Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w04 12/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wayengubani UMariya Magdalena?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Endlini Ekhiyiwe
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Ithuna Alinamuntu Ngoba UJesu Uyaphila!
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wasinda Enkembeni Yosizi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
w04 12/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Kungani uJesu ovusiwe athi uTomase makamthinte kanti ngaphambili wayemenqabele uMariya Magdalena ukuba amthinte?

Ezinye izinguqulo ezindala zeBhayibheli zinikeza umqondo wokuthi uJesu wathi uMariya Magdalena angamthinti. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lesiZulu elivamile lihumusha la mazwi kaJesu kanje: “Ungangithinti‚ ngokuba angikenyukeli kuBaba.” (Johane 20:17) Nokho, isenzo sesiGreki sakudala, ngokuvamile esihunyushwa ngokuthi “thinta,” sisho futhi “ukunamathela, ukubambelela, ukubamba, ukuxhakathisa, ukuphatha.” Kunengqondo-ke ukuthi uJesu wayengamenqabeli uMariya Magdalena ukuba nje amthinte, nakhu phela wabavumela abanye abesifazane ababesethuneni ukuba ‘babambe izinyawo zakhe.’—Mathewu 28:9.

Izinguqulo eziningi zolimi lwanamuhla, njenge-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele, i-New Jerusalem Bible ne-New English Bible, zisisiza ukuba siqonde incazelo okuyiyonayona yalokho okwakushiwo uJesu ngokuwahumusha kanje: “Yeka ukunamathela kimi.” Kungani uJesu ayengasho kanjalo kuMariya Magdalena, umuntu ayesondelene naye?—Luka 8:1-3.

Cishe uMariya Magdalena wayenovalo lokuthi uJesu wayesezohamba anyukele ezulwini. Eshukunyiswa isifiso esijulile sokuba neNkosi yakhe, uMariya wanamathela kuJesu, engafuni ukumdedela. Ukuze amqinisekise ukuthi wayengakezukuhamba, uJesu wathi kuMariya akayeke ukunamathela kuye kodwa kunalokho akahambe ayokwazisa abafundi bakhe izindaba zokuvuswa kwakhe.—Johane 20:17.

Ingxoxo kaJesu noTomase yayihlukile. Lapho uJesu ebonakala kwabanye abafundi, uTomase wayengekho. Kamuva, uTomase waveza ukungabaza ayenakho ngokuvuswa kukaJesu, ethi wayengeke akholwe ngaphandle kokuba abone amanxeba kaJesu ezipikili futhi afake isandla ohlangothini agwazwa kulo. Ezinsukwini ezingu-8 kamuva, uJesu waphinde wabonakala kubafundi. Kulokhu, uTomase wayekhona, futhi uJesu wathi akathinte amanxeba.—Johane 20:24-27.

Ngakho, endabeni kaMariya Magdalena, uJesu wayelungisa inkinga yomuntu onesifiso esingafanele sokumvimba ukuba angahambi; kanti endabeni kaTomase, uJesu wayesiza umuntu owayenokungabaza okuthile. Kulezi zimo zombili, uJesu wayenezizathu ezizwakalayo zokwenza ngendlela enza ngayo.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela