Indaba Yokuphila
Ukuphila Okwanelisayo Nokujabulisayo Kokuba Umhlatshelo Wokuzithandela
ILANDISWA UMARIAN NOROSA SZUMIGA
“Ngizokwenza umhlatshelo kuwe ngokuzithandela,” kusho iHubo 54:6. Le nkulumo ibilokhu iyisiqubulo ekuphileni kukaMarian Szumiga nomkakhe, uRosa, abahlala eFrance. Basanda kusilandisa ngezenzakalo ezivelele zokuphila kwabo okude nokwanelisayo besenkonzweni kaJehova.
UMARIAN: Abazali bami babedabuka ePoland futhi babesonta esontweni lamaRoma Katolika. Ubaba wayengumuntu ophansi. Wayengazange alithole ithuba lokufunda. Nokho, ngempi yezwe yokuqala, wafunda ukufunda nokubhala ngesikhathi esempini. Ubaba wayengumuntu omesabayo uNkulunkulu, kodwa isonto ngokuvamile lalimdumaza.
Kukhona esinye isenzakalo esasingasuki engqondweni yakhe. Ngolunye usuku ngesikhathi sempi, umfundisi othile wavakashela ikamu ubaba ayekulo. Lapho kuqhuma ibhomu eduze, ngokwesaba lo mfundisi wagibela ehhashini lakhe washaya wachitha, elokhu eshaya leli hhashi ngesiphambano ukuze ligabavule. Ubaba washaqeka ngalesi senzo ‘sommeleli’ kaNkulunkulu sokushaya ihhashi ngento “engcwele” ukuze abaleke ngokushesha. Naphezu kwezenzakalo ezinjengalezi kanye nezenzo ezinonya zempi ubaba azibona, ukholo lwakhe kuNkulunkulu aluzange luntengantenge. Wayevame ukuthi nguNkulunkulu owenza ukuba abuye ephila empini.
“IPoland Encane”
Ngo-1911, ubaba washada nentombazane eyayihlala endaweni eyayakhelene neyabo. Igama layo kwakungu-Anna Cisowski. Ngemva nje kwempi, ngo-1919, ubaba nomama bathutha ePoland baya eFrance, lapho ubaba athola khona umsebenzi wokumba amalahle emayini. Ngazalwa ngo-March 1926 eCagnac-les-Mines, eningizimu-ntshonalanga yeFrance. Ngemva kwalokho, abazali bami bakha emphakathini wabantu basePoland eLoos-en-Gohelle, eduze naseLens enyakatho yeFrance. Umbhaki walapho wayevela ePoland, umninisitolo senyama evela ePoland nompristi wendawo wayevela khona ePoland. Yingakho-ke nje le ndawo yayibizwa ngokuthi iPoland Encane. Abazali bami babengené shi ezintweni zomphakathi. Ubaba wayevame ukuhlela imibukiso, okwakuba khona kuyo nomdlalo waseshashalazini nomculo. Wayevamile futhi ukuba abe nezingxoxo nompristi, kodwa wayenganeliseki lapho umpristi emphendula ngendlela evamile, ethi, “Kunezinto eziningi eziyimfihlakalo.”
Ngolunye usuku ngo-1930, kwangqongqoza abesifazane ababili ekhaya. BabengabaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babebizwa kanjalo ngaleso sikhathi. Ubaba wathenga kubo iBhayibheli, incwadi okwase kuyiminyaka efisa ukuyifunda. Ubaba nomama bazifunda ngentshiseko nezinye izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ababezishiyelwe yilaba besifazane. Kwabathinta ngokujulile abazali bami lokho ababekufunda kulezi zincwadi. Naphezu kokuphila kwabo okumatasa, baqala ukuya emihlanganweni eyayihlelwa abaFundi BeBhayibheli. Izingxoxo ababeba nazo nompristi zaya ngokuya ziba izimpikiswano ezishubile kwaze kwaba yilapho ngolunye usuku umpristi esongela ubaba ethi uma beqhubeka nokuhlangana nabaFundi BeBhayibheli, udadewethu uStéphanie uzoxoshwa ekilasini lekhathekizimu. Ubaba waphendula: “Ungazikhathazi. Kusukela manje kuqhubeke, sesizohamba nayo le ndodakazi yami kanye nezinye izingane zami siye emihlanganweni yabaFundi BeBhayibheli.” Ubaba wasula esontweni, futhi ekuqaleni kuka-1932, abazali bami babhapathizwa. Ngaleso sikhathi, kwakunabamemezeli boMbuso abangaba ngu-800 kuphela eFrance.
URosa: Abazali bami babedabuka eHungary, futhi njengomkhaya wakubo kaMarian, bakha enyakatho yeFrance ngenxa yomsebenzi wasezimayini zamalahle. Ngazalwa ngo-1925. Ngo-1937, omunye woFakazi BakaJehova, u-Auguste Beugin, noma uBab’ u-Auguste njengoba sasimbiza kanjalo, waqala ukulethela abazali bami INqabayokulinda yesiHungary. Babebajabulela kakhulu lab’ omagazini, kodwa akekho kubona owaba nguFakazi KaJehova.
Nakuba ngangisemncane, kwangithinta ngokujulile engangikufunda kulab’ omagazini, futhi umalokazana kaBab’ u-Auguste, uSuzanne Beugin, waqala ukubonisa isithakazelo kimi. Abazali bami bamvumela ukuba ahambe nami siye emihlanganweni. Kamuva, lapho sengiqala ukusebenza, kwaqala ukumcasula ubaba ukuya kwami emihlanganweni ngamaSonto. Nakuba ayenomusa, wayeseqala ukukhononda ethi, “Phakathi nezinsuku awukho la ekhaya, nangamaSonto futhi uyahamba uye kule mihlangano yakho!” Nokho, ngaqhubeka ngiya emihlanganweni. Ngakho ngelinye ilanga ubaba wathi, “Thatha konke okungokwakho uhambe!” Kwase kuhlwile nje impela. Ngangineminyaka engu-17 nje kuphela ubudala, ngakho kwavele kwahlwa kimi ngingazi ukuthi ngishonephi. Ngagcina sengisemzini kaSuzanne, ngikhala esikaNandi. Ngahlala noSuzanne isikhathi esingangesonto ngemva kwalokho ubaba wathumela udadewethu ukuba azongilanda ngibuyele ekhaya. Nganginamahloni ngokwemvelo, kodwa amazwi asencwadini yoku-1 Johane 4:18 angisiza ukuba ngime ngiqinile. Lowo mBhalo uthi “uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle.” Ngo-1942, ngabhapathizwa.
Ifa Elingokomoya Eliyigugu
UMarian: Ngabhapathizwa ngo-1942, kanye nodadewethu uStéphanie noMélanie nomfowethu uStéphane. Ukuphila kwethu ekhaya kwakugxile eZwini likaNkulunkulu. Sasivame ukuhlala sonke etafuleni bese ubaba esifundela iBhayibheli ngesiPolish. Ngezikhathi zakusihlwa sasivame ukulalela abazali bethu besilandisa ngezinto ababehlangabezane nazo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso. Lezi zikhathi ezicebile ngokomoya zasifundisa ukuba simthande uJehova nokuba siye ngokuya simethemba nakakhulu. Ubaba waphoqwa impilo engeyinhle ukuba ayeke umsebenzi, kodwa waqhubeka esinakekela ngokomoya nangokwenyama.
Njengoba ubaba ayesenesikhathi esengeziwe, kanye ngesonto wayeqhubela intsha yasebandleni isifundo seBhayibheli ngesiPolish. Ngakufunda lapho ukufunda isiPolish. Ubaba wayekhuthaza intsha nangezinye izindlela. Ngesinye isikhathi lapho ibandla lethu lihanjelwe uMzalwan’ uGustave Zopfer, ngaleso sikhathi owayengamele umsebenzi woFakazi BakaJehova eFrance, ubaba wahlela umculo wekwaya nedrama egqokelwayo esekelwe endabeni yedili leNkosi uBhelishazari nombhalo wesandla wasodongeni. (Daniyeli 5:1-31) Indima kaDaniyeli yadlalwa uLouis Piéchota, okwathi kamuva wamelana ngokuqinile namaNazi.a Sakhulela esimweni esinjena-ke thina zingane. Sabona ukuthi abazali bethu babehlala bematasa ngezinto ezingokomoya. Namuhla, sengiyaqonda ukuthi abazali bami basishiyela ifa eliyigugu kangakanani.
Lapho kugqashuka iMpi Yezwe II ngo-1939, umsebenzi woFakazi BakaJehova wokushumayela wavinjelwa eFrance. Ngelinye ilanga kwathunyelwa amasosha ukuba azosesha indawo esasihlala kuyo. Yonke imizi yahaqwa amasosha amaJalimane. Ubaba wayenze indawo yokufihla izincwadi phansi ekhabetheni lezingubo lapho sasifihla khona izincwadi ezihlukahlukene zeBhayibheli. Nokho, amakhophi athile encwajana ethi Fascism or Freedom ayeseshalofini ekhabetheni lezitsha. Ubaba wazifihla ngokushesha lezi zincwajana ephaketheni lebhantshi elalilengiswe ephasishi. Umuzi wasekhaya waseshwa amasosha amabili kanye nephoyisa elingumFulentshi. Saminya. Elinye isosha laqala ukusesha izingubo ezazilenga ephasishi. Ngokushesha ngemva kwalokho langena ekhishini, lapho sasikhona, liphethe zona lezi zincwajana. Lasigqolozela, lazibeka phezu kwetafula, labe seliqhubeka nokusesha kwezinye izindawo. Ngazithatha ngokushesha ngazifaka eshalofini la masosha ayeseliseshile kakade. Leli sosha alibange lisabuza ukuthi zishonephi lezi zincwajana—kwaba sengathi likhohlwe nyá ngazo!
Ukungenela Inkonzo Yesikhathi Esigcwele
Ngo-1948, nganquma ukuzenza ngitholakalele ukukhonza uJehova isikhathi esigcwele enkonzweni yokuphayona. Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, ngathola incwadi evela ehhovisi legatsha loFakazi BakaJehova eFrance. Le ncwadi yayingazisa ngesabelo sami sokuba ngiyophayona ebandleni laseSedan, eduze naseBelgium. Abazali bami bajabula lapho bebona ngizinikela ngaleyo ndlela enkonzweni kaJehova. Noma kunjalo, ubaba wathi ukuphayona akusho ukuya eholidini. Kodwa kunalokho, kusho ukusebenza kanzima. Nokho, wabuye wathi wayeyohlala ekulungele ukungamukela emzini wakhe nokungisiza lapho nginqwamana nezinkinga. Nakuba abazali bami babengenayo imali, bangithengela ibhayisikili. Ngisenalo namanje irisidi lalelo bhayisikili, futhi njalo lapho ngilibuka, ngifikelwa izinyembezi. Ubaba nomama bashona ngo-1961, kodwa amazwi kababa okuhlakanipha asankeneneza nanamuhla ezindlebeni zami; aye angikhuthaza futhi angiduduza kuyo yonke le minyaka yami yenkonzo.
Omunye umuntu engangithola kuye isikhuthazo ngudade ongumKristu oneminyaka engu-75 ubudala owayesebandleni laseSedan, ogama lakhe lingu-Elise Motte. Ngesikhathi sasehlobo, ngangihamba ngebhayisikili lami ngiyoshumayela ezindaweni ezikude, bese kuthi u-Elise eze ngesitimela ezosebenza nami kulezi zindawo. Nokho, ngelinye ilanga abashayeli bezitimela babetelekile, okwakusho ukuthi u-Elise wayengenakukwazi ukubuyela ekhaya. Ukuphela kwekhambi engalicabanga kwakuwukuba ngimgibelise ebhayisikilini lami ahlale lapho ngibeka khona izimpahla bese siyagoduka siya ekhaya—indlela engemnandi neze yokuhamba. Ekuseni ngakusasa, ngathatha umqamelo ngahamba ngayolanda u-Elise kwakhe. Wayeka ukuhamba ngesitimela, futhi leyo mali ayegibela ngayo wayesesithengela ngayo isiphuzo esishisayo ngesikhathi sokudla sasemini. Ubani nje nempela owayeke wacabanga ukuthi ngelinye ilanga ibhayisikili lami laliyoba into yokuthutha umphakathi?
Imithwalo Yemfanelo Eyengeziwe
Ngo-1950, ngacelwa ukuba ngibe ngumbonisi waso sonke isifunda saseFrance esenyakatho. Njengoba ngangineminyaka engu-23 nje kuphela ubudala, ngaqale ngafikelwa ukwesaba. Ngacabanga ukuthi ihhovisi legatsha lenze iphutha! Ngafikelwa imibuzo eminingi engqondweni yami: ‘Ingabe ngiyawufanelekela lo msebenzi kokubili ngokomoya nangokwenyama? Ngingabhekana kanjani nokuhlala ezindaweni ezihlukahlukene isonto ngalinye?’ Ngaphezu kwalokho, kusukela lapho ngineminyaka eyisithupha ubudala, ngaba nesifo samehlo okuthiwa yi-divergent strabismus. Lesi sifo sasenza elinye iso lami libe yinxemu. Ngangizenyeza ngaso sonke isikhathi ngalokhu, ngikhathazeka ngokuthi abanye abantu bazothini. Okujabulisayo ukuthi ngaso leso sikhathi ngathola usizo olukhulu kuStefan Behunick, owayethweswe iziqu esikoleni saseGileyadi sezithunywa zevangeli. UMzalwan’ uBehunick wayexoshwe ePoland ngenxa yomsebenzi wakhe wokushumayela wayesephinde abelwa eFrance. Sasingihlaba umxhwele ngempela isibindi ayenaso. Wayenenhlonipho ejulile ngoJehova nangeqiniso. Abanye abantu babecabanga ukuthi ungiphatha ngesandla esiqinile, kodwa mina ngafunda okuningi kakhulu kuye. Isibindi sakhe sangisiza ukuba ngiye ngokuya ngizethemba.
Umsebenzi wokujikeleza wangivulela amathuba okuhlangabezana nezinto ezijabulisayo ensimini. Ngo-1953, ngacelwa ukuba ngiyobonana nomuntu othile, uMnumzan’ uPaoli, owayehlala eningizimu yeParis enesikhokhelo se-Nqabayokulinda. Sabonana, futhi ngathola ukuthi wayesethathe umhlalaphansi ebuthweni lempi nokuthi wayeyijabulela kakhulu INqabayokulinda. Wangitshela ukuthi ngemva kokufunda isihloko esasikhuluma ngeSikhumbuzo sokufa kukaKristu esasikumagazini owawusanda kuphuma, wagubha iSikhumbuzo eyedwa zwi wayesechitha bonke lobo busuku efunda amaHubo. Saxoxa cishe yonke leyo ntambama. Kwathi lapho nje sengizohamba, sakhuluma kafushane nangobhapathizo. Kamuva ngamthumelela isimemo sokuba eze emhlanganweni wethu wesifunda, owawuzoba sekuqaleni kuka-1954. Weza, futhi phakathi kwabantu abangu-26 ababhapathizwa kulowo mhlangano kwakunoMzalwan’ uPaoli. Izenzakalo ezinjengalesi engangihlangabezana nazo zisewumthombo wenjabulo namanje kimi.
URosa: Ngo-October 1948, ngaqala ukuphayona. Ngemva kokukhonza e-Anor, eduze naseBelgium, ngabelwa eParis, kanye nelinye iphayona, u-Irène Kolanski (manje ongowakwaLeroy). Sasihlala endlini encanyana eSaint-Germain-des-Près enkabeni yedolobha. Njengoba ngangiyintombazane ekhulele emaphandleni, babengishayisa uvalo abantu baseParis. Ngangicabanga ukuthi bonke abantu bakhona bazi konke futhi bahlakaniphe kakhulu. Kodwa lapho sengishumayela kubo, ngasheshe ngabona ukuthi abehlukile kwabanye abantu bakwezinye izindawo. Kwakuvamile ukuba sixoshwe onogada basemafulethini, ngakho kwakunzima ukuqala izifundo zeBhayibheli. Ngisho noma kunjalo, abanye abantu basamukela isigijimi sethu.
Emhlanganweni wesifunda ngo-1951, kwaba nengxenye yesimiso lapho mina no-Irène sabuzwa khona ngenkonzo yethu yokuphayona. Ake uqagele ukuthi kwakungubani lowo owayesibuza imibuzo. Kwakungumbonisi wesifunda oseyinsizwa ogama lakhe linguMarian Szumiga. Sasike sabonana naye ngaphambili, kodwa ngemva kwalowo mhlangano, saqala ukubhalelana. Mina noMarian sasifana ngezinto eziningi, kuhlanganise nephuzu lokuthi sabhapathizwa ngonyaka ofanayo futhi saba amaphayona ngonyaka ofanayo. Nokho, okwakubaluleke nakakhulu ukuthi sobabili sasifuna ukuhlala sisenkonzweni yesikhathi esigcwele. Ngakho, ngemva kokuyicabangela ngomthandazo le ndaba, sashada ngo-July 31, 1956. Ngokuthatha leso sinyathelo, ngaqala ukuphila ukuphila okusha ngokuphelele. Kwadingeka ngijwayele ukuba ngunkosikazi kanye nokuhamba noMarian emsebenzini wakhe wokuba ngumbonisi, okwakusho ukulala emibhedeni ehlukahlukene isonto ngalinye. Kwaqale kwaba umqansa, kodwa-ke kuningi okujabulisayo okwakusasilindele ngaphambili.
Ukuphila Okwanelisayo
UMarian: Kuyo yonke le minyaka, siye saba nelungelo lokusiza ekulungiseleleni imihlangano eminingana yesigodi. Kukhona owodwa okhethekile engihlala ngiwukhumbula ngenjabulo owaqhutshwa ngo-1966, eBordeaux. Ngaleso sikhathi, imisebenzi yoFakazi BakaJehova ePortugal yayivinjelwe. Ngakho isimiso somhlangano sasizoqhutshwa nangesiPutukezi ukuze kuzuze oFakazi ababezokwazi ukuza eFrance. Kwafika amakhulu ngamakhulu abafowethu nodadewethu abangamaKristu bevela ePortugal, kodwa inkinga kwakuyindawo esizobahlalisa kuyo. Njengoba oFakazi baseBordeaux babengenandawo eyanele emizini yabo, saqasha ihholo elikhulu lamabhayisikobho elalingasasetshenziswa ukuze silisebenzise njengendawo yokulala. Sasusa zonke izihlalo sase sihlukanisa ihholo ngekhethini lasesiteji senza amakamela amabili, elabazalwane nelodade. Safaka namashawa kanye nosinki bokugezela, sendlala utshani obomisiwe phansi sabe sesibemboza ngoseyili bamatende. Wonke umuntu waneliseka ngaleli lungiselelo.
Ekupheleni kwesimiso ngasinye somhlangano, sasiye sibavakashele abafowethu nodadewethu kule ndawo ababelala kuyo. Isimo sakule ndawo sasisihle kakhulu. Yeka indlela esasikhuthazeka ngayo lapho besilandisa ngezinto ababehlangabezana nazo naphezu kokuphikiswa iminyaka eminingi! Lapho sebehamba ekupheleni komhlangano, sonke sasikhala.
Elinye ilungelo ngangilitholé eminyakeni emibili ngaphambili, ngo-1964, lapho ngacelwa khona ukuba ngibe ngumbonisi wesigodi. Ngaphinde ngazibuza ukuthi ngiyawufanelekela yini lo msebenzi. Kodwa ngazitshela ukuthi uma labo abaholayo bengicela ukuba ngamukele lesi sabelo, kusobala ukuthi bacabanga ukuthi ngingakwazi ukusisingatha. Kwakumnandi kakhulu ukusebenzelana eduze nabanye ababonisi abajikelezayo. Ngafunda okuningi kubo. Abaningi babo bayizibonelo zangempela zokubekezela nokukhuthazela, izimfanelo ezibalulekile emehlweni kaJehova. Sengiyaqonda manje ukuthi uma sifunda ukulinda, uJehova uyazi ukuthi uyositholaphi uma esesifuna.
Ngo-1982 ihhovisi legatsha lasicela futhi ukuba sinakekele iqembu elincane labamemezeli abangu-12 abakhuluma isiPolish eBoulogne-Billancourt, esemaphethelweni eParis. Sasingakulindele-ke lokho. Ngangiwazi amagama esiPolish asetshenziswa oFakazi, kodwa kwakunzima ukwakha imisho ngawo. Noma kunjalo, umusa nomoya wokubambisana walabo bazalwane wangisiza kakhulu. Namuhla, kunabamemezeli abangaba ngu-170 kulelo bandla, kuhlanganise namaphayona acishe abe ngu-60. Kamuva, mina noRosa savakashela namanye amaqembu kanye namabandla esiPolish e-Austria, eDenmark naseJalimane.
Izimo Ziyashintsha
Kwase kuwukuphila kwethu ukuhambela amabandla ahlukahlukene, kodwa ngo-2001 kwadingeka siyiyeke le nkonzo yethu yokujikeleza ngenxa yempilo yami ebuthaka. Sathola indawo yokuhlala edolobheni lasePithiviers, lapho udadewethu uRuth ehlala khona. Ihhovisi legatsha ngomusa lasimisa njengamaphayona akhethekile kodwa lasinciphisela amahora afunekayo ngokuvumelana nezimo zethu.
URosa: Unyaka wokuqala ngemva kokuyeka umsebenzi wokujikeleza wawunzima kakhulu kimi. Ushintsho lwalulukhulu kakhulu kangangokuthi ngangizizwa ngiyinto engelutho. Khona-ke, ngabe sengizikhumbuza, ‘Usengasisebenzisa kahle namanje isikhathi sakho namandla osenawo ngokuba yiphayona.’ Namuhla, ngiyajabula ngokusebenza namanye amaphayona ebandleni lethu.
UJehova Uye Wasinakekela Njalo
UMarian: Ngiyambonga kakhulu uJehova ngokuthi uRosa ubelokhu engumngane wami kuyo yonke le minyaka engu-48 edlule. Kuyo yonke leyo minyaka sisemsebenzini wokujikeleza, uye wangisekela kakhulu. Angikaze ngimuzwe nakanye ethi, ‘Ngifisa sengathi singazinza manje sizakhele umuzi wethu.’
URosa: Ngezinye izikhathi abanye abantu babeye bathi kimi, “Niphila ukuphila okungavamile. Njalo nje nihlala emizini yabanye abantu.” Kodwa kuyini ngempela ‘ukuphila okuvamile’? Ngokuvamile sizihaqa ngenqwaba yezinto ezingase zibe yisithiyo ekuphishekeleni kwethu imisebenzi engokomoya. Esikudingayo nje umbhede okahle, itafula nezinye izinto ezimbalwa eziyisisekelo. Njengoba sasingamaphayona sasinezinto ezibonakalayo ezimbalwa kakhulu, kodwa sasinakho konke esikudingayo ukuze senze intando kaJehova. Ngezinye izikhathi abanye abantu babeye bangibuze bathi, “Uzokwenzenjani lapho usugugile njengoba ungenawo umuzi futhi ungenayo nemali yempesheni.” Ngangiye ngicaphune amazwi eHubo 34:10, athi: “Labo abafuna uJehova, ngeke bantule lutho oluhle.” UJehova uye wasinakekela njalo.
UMarian: Impela! Eqinisweni, uJehova uye wasinika okungaphezulu kakhulu kunesikudingayo. Ngokwesibonelo, ngo-1958, ngakhethwa ukuba ngiyomelela isifunda sethu emhlanganweni wezizwe owawuseNew York. Nokho, sasingenayo imali yokuthenga ithikithi likaRosa. Ngobunye ubusuku umzalwane othile wasinika imvilophu ebhalwe ukuthi “New York.” Isipho esasikuleyo mvilophu senza uRosa wakwazi ukuhamba nami!
Mina noRosa asizisoli neze ngeminyaka esiyichithe enkonzweni kaJehova. Asilahlekelwanga yilutho kodwa sizuze konke—ukuphila okwanelisayo nokujabulisayo enkonzweni yesikhathi esigcwele. UJehova unguNkulunkulu omuhle kakhulu. Siye safunda ukumethemba ngokuphelele, futhi uthando lwethu ngaye luye lwajula. Abanye abazalwane abangamaKristu baye balahlekelwa ukuphila kwabo ngenxa yokwethembeka kwabo. Nokho, mina ngicabanga ukuthi umuntu anganikela kancane kancane ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo. Yilokho mina noRosa ebesilokhu silwela ukukwenza kuze kube manje, futhi yilokho esizimisele ukukwenza esikhathini esizayo.
[Umbhalo waphansi]
a Indaba yokuphila kaLouis Piéchota ethi “Ngasinda ‘Ohambweni Lokuyobulawa,’” yakhishwa kuyi-Nqabayokulinda ka-February 15, 1981, amakhasi 5-11 (w80 8/15 kk. 5-10).
[Isithombe ekhasini 20]
UFrançois no-Anna Szumiga kanye nezingane zabo, uStéphanie, uStéphane, uMélanie noMarian cishe ngo-1930. UMarian umi phezu kwesihlalo
[Isithombe ekhasini 22]
Ngenhla: Sihambisa izincwadi zeBhayibheli etafuleni lethu emakethe e-Armentières, enyakatho yeFrance, ngo-1950
[Isithombe ekhasini 22]
Kwesobunxele: UStefan Behunick noMarian ngo-1950
[Isithombe ekhasini 23]
UMarian noRosa ngosuku olungaphambi kosuku lwabo lomshado
[Isithombe ekhasini 23]
URosa (osekugcineni ngakwesobunxele) kanye nayephayona naye u-Irène (owesine kusuka kwesobunxele), bememezela umhlangano ngo-1951
[Isithombe ekhasini 23]
Kwakusetshenziswa amabhayisikili ngokuyinhloko ukuze kuhanjelwe amabandla