Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 10/15 kk. 3-7
  • Zuza Ngokuphishekela Izinto Ezingokomoya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zuza Ngokuphishekela Izinto Ezingokomoya
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubaluleka Okukhulu Kwezinto Ezingokomoya
  • IBhayibheli Likhuthaza Izindinganiso Eziphakeme Kakhulu
  • Izindinganiso Ezingokomoya Ziyazuzisa
  • Kuyasebenza Ngempela?
  • Phishekela Ingcebo Engokomoya Engapheli
  • Izimiso Zokuziphatha Ezizuzisa Ngempela
    I-Phaphama!—2013
  • Ingabe Ingcebo Ingakwenza Ujabule?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izindinganiso Zokuziphatha Eziletha Injabulo
    I-Phaphama!—1990
  • Ukuphila Ngezimiso Ezingaphelelwa Isikhathi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 10/15 kk. 3-7

Zuza Ngokuphishekela Izinto Ezingokomoya

“Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”—UmShumayeli 5:10.

UKUSEBENZA ngokweqile kungaholela ekucindezelekeni, futhi ukucindezeleka kungabangela izinkinga zempilo, ngezinye izikhathi kubangele ukufa. Emazweni amaningi, isehlukaniso sichitha imikhaya. Ngokuvamile, ukukhathazeka ngokweqile ngezinto ezibonakalayo iyona mbangela yalezi zigemegeme. Kunokuba ajabulele lokho anako, umuntu obuswa isifiso sokuqongelela izinto uhlale efuna okwengeziwe, kungakhathaliseki ukuthi inhlalakahle yakhe ithinteka kanjani. Incwadi ecebisa abantu ukuthi bangazisiza kanjani ithi: “Ukuzama ukufica oMntakaBani sekuyinsakavukela, ngisho noma uMnumzane Bani ezibulala ngomsebenzi futhi esengozini yokumelwa inhliziyo eneminyaka engu-43.”

Ukufuna ukuba nezinto eziningi kungenza umuntu anganeliseki, kumphuce noma iyiphi injabulo abengayithola. Ngokuvamile, ngenxa yobuthakathaka bethu kule ndaba, sixhashazwa ezokukhangisa. Izinhlelo ze-TV zigcwele izikhangiso ezikunxenxa ukuba uthenge izinto cishe ongazidingi futhi okungenzeka awunayo nemali yokuzithenga. Konke lokhu kungalimaza kakhulu.

Ukuzitika okungalawuliwe kungase kungabonakali kuyingozi, kodwa kungasilimaza kakhulu emzimbeni. Ngokwesibonelo, inkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Ngokuphambene, ukuzikhandla ngokweqile, ukukhathazeka, nokucindezela kokuqongelela ingcebo kungalimaza impilo nenjabulo yethu. Ubuhlobo nabanye abantu nabo buyalimala lapho imigomo yokufuna ukuceba ibusa ukuphila kwethu. Futhi lapho ukuphila komkhaya womuntu nobuhlobo bakhe nabanye kuwohloka, nezinga lokuphila kwakhe liyawohloka.

Ukubaluleka Okukhulu Kwezinto Ezingokomoya

Emakhulwini eminyaka edlule, umphostoli uPawulu wayala: “Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto.” (Roma 12:2) Izwe liyabathanda abantu abaphila ngezindinganiso zalo. (Johane 15:19) Lithambekele ekukhangeni izinzwa zakho—izinzwa zokubona, ukuthinta, ukunambitha, ukuhogela, nokuzwa—yebo, lizama ukukwenza uphile ukuphila kokuthanda izinto ezibonakalayo. Ligcizelela ‘isifiso samehlo’ ukuze wena nabanye niphishekele inzuzo yezinto ezibonakalayo.—1 Johane 2:15-17.

Kodwa kukhona izinto ezibaluleke ngaphezu kwemali, udumo, nengcebo. Emakhulwini eminyaka edlule, iNkosi uSolomoni yaqongelela yonke ingcebo eyayingayithola. Yakha imizi, yaba nezingadi, amasimu ezithelo, izinceku, imfuyo, abahlabeleli besilisa nabesifazane, igolide nesiliva eliningi. USolomoni waba nezinto eziningi ngaphezu kwezalabo ababephila ngaphambi kwakhe. Imali yayithi “baba” kuye. Cishe uSolomoni wayenayo yonke into ayifisayo. Noma kunjalo, lapho ebuka ayekufezile, wathi: “Konke kwakuyize nokulwela ukufica umoya.”—UmShumayeli 2:1-11.

Ngenxa yokuhlakanipha okukhulu ayekuphiwe, uSolomoni wayazi ukuthi ukwaneliseka okukhulu kutholakala ngokuphishekela izinto ezingokomoya. Wabhala: “Isiphetho sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmShumayeli 12:13.

Okubaluleke ukudlula igolide noma isiliva yingcebo engatholakala emakhasini eZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IzAga 16:16) Njengamatshe ayigugu, amaqiniso ajulile alinde ukuba wena uwathole. Uzowafuna yini futhi uwambe? (IzAga 2:1-6) UMdali wethu, uMthombo wamagugu angempela, ukunxusa ukuba wenze njalo, futhi uzokusiza. Kanjani?

UJehova unikeza amaqiniso ayigugu ngeZwi lakhe, ngomoya wakhe, nangenhlangano yakhe. (IHubo 1:1-3; Isaya 48:17, 18; Mathewu 24:45-47; 1 Korinte 2:10) Ukuhlola la maqiniso ayigugu angatholakali kalula nanenani elingenakulinganiswa kukunika ithuba lokukhetha ngokuhlakanipha indlela yokuphila engcono kakhulu nezuzisayo. Futhi lokho ngeke kube umqansa ngoba uJehova, uMdali wethu, uyazi ukuthi yini esiyidingayo ukuze sijabule ngempela.

IBhayibheli Likhuthaza Izindinganiso Eziphakeme Kakhulu

Iseluleko esihlakaniphile esiseBhayibhelini siwusizo futhi asinakuqhathaniswa. Izindinganiso zokuziphatha ezituswa iBhayibheli azedlulwa yilutho. Iseluleko salo siyazuzisa njalo. Liye lazibonakalisa kaningi lithembekile. Izibonelo zezeluleko zeBhayibheli ezihlakaniphile ziwukusebenza kanzima, ukwethembeka, ukusebenzisa imali ngokuhlakanipha, nokugwema ubuvila.—IzAga 6:6-8; 20:23; 31:16.

Ngokuvumelana nalokho, uJesu wathi: “Yekani ukuzibekelela ingcebo emhlabeni, lapho inundu nokugqwala kudla khona, nalapho amasela egqekeza khona ebe. Kunalokho, zibekeleleni ingcebo ezulwini, lapho kungoni nundu nakugqwala khona, nalapho amasela engagqekezi khona ebe.”—Mathewu 6:19, 20.

Leso siyalo esifike ngesikhathi sisasebenza nanamuhla njengoba sasisebenza eminyakeni engu-2 000 edlule. Kunokubuswa ukufuna ingcebo yezinto ezibonakalayo, singazuza manje ngokuphishekela indlela yokuphila engcono kakhulu. Isihluthulelo sisekuzibekeleleni ingcebo engokomoya, eholela ekuphileni okuyinjabulo ngempela nokwanelisayo. Singakwenza kanjani lokho? Ngokufunda iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, nangokwenza lokho elikufundisayo.

Izindinganiso Ezingokomoya Ziyazuzisa

Lapho zisetshenziswa kahle, izindinganiso ezingokomoya zisizuzisa ngokomzimba, ngokomzwelo, nangokomoya. Njengoba nje ungqimba lwe-ozone le phezulu lusivikela emisebeni yelanga eyingozi, izimiso ezihlakaniphile zokuziphatha ziyasisiza ukuba sivikeleke ngokusiqaphelisa amathonya ayingozi okuthanda izinto ezibonakalayo. Umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.

Uthando lwengcebo luhunga abantu ukuba bafune ukuba nengcebo eningi, isikhundla, nethonya. Kuvamile ukuba kusetshenziswe izindlela ezonakele neziwukungathembeki ukuze kufinyelelwe le migomo. Ukuphishekela izinto ezibonakalayo kungaqedela umuntu isikhathi, amandla, namakhono. Kungaqedela umuntu ngisho nobuthongo obumnandi ebusuku. (UmShumayeli 5:12) Ukufuna izinto ezibonakalayo ezengeziwe kuyithiya ngempela intuthuko engokomoya. Umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, uJesu Kristu, wayibonisa ngokucacile indlela engcono: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.” (Mathewu 5:3) Wayazi ukuthi ingcebo yezinto ezingokomoya iholela ezinzuzweni ezihlala njalo futhi ibaluleke kakhulu kunenzuzo yesikhashana yezinto ezibonakalayo.—Luka 12:13-31.

Kuyasebenza Ngempela?

UGreg uyakhumbula: “Abazali bami bazama kakhulu ukungenza ngikholelwe ukuthi izindinganiso ezingokomoya azisizi. Nokho, nginokuthula kwengqondo okukhulu ngokuphishekela imigomo engokomoya ngoba angikhathazwa ukuncintisana nabanye ngengcebo.”

Izindinganiso ezingokomoya zakha nobuhlobo obuhle nabanye. Abangane beqiniso bakuthanda ngenxa yomuntu onguye, hhayi ngenxa yalokho onakho. IBhayibheli liyatusa: “Yiba umngane nabahlakaniphile nawe uyohlakanipha.” (IzAga 13:20, Today’s English Version) Ngaphezu kwalokho, umkhaya ophumelelayo wakhelwa ekuhlakanipheni nasothandweni, awakhelwa ezintweni ezibonakalayo.—Efesu 5:22–6:4.

Asizalwa sinezindinganiso zokulungile. Kumelwe sizifunde kubangane bethu noma emthonjeni ophakeme. Yingakho imfundo esekelwe eBhayibhelini ingaguqula indlela esibheka ngayo izinto ezibonakalayo. UDon, owayekade esebenza ebhange, uthi: “Ngathola usizo lokuba ngicabangisise ngezinto ezibalulekile kimi, futhi ngafunda ukwaneliswa izinto eziyizidingo ngempela.”

Phishekela Ingcebo Engokomoya Engapheli

Izindinganiso ezingokomoya zidle ngokuba nezinzuzo ezingapheli, hhayi ukwaneliseka kwesikhashana. UPawulu wabhala: “Izinto ezibonwayo [ezibonakalayo] zingezesikhashana, kodwa izinto ezingabonwayo [ezingokomoya] zihlala phakade.” (2 Korinte 4:18) Kuyiqiniso ukuthi ukuphishekela izinto ezibonakalayo kungase kwanelise izifiso zesikhashana, kodwa ukuhaha ngeke kuzuzise njalo. Izindinganiso ezingokomoya zihlala phakade.—IzAga 11:4; 1 Korinte 6:9, 10.

IBhayibheli liyakulahla ukugxila ekuthandeni izinto ezibonakalayo okuphawuleka kangaka kulesi sikhathi. Lisifundisa indlela yokuvimbela isifiso sobugovu ngokugcina iso lethu lilihle, ligxile ezintweni ezibaluleke kakhulu, ingcebo engokomoya. (Filipi 1:10) Lembula lokho ukuhaha okuyikho ngempela—ukuzikhulekela wena siqu. Njengoba senza lokho esikufunda eZwini likaNkulunkulu, siba nenjabulo enkulu. Siba abaphayo kunabamukelayo. Yeka isikhuthazo esinamandla sokuhlukana nokuphishekela ukuzanelisa, kunalokho sithande izinto ezingokomoya!

Kuyiqiniso ukuthi imali ingase ibe isivikelo ngezinga elithile. (UmShumayeli 7:12) Kodwa iBhayibheli likhuluma amaqiniso lapho lithi: “Imali yakho ingahamba ngokuphazima kweso, njengokungathi imile amaphiko futhi yandiza njengokhozi.” (IzAga 23:5, TEV) Ngesimanga sokuthanda izinto ezibonakalayo, abantu baye balahla lukhulu—impilo, imikhaya, ngisho nonembeza omuhle—kwaba nemiphumela emibi kakhulu. Ngakolunye uhlangothi, ukuba nengokomoya kwanelisa izidingo zethu ezibaluleke kakhulu—isidingo sothando, isidingo sokuba nenjongo, nesidingo sokukhulekela uNkulunkulu onothando, uJehova. Ingokomoya libuye lenze umuntu abe sethubeni lokuphila phakade ephelele epharadesi emhlabeni—okuyithemba uNkulunkulu asinika lona.

Maduze, isifiso sesintu sokuchuma sizofezeka ngokugcwele ezweni elisha likaNkulunkulu. (IHubo 145:16) Ngaleso sikhathi, wonke umhlaba “uyogcwala ulwazi ngoJehova.” (Isaya 11:9) Izinto ezingokomoya ziyovama. Ukuthanda izinto ezibonakalayo nemiphumela yako emibi kuyobe kususwe ngokuphelele. (2 Petru 3:13) Khona-ke izinto ezenza ukuphila kube nenjongo njalo—impilo ephelele, umsebenzi owanelisayo, ukuzijabulisa okunempilo, ubuhlobo obufudumele bomkhaya, nobungane obungapheli noNkulunkulu—ziyolethela isintu injabulo yangempela phakade.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 6]

Yisebenzise Ngokuhlakanipha Imali Yakho!

Yazi izidingo zakho. UJesu wasifundisa ukuthandaza: “Siphe isinkwa sethu sosuku ngokwesidingo sosuku.” (Luka 11:3) Ungabheki izinto ozifunayo njengezinto okumelwe ube nazo. Khumbula ukuthi ukuphila kwakho akuveli ezintweni onazo.—Luka 12:16-21.

Hlela. Ungathengi ungahlelanga ukuthi uzothenga. IBhayibheli lithi: “Amacebo okhuthele ayamzuzisa, kodwa noma ngubani onamawala ngokuqinisekile uphokophele ekusweleni.” (IzAga 21:5) UJesu weluleka izilaleli zakhe ukuba zibale izindleko ngaphambi kokuqala noma yini edinga imali.—Luka 14:28-30.

Gwema isikweletu esingadingekile. Uma kungenzeka, njalo beka imali ozothenga ngayo kunokuthenga ngesikweletu. Isaga siyibeka kanje le ndaba: “Obolekayo uyinceku yomuntu obolekisayo.” (IzAga 22:7) Ngokuzikhuza nangokuthenga izinto onamandla okuzithenga, ungakwazi nokuhlela ngokuphumelelayo ukuthenga izinto ezinkulu.

Gwema ukusaphaza. Yenza izinto osunazo kakade zihlale isikhathi eside ngokuzinakekela kahle, ngaleyo ndlela unciphise ukusaphaza. UJesu wabonisa umbono ofanele ngokuqondene nokonga.—Johane 6:10-13.

Izinto eziza kuqala zigcine ziza kuqala. Umuntu ohlakaniphile ‘uyozithengisisela ithuba’ ukuze aphishekele imigomo ebaluleke kakhudlwana.—Efesu 5:15, 16.

[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 7]

Ikhona Indlela Engcono Kunokufunda Ngokuzibonela

Ukuzibonela mathupha—kokubili izinto ezinhle nezimbi—kungasifundisa izifundo eziwusizo. Kodwa kuyiqiniso yini ukuthi sifunda kangcono uma sifunda ngokuzibonela? Cha, kukhona umthombo ophakeme ongasiqondisa. Umhubi wawuveza lo mthombo lapho ethi: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.

Kungani kungcono kakhulu ukufundiswa uNkulunkulu kunokufunda ngokuzibonela? Isizathu siwukuthi ukufunda ngokuzibonela kuphela—ukwenza amaphutha bese ulungisa—kungakulahlekisela lukhulu futhi kube buhlungu. Kanti futhi akudingeki. UNkulunkulu wathi kuma-Israyeli asendulo: “O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.”—Isaya 48:18.

Isizathu esenza iZwi likaNkulunkulu lihambe phambili ekufundiseni ukuthi liqukethe ukulandisa kwakudala nokunembe kakhulu kwezinto abantu abazibonela zona mathupha. Cishe uyazi ukuthi ukufunda ekuphumeleleni nasekuhlulekeni kwabanye abantu ngaphandle kokuba uthole imihuzuko yikona okungcono kunokufunda ngokwenza amaphutha abawenza. (1 Korinte 10:6-11) Okubaluleke kakhulu ukuthi eBhayibhelini, uNkulunkulu usinika imithetho emihle kakhulu nezimiso ezisiqondisayo esingazethemba ngokuphelele. “Umthetho kaJehova uphelele . . . Isikhumbuzo sikaJehova sithembekile, sihlakaniphisa ongenalwazi.” (IHubo 19:7) Ngokuqinisekile, ukufunda ekuhlakanipheni koMdali wethu onothando indlela engcono kakhulu.

[Izithombe ekhasini 4]

Izwe lifuna uphile ukuphila kokuthanda izinto ezibonakalayo

[Isithombe ekhasini 5]

Ingcebo etholakala eBhayibhelini ibaluleke ukudlula igolide noma isiliva

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela