Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 10/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe ‘Unenkululeko Yokukhuluma’?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Bonisani Njalo Uthando Nokholo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 10/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

Lapho umphostoli uJohane ebhala ukuthi “uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle,” wayesho ukuthini uma ethi “uthando oluphelele,” futhi ikuphi lokhu ‘kwesaba’ okuphonswa ngaphandle?

Umphostoli uJohane wabhala: “Akukho ukwesaba othandweni, kodwa uthando oluphelele luphonsa ukwesaba ngaphandle, ngoba ukwesaba kuyavimbela. Ngempela, lowo ongaphansi kokwesaba akazange enziwe aphelele othandweni.”—1 Johane 4:18.

Umongo waleli vesi ubonisa ukuthi uJohane wayekhuluma ngenkululeko yokukhuluma—ikakhulukazi ukuhlobana kothando ngoNkulunkulu nenkululeko yokukhuluma naYe. Lokhu kungabonakala kulokho esikufunda evesini 17: “Yile ndlela uthando olwenziwe lwaphelela ngayo kithi, ukuze sibe nenkululeko yokukhuluma ngosuku lokwahlulela.” Izinga umKristu athanda ngalo uNkulunkulu futhi ezwa ngalo uthando lukaNkulunkulu liyithinta ngokuqondile inkululeko yakhe yokukhuluma—noma ukuntuleka kwayo—lapho ekhuluma noNkulunkulu ngomthandazo.

Anencazelo ejulile la mazwi athi “uthando oluphelele.” Ngendlela elisetshenziswe ngayo eBhayibhelini, igama elithi “-phelele” alisho ngaso sonke isikhathi ukuphelela ngezinga eligcwele, kodwa ezikhathini eziningi lisho ukuphelela ngomqondo olinganiselwe. Ngokwesibonelo, eNtshumayelweni yaseNtabeni uJesu wathi: “Ngakho kumelwe nibe ngabaphelele, njengoba noYihlo wasezulwini ephelele.” UJesu wayetshela abalandeli bakhe ukuthi uma bethanda labo ababathandayo kuphela, uthando lwabo lwaluyobe lungaphelele, luntula, lunesici. Kwakufanele baphelelise, noma bagcwalise uthando lwabo ngokuthanda ngisho nezitha zabo. Ngokufanayo-ke, lapho uJohane ebhala ‘ngothando oluphelele,’ wayekhuluma ngokuthanda uNkulunkulu ngenhliziyo yonke, okuhlakulelwe ngokugcwele, futhi okuthinta zonke izici zokuphila komuntu.—Mathewu 5:46-48; 19:20, 21.

Lapho umKristu ekhuluma noNkulunkulu ngomthandazo usuke eqaphela ngokugcwele ukuthi unesono futhi akaphelele. Nokho, uma uthando lwakhe ngoNkulunkulu nokuzwa kwakhe uthando lukaNkulunkulu kuhlakulelwe ngokugcwele, akavinjwa ukwesaba ukuthi uzolahlwa noma uzokwaliwa. Kunalokho, uyakhululeka ukusho lokho okusenhliziyweni yakhe nokucela intethelelo ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo uNkulunkulu awulungiselele ngothando ngoJesu Kristu. Uzizwa eqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyakuzwa ukunxusa kwakhe.

Umuntu ‘angenziwa kanjani aphelele othandweni’ ngaleyo ndlela ‘aphonse ngaphandle ukwesaba’ ukuthi uzolahlwa noma uzokwaliwa? “Umuntu oligcinayo izwi lakhe [uNkulunkulu], ngempela uthando lukaNkulunkulu lwenziwe lwaphelela kulowo muntu,” kusho umphostoli uJohane. (1 Johane 2:5) Cabanga: Uma uNkulunkulu asithanda siseyizoni, ngeke yini asithanda ngisho nakakhulu uma siphenduka ngempela futhi sigcina “izwi lakhe” ngenkuthalo? (Roma 5:8; 1 Johane 4:10) Ngempela, uma nje sihlala sithembekile, singaqiniseka njengomphostoli uPawulu lapho ethi: “Yena ongazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke, kungani engeke futhi asinike kanye nayo ngomusa zonke ezinye izinto?”—Roma 8:32.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela