Kufanele Akhunjulwe Kanjani UJesu Kristu?
UJesu Kristu “impela wayengomunye wabantu abanethonya kakhulu kubantu abake baphila.”—“The World Book Encyclopedia.”
ABANTU abaqavile bavame ukukhunjulwa ngalokho abakwenza. Pho kungani abantu abaningi bekhumbula uJesu ngokuzalwa kwakhe kunokumkhumbula ngezenzo zakhe? Kulo lonke eLobukholwa, abantu abaningi bangazilandisa izenzakalo eziphathelene nokuzalwa kwakhe. Kodwa bangaki abakhumbula futhi bazame ukusebenzisa izimfundiso zakhe ezivelele eziseNtshumayelweni YaseNtabeni?
Kuyavunywa, ukuzalwa kukaJesu kwakuyisimangaliso, kodwa abafundi bakhe bokuqala bagcizelela kakhulu ukubaluleka kwalokho akwenza nalokho akufundisa. Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akakaze afune ukuba ukuzalwa kukaKristu kubaluleke ukudlula ukuphila kwakhe njengendoda endala. Kodwa ngenxa yezinganekwane zokuzalwa kukaJesu, uKhisimusi uye waphumelela ukwenza ukuzalwa kwakhe kubaluleke ukudlula umuntu uKristu anguye ngempela.
Kuphakama omunye umbuzo okhathazayo ngokuqondene nendlela uKhisimusi ogujwa ngayo. Ukube uJesu ubengabuya emhlabeni namuhla, yini abengayicabanga ngokusetshenziswa ingcaca kukaKhisimusi njengendlela yokwenza imali? Eminyakeni engu-2 000 edlule, uJesu wavakashela ethempelini laseJerusalema. Wathukutheliswa abashintshi bemali nabathengisi ababesebenzisa umkhosi wenkolo wamaJuda ukuze benze imali. Wathi: “Susani lezi zinto lapha! Yekani ukwenza indlu kaBaba indlu yokuthengisela!” (Johane 2:13-16) Ngokusobala, uJesu akazange avume ukuba ezokuthengiselana nenkolo kuxutshwe.
AmaKatolika amaningi aqotho eSpain abonisa ukukhathazeka ngokuqhubeka kukaKhisimusi uba indlela yokwenza imali. Nokho, cishe lokhu kuthambekela kokwenza imali akunakuvinjwa uma kucatshangelwa imisuka eminingi yemikhuba kaKhisimusi. Umlobeli wephephandaba uJuan Arias uthi: “Khona ebuKristwini, labo abagxeka indlela uKhisimusi ‘osuwenziwe waba ubuqaba ngayo’ futhi waba indlela yokujabula nokwenza imali kunokuba ugxile enkolweni, ngokuvamile abazi ukuthi kwasekuqaleni, [ukugujwa] kokuzalwa kukaJesu . . . kwase kuhlanganise izici eziningi zobuqaba zomkhosi wamaRoma [welanga].”—El País, December 24, 2001.
Eminyakeni yamuva, abalobeli abaningi bamaphephandaba baseSpain nama-encyclopedia kuye kwakhuluma ngemisuka yobuqaba yemikhosi kaKhisimusi eyisiko nokugxila kwayo kwezokuthengiselana. Ngokuqondene nosuku uKhisimusi ogujwa ngalo, i-Enciclopedia de la Religión Católica ikubeka ngembaba: “Kubonakala sengathi isizathu esénza iSonto LamaRoma lanquma ukwenza lolu suku lwaba umkhosi [kaKhisimusi] ukuthambekela kwalo ukwenza imikhosi yobuqaba ibe imikhosi yobuKristu. . . . Siyazi ukuthi ngaleso sikhathi eRoma amaqaba ayegubha i-natalis invicti, ukuzalwa ‘kwelanga elingenakunqotshwa,’ ngo-December 25.”
I-Enciclopedia Hispánica nayo isho okufanayo: “Usuku lwango-December 25 lokugujwa kukaKhisimusi alusekelwe ekubalweni okunembile kosuku lokuzalwa kukaJesu, kodwa kunalokho, lusekelwe ekwenziweni kwemikhosi yangenjikalanga yasebusika eyayigujwa eRoma ibe imikhosi yobuKristu.” AmaRoma ayekugubha kanjani ukuphuma kwelanga ebusika? Ngokwenza amadili, imibuthano exokozelayo nangokuphana izipho. Njengoba abaphathi besonto babemadolonzima ukuqeda umkhosi onjalo owawuthandwa, “bawenza waba ubuKristu” ngokuwubiza ngokuthi ukuzalwa kukaJesu, wangabe usabizwa ngokuthi ukuzalwa kwelanga.
Ekuqaleni, ekhulwini lesine nelesihlanu, kwakunzima ukuqeda ukukhulekelwa kwelanga namasiko ako. “Usanta” ongumKatolika u-Augustine (wango-354 kuya ku-430 C.E.) wazizwa ebophekile ukunxusa amakholwa akanye nawo ukuba angawugubhi u-December 25 njengoba amaqaba ayewugubha ekhulekela ilanga. Ngisho nanamuhla, imikhosi yasendulo yamaRoma ibonakala inethonya elikhulu.
Umkhosi Okahle Kakhulu Wezinjabulo Nokwenza Imali
Emakhulwini eminyaka, izici eziningana ziye zadlala indima enkulu ekwenzeni uKhisimusi ube umkhosi wezinjabulo nokwenza imali othandwa kakhulu emhlabeni. Futhi kancane kancane amasiko eminye imikhosi yasebusika, ikakhulukazi leyo egujwa enyakatho yeYurophu, afakwa emkhosini owaqala eRoma.a Futhi ekhulwini lama-20, abathengisi nongqondongqondo bezokuthengisa babelikhuthaza ngesasasa noma iliphi isiko elalingase lenze imali eningi.
Uye waba yini umphumela? Into enkulu kunazo zonke sekuwukugujwa kokuzalwa kukaKristu, hhayi ukubaluleka kwako. Ezimweni eziningi, akasaphathwa nokuphathwa uKristu kuKhisimusi ovamile. Iphephandaba laseSpain i-País lithi: “[UKhisimusi] uwumkhosi womhlaba wonke, ugujwa imikhaya, futhi wonke umuntu uwugubha ngendlela yakhe.”
La mazwi abonisa ukuthambekela okukhulayo eSpain nakwamanye amazwe amaningi emhlabeni wonke. Njengoba imikhosi kaKhisimusi iqhubeka iba ubukhazikhazi, ulwazi ngoKristu luyancipha. Empeleni, imikhosi kaKhisimusi iye yabuyela ekubeni yilokho eyayiyikho ngezikhathi zamaRoma—imibuthano exokozelayo, ukwenza amadili, nokuphana izipho.
Sizalelwe Umntwana
Uma uKhisimusi oyisiko ungahlangani ngalutho noKristu, amaKristu eqiniso kufanele akukhumbule kanjani ukuzalwa nokuphila kukaKristu? Emakhulwini eminyaka angu-7 ngaphambi kokuzalwa kukaJesu, u-Isaya waprofetha ngoJesu: “Sizalelwe umntwana, siphiwe indodana; ukubusa kwesikhulu kuyoba phezu kwehlombe lakhe.” (Isaya 9:6) Kungani u-Isaya abonisa ukuthi ukuzalwa kukaJesu nendima ayeyoyidlala kwakuyoba semqoka kangaka? Ngoba uJesu wayeyoba umbusi onamandla. Wayeyobizwa ngokuthi iSikhulu Sokuthula, futhi ukuthula nokubusa kwakhe njengesikhulu kwakungeke kuphele. Ngaphezu kwalokho, ukubusa kukaJesu kwakuyosekelwa “ngobulungisa nangokulunga.”—Isaya 9:7.
Ingelosi uGabriyeli yenanela amazwi ka-Isaya lapho yazisa uMariya ngokuzalwa kukaJesu okwakuseza. Yabikezela: “Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.” (Luka 1:32, 33) Kusobala ukuthi ukubaluleka kokuzalwa kukaJesu kuhlobene nomsebenzi uKristu ayeyowufeza njengeNkosi emisiwe yoMbuso kaNkulunkulu. Ukubusa kukaKristu kungazuzisa bonke, kuhlanganise nawe nabantu obathandayo. Eqinisweni, izingelosi zabonisa ukuthi ukuzalwa kwakhe kwakuyoletha ‘ukuthula phezu komhlaba kubantu abathokozelwa’ uNkulunkulu.—Luka 2:14, iBhayibheli lesiZulu elivamile.
Ubani nje ongakulangazeleli ukuphila emhlabeni onokuthula nobulungisa? Kodwa ukuze sijabulele ukuthula okuyolethwa ukubusa kukaKristu, kudingeka sijabulise uNkulunkulu futhi sibe nobuhlobo obuhle naye. UJesu wathi isinyathelo sokuqala sokuba nobuhlobo obunjalo ukufunda ngoNkulunkulu nangoKristu. UJesu wathi: “Lokhu kusho ukuphila okuphakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo omthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
Lapho sesimazi kahle uJesu, akube kusadingeka sizibuze ukuthi kazi ufuna simkhumbule kanjani. Ingabe angafuna simkhumbule ngokudla, ngokuphuza, nangokuphana izipho ngosuku olufanayo nolomkhosi wakudala wamaqaba? Cishe ngeke. Ngobusuku bangaphambi kokufa kwakhe, uJesu watshela abafundi bakhe lokho ayekuthanda. “Lowo onemiyalo yami futhi oyigcinayo, lowo nguye ongithandayo. Futhi lowo ongithandayo uyothandwa nguBaba, nami ngiyomthanda.”—Johane 14:21.
OFakazi BakaJehova baye bayitadisha kanzulu imiBhalo Engcwele, eye yabasiza ukuba baqonde imiyalo kaNkulunkulu noJesu. Bangajabula ukukusiza uqonde leyo miyalo ebalulekile ukuze ukwazi ukukhumbula uJesu ngendlela okufanele akhunjulwe ngayo.
[Umbhalo waphansi]
a Isihlahla sikaKhisimusi noFather Christmas yizibonelo ezimbili eziphawulekayo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6, 7]
Ingabe IBhayibheli Lithi Kubi Ukwenza Amadili Nokuphana Izipho?
Ukuphana Izipho
IBhayibheli liyakuvumela ukuphana izipho, njengoba uJehova ngokwakhe ebizwa ngokuthi uMuphi wazo “zonke izipho ezinhle nazo zonke izipho eziphelele.” (Jakobe 1:17) UJesu wabonisa ukuthi abazali abahle bayobapha izipho abantwana babo. (Luka 11:11-13) Abangane bakaJobe namalungu omkhaya bapha uJobe izipho lapho eseluleme ekuguleni. (Jobe 42:11) Nokho, akudingekanga bamuphe lezo zipho ngezinsuku ezithile zemikhosi. Bamupha zona ngokusuka enhliziyweni.—2 Korinte 9:7.
Imibuthano Yemindeni
Imibuthano yemindeni ingenza lukhulu ekwenzeni amalungu emikhaya abumbane, ikakhulukazi uma engasahlali endlini eyodwa. UJesu nabafundi bakhe baya edilini lomshado eKhana okungangabazeki ukuthi kwakubuthene imindeni nabangane abaningi kulo. (Johane 2:1-10) Nasemfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko, ubaba wajabulela ukubuya kwendodana yakhe ngokwenza umcimbi womkhaya, owawuhlanganisa umculo nomdanso.—Luka 15:21-25.
Ukujabulela Ukudla Okumnandi
IBhayibheli livame ukukhuluma ngezinceku zikaNkulunkulu ezazijabulela ukudla okumnandi nemikhaya yazo, abangane, nabakhulekeli abakanye nazo. Lapho izingelosi ezintathu zivakashela u-Abrahama, wazenzela ukudla okwakuhlanganisa inyama yenkomo, ubisi, ibhotela, namaqebelengwane ayizindilinga. (Genesise 18:6-8) USolomoni wachaza ‘ukudla, ukuphuza, nokujabula’ njengezipho ezivela kuNkulunkulu.—UmShumayeli 3:13; 8:15.
Ngokusobala, uNkulunkulu ufuna sijabulele ukudla okumnandi sinabangane nomkhaya, futhi uyakuvumela ukuphana izipho. Sinamathuba amaningi okwenza lokho noma nini onyakeni.