usiqinisa kanjani ukuze sime siqine naphezu kwenzondo kaSathane?

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 16]

Bayiqonda Impikiswano Yangempela

Omunye woFakazi BakaJehova e-Ukraine, lapho umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wawuvinjelwe khona iminyaka engaphezu kwengu-50, wathi: “Isimo oFakazi BakaJehova abazithola bekuso akufanele sibhekwe nje ngokwendlela abanye abantu abasiphatha ngayo. . . . Iningi lezikhulu lalimane lenza umsebenzi walo. Lapho kushintsha uhulumeni, lezo zikhulu zashintsha zathembeka kuhulumeni omusha, kodwa thina asishintshanga. Sasiqaphela ukuthi umthombo wangempela wezinhlupheko zethu wawembuliwe eBhayibhelini.

“Sasingazibheki njengabantu abamane beyizisulu ezingenacala zabantu abacindezelayo. Okwasisiza ukuba sikhuthazele kwakuwukuyiqonda kahle impikiswano eyaphakanyiswa ensimini yase-Edene—impikiswano yelungelo likaNkulunkulu lokubusa. . . . Sathatha uhlangothi empikiswaneni engahlobene nje kuphela nezithakazelo zabantu kodwa futhi nezoMbusi wendawo yonke. Sasiziqonda ngombono ophakeme kakhulu izimpikiswano zangempela ezazihilelekile. Lokhu kwasenza saqina futhi sakwazi ukugcina ubuqotho bethu ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu.”

[Isithombe]

UVictor Popovych, owaboshwa ngo-1970

[Isithombe ekhasini 13]

Ubani owabangela ukuhlanjalazwa kukaJesu?

[Izithombe ekhasini 15]

UJobe, uMariya, nezinceku zikaNkulunkulu ezikhathini zanamuhla, njengoStanley Jones, bonke baye basekela ubukhosi bukaJehova

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela