Indaba Yokuphila
Senza Isinqumo Esiqinile Sokusekela Ubukhosi BukaNkulunkulu
ILANDISWA UMICHAL ŽOBRÁK
Kwathi sekuphele inyanga ngivalelwe ngedwa ejele, ngayiswa kumphenyi. Kungakabiphi, wabheja waba bomvu futhi wamemeza: “Niyizinhloli! Izinhloli zamaMelika!” Wayethukutheliswe yini kangaka? Wayesanda kungibuza ngenkolo yami, futhi ngangimphendule ngokuthi: “Ngingomunye woFakazi BakaJehova.”
LOKHU kwenzeka eminyakeni engaphezu kwengu-50 edlule. Ngaleso sikhathi, ngangihlala ezweni elalibuswa amaKhomanisi. Nokho, ngaphambili kakhulu kwalokho, sasike sabhekana nokuphikiswa okunjengomlilo emsebenzini wethu wokufundisa wobuKristu.
Sizwa Imiphumela Ebuhlungu Yempi
Ngangineminyaka engu-8 ubudala lapho kuqala Impi YeZwe 1 ngo-1914. Ngaleso sikhathi, idolobhana lakithi, i-Zálužice, lalibuswa amakhosi ohlanga oMbuso Wase-Austria NaseHungary. Impi ayishintshanga isimo sezwe nje kuphela kodwa futhi yaqeda ubuntwana bami ngokuzumayo. Ubaba, owayeyisosha, washona ngawo lowo nyaka impi eyaqala ngawo. Lokhu kwabangela ukuba mina, umama nodadewethu ababili abancane sihlupheke. Njengoba kwase kuyimina umfana omdala kwethu, ngokushesha ngazithola sengenza imisebenzi eminingi ekhaya nasepulazini lakithi elincane. Kusukela ngimncane, ngangiyithanda kakhulu inkolo. Umfundisi weSonto lethu laseReformed wayeze angicele nokuba ngimbambele ngifundise ezinye izingane esikoleni uma yena engekho.
Sajabula lapho Impi Enkulu iphela ngo-1918. UMbuso Wase-Austria NaseHungary wawusugumbuqelwe, futhi saba izakhamuzi zaseRepublic of Czechoslovakia. Ngokushesha, abaningi ababesuke endaweni yakithi bethuthele e-United States babuyela emakhaya. Phakathi kwabo kwakuno-Michal Petrík, owafika edolobhaneni lethu ngo-1922. Lapho evakashele umkhaya esasakhelene nawo, mina nomama sabizwa.
Ubukhosi BukaNkulunkulu Buba Ngokoqobo Kithi
UMichal wayengumFundi WeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi, futhi wakhuluma ngezindaba ezibalulekile zeBhayibheli ezangihlaba umxhwele. Eyayibaluleke kakhulu kulezi kwakuwukuza koMbuso kaJehova. (Daniyeli 2:44) Lapho ethi kwakuzoba nomhlangano wamaKristu edolobhaneni laseZáhor ngeSonto elilandelayo, ngazitshela ukuthi ngizoya. Ngavuka ngo-4 ekuseni ngahamba amakhilomitha angu-8 ngiya lapho kwakuhlala khona umzala wami ngiyoboleka ibhayisikili. Ngemva kokuba sengilungise isondo elalinembobo, ngahamba amanye amakhilomitha angu-24 ngilibangise eZáhor. Ngangingazi ukuthi umhlangano uzoba kuphi, ngakho ngahamba kancane kwesinye isitaladi. Ngase ngizwa kuculwa ingoma yoMbuso kwenye yezindlu. Inhliziyo yami yachichima injabulo. Ngangena kuleyo ndlu ngachaza nesizathu sokuba ngibe lapho. Ngamenyelwa ukuba ngidle nawo lo mkhaya ukudla kwasekuseni, base bengithatha bengiyisa lapho kwakunomhlangano khona. Nakuba kwakufanele ngigibele ibhayisikili futhi ngihambe nangezinyawo amakhilomitha angaphezu kuka-32 lapho sengibuyela ekhaya, angizange ngizizwe ngikhathele.—Isaya 40:31.
Ngahlatshwa umxhwele izincazelo zoFakazi BakaJehova ezicacile futhi ezazisekelwe eBhayibhelini. Ithemba lokuphila ukuphila okugcwele nokwanelisayo ngaphansi kobubusi bukaNkulunkulu langithinta ngokujulile. (IHubo 104:28) Mina nomama sanquma ukuhambisa incwadi yokwesula esontweni. Lokhu kwabangela impikiswano edolobhaneni lakithi. Abanye abantu babengasikhulumisi isikhathi esithile, kodwa sasinobuhlobo obuhle noFakazi abaningi bendawo. (Mathewu 5:11, 12) Ngokushesha ngemva kwalokho ngabhapathizwa eMfuleni i-Uh.
Inkonzo Iba Ukuphila Kwethu
Sasebenzisa wonke amathuba ukuze sishumayele ngoMbuso kaJehova. (Mathewu 24:14) Sagxila kakhulu emkhankasweni ohlelwe kahle wokushumayela ngamaSonto. Ngokuvamile, ngaleso sikhathi abantu babevuka ekuseni kakhulu, ngakho sasiqala ukushumayela ekuseni kakhulu. Ngokuhamba kosuku, kwakuhlelwa umhlangano weningi. Abafundisi beBhayibheli ngokuvamile babekhuluma bengafundi ndawo. Babecabangela inani labantu abathakazelayo, inkolo yabo kanye nezinto ezibakhathazayo.
Amaqiniso eBhayibheli esasiwashumayela avula amehlo abantu abaningi abanhliziyo-ziqotho. Ngokushesha ngemva kokubhapathizwa, ngashumayela edolobhaneni laseTrhovište. Kwenye indlu, ngaxoxa nowesifazane onomusa nonobungane, uNkosikazi Zuzana Moskal. Yena nomkhaya wakhe babengabalandeli bakaCalvin, njengoba nami nganginguye ngaphambili. Nakuba ayelijwayele iBhayibheli, wayenemibuzo eminingi yeBhayibheli eyayingakaphendulwa. Saxoxa ihora lonke, ngamshiyela incwadi ethi The Harp of God.a
Ngokushesha abakwaMoskal baqala ukufunda nencwadi i-Harp esimisweni sabo sasikhathi sonke sokufunda iBhayibheli. Imikhaya eyengeziwe kulelo dolobhana yabonisa isithakazelo futhi yaqala ukuba khona emihlanganweni yethu. Umfundisi wabo wesonto labalandeli bakaCalvin wabaxwayisa kakhulu ngathi nangezincwadi zethu. Abanye abathakazelayo babe sebesikisela kumfundisi ukuba eze emihlanganweni yethu azophikisa izimfundiso zethu enkulumweni-mpikiswano yasobala.
Lo mfundisi weza, kodwa akakwazanga ukuveza nokukodwa okuvela eBhayibhelini ukuze asekele izimfundiso zakhe. Ukuze azivikele, wathi: “Ngeke sikholelwe yonke into eseBhayibhelini. Labhalwa ngabantu, futhi imibuzo ephathelene nenkolo ingaphendulwa ngezindlela ezahlukahlukene.” Lesi kwaba isikhathi soshintsho kwabaningi. Abanye bathi kumfundisi uma engalikholelwa iBhayibheli, babengeke baphinde baye kolalela izintshumayelo zakhe. Ngakho, balishiya iSonto Labalandeli BakaCalvin, futhi abacishe babe ngu-30 bakulelo dolobhana balimelela ngokuqinile iqiniso leBhayibheli.
Ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kwaba indlela yethu yokuphila, ngakho ngangifuna umngane womshado ovela emkhayeni oqinile ngokomoya. Omunye engangisebenza naye enkonzweni kwakunguJán Petruška, owayethole iqiniso e-United States. Indodakazi yakhe uMária yayingihlaba umxhwele ngokuhlala ekulungele ukufakaza kuwo wonke umuntu, njengoyise. Ngo-1936 sashada, futhi uMária waba umngane wami othembekile iminyaka engu-50, kwaze kwaba sekufeni kwakhe ngo-1986. Ngo-1938 kwazalwa u-Eduard, ukuphela kwendodana yethu. Kodwa ngaleso sikhathi, eYurophu enye impi yayinuka emakhaleni. Yayizowuthinta kanjani umsebenzi wethu?
Ukungathathi Hlangothi Kwethu KobuKristu Kuyavivinywa
Lapho Impi YeZwe II iqala, iSlovakia, eyaba izwe elizimele, yayibuswa amaNazi. Kodwa, asikho isinyathelo esathathwa esasimelene nenhlangano yoFakazi BakaJehova. Yiqiniso, kwakumelwe sishumayele ngomshoshaphansi futhi izincwadi zethu zazihlolwa. Noma kunjalo, saqhubeka nemisebenzi yethu ngokuqapha.—Mathewu 10:16.
Njengoba impi yayidlondlobala, ngabuthelwa impi nakuba ngase ngingaphezu kweminyaka engu-35 ubudala. Ngenxa yokungathathi hlangothi kwami kobuKristu, ngenqaba ukuhlanganyela empini. (Isaya 2:2-4) Ngenhlanhla kwathi iziphathimandla zingakanqumi ukuthi zizongenzani, lakhululwa lonke iqembu elalingangami.
Saqaphela ukuthi kwakunzima kakhulu kubafowethu abasemadolobheni ukuzisekela kunathi esasihlala emaphandleni. Sasifuna ukuhlanganyela nabo lokho esasinakho. (2 Korinte 8:14) Ngakho, sasithatha ukudla okuningi ngangokunokwenzeka sihambe amakhilomitha angaphezu kuka-500 sidabule izwe siye eBratislava. Izibopho zobuKristu zobungane nothando esazakha ngaleyo minyaka yempi zasiqinisela iminyaka yobunzima eyayiseza.
Ukuthola Isikhuthazo Esidingekayo
Ngemva kweMpi YeZwe II, iSlovakia yaphinde yaba yingxenye yeCzechoslovakia. Kusukela ngo-1946 kuya ku-1948, kwaba nemihlangano yesigodi yezwe lonke yoFakazi BakaJehova eBrno nasePrague. Thina esasivela empumalanga yeSlovakia sasihamba ngezitimela ezikhethekile ezazilungiselelwe izihambeli zomhlangano. Ungabiza le zitimela ngokuthi izitimela eziculayo, ngoba sasicula yonke indlela le.—IzEnzo 16:25.
Ngiwukhumbula ngokukhethekile umhlangano wesigodi owawungo-1947 eBrno, lapho kwakukhona ababonisi abathathu abangamaKristu ababevela endlunkulu yomhlaba wonke, omunye wabo kunguMzalwan’ uNathan H. Knorr. Inkulumo yeningi yamenyezelwa ngokuba iningi lethu lihambe phakathi nedolobha ligqoke izingqwembe ezazinesihloko. Indodana yethu u-Eduard, eyayineminyaka engu-9 ubudala ngaleso sikhathi, yayiphatheke kabi ngenxa yokuthi yayingalutholanga uqwembe. Ngakho abazalwane benza izingqwembe ezincane hhayi olwakhe kuphela kodwa nezezinye izingane eziningi ezazikhona. Leli qembu labasha lenza umsebenzi omuhle wokumemezela inkulumo!
Ngo-February 1948 kwabusa amaKhomanisi. Sasazi ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uhulumeni wayezoyivimbela inkonzo yethu. Kwaba nomhlangano wesigodi ePrague ngo-September 1948, futhi sasikhathazeke kakhulu njengoba sasilindele okunye ukuvinjelwa kwemibuthano yethu yasobala, ngemva kweminyaka emithathu nje kuphela sithole inkululeko yokuhlangana. Ngaphambi kokuba sibuyele emakhaya, samukela izwi lesinqumo, ingxenye yalo eyayithi: “Thina, oFakazi BakaJehova, esibuthene lapha . . . , sizimisele ukwandisa le nkonzo ejabulisayo ngisho nangokwengeziwe, futhi ngomusa weNkosi ongasifanele siyophikelela ngenkathi evumayo nangezikhathi zokuvivinywa, futhi simemezele ivangeli lombuso kaNkulunkulu ngentshiseko eyengeziwe.”
“Izitha ZoMbuso”
Ngemva kwezinyanga ezimbili nje kuphela sibe nomhlangano wesigodi ePrague, amaphoyisa omshoshaphansi ahlasela ikhaya laseBethel elaliseduze kwasePrague. Aqhwaga indawo, athatha zonke izincwadi azithola lapho, futhi abopha zonke izikhonzi zaseBethel kanye nabanye abazalwane. Kodwa okukhulu okwakuseza.
Ebusuku bango-February 3-4, 1952, onogada bahlasela izwe lonke futhi babopha oFakazi abangaphezu kwekhulu. Ngangingomunye wabo. Ngezithuba zehora lesithathu entatha kusa amaphoyisa asivusa sonke ekhaya. Angitshela ukuba ngihambe nawo, angachaza lutho. Ngaboshwa ngamaketanga ngavalwa namehlo kanye nabanye abambalwa sajikijelwa ngemuva elolini. Ngagcina sengivalelwe ngedwa.
Kwaphela inyanga yonke ngingakhulumi namuntu. Ukuphela komuntu engangimbona kwakuwunogada owayechilizela ukudla okuncane esitokisini sami ngembobo eyayisemnyango. Ngabe sengibizwa umphenyi engikhulume ngaye ekuqaleni. Ngemva kokungibiza ngenhloli, waqhubeka: “Inkolo iwukungazi. Akekho uNkulunkulu! Ngeke sikuvumele ukuba ukhohlise isigaba sabantu abasebenzayo. Uzonqunywa noma ufele ejele. Futhi uma uNkulunkulu wakho engeza lapha, naye sizombulala!”
Njengoba iziphathimandla zazazi ukuthi akukho mthetho ovimbela ngokuqondile imisebenzi yethu yobuKristu, zafuna ukuyichaza kabusha imisebenzi yethu ngokusibiza ‘ngezitha zoMbuso’ nanjengezinhloli ukuze kuvumelane nemithetho eyayikhona. Ukuze zenze njalo, kwakudingeka ziqede amandla ethu okuzimisela futhi “sivume” amacala amanga. Ngemva kokuphenywa ngalobo busuku, angivunyelwanga ukulala. Ngaphinde ngaphenywa futhi ngemva kwamahora ambalwa. Ngalesi sikhathi umphenyi wayefuna ukuba ngisayine incwadi ethi: “Mina sitha soMbuso Wentando Yeningi Wabantu BaseCzechoslovakia angizange ngihlanganyele emsebenzini kahulumeni ngenxa yokuthi ngangilinde abaseMelika.” Lapho ngenqaba ukusayina amanga anjalo, ngathunyelwa esitokisini sokuqondisa izigwegwe.
Ngangenqatshelwe ukulala noma ngisho nokuhlala. Ngangima kuphela noma ngihambahambe. Lapho sengikhathele, ngangilala phansi kukhonkolo. Onogada base bengibuyisela ehhovisi lomphenyi. Umphenyi wabuza: “Uzosayina manje?” Lapho ngiphinde ngenqaba, wangishaya ebusweni. Ngaqala ukopha. Wabe esebhavumula ethi konogada: “Ufuna ukuzibulala. Mqapheni angazibulali!” Ngabuyiselwa lapho ngangivalelwe khona ngedwa. Kwaphela izinyanga eziyisithupha kulokhu kuphindaphindwa la masu okuphenya. Ayikho imizamo yosombusazwe yokungenza ngivume ukuthi ngangiyisitha soMbuso eyanciphisa ukuzimisela kwami ukugcina ubuqotho kuJehova.
Sekusele inyanga eyodwa kuthethwe icala, kwafika umshushisi ovela ePrague waphenya ngamunye wethu thina bazalwane abangu-12. Wangibuza: “Uyokwenzani uma izizwe zaseNtshonalanga zihlasela izwe lethu?” “Ngiyokwenza lokho engakwenza lapho leli zwe kanye noHitler behlasela i-USSR. Ngaleso sikhathi angizange ngilwe, futhi ngeke ngilwe namanje ngoba ngingumKristu futhi angithathi hlangothi.” Wabe esethi kimi: “Ngeke sibabekezelele oFakazi BakaJehova. Sidinga amasosha uma sihlaselwa izizwe zaseNtshonalanga, futhi sidinga amasosha azokhulula isigaba sethu esisebenzayo eNtshonalanga.”
Ngo-July 24, 1953, sangeniswa enkantolo. Salandelana, sonke esingu-12 sibizelwa phambi kweqembu lamajaji. Sasebenzisa leli thuba safakaza ngokholo lwethu. Ngemva kokuziphendulela emacaleni amanga esasimangalelwe ngawo, ummeli wenkantolo wasukuma wathi: “Ngiye ngaba kule nkantolo izikhathi eziningi. Ngokuvamile, kunokuvuma, ukuphenduka, ngisho nokukhala izinyembezi okuningi. Kodwa la madoda azohamba lapha eqine kakhulu kunangesikhathi efika.” Ngemva kwalokho, sonke esingu-12 kwathiwa sinecala lokwakhela uMbuso uzungu. Ngagwetshwa iminyaka emithathu futhi yonke indawo yami yadliwa uMbuso.
Ukuguga Akuzange Kungiyekise
Sengibuyele ekhaya, ngangisalokhu ngiqashwe amaphoyisa omshoshaphansi. Naphezu kwalokho, ngaqhubeka nemisebenzi yami engokwasezulwini futhi ngaphathiswa ukwengamela ngokomoya ibandla lethu. Nakuba sasivunyelwe ukuhlala endlini yethu eyayidliwe uhulumeni, yabuyiselwa kithi ngokomthetho ngemva kweminyaka engu-40, sekuwé ukubusa kobuKhomanisi.
Angibanga ngowokugcina ukuboshwa emndenini wami. Ngangineminyaka emithathu kuphela ngisekhaya lapho u-Eduard ebuthelwa impi. Ngenxa kanembeza wakhe oqeqeshwe ngeBhayibheli, wenqaba futhi waboshwa. Ngemva kweminyaka, ngisho nomzukulu wami uPeter, wabhekana nesimo esifanayo naphezu kwempilo yakhe eyayibuthakathaka.
Ngo-1989 ukubusa kwamaKhomanisi kwawa eCzechoslovakia. Yeka indlela engajabula ngayo lapho ngemva kweminyaka engamashumi amane yokuvinjelwa, ngishumayela ngokukhululekile endlini ngendlu! (IzEnzo 20:20) Uma nje impilo yami isangivumela, ngiyoqhubeka nalolu hlobo lwenkonzo. Njengoba sengineminyaka engu-98, impilo yami ayisafani nasekuqaleni, kodwa ngiyajabula ngokuthi ngisakwazi ukufakaza kubantu ngezithembiso zikaJehova ezikhazimulayo zekusasa.
Ngingabala ababusi abangu-12 bamazwe amahlanu ababusa indawo yakithi. Phakathi kwabo kunomashiqela, abengameli kanye nenkosi. Akekho kubo owaba nekhambi elihlala njalo lezinkinga ezihlupha izikhonzi zabo. (IHubo 146:3, 4) Ngibonga uJehova ngokungivumela ukuba ngimazi ngisemusha. Ngakho, ngayiqonda indlela ayozixazulula ngayo ngoMbuso kaMesiya futhi ngagwema ubuze bokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu. Ngiye ngashumayela izindaba ezingcono kakhulu iminyaka engaphezu kuka-75, futhi ziye zangenza ngaba nenjongo ekuphileni, ukwaneliseka kanye nethemba eliqhakazile lokuphila phakade emhlabeni. Ngingafunani okunye?b
[Imibhalo yaphansi]
a Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.
b Okudabukisayo ukuthi ekugcineni amandla kaMzalwan’ uMichal Žobrák aphela. Ushone ngesikhathi kusalungiselelwa lesi sihloko, ethembekile futhi eqiniseka ngethemba lovuko.
[Isithombe ekhasini 26]
Sisanda kushada
[Isithombe ekhasini 26]
Ngino-Eduard ekuqaleni kwawo-1940
[Isithombe ekhasini 27]
Simemezela umhlangano wesigodi eBrno, ngo-1947